Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngavuzwa Ngokuphila Ngokuzinikela KuNkulunkulu

Ngavuzwa Ngokuphila Ngokuzinikela KuNkulunkulu

Indaba Yokuphila

Ngavuzwa Ngokuphila Ngokuzinikela KuNkulunkulu

IXOXWA UWILLIAM AIHINORIA

Ngavuswa ukuquma kukababa okwase kuyinhlalayenza phakathi kwamabili. Wayezibhonqa phansi ebambe isisu. Umama, udadewethu omdala nami samngunga. Lapho izinhlungu zithi damu, wahlala ngezinqe, waphefumulela phezulu, wathi: “NgoFakazi BakaJehova kuphela abanokuthula kulo mhlaba.” La mazwi angixaka, kodwa agxila kimi ngoba ngangingakaze ngizwe ngoFakazi BakaJehova. Ngadinga nje ukuthi usho ukuthini.

LOKHO kwenzeka ngo-1953 ngineminyaka eyisithupha ubudala. Ngazalelwa esithenjini e-Ewossa, emaphandleni akhonze ukulima entshonalanga emaphakathi eNigeria. Ngangiyingane yesibili, kodwa ngiyindodana yokuqala emkhayeni owagcina usunomama abathathu nezingane ezingu-13. Sonke sasihlala endlini kamkhulu yodaka enamakamelo amane eyayifulelwe ngotshani. Sasihlala nanogogo nabafowabo bakababa abathathu nemikhaya yabo.

Ngakhula kabuhlungu. Okwaba nomthelela omkhulu kulokhu kwakuyimpilo kababa engeyinhle. Wayephethwe yisisu esingapheli waze washona ngemva kweminyaka eminingi. Lesi sifo sakhe esingaziwa sahlula zonke izindlela zokwelapha umkhaya ompofu wabaNsundu owawungaba namandla okuzisebenzisa—ezesintu nezesiLungu. Sasingalali ebusuku sikhala singunge ubaba ezibhonqa phansi isisu simjuqa. Wayevame ukuhamba nomama beyofuna ikhambi lesifo sakhe, basishiye nogogo thina zingane.

Sasiphila ngokulima nokudayisa i-yam, umdumbula, namantongomane i-kola. Sasikhama nenjoloba ukuze sithasisele emadlaneni esasiyithola. Ukudla kwethu kwansuku zonke kwakuyi-yam. Sasivuka ngayo, sigaye yona ntambama, silale ngayo futhi. Kwakwenzeka sidle ukhova ophekiwe.

Ukukhulekela okhokho kwakubalulekile ekhaya. Sasinikela ukudla ezindukwini ezazilenga amagobolondo. Ubaba wayekhulekela nesithixo ukuze axoshe imimoya emibi nabathakathi.

Lapho sengineminyaka emihlanu, sathuthela okwesikhashana kwenye indawo eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-11 eyayihlala izisebenzi zasemapulazini. Lapho, ubaba wathola isifo sezikelemu eziphuma ngesikhumba, okwenezela esifweni sakhe sesisu. Emini, wayengakwazi ukusebenza, ebusuku izinhlungu zithi bhé. Mina ngangenwa imfiva eyayibangelwe izilwanyana ezisamazenze ezithwala izifo. Ngenxa yalokho, saphila ngokwamukeliswa abomndeni. Kunokuba sifele emabibini, sabuyela endaweni yakithi e-Ewossa. Ubaba wayefuna ukuba mina nkosana ngingagcini ngokulimela ukondla umkhaya. Wayenomuzwa wokuthi imfundo enhle yayizongenza ngikwazi ukwenza ngcono ukuphila kwasekhaya, ngisize nezingane zakwethu.

Ukwazi Ezinye Izinkolo

Lapho sesibuyele ekhaya, ngakwazi ukungena esikoleni. Ngabe sengithola ukwazi izinkolo zeLobukholwa. Ngawo-1950 imfundo yesiLungu yayithi ayibe yinto eyodwa nenkolo yohulumeni bamakoloni. Njengoba isikole engangiqale kuso kwakungesamaKatolika, kwadingeka ngibe umRoma Katolika.

Ngo-1966, lapho ngihlanganisa iminyaka engu-19, ngangena ePilgrim Baptist Secondary School edolobheni lase-Ewohinmi, eliqhele ngamakhilomitha angaba ngu-8 e-Ewossa. Kwashintsha engangikufundiswa esontweni. Ngenxa yokuthi manje ngase ngisesikoleni samaProthestani, abapristi bamaKatolika banginqabela ukuya eMiseni LangeSonto.

