Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubheka Kanjani Ukufa?

Ukubheka Kanjani Ukufa?

Ukubheka Kanjani Ukufa?

UKUFA kusemboza ngefu elimnyama njengoba siqhubeka nokuphila kwethu kwansuku zonke, kungakhathaliseki ukuthi siyimiqemane noma sicebe kangakanani. Singathi nje seqa umgwaqo noma sizilalele kugadle. Izinhlekelele ezinjengokuhlasela kwamaphekula ngo-September 11, 2001, eNew York City naseWashington, D.C., zisenza sibone ukuthi “isitha sokugcina,” ukufa kudla fumuka kudle silaza, ngezinye izikhathi kuqothule izinkulungwane ngokuphazima kweso.—1 Korinte 15:26.

Noma kunjalo, kubonakala sengathi izindaba zokufa ziyabahuha abantu. Imibiko yokufa kwabantu, ikakhulu uma befa ngendlela enyantisayo bebaningi, ibonakala iyimbangela yokudayiswa kwamaphephandaba ubuthaphuthaphu noma yokuba abantu abaningi bagqolozele ithelevishini. Abantu babonakala bengadeli ukuzwa ngako, kungakhathaliseki ukuthi kubangelwa impi, inhlekelele yemvelo, ubugebengu noma izifo. Leli lukuluku ngokufa libonakala lixaka kakhulu lapho abantu beqhatha usizi ngemva kokufa kwabantu abadumile nezihlabani.

Konke lokhu akunakuphikwa. Ukufa kulokhu kubahuha abantu—kodwa bahuhwa ukufa kwabanye. Ake kubhekane nabo, bayakhwantabala. Asifuni ukucabanga ngokuthi singase sife.

Ukufa Kuyasixaka?

Kuhlale kungemnandi ukucabanga ukuthi singase sife futhi kuyohlale kunjalo. Kwenziwa yini lokho? Kwenziwa ukuthi uNkulunkulu wafaka kithi isifiso esinamandla sokuphila phakade. Ngokwe-Anchor Bible, umShumayeli 3:11 uthi: “Ufaké nobuphakade ezinhliziyweni zabo.” Ngakho-ke, ukwazi ukuthi ukufa akunakugwenywa, kwenza abantu badideke. Ukuze bakuqede lokhu kudideka okungaphakathi futhi banelise isifiso sabo sokuqhubeka bephila, abantu baye baqamba izinkolelo eziningi ezihlukahlukene, kusukela emfundisweni yokungafi komphefumulo kuya emfundisweni yokuphindukuzalwa.

Noma ngabe yikuphi, ukufa kuyinto ekhathazayo, kuyethusa futhi kwesatshwa yonke indawo. Akufanele-ke kusimangaze ukuthi abantu ngokuvamile bayabikelwa uma becabanga ngokufa. Ukufa kuveza ubuze bokuphila okugxile ekuphishekeleni ingcebo nokuba nethonya kwabanye.

Bafa Benesizungu?

Kudala, umuntu ogulela ukufa noma olimele kabi kakhulu ngokuvamile wayefela emzini wakhe, endaweni ayijwayele nayithandayo. Kwakuye kube njalo ngezikhathi zeBhayibheli, futhi kusenjalo nakwezinye izizwe. (Genesise 49:1, 2, 33) Kulezo zimo, umndeni uyahlangana, kuxoxwe zikhona nezingane. Lokhu kwenza ilungu ngalinye lomndeni lingabi nomuzwa wokuthi liqhatha usizi lodwa futhi kuthoba namanxeba kwenze bonke bathwalisane futhi bakhalisane.

Lokhu kuhluke ngokuphelele kulokho okwenzeka emphakathini ongathi vú ngokufa, obheka ukuxoxa ngako njengento ekhwantabalisayo nalapho izingane zingahilelwa ngoba kucatshangwa ukuthi lokhu ‘azinakukuthwala.’ Namuhla ukufa kuhluke ngezindlela eziningi, futhi ngokuvamile umuntu ufa enesizungu. Nakuba abaningi bengathanda ukufela ekhaya, bafe benokuthula futhi benakekelwa abomndeni ngothando, kwabaningi into ebuhlungu eyenzekayo ukuthi bafela esibhedlela, ngokuvamile bebodwa futhi besezinhlungwini, bexhunywe oxhaxheni lwemishini esabekayo. Ezinye izigidi zona ziyazifela kungazi muntu, njengoquqaba lwabafa ekuqothulweni kohlanga, ababulawa indlala, ingculaza, impi yombango, noma ububha.

Yindaba Okufanele Kuxoxwe Ngayo

IBhayibheli alimelene nokucabanga ngokufa. Empeleni, umShumayeli 7:2 uthi: “Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili, ngokuba lokho kungukuphela kwabantu bonke.” Lapho sifelwe, singase sikhohlwe yizinto esivame ukucabanga ngazo noma ukuzenza sicabangisise ngobufushane bokuphila. Lokhu kungasisiza siphile ngendlela enenjongo kakhudlwana kunokuba simane sinhlanhlathe noma sisebenzise ukuphila kwethu budedengu.

Wena ukubheka kanjani ukufa? Usuke wayihlaziya yini imizwa yakho, izinkolelo, amathemba nalokho okwesabayo ngokufa kwakho?

Njengoba kunjalo ngokuphila, abantu bayehluleka ukuchaza nokuqonda ukufa. NguMdali wethu kuphela esingamethemba uma ekhuluma ngale ndaba. “Umthombo wokuphila” ukuye, futhi “izindlela zokuphuma ekufeni” zingezakhe. (IHubo 36:9; 68:20, NW) Nakuba kungase kumangaze, ukusebenzisa iZwi likaNkulunkulu ekuhloleni ezinye zezinkolelo ezithandwayo ngokufa kuyosiduduza futhi kusiqabule. Kuyoveza ukuthi ukufa akusho ngaso sonke isikhathi ukuphela kwendaba.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]

Ukwazi ukuthi singase sife kusisiza siphile ngendlela enenjongo kakhudlwana