Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Iphutha Likabani—Elakho Noma Elofuzo?

Iphutha Likabani—Elakho Noma Elofuzo?

Iphutha Likabani—Elakho Noma Elofuzo?

OSOSAYENSI babhidlangile bafuna izakhi zofuzo ezibangela ukudakwa, ubungqingili, isimilo esixegayo, ubudlova, nokunye ukuziphatha okuxakayo, ngisho nokufa imbala. Bekungeke yini kusethule umthwalo ukwazi ukuthi esikwenzayo akuphutha lethu kodwa simane siqhutshwa ufuzo? Kungokwemvelo kubantu ukwesulela amaphutha abo kwabanye noma kwezinye izinto.

Uma kuyiphutha lezakhi zofuzo, ososayensi bathi kungenzeka zishintsheke, kukhishwe izici ezingathandeki kusetshenziswa ubuchwepheshe bokuzishintsha. Impumelelo yamuva ekuhleleni wonke amangqamuzana ezakhi zofuzo zomuntu kuye kwawaqinisa lawo mathemba.

Kodwa lokho kushintshwa kwezakhi zofuzo kusekelwe embonweni wokuthi zonke izono namaphutha ethu kubangelwa ufuzo. Ingabe abaseshi besayensi sebethole ubufakazi obanele bokumangalela izakhi zethu zofuzo? Kusobala ukuthi impendulo iyoyithinta kakhulu indlela esizibheka ngayo thina nekusasa lethu. Nokho, singakabuhloli ubufakazi, ukubheka isiqalo sabantu kuzosisiza.

Indlela Okwaqala Ngayo

Abantu abaningi bayawazi umlando wokona kombhangqwana wokuqala ongabantu, u-Adamu no-Eva, ensimini yase-Edene, noma okungenani bake bawuzwa. Ingabe badalwa nofa oluthile ezakhini zabo zofuzo, iphutha elithile elabenza bathambekela esonweni nasekungalalelini?

UMdali wabo, uJehova uNkulunkulu, omisebenzi yakhe yonke iphelele, wathi indalo yakhe evelele yasemhlabeni ‘yinhle kakhulu.’ (Genesise 1:31; Duteronomi 32:4) Obunye ubufakazi bokuthi wayanelisiwe umsebenzi wakhe ukuthi wabusisa umbhangqwana wokuqala, wathi awuzale, ugcwalise umhlaba ngezidalwa ezingabantu, futhi ubuse indalo yakhe esemhlabeni—into ayengeke ayenze umuntu ongaqiniseki ngendalo yakhe.—Genesise 1:28.

IBhayibheli lithi ngokudalwa kombhangqwana wokuqala ongabantu: “UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.” (Genesise 1:27) Lokhu akusho ukuthi abantu badalwa bafana noNkulunkulu ngokwenyama, ngoba “uNkulunkulu uwuMoya.” (Johane 4:24) Kunalokho, kusho ukuthi izidalwa ezingabantu zanikwa izimfanelo zikaNkulunkulu nomuzwa wokulungile nokungalungile, unembeza. (Roma 2:14, 15) Zazinenkululelo yokuzikhethela, zikwazi ukuhlaziya izinto zizinqumele ezizokwenza.

Nokho, abazali bethu bokuqala abazange bashiywe bengenaziqondiso. Kunalokho, baxwayiswa ngemiphumela yokona. (Genesise 2:17) Ngakho, ubufakazi bubonisa ukuthi lapho u-Adamu kudingeka enze isinqumo, wakhetha ukwenza lokho akubona kuwusizo noma kuzomzuzisa ngaleso sikhathi. Wachema nomkakhe ekoneni kunokuba acabange ngobuhlobo bakhe noMdali wakhe noma lokho isenzo sakhe esasizogcina sikubangele. Kamuva, wazama nokusola uJehova, ethi wayedukiswe umfazi ayemnikwe nguYe.—Genesise 3:6, 12; 1 Thimothewu 2:14.

Indlela uNkulunkulu asisingatha ngayo isono sika-Adamu no-Eva isembulela okuthile. Akazange azame ukulungisa “iphutha” elithile ezakhini zabo zofuzo. Kunalokho, wenza lokho ayebatshele ukuthi kwakuyoba umphumela wezenzo zabo, okwabenza bagcina befile. (Genesise 3:17-19) Lo mlando wakudala usenza sikuqonde ukuziphatha kwabantu. *

Ubufakazi Bokuthi Akulona Ufuzo

Sekuyisikhathi eside ososayenzi beshikashikeka bezama ukuthola izakhi zofuzo ezibangela nezingelapha izifo nokuziphatha kwabantu. Ngemva kweminyaka eyishumi amaqembu ayisithupha ecwaninga, kwatholakala izakhi zofuzo ezibangela isifo sikaHuntington, yize abacwaningi bengazi ukuthi zisibangela kanjani. Nokho, ibika ngalolu cwaningo, i-Scientific American yacaphuna isazi sezinto eziphilayo saseHarvard u-Evan Balaban, esathi “kungaba nzima kakhulu ukuthola izakhi zofuzo ezibangela ukuziphatha okuyinqaba.”

