Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Funda Futhi Ufundise Ukuziphatha KobuKristu

Funda Futhi Ufundise Ukuziphatha KobuKristu

Funda Futhi Ufundise Ukuziphatha KobuKristu

“Ingabe wena, ofundisa omunye, awuzifundisi wena?”—ROMA 2:21.

1, 2. Kungani kufanele ufune ukutadisha iBhayibheli?

ZININGI izizathu zokuba utadishe iZwi likaNkulunkulu. Cishe ufuna ukwazi amaqiniso akulo—aphathelene nabantu, izenzakalo, izindawo nezinye izinto. Ufuna ukwazi izimfundiso eziyiqiniso, ubone amaphutha enkolo, anjengoZiqu-zintathu noma isihogo somlilo. (Johane 8:32) Kufanele futhi ufune ukwazi uJehova kangcono ukuze ube njengaye futhi uhambe ngobuqotho phambi kwakhe.—1 AmaKhosi 15:4, 5.

2 Esinye isizathu esihlobene nalezi nesibalulekile sokutadisha iZwi likaNkulunkulu siwukuzihlomisela ukufundisa abanye—abantu obathandayo, obajwayele ngisho nalabo ongakabazi. AmaKristu awanakuzikhethela ukungakwenzi lokhu. UJesu wathi kubafundi bakhe: “Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.”—Mathewu 28:19, 20.

3, 4. Kungani kutuseka ukuba ufundise njengoba uJesu ayala?

3 Ukutadisha iBhayibheli unesifiso sokufundisa abanye kuyatuseka futhi kungakunika ukwaneliseka okuhlala njalo. Ukufundisa sekuyisikhathi eside kuwumsebenzi ohloniphekile. I-Encarta Encyclopedia ithi: “KumaJuda, abantu abaningi abadala babebheka othisha njengabaqondisi abaholela ensindisweni futhi babekhuthaza izingane ukuba zihloniphe othisha bazo ngisho nangaphezu kwabazali bazo.” Kutuseka nakakhulu ngamaKristu ukuba azifundise ngokutadisha iBhayibheli abese efundisa abanye.

4 “Abantu abangothisha baningi kunakunoma yimuphi omunye umsebenzi. Abesilisa nabesifazane abangaba izigidi ezingu-48 emhlabeni wonke bangothisha.” (The World Book Encyclopedia) Uthisha wesikole uphathiswe izingqondo zezingane futhi angazithonya iminyaka eminingi eyolandela. Lelo thonya liba likhulu nakakhulu lapho ulalela umyalo kaJesu wokufundisa abanye; ungabathonya phakade. Umphostoli uPawulu wakugcizelela lokhu lapho ekhuthaza uThimothewu: “Zinake njalo wena nokufundisa kwakho. Hlala kulezizinto, ngoba ngokwenza lokhu uyosindisa kokubili wena nabakulalelayo.” (1 Thimothewu 4:16) Yebo, ukufundisa kwakho kuhilela insindiso.

5. Kungani ukufundisa kobuKristu kuphakeme kunakho konke?

5 Ukuzifundisa bese ufundisa abanye kugunyazwé futhi kuqondiswa uMthombo ophakeme kunayo yonke, uMbusi wendawo yonke. Lokho kukodwa kwenza lo mkhakha wokufundisa uphakame kunanoma yimuphi owezwe, kungaba owokufundisa izifundo zabasaqala, amakhono omsebenzi, ngisho nezokwelapha. Ukufundisa kobuKristu kuhilela ukuba umfundi afunde ukulingisa mathupha iNdodana kaNkulunkulu, uKristu Jesu, futhi afundise nabanye ukwenza kanjalo.—Johane 15:10.

Kungani Kufanele Uzifundise?

6, 7. (a) Kungani kufanele siqale sizifundise thina? (b) AmaJuda ekhulu lokuqala ayehluleke kanjani njengabafundisi?

