Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Wathola Iqiniso Endaweni Engalindelekile

Wathola Iqiniso Endaweni Engalindelekile

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Wathola Iqiniso Endaweni Engalindelekile

KUYINTANDO kaNkulunkulu ukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thimothewu 2:3, 4) Ukuze kube njalo, oFakazi BakaJehova baye banyathelisa futhi basakaza izigidi zamaBhayibheli nezinsiza-kufunda zeBhayibheli. Ngezinye izikhathi, lezi zincwadi ziye zasiza abanhliziyo ziqotho ukuba bafunde iqiniso ngezindlela ezingalindelekile neze. Mayelana nalokhu, abamemezeli boMbuso eFreetown, eSierra Leone, babika lokhu okulandelayo.

U-Osman uyindodana yesibili emkhayeni onezingane ezingu-9. Njengoba akhulela emkhayeni othanda inkolo, wayevame ukuya noyise esontweni. Nokho, lokho isonto lakubo elalikufundisa ngesihogo kwamkhathaza kakhulu. Wayengaqondi ukuthi uNkulunkulu onesihe angabahlupha kanjani abantu ababi ngokubashisa ngomlilo. Ngisho noma esechazelwa kanjani ngale mfundiso yesihogo somlilo akasizakalanga.

Ngelinye ilanga lapho u-Osman eseneminyaka engu-20 ubudala, wabona incwadi eluhlaza ivele kancane emgqonyeni wezibi. Njengoba ayekuthanda ukufunda, wayikhipha, wayisula, wabona isihloko sayo esithi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade. *

‘Yiliphi leli qiniso?’ u-Osman ezibuza. Enelukuluku, u-Osman waya nayo ekhaya le ncwadi wafike wayifunda yonke ngaleso sikhathi. Wajabula kakhulu lapho ethola ukuthi uNkulunkulu unegama—elithi Jehova! (IHubo 83:18) Wafunda nokuthi imfanelo kaNkulunkulu evelele uthando nokuthi kwamqondo wokuhlupha abantu emlilweni uyamnenga uNkulunkulu. (Jeremiya 32:35; 1 Johane 4:8) Ekugcineni wafunda ukuthi maduze nje uJehova uzoletha ipharadesi emhlabeni lapho abantu bezophila khona phakade. (IHubo 37:29; IsAmbulo 21:3, 4) Yeka amaqiniso amangalisayo avela kuNkulunkulu onesihe nothando! U-Osman wambonga ngenhliziyo yonke uJehova ngokuthi amvumele ukuba athole iqiniso endaweni engalindelekile neze.

Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, abangane bakhe bamsiza wathola iHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova, waya esifundweni eqala ngqá. Lapho, wacela uFakazi ukuba amfundele iBhayibheli. Naphezu kokuphikiswa kakhulu umkhaya, u-Osman waqhubeka ethuthuka ngokomoya futhi wabhapathizwa. (Mathewu 10:36) Sikhuluma nje ungumdala ebandleni. Akuve kumangalisa ukuthi konke lokhu kwabangelwa incwadi yeBhayibheli eyatholakala emgqonyeni wezibi!

[Umbhalo waphansi]

^ par. 5 Eyanyatheliswa oFakazi BakaJehova ngo-1968.