Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuhlolisisa Ezinye Zezinkolelo-ze Ngokufa

Ukuhlolisisa Ezinye Zezinkolelo-ze Ngokufa

Ukuhlolisisa Ezinye Zezinkolelo-ze Ngokufa

KUWO wonke umlando, ukufa kuye kwamdida futhi kwamkhungathekisa umuntu uma ecabanga ngako. Ngaphezu kwalokho, ukufa kwenziwe kwesabeka nakakhulu yimibono yenkolo yamanga, amasiko athandwayo nezinkolelo zabantu ezigxilile. Okwenza ukwesaba ukufa kube inkinga ukuthi kungenza umuntu angakujabuleli ukuphila, kumenze angaqiniseki nokuthi ukuphila kunenjongo.

Izinkolo ezinkulu yizona ezinecala nakakhulu lokusakaza izinkolelo-ze eziningana ezithandwayo ngokufa. Ake uhlole ezinye zazo ngosizo lweqiniso leBhayibheli, ubone ukuthi ngeke yini icace indlela obheka ngayo ukufa.

Inkolelo-ze 1: Ukufa kuyisiphetho esingokwemvelo sokuphila.

Incwadi ethi Death—The Final Stage of Growth ithi: “Ukufa . . . kuyingxenye yokuphila kwethu.” Inkulumo enjena iveza inkolelo yokuthi ukufa kuyinto engokwemvelo, isiphetho esingokwemvelo sazo zonke izinto eziphilayo. Le nkolelo iye yazala ifilosofi yokuthi akukho zimiso ezilungile, yenza nabantu abaningi babamba amathuba okwenza okubi.

Kodwa ingabe ngempela ukufa kuyisiphetho esingokwemvelo sokuphila? Akubona bonke abacwaningi abacabanga kanjalo. Ngokwesibonelo, uCalvin Harley, isazi sezinto eziphilayo esicwaninga ngokuguga kwabantu, lapho kuxoxwa naye wathi akakholwa ukuthi abantu “banqunyelwe ukufa.” Isazi sesimiso sokuzivikela komzimba, uWilliam Clark, sathi: “Ukufa akusona isici esingenakuhlukaniseka nokuphila.” USeymour Benzer waseCalifornia Institute of Technology yena uthi “ukuguga kungachazwa ngokuthi kuyisenzakalo esinethemba lokuthi singasishintsha, akusona isigaba esithile.”

Ososayensi bayaxakeka lapho betadisha indlela abantu abakhiwe ngayo. Bathola ukuthi sinikwe amandla namakhono angaphezu kakhulu kwalokho esikudingayo eminyakeni engu-70 kuya ku-80 esiyiphilayo. Ngokwesibonelo, ososayensi batholé ukuthi ubuchopho bomuntu bukwazi ukubamba inqwaba yezinto. Omunye umcwaningi ulinganisela ukuthi ubuchopho bethu bungamumatha ukwaziswa “okungagcwala imiqingo engaba yizigidi ezingu-20, okuyimiqingo etholakala emitatsheni emikhulu kakhulu emhlabeni.” Abanye ososayensi bezinzwa zobuchopho bacabanga ukuthi phakathi nesikhathi sokuphila komuntu esivamile, umuntu usebenzisa amaphesenti angu-0,0001 kuphela ekhono eligcwele lobuchopho bakhe. Kuyafaneleka ukubuza, ‘Kungani sinobuchopho obunamandla kangaka sibe sisebenzisa ingxenyana encane yabo esikhathini esivame ukusiphila?’

Cabanga nangendlela engeyona eyemvelo ukufa okubathinta ngayo abantu. Kwabaningi, ukushonelwa inkosikazi, umyeni, noma ingane kungaba yisigigaba esiphithanisa ikhanda kunazo zonke ekuphileni. Imizwelo yabantu isala ixovekile isikhathi eside ngemva kokushona komuntu abamkhonzile. Ngisho nalabo abathi ukufa kwabantu kungokwemvelo bakuthola kunzima ukwamukela ukuthi ukufa kwabo kuyosho ukuphela kwendaba. I-British Medical Journal yakhuluma “ngokucabanga okuvamile kwezazi kokuthi bonke abantu bafuna ukuphila isikhathi eside ngangokunokwenzeka.”

Uma sicabangela indlela evamile ukufa okubaphatha ngayo abantu, ikhono labo elimangalisayo lokukhumbula nokufunda, nokulangazelela kwabo ubuphakade, akucacile yini ukuthi sadalelwa ukuphila? Ngempela, uNkulunkulu wadala abantu benethemba lokuqhubeka bephila unomphela, akabadalelanga ukuba bagcine befile. Phawula lokho uNkulunkulu akunquma kwaba ikusasa lombhangqwana wokuqala ongabantu: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.” (Genesise 1:28) Yeka ukuthi lokho kuyikusasa elimangalisa kanjani elingenasiphelo!