6 Kungani kuthiwa kumelwe sizifundise thina kuqala? Asinakubafundisa kahle abanye uma singazange siqale sizifundise thina. UPawulu wagcizelela lokhu endimeni eshukumisa ingqondo eyayibalulekile kumaJuda ngaleso sikhathi kodwa futhi ebalulekile nakumaKristu namuhla. UPawulu wabuza: “Ingabe wena, ofundisa omunye, awuzifundisi wena? Wena, oshumayela uthi ‘Ungebi,’ ingabe uyeba? Wena, othi ‘Ungaphingi,’ ingabe uyaphinga? Wena, obonakalisa ukwenyanya izithombe, ingabe uphanga amathempeli? Wena, oziqhenya ngomthetho, ingabe ngokweqa kwakho uMthetho uhlaza uNkulunkulu?”—Roma 2:21-23.

7 Ngale mibuzo, uPawulu wathinta izinto ezimbili ezingalungile ezazishiwo ngokuqondile eMiyalweni Eyishumi: Ungebi, futhi ungaphingi. (Eksodusi 20:14, 15) Amanye amaJuda osuku lukaPawulu ayeziqhayisa ngokuthi ayenoMthetho kaNkulunkulu. ‘Ayefundiswe ngomlomo ngokusuka eMthethweni futhi ekholisekile ukuthi angabaqondisi bezimpumputhe nokukhanya kulabo abasebumnyameni, abafundisi bezingane.’ (Roma 2:17-20) Kodwa amanye ayengabazenzisi ngoba ngasese ayephinga noma eba. Lokho kwakungahlaza uMthetho noMlobi wawo osezulwini. Uyabona ukuthi ayengakufanelekeli neze ukufundisa abanye; empeleni ayengazifundisi kwawona.

8. Kungenzeka amanye amaJuda osuku lukaPawulu ‘ayewaphanga kanjani amathempeli’?

8 UPawulu wakhuluma ngokuphanga amathempeli. Ingabe amanye amaJuda ayekwenza ngokoqobo lokho? Wayekhuluma ngani uPawulu? Uma singagwegwesi, ngenxa yokuthi kuncane okukule ndima, asinakuqiniseka ukuthi amanye amaJuda ‘ayewaphanga kanjani amathempeli.’ Ngaphambili, umgcini-mibhalo womuzi wase-Efesu wathi abangane bakaPawulu babengebona “abaphangi bamathempeli,” okusikisela ukuthi okungenani abanye abantu babecabanga ukuthi amaJuda ayengamangalelwa ngaleso senzo. (IzEnzo 19:29-37) Ingabe ayezisebenzisela noma ethengisa izinto eziyigugu ezazivela emathempelini amaqaba ayephangwe abanqobi noma yilabo abashisekela inkolo ngokweqile? NgokoMthetho kaNkulunkulu, izithixo zegolide nezesiliva kwakufanele zishiswe, kungabikho muntu ozithathayo azisebenzisele zona. (Duteronomi 7:25) * Ngakho kungenzeka ukuthi uPawulu wayekhuluma ngamaJuda ayengawunaki lo myalo kaNkulunkulu, esebenzisa noma ethola inzuzo ezintweni ezivela emathempelini amaqaba.

9. Yimiphi imikhuba engalungile ehilela ithempeli laseJerusalema eyayiyofana nokuphanga ithempeli?

9 Ngakolunye uhlangothi, uJosephus wakhuluma ngehlazo lamaJuda amane eRoma, umholi wawo owayengumfundisi woMthetho. La maJuda amane ayenga owesifazane ongumRoma, umproselithe ebuJudeni, ukuba alethe igolide nezinye izinto eziyigugu zibe umnikelo wasethempelini eJerusalema. Athi angazithola lezi zinto kuye, azithathela zona—okwakufana nokuphanga ithempeli. * Abanye babephanga ithempeli likaNkulunkulu ngomqondo othile ngokunikela imihlatshelo enesici nokukhuthaza ukuhwebelana ngobugovu emagcekeni alo, belenza “umhume wabaphangi.”—Mathewu 21:12, 13; Malaki 1:12-14; 3:8, 9.

Fundisa Ukuziphatha KobuKristu

10. Yiliphi iphuzu eliyinhloko lamazwi kaPawulu akweyabaseRoma 2:21-23 okungafanele lisilahlekele?

10 Kungakhathaliseki ukuthi imiphi imikhuba yekhulu lokuqala ewukweba, ukuphinga nokuphanga amathempeli uPawulu ayekhuluma ngayo, masingalahlekelwa iphuzu eliyinhloko lalokho akusho. Wabuza: “Ingabe wena, ofundisa omunye, awuzifundisi wena?” Kuyaphawuleka ukuthi izibonelo uPawulu aziveza zihlobene nokuziphatha. Umphostoli akagxilanga ezimfundisweni noma emlandweni weBhayibheli. Ukuzifundisa nokufundisa abanye uPawulu ayekhuluma ngakho kwakuhlobene nokuziphatha kobuKristu.