Ngangikulesi sikole samaBaptist lapho ngiqala ukufunda iBhayibheli. Yize ngangisaya esontweni lamaKatolika, ngangizifundela iBhayibheli njalo ngeSonto ngemva kwenkonzo yesonto lamaKatolika. Izimfundiso zikaJesu Kristu zangikhanga, zangenza ngafisa ukuphila ukuphila okunenjongo kokuzinikela kuNkulunkulu. Njengoba ngiqhubeka ngifunda iBhayibheli, banginenga nakakhulu ubuzenzisi babanye abaholi benkolo nokungabi nasimilo kwabantu abaningi abasontayo. Engakubona kulabo ababethi bangamaKristu kwakuhluke kakhulu kulokho uJesu nabafundi bakhe abakufundisa nabakwenza.

Kunezehlakalo ezangishaqisa ngokukhethekile. Kwake kwathi ngiyothenga irosari esitolo somfundisi wekhathekizimu, ngabona kulenga intelezi ensikeni yomnyango. Kokunye, uthishanhloko wesikole samaBaptist wazama ukunginukubeza ngokobulili. Kamuva ngezwa ukuthi ungungqingili futhi wayeke wabanukubeza abanye. Ngacabanga ngalezi zinto, ngizibuza, ‘Ingabe uNkulunkulu uyazamukela izinkolo ezinamalungu ngisho nabaholi abenza izono ezimbi kakhulu kungabi ndaba zalutho?’

Ukushintsha Inkolo

Naphezu kwalokho, ngangikuthanda engangikufunda eBhayibhelini, nganquma ukuqhubeka ngilifunda. Kulapho lapho ngakhumbula khona lokho ubaba akusho eminyakeni engaba ngu-15 ngaphambili: “NgoFakazi BakaJehova kuphela abanokuthula kulo mhlaba.” Kodwa nganginovalo ngoba izingane zoFakazi zazigconwa esikoleni, ngezinye izikhathi zijeziselwe ukungayi emthandazweni. Futhi ezinye izinkolelo zazo zazizwakala ziyinqaba. Ngokwesibonelo, kwakunzima kimi ukukholelwa ukuthi bangu-144 000 kuphela abaya ezulwini. (IsAmbulo 14:3) Njengoba ngangifisa ukuya ezulwini, ngazibuza ukuthi kazi leli nani aliphelelanga yini ngingakazalwa.

OFakazi babebonakala ukuthi bahlukile ngokuziphatha nangesimo sengqondo. Babengaziphathi kabi futhi bengezona izidlova njengezinye izingane esikoleni. Ngangibabona behluke ngempela ezweni, beyilokho engangifunde eBhayibhelini ukuthi labo abasenkolweni yeqiniso kufanele babe yiko.—Johane 17:14-16; Jakobe 1:27.

Nganquma ukuhlolisisa kakhudlwana. Ngo-September 1969 ngathola incwadi ethi “IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade.” Ngenyanga elandelayo ngaqala ukufundelwa yiphayona, njengoba sibizwa kanjalo isikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova. Sengithole ugqozi esifundweni sokuqala, ngaqala ukufunda incwadi IQiniso ngoMgqibelo ebusuku ngayiqeda ngakusasa ntambama. Zibekwa nje ngaqala ukuxoxela engifunda nabo izinto ezimangalisayo engangizifundile. Abafundi nothisha bacabanga ukuthi le nkolo yami entsha iyangihlanyisa. Kodwa ngangazi ukuthi angihlanyi.—IzEnzo 26:24.

Abazali bami bezwa ukuthi sengishumayela ngenkolo entsha. Bathi angibuye ngokushesha bazozwa kahle ukuthi iyini inkinga yami. Njengoba bonke oFakazi babeye emhlanganweni wesigodi e-Ilesha, kwakungenamuntu engangingacela kuye icebiso. Lapho ngifika ekhaya, umama nezinye izihlobo bangiphonsa imibuzo bangigxeka. Ngazama konke engangingakwenza ukuze ngivikele engangikufunda eBhayibhelini.—1 Petru 3:15.