Inkolelo-ze 2: UNkulunkulu uyabalanda abantu bazohlala naye.

Umama oneminyaka engu-27 owayefa eshiya izingane ezintathu watshela indelakazi engumKatolika: “Ungezi la uzongitshela ukuthi lena intando kaNkulunkulu. . . . Angifuni nje umuntu angitshele leyo nto.” Kodwa yiloko izinkolo eziningi ezikufundisayo ngokufa—ukuthi uNkulunkulu ulanda abantu abasondeze kuye.

Ingabe uMdali unonya kangangokuba angasithathela abantu bethu ngokufa, azi ukuthi lokhu kusizwisa ubuhlungu? Cha, uNkulunkulu waseBhayibhelini ngeke akwenze lokho. Ngokweyoku-1 Johane 4:8, “uNkulunkulu uluthando.” Phawula ukuthi akushiwo ukuthi uNkulunkulu unalo uthando noma uNkulunkulu uyathanda, kodwa kuthiwa uNkulunkulu uyilo uthando. Uthando lukaNkulunkulu lunamandla, lumsulwa, luphelele futhi lubonakala ebuntwini nasezenzweni zakhe zonke kangangokuthi kungashiwo kufanele ukuthi uwuthando olwenziwe samuntu. UNkulunkulu othatha abantu abasondeze kuye akanakuba njalo.

Inkolo yamanga iye yashiya abaningi bedidekile ngokuthi abafileyo bakusiphi isimo. Izindawo ezinjengezulu, isihogo, isihlanzo neLimbo nezinye ezihlukahlukene, aziqondakali kanti ezinye ziyethusa. Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli lisitshela ukuthi abafileyo abazi lutho; kunjengokungathi balele. (UmShumayeli 9:5, 10; Johane 11:11-14) Ngakho, akudingeki sikhathazeke ngokuthi kuyokwenzekani kithi uma sesifile, njengoba nje singakhathazeki lapho sibona umuntu elele zwí. UJesu wakhuluma ngesikhathi lapho “bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo” ‘beyophuma’ baphile ukuphila okusha emhlabeni oyipharadesi.—Johane 5:28, 29; Luka 23:43.

Inkolelo-ze 3: UNkulunkulu ulanda izingane ezincane ziyoba izingelosi.

U-Elisabeth Kübler-Ross, owacwaninga ngabantu abagulela ukufa, wathinta nomunye umbono ovamile kubantu abasontayo. Echaza into eyenzeka, wathi “kuwubuwula ukutshela ingane encane eshonelwe umfowabo ukuthi uNkulunkulu ubathanda kakhulu abafanyana kangangokuba uthathe uJohnny omncane wamyisa ezulwini.” Ukukhuluma kanjalo kwenza uNkulunkulu abe umuntu omubi futhi akuvezi ubuntu bakhe nendlela enza ngayo izinto. UDkt. Kübler-Ross uqhubeka athi: “Lapho le ntombazanyana ikhula yayisalokhu imthukuthelele uNkulunkulu, okwayenza yaphambana ingqondo lapho ishonelwa indodana yayo encane ngemva kweminyaka engaba ngu-30.”

UNkulunkulu angayihlwithelani ingane ukuze anezele ezingelosini zakhe—njengokungathi yena uyidinga ngaphezu kokuba abazali bayo beyidinga? Uma bekuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu uthatha izingane, bekungeke yini lokho kusho ukuthi unguMdali ongenalo uthando nonobugovu? Ngokuphambene nalowo mbono, iBhayibheli lithi: “Uthando luvela kuNkulunkulu.” (1 Johane 4:7) UNkulunkulu onothando angayibangela yini into ebuhlungu kanjalo ngisho nabantu abaphile kahle abangayibheka njengengenangqondo?

Pho kungani izingane zifa? Ingxenye yempendulo yeBhayibheli ikumShumayeli 9:11: “Bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.” Kanti iHubo 51:5 lisitshela ukuthi kusukela singakazalwa sonke asiphelele, sinesono, futhi okwamanje ukufa kuyisiphetho sabo bonke abantu, bebulawa izinto ezihlukahlukene. Ngezinye izikhathi ingane ithi iqambe izalwa ibe isifile. Ngezinye, izingane zifa ngenxa yezimo ezinzima noma zivelelwe izingozi. Lezi zinto azibangelwa uNkulunkulu.

Inkolelo-ze 4: Abanye abantu bayahlushwa uma sebefile.

Izinkolo eziningi zifundisa ukuthi ababi baya esihogweni somlilo bayohlushwa phakade. Ingabe le mfundiso inengqondo futhi ingokomBhalo? Umuntu uphila iminyaka engaba ngu-70 noma 80 kuphela. Noma ngabe umuntu ubemubi kakhulu kukho konke ukuphila kwakhe, ingabe ukumhlupha phakade bekungaba isijeziso esilungile? Cha. Kungaba ukungalungi okubi kakhulu ukujezisa umuntu phakade ngenxa yezono azenze ekuphileni okufushane akuphilile.