11. Kungani kufanele ukunake ukuziphatha kobuKristu njengoba utadisha iBhayibheli?

11 Ukusebenzisa isifundo esikweyabaseRoma 2:21-23 kusho ukufunda ukuziphatha kobuKristu eZwini likaNkulunkulu, senze ngokuvumelana nalokho esikufundayo, bese sifundisa abanye ukuba nabo benze okufanayo. Ngakho-ke njengoba utadisha iBhayibheli bheka izinto ezibonisa izindinganiso zikaJehova okusekelwe kuzo ukuziphatha kobuKristu beqiniso. Zindla ngeseluleko nezifundo ozithola eBhayibhelini. Yibe usukusebenzisa ngesibindi lokho okufundayo. Futhi ukwenza kanjalo kudinga isibindi kanye nokuzimisela. Kulula ngabantu abangaphelele ukuthola izaba nezizathu ezenza kuvumeleke noma kudingeke imbala ukuba ukuziphatha kobuKristu kunganakwa esimweni esithile. Mhlawumbe amaJuda uPawulu akhuluma ngawo ayesengomakad’ ebona ekucabangeni okunjalo okunobuqili okuhloselwe ukuzithethelela noma ukudukisa abanye. Kodwa amazwi kaPawulu abonisa ukuthi ukuziphatha kobuKristu akufanele kululazwe noma kushaywe indiva ngokuzithandela.

12. Ukuziphatha okuhle noma okubi kummelela kanjani uJehova uNkulunkulu, futhi kungani kusiza ukukhumbula lokhu?

12 Umphostoli wagcizelela isizathu esiyinhloko sokufunda bese usebenzisa izimiso zokuziphatha ozithola eBhayibhelini? Ukuziphatha kabi kwamaJuda kwakummelela kabi uJehova: “Wena, oziqhenya ngomthetho, ingabe ngokweqa kwakho uMthetho uhlaza uNkulunkulu? Ngoba ‘igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa ngenxa yenu phakathi kwezizwe.’” (Roma 2:23, 24) Kuyiqiniso ngokufanayo nanamuhla ukuthi uma singakunaki ukuziphatha kobuKristu sihlaza uMthombo wako. Kodwa futhi uma sibambelela siqinisa ezindinganisweni zikaNkulunkulu, kummelela kahle, kumdumise. (Isaya 52:5; Hezekeli 36:20) Ukukuqaphela kwakho lokhu kungakwenza uzimisele nakakhulu uma ubhekana nezilingo noma izimo lapho ukungakunaki ukuziphatha kobuKristu kungase kubonakale kulula. Amazwi kaPawulu asifundisa nokunye futhi. Ngaphezu kokuqaphela ngokwakho ukuthi ukuziphatha kwakho kumelela uNkulunkulu, njengoba ufundisa abanye, basize nabo babone ukuthi ukusebenzisa kwabo izindinganiso abazifundayo kuyommelela uJehova. Ukuziphatha kobuKristu akugcini nje ngokuletha ukwaneliseka nokuvikela impilo yomuntu. Kumelela naLowo owasungula futhi okhuthaza lokho kuziphatha.—IHubo 74:10; Jakobe 3:17.

13. (a) IBhayibheli lisisiza kanjani ekuziphatheni? (b) Nikeza iphuzu eliyinhloko leseluleko esikweyoku-1 Thesalonika 4:3-7.

13 Ukuziphatha kuyabathinta nabanye abantu. Ungakubona lokhu ezibonelweni eziseZwini likaNkulunkulu ezibonisa ukubaluleka kokusebenzisa izindinganiso zokuziphatha zikaNkulunkulu nemiphumela yokungazinaki. (Genesise 39:1-9, 21; Joshuwa 7:1-25) Ungathola neseluleko esiqondile ngokuziphatha njengalesi: “Yilokhu uNkulunkulu akuthandayo, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni; ukuze ngamunye wenu azi ukuthi angasilawula kanjani isitsha sakhe siqu ngokungcweliswa nangodumo, kungabi ngesifiso sobulili sokukhanuka esinjengaleso nalezozizwe ezingamazi uNkulunkulu ezinaso; ukuba kungabikho muntu ofinyelela eqophelweni lokulimaza futhi angenele emalungelweni omfowabo kulendaba, . . . ngoba uNkulunkulu wasibiza mayelana nokungcweliswa, hhayi ukuba avumele ukungahlanzeki.”—1 Thesalonika 4:3-7.