Empeleni, ucwaningo oluzama ukuhlobanisa izakhi ezithile zofuzo nokuziphatha kwabantu aluzange luphumelele. Ngokwesibonelo, kuyi-Psychology Today, umbiko ophathelene nemizamo yokuthola izakhi zofuzo ezibangela ukucindezeleka uthi: “Ukwaziswa okuphathelene nokwanda kwezifo zengqondo eziyinhloko kwenza kucace ukuthi akunakushiwo ukuthi zibangelwa izakhi zofuzo kuphela.” Lo mbiko unikeza isibonelo: “Kubantu baseMelika abazalwa ngaphambi kuka-1905 babeyiphesenti elilodwa ababesuke becindezelekile lapho beneminyaka engu-75 ubudala. Kwabazalwa ngemva kweminyaka engamashumi amahlanu, base bengamaphesenti angu-6 abacindezelekile lapho beneminyaka engu-24 ubudala!” Ube usuphetha ngokuthi yizici zangaphandle noma zenhlalo kuphela ezingabangela ushintsho olukhulu kangaka ngesikhathi esifushane kangaka.

Lokhu kucwaninga nokunye okuningi kusitshelani? Ukuthi, nakuba kungenzeka izakhi zofuzo zinomthelela ekwakheni ubuntu bethu, kusobala ukuthi kukhona namanye amathonya. Ithonya eliyinhloko yindawo esikuyo, eseyishintshe kakhulu namuhla. Lapho ibhekisela kulokho intsha yanamuhla ekubonayo ekuzijabuliseni okuthandwayo, incwadi ethi Boys Will Be Boys ithi mancane amathuba okuba izingane zibe nezimiso ezikahle zokuziphatha zibe “zikhula zichitha amahora amaningi zibuka imibukiso nezithombe ze-TV eziveza abantu beshaywa, bedutshulwa, begwazwa, behlahlelwa, begencwa, behlutshulwa isikhumba noma becwiywa, uma izingane zikhula zilalela umculo oncoma ukudlwengula, ukuzibulala, imilaliso, utshwala nabantu abanenkani.”

Kusobala ukuthi uSathane, “umbusi walelizwe,” wenzé indawo esikuyo yakwazi ukwanelisa izifiso zabantu ezingalungile. Ubani ongaliphika ithonya elinamandla indawo enjalo enalo kithi sonke?—Johane 12:31; Efesu 6:12; IsAmbulo 12:9, 12.

Umsuka Wezinkinga Zesintu

Njengoba sesibonile, izinkinga zesintu zaqala lapho umbhangqwana wokuqala ongabantu wona. Waba yini umphumela? Nakuba inzalo ka-Adamu ingazange ibangele isono sika-Adamu, yonke izalwa inesono, ingaphelele futhi ifa. IBhayibheli liyachaza: “Kungakho, njengoba nje ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.”—Roma 5:12.

Ukungapheleli komuntu kwamfaka otakwini. Kodwa lokho akumenzi kungadingeki alandise ngokuziphatha kwakhe. IBhayibheli libonisa ukuthi labo abanokholo elungiselelweni likaJehova lokuthola ukuphila futhi bavumelanise ukuphila kwabo nezindinganiso zikaNkulunkulu bayokwamukeleka kuye. Ngomusa wakhe wothando, uJehova uye wenza ilungiselelo lesihe lokuhlenga isintu, njengokungathi uthenga lokho u-Adamu akulahla. Lelo lungiselelo umhlatshelo wesihlengo weNdodana yakhe ephelele, uJesu Kristu, eyathi: “UNkulunkulu walithanda izwe kakhulu kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.”—Johane 3:16; 1 Korinte 15:21, 22.

Umphostoli uPawulu wabonga ngokujulile ngaleli lungiselelo. Wathi: “Yeka mina muntu wosizi! Ubani oyongophula kulomzimba othola lokhukufa? Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu!” (Roma 7:24, 25) UPawulu wayazi ukuthi uma ngenxa yobuthakathaka enqotshwa isono wayengacela intethelelo kuNkulunkulu ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo sikaJesu Kristu. *

Njengasekhulwini lokuqala, abaningi namuhla ababeziphethe kabi kakhulu noma ababesesimweni esingathembisi baye bathola ulwazi olunembile lweqiniso leBhayibheli, benza nezinguquko ezidingekayo ukuze bazitholele isibusiso sikaNkulunkulu. Zazingelula izinguquko okwadingeka bazenze, futhi namanje abaningi kusadingeka balwe nokuthambekela okubi. Kodwa ngosizo lukaNkulunkulu, bayakwazi ukulondoloza ubuqotho bakujabulele ukumkhonza. (Filipi 4:13) Cabanga ngesibonelo esisodwa sothile owenza izinguquko ezinkulu ukuze ajabulise uNkulunkulu.