NguNkulunkulu kuphela ongembula ukuthi kwenzekani uma abantu sebefile, futhi ukwembulile eZwini lakhe elilotshiwe, iBhayibheli. IBhayibheli lithi: ‘Njengalokhu kufa [isilwane], [nomuntu] uyafa; kunomphefumulo munye. Konke kuya endaweni inye; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.’ (UmShumayeli 3:19, 20) Akukhulunywa ngesihogo somlilo lapha. Uma abantu befa babuyela othulini—bangabi bikho.

Ukuze umuntu ahlushwe, kumelwe ezwe ukuthi uyahlushwa. Kukhona yini abakuzwayo abafileyo? Nalapha, iBhayibheli liyaphendula: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi lutho, futhi abasenawo umvuzo, ngokuba ukukhunjulwa kwabo sekukhohlakele.” (UmShumayeli 9:5) Njengoba abafileyo ‘bengazi lutho,’ akunakwenzeka ukuba bezwe ubuhlungu lapho bekhona.

Inkolelo-ze 5: Ukufa kusho ukuphela kwendaba ngathi.

Uma sesifile sisuke singasaphili, kodwa lokhu akusho ukuthi sekuphelile ngathi. Indoda ethembekile uJobe yayazi ukuthi yayizoya ethuneni, eSheyoli, uma seyifile. Kodwa ake uzwe ukuthi yathandaza yathini kuNkulunkulu: “Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo, ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule. Uma umuntu efa, uyakubuye aphile na? . . . Ubuyakubiza, mina ngiphendule.”—Jobe 14:13-15.

UJobe wayekholelwa ukuthi uma ayethembeka aze afe, ngemva kwesikhathi esithile uNkulunkulu wayeyomkhumbula amvuse. Zonke izinceku zikaNkulunkulu zasendulo zazikholelwa kulokho. UJesu uqobo waliqinisekisa leli themba, wabonisa ukuthi uNkulunkulu wayeyomsebenzisa ekuvuseni abafileyo. Amazwi kaKristu ayasiqinisekisa: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo beyozwa khona izwi [likaJesu] futhi baphume, labo ababenze izinto ezinhle baphumele ovukweni lokuphila, labo ababezenze umkhuba izinto ezimbi ovukweni lokwahlulelwa.”—Johane 5:28, 29.

Maduze nje uNkulunkulu uzosusa bonke ububi alethe izwe elisha elibuswa ukubusa kwasezulwini. (IHubo 37:10, 11; Daniyeli 2:44; IsAmbulo 16:14, 16) Umhlaba wonke uyobe usuba ipharadesi, uhlalwe abantu abakhonza uNkulunkulu. EBhayibhelini sifunda ukuthi: “Ngezwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi lithi: ‘Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nesintu, uyohlala naso, futhi siyoba abantu bakhe. Futhi uNkulunkulu ngokwakhe uyoba naso. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.’”—IsAmbulo 21:3, 4.

Ukuphela Kokwesaba

Ukwazi ithemba lovuko naLowo olinikezayo kungakududuza. UJesu wathembisa: “Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Johane 8:32) Lisikhulula nasekwesabeni ukufa. NguJehova kuphela ongashintsha inqubo yokuguga nokufa asinike ukuphila okuphakade. Ungazethemba yini izithembiso zikaNkulunkulu? Yebo, ngoba njalo iZwi likaNkulunkulu liyafezeka. (Isaya 55:11) Sikukhuthaza ukuba ufunde okwengeziwe ngalokho uNkulunkulu akuhlosele isintu. OFakazi BakaJehova bayojabula ukukusiza.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]

Okwenza ukwesaba ukufa kube inkinga ukuthi kungenza umuntu angakujabuleli ukuphila

[Ishadi ekhasini 7]

EZINYE ZEZINKOLELO-ZE EZIVAMILE NGOKUFA ITHINI IMIBHALO?

● Ukufa kuyisiphetho esingokwemvelo sokuphila Genesise 1:28; 2:17; Roma 5:12

● UNkulunkulu uyabalanda abantu bazohlala naye Jobe 34:15;

IHubo 37:11, 29;

115:16

● UNkulunkulu ulanda izingane ezincane ziyoba IHubo 51:5;

izingelosi 104:1, 4;

Heberu 1:7, 14

● Abanye abantu bayahlushwa uma sebefile IHubo 146:4;

UmShumayeli 9:5, 10;

Roma 6:23

● Ukufa kusho ukuphela kwendaba ngathi Jobe 14:14, 15;

Johane 3:16; 17:3;

IzEnzo 24:15

[Isithombe ekhasini 8]

Ukwazi iqiniso ngokufa kusikhulula ekwesabeni

[Umthombo Wesithombe ekhasini 5]

Barrators—Giampolo/The Doré Illustrations For Dante’s Divine Comedy/Dover Publications Inc.