14. Yini ongase uzibuze yona ngeseluleko esikweyoku-1 Thesalonika 4:3-7?

14 Cishe wonke umuntu angabona kule ndima ukuthi ukuziphatha okubi kobulili kuphambene nokuziphatha kobuKristu. Kodwa ungadlulela ngalé kwalokho okusobala. Eminye imibhalo inikeza amathuba okutadisha nokuzindla ngokujulile, uthole ukuqonda. Ngokwesibonelo, ungase uzindle ngokuthi uPawulu wayesho ukuthini uma ethi ukufeba kungenza umuntu afinyelele “eqophelweni lokulimaza futhi angenele emalungelweni omfowabo kulendaba.” Yimaphi lawo malungelo, futhi ukukuqonda kangcono lokhu kungakwenza kanjani uzimisele nakakhulu ukulondoloza ukuziphatha kobuKristu? Imiphumela yalokho kucwaninga ingakuhlomisela kanjani ngokwengeziwe ukuba ufundise abanye futhi ubasize badumise uNkulunkulu?

Tadisha Ukuze Ufundise

15. Yimaphi amathuluzi ongawasebenzisa ukuze uzifundise ngesifundo somuntu siqu?

15 OFakazi BakaJehova banamathuluzi abawasebenzisela ukucwaninga imibuzo noma izinto ezivela njengoba betadisha bezifundisa bona noma befundisa abanye. Elinye ithuluzi elitholakala ngezilimi eziningi i-Watch Tower Publications Index. Uma ukwazi ukulithola, ungalisebenzisa ukuze uthole ukwaziswa ezincwadini zoFakazi BakaJehova ezisekelwe eBhayibhelini. Ungacwaninga ngezihloko noma ufune ohlwini lwamavesi eBhayibheli. Elinye ithuluzi oFakazi BakaJehova abanalo ngezilimi eziningi eziyinhloko i-Watchtower Library. Le program ye-computer eku-CD-ROM iqukethe izincwadi eziningi. Yenza umuntu akwazi ukucwaninga izihloko nezingxoxo zemibhalo. Uma ukwazi ukuthola elinye lalawa mathuluzi noma womabili, wasebenzise njalo lapho utadisha iZwi likaNkulunkulu ukuze ufundise abanye.

16, 17. (a) Ungazitholaphi izindawo ezicacisa amalungelo okukhulunywe ngawo kweyoku-1 Thesalonika 4:6? (b) Ubufebe bungangenela ngaziphi izindlela emalungelweni abanye?

16 Ake sibheke isibonelo esicashunwe ngenhla, seyoku-1 Thesalonika 4:3-7. Sibuzé ngamalungelo. Akabani? Futhi kungangenelwa kanjani kulawo malungelo? Ngamathuluzi okutadisha okukhulunywe ngawo, cishe ungathola izindawo eziningana ezicacisa la mavesi, ezicacisa ngisho namalungelo uPawulu akhuluma ngawo. Ungafunda lezo zindawo kuyi-Insight on the Scriptures, Umqulu 1, amakhasi 863-4; Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani?, ikhasi 145; INqabayokulinda ka-November 15, 1989, ikhasi 31.

17 Njengoba wenza lokho kutadisha, uzobona ukuthi lezo zincwadi zibonisa indlela ayiqiniso ngayo amazwi kaPawulu. Umuntu ofebayo wona uNkulunkulu futhi azichaye ezifweni. (1 Korinte 6:18, 19; Heberu 13:4) Indoda efebayo ingenela emalungelweni ahlukahlukene owesifazane eyona naye. Imenza angabi nokuma okuhlanzekile kokuziphatha nonembeza omsulwa. Uma lona wesifazane engashadile, ingenela elungelweni lakhe lokushada eyintombi naselungelweni lomyeni wakhe wesikhathi esizayo lokulindela ukuba abe intombi. Izwisa abazali balona wesifazane ubuhlungu nomyeni wakhe uma eshadile. Le ndoda eziphatha kabi yona ilungelo lomkhaya wayo lokuba nomlando wokuziphatha okuhlanzekile. Uma iyilungu lebandla lobuKristu, iletha isihlamba kulo, ilimaze idumela lalo.—1 Korinte 5:1.