Indaba Ekhuthazayo

“Ngenkathi ngisewumfanyana ngihlala esikoleni, ngenza izenzo zobungqingili, nakuba ngangingakaze ngicabange ukuthi nginguye ungqingili. Abazali bami babedivosile, futhi ngangilangazelela uthando lwabazali engangingazange ngiluthole. Ngemva kokuqeda isikole, kwadingeka ngiyofundela ezempi. Egunjini eliseduze kwelami kwakuneqembu longqingili. Ngahalela ukuphila kwabo, ngabe sengizihlanganisa nabo. Ngemva konyaka ngizibandakanye nabo, ngaqala ukuzibheka njengongqingili. Ngazitshela ukuthi: ‘Nginje, futhi akukho engingakwenza ngakho.’

“Ngaqala ukufunda ulimi lwabo nokuya emicimbini yabo, lapho wawungayisweli imilaliso notshwala. Nakuba konke lokhu kwakubonakala kumnandi futhi kukhanga impela, eqinisweni kwakwenyanyisa. Ekujuleni kwenhliziyo, ngangizwa ukuthi ubuhlobo obunjena abuyona imvelo futhi abungiyisi ndawo.

“Edolobhaneni elincane, ngazithela eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova kuqhubeka imihlangano. Ngangena ngalalela inkulumo eyayikhuluma ngezimo zePharadesi elizayo. Kamuva ngahlangana nabanye oFakazi bangimemela emhlanganweni omkhulu. Ngaya, ngafike ngavuleka amehlo—ngabona imikhaya ejabule ikhonza ndawonye. OFakazi baqala ukungifundela iBhayibheli.

“Nakuba kwakuwumqansa, ngaqala ukusebenzisa lokho engangikufunda eBhayibhelini. Ngakwazi ukuyeka yonke imikhuba yami engcolile. Ngemva kwezinyanga ezingu-14 ngifundelwa, nganikezela ukuphila kwami kuJehova ngabhapathizwa. Ngangiqala ekuphileni kwami ukuthola abangane beqiniso. Ngiye ngakwazi ukusiza abanye bafunde iqiniso eBhayibhelini, futhi manje ngiyinceku ekhonzayo ebandleni lobuKristu. UJehova uye wangibusisa ngempela.”

Yithi Esinephutha

Ukuzama ukusola izici zethu zofuzo ngokuziphatha kwethu okubi akusebenzi. I-Psychology Today ithi kunokuba kusisize sixazulule izinkinga zethu noma sizinqobe, ukwenza kanjalo “kungenzeka kusifundisa ukuthi akukho esingakwenza, okuyiyona mbangela yezinkinga zethu eziningi. Kunokuba kuzinciphise lezi zinkinga, lokhu kubonakala kuzibhebhethekisa.”

Kuyiqiniso ukuthi kunamathonya amakhulu okumelwe silwe nawo, ahlanganisa ukuthambekela kwethu esonweni nemizamo kaSathane yokusichezukisa ekulaleleni uNkulunkulu. (1 Petru 5:8) Kuyiqiniso nokuthi nezakhi zethu zofuzo zingasithonya ngandlela-thile. Kodwa lokho akusho ukuthi akukho lutho esingalwenza. AmaKristu eqiniso anabasizi abanamandla—uJehova, uJesu Kristu, umoya ongcwele kaNkulunkulu, iZwi lakhe iBhayibheli nebandla lobuKristu.—1 Thimothewu 6:11, 12; 1 Johane 2:1.

Ngaphambi kokuba isizwe sakwa-Israyeli singene eZweni Lesithembiso, uMose wasikhumbuza ngesibopho saso kuNkulunkulu, ethi: “Ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho, ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe, unamathele kuye.” (Duteronomi 30:19, 20) Nanamuhla, umuntu ngamunye ohluzekile unesibopho sokunquma ukuthi uyomkhonza yini uNkulunkulu futhi afinyelele izimfuneko zaKhe. Zikhethele.—Galathiya 6:7, 8.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 10 Bheka i-Phaphama! ka-September 22, 1996, amakhasi 3-7.

^ par. 19 Bheka incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, amakhasi 62-9, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Izithombe ekhasini 9]

Ingabe u-Adamu no-Eva benziwa ufa oluthile olwalusezakhini zabo ukuba bathambekele esonweni?

[Izithombe ekhasini 10]

Ingabe umuntu ngamunye kumelwe athwale imiphumela yezinqumo zakhe?

[Umthombo]

Drug user: Godo-Foto

[Isithombe ekhasini 11]

Imizamo yokuthola izakhi zofuzo ezibangela ukuziphatha okuthile kwabantu ayizange iphumelele

[Isithombe ekhasini 12]

Ukusebenzisa lokho iBhayibheli elikushoyo kungabasiza abaqotho bashintshe