Esehlulekile ukuveza ukuthi oFakazi BakaJehova bangabafundisi bamanga, umfowabo kababa wazama icebo elihlukile. Wangincenga: “Angithi uyakhumbula ukuthi uyele ukuyothola imfundo esikoleni. Uma uyeka ukufunda uyoshumayela, ngeke uqede esikoleni. Kungani-ke ungalindi uze uqede esikoleni bese kuba yima ungena kule nkolo.” Ngakuzwa kunengqondo lokho ngaleso sikhathi, ngabe sengiyeka ukufunda noFakazi.

Ngo-December 1970, ngemva nje kokuqeda isikole, ngaqonda eHholo LoMbuso, futhi kusukela ngaleso sikhathi bengilokhu ngiya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Ngo-August 30, 1971, ngabonisa ukuzinikezela kwami kuNkulunkulu ngobhapathizo. Lokhu akuzange kushaqise abazali bami kuphela kodwa nomphakathi wonkana. Bathi ngangibadumazile ngoba ngangingowokuqala owanikwa umfundaze kahulumeni e-Ewossa namaphethelo. Abaningi babelindele lukhulu kimi. Babenethemba lokuthi ngizothuthukisa umphakathi ngemfundo yami.

Imiphumela Yokushintsha Kwami

Umkhaya wakithi namadoda endawo bathumela ithimba lizozama ukungenza ngishiye inkolo yami. Amazwi abo ayehambisana neziqalekiso. Bathi: “Uma ungayiyeki le nkolo, awunakusasa. Ngeke uwuthole umsebenzi. Ngeke ube namuzi othi wena. Ngeke uganwe, ngeke ube nomkhaya.”

Ngemva kwezinyanga eziyishumi ngiqedile esikoleni, ukushwabula kwabo akufezekanga ngoba ngathola umsebenzi wokuba uthisha. Ngo-October 1972, ngashada noVeronica, umkami engimthandayo. Ngemva kwesikhathi, uhulumeni wangiqeqeshela ukuba umeluleki wezolimo. Ngathenga imoto yami yokuqala, ngakha nomuzi. Ngo-November 5, 1973, sazibula ngentombazane, uVictory, kamuva sathola uLydia, uWilfred noJoan. Ngo-1986 kwazalwa uthunjana wethu, uMicah. Bonke baye baba igugu, ifa elivela kuJehova.—IHubo 127:3.

Uma ngicabanga, ngingasho ukuthi zonke iziqalekiso zomphakathi zibe izibusiso. Yingakho izibulo lethu ngaliqamba ngokuthi uVictory (Nqobile). Umphakathi usanda kungibhalela uthi: “Sicela ubuye uze ekhaya uzofaka isandla ekuthuthukiseni umphakathi wakithi njengoba uNkulunkulu esekubusisa.”

Ukukhulisa Abantwana Ngezindlela ZikaNkulunkulu

Mina nomkami sasazi ukuthi umsebenzi esiwunikwe uNkulunkulu wokukhulisa abantwana sasingeke sikwazi ukuwenza sibe siphishekela ingcebo. Ngakho siye safunda ukwaneliswa ukuphila okulula. Sikhetha ukuphila kanjena kunokuziqhatha nalokho okungase kube umphumela wokuphila ngendlela ehlukile.

Ezweni lakithi kuvamile ukuhlala neminye imikhaya esakhiweni esisodwa, kusetshenziswe indlu eyodwa yokugezela, ikhishi, nokunye. Kwangijabulisa ukukwazi ukuqasha indawo esasingahlala kuyo sodwa kunoma iliphi idolobha engangithunyelwa kulo njengesisebenzi sikahulumeni. Kuyiqiniso ukuthi izindawo ezinjalo zazibiza, kodwa ukuhlala kuzo kwakunciphisa amathonya amabi ezinganeni zethu. Ngiyambonga uJehova ngokuthi siye sakwazi ukukhulisela izingane zethu esimweni esikahle ngokomoya.

Ngaphezu kwalokho, umkami wahlala ekhaya ukuze abe kanye nezingane futhi azinakekele. Uma ngibuya emsebenzini, sizama ukwenza izinto njengomkhaya. Konke esikwenzayo sikwenza ndawonye. Lokhu kuhlanganisa isifundo seBhayibheli somkhaya, ukulungiselela imihlangano yebandla nokuya kuyo, ukuya enkonzweni yobuKristu, kanye nokuzijabulisa.

Siye sazama ukusebenzisa iseluleko esikuDuteronomi 6:6, 7, esikhuthaza abazali ukuba bangagcini nje ngokufundisa izingane zabo ekhaya kodwa nangawo wonke amathuba. Lokhu kwenze ukuba izingane zingabafuni ngaphandle abangane kodwa zibafune ngaphakathi. Zifunde esibonelweni sethu ukuhlunga abangane ngoba mina noVeronica asichithi isikhathi esiningi ngokungadingekile sinabantu esingakholwa nabo.—IzAga 13:20; 1 Korinte 15:33.

Yebo, isiqondiso sethu nokufundisa kwethu akukhona kodwa okuye kwaba amathonya amahle ekuphileni kwezingane zethu. Umuzi wethu ubulokhu uvulelwe amaKristu ashisekayo, iningi lawo eliyizikhonzi ezijikelezayo zoFakazi BakaJehova, futhi usenjalo. Isikhathi la maKristu avuthiwe aye asichitha nomkhaya wethu sinikeze izingane zethu ithuba lokubheka nokufunda ekuphileni kwawo kokuzidela. Lokhu kuye kwagcizelela lokho esikufundisayo, futhi izingane ziye zenza iqiniso leBhayibheli laba elazo.

Ngavuzwa Ngokuzinikela KuNkulunkulu

Namuhla mina nomkami nezingane zethu ezine sisenkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngaqala ukuphayona ngo-1973. Eminyakeni edlule kuye kwadingeka ngiyinqamule ngezikhathi ezithile inkonzo yami yesikhathi esigcwele ngenxa yezimo zomnotho. Ngezinye izikhathi, ngiye ngaba nanelungelo lokufundisa eSikoleni Senkonzo SoMbuso, esiqeqesha ababonisi abangamaKristu abangoFakazi BakaJehova. Njengamanje ngikhonza eKomitini Yokubonisana Nezibhedlela futhi ngingumbonisi wedolobha e-Uhonmora.

Amadodakazi ami okuqala amabili uVictory noLydia ahlezi kahle nabayeni babo abangabadala abangamaKristu akahle. Akhonza nabayeni bawo ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova e-Igieduma, eNigeria. Indodana yethu endala, uWilfred, iyinceku ekhonzayo, kanti encane, uMicah, iba iphayona elisizayo ngezikhathi ezithile. Ngo-1997, uJoan waqeda esikoleni esiphakeme wangenela inkonzo yamaphayona avamile.

Enye yezinto eziye zangijabulisa kakhulu ekuphileni ukusiza abanye bakhonze uJehova uNkulunkulu. Abanye babo amalungu omndeni wami. Ubaba wazama ukukhonza uJehova, kodwa wabanjwa isithembu. Kusukela ngisemncane ngangibakhonzile abantu. Uma ngibona abanye behlupheka, kuba sengathi ezami izinkinga ziwubala. Mhlawumbe bayabona ukuthi ngifisa ngobuqotho ukubasiza, bese kuba lula kubona ukukhuluma nami.

Omunye walabo engibasizile ukuba bazi izinjongo zikaNkulunkulu insizwa egogekile. Yayisebenzela inkampani kagesi, yabanjwa ugesi kabuhlungu wayigoga kusukela esifubeni kwehle. Yasamukela isifundo seBhayibheli futhi kancane kancane yasabela kulokho eyayikufunda. Lapho ibhapathizwa ngo-October 14, 1995, emfudlaneni ongasekhaya, yayiqala ukuphuma embhedeni ngemva kweminyaka engu-15. Yathi lolu kwakuwusuku olumnandi kunazo zonke ekuphileni kwayo. Manje iyinceku ekhonzayo ebandleni.

Mangisho ukuthi angizisoli ngokuthi eminyakeni engaba ngu-30 edlule ngakhetha ukukhonza uJehova kanye nabantu bakhe abanobunye nabazinikele. Ngiye ngababona belubonisa ngokoqobo uthando. Ngisho noma ithemba lokuphila okuphakade belingewona omunye wemivuzo uJehova ayinika izinceku zakhe ezithembekile, bengisayofisa ukuphila ngokuzinikela kuye. (1 Thimothewu 6:6; Heberu 11:6) Yikona okuye kwangiqondisa futhi kwangiphasa ekuphileni, kwasenza sajabula futhi saneliseka mina nomkhaya wami.

[Isithombe ekhasini 25]

Nginomkami nezingane ngo-1990

[Isithombe ekhasini 26]

Nginomkami nezingane nabakhwenyana ababili