18. Uzuza kanjani ekutadisheni iBhayibheli mayelana nokuziphatha kobuKristu?

18 Lokho kuchazwa kwamalungelo akulenzi yini lelo vesi licace kakhudlwana? Ukutadisha okunjalo kunenzuzo enkulu ngempela. Lapho ukwenza, uzifundisa wena. Ukuqonda kwakho ithonya lomyalezo kaNkulunkulu nokuba iqiniso kwawo kuyanda. Kukwenza uzimisele nakakhulu ukubambelela ekuziphatheni kobuKristu, kungakhathaliseki ukuthi kuvela ziphi izilingo. Futhi cabanga ukuthi ungaphumelela kakhulu kangakanani njengomfundisi! Ngokwesibonelo, lapho ufundisa abanye iqiniso leBhayibheli, ungabenza bayiqonde eyoku-1 Thesalonika 4:3-7, bakuqonde futhi bakwazise kakhudlwana ukuziphatha kobuKristu. Kanjalo, ukutadisha kwakho kungasiza wena nabanye abaningi ukuba nidumise uNkulunkulu. Lapha sikhulume ngesibonelo esisodwa kuphela, esisencwadini kaPawulu eya kwabaseThesalonika. Ziningi ezinye izici zokuziphatha kobuKristu, nezinye izibonelo nezeluleko zeBhayibheli ezihambisana nazo, ongazitadisha, uzisebenzise futhi uzifundise.

19. Kungani kubalulekile ukuba unamathele ekuziphatheni kobuKristu?

19 Asikho isizathu esizwakalayo sokungabaza ukuhlakanipha kokwenza kanjalo. EkaJakobe 3:17 ithi “ukuhlakanipha okuvela phezulu,” kuJehova uNkulunkulu uqobo, “okokuqala kumsulwa.” Kusobala ukuthi lokhu kusikisela ukuba sigcine izindinganiso zikaNkulunkulu zokuziphatha. Eqinisweni uJehova ufuna ukuba labo abammelela ngokufundisa iBhayibheli kwabona babe izibonelo ezinhle “ebumsulweni.” (1 Thimothewu 4:12) Izibonelo zokuphila kwabafundi bakudala abanjengoPawulu noThimothewu ziyakufakazela lokhu; abaziphathanga kabi, uPawulu waze wathi: “Ubufebe nokungahlanzeki kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu, njengoba nje kufanele abantu abangcwele; noma ukuziphatha okuyihlazo noma inkulumo yobuwula noma ukuntela okuyichilo.”—Efesu 5:3, 4.

20, 21. Kungani uvumelana nalokho okwabhalwa umphostoli uJohane kweyoku-1 Johane 5:3?

20 Nakuba izindinganiso zokuziphatha eziseZwini likaNkulunkulu zicacile futhi ziqondile, aziwona umthwalo ocindezelayo. Lokhu kwabonakala kuJohane, umphostoli owaphila isikhathi eside kunabo bonke. Ngokwalokho ayekubonile emashumini eminyaka okuphila kwakhe, wayazi ukuthi ukuziphatha kobuKristu akulimazi. Kunalokho, kuhle, kuyazuzisa, kuyisibusiso. UJohane wakugcizelela lokhu, wathi: “Yilolu uthando lukaNkulunkulu: ukuba sigcine imiyalo yakhe. Futhi imiyalo yakhe ayisisindi.”—1 Johane 5:3, New English Translation.

21 Kodwa phawula ukuthi uJohane akashongo ukuthi ukulalela uNkulunkulu ekuziphatheni kobuKristu kuyinkambo engcono kakhulu ngoba nje kusenza singangeni ezinkingeni, singatholi imiphumela emibi yokungamlaleli. Wanikeza umbono wezinto njengoba zinjalo ngokuqale avume ukuthi ukwenza kanjalo kubonakalisa uthando lwethu ngoJehova uNkulunkulu, kuyithuba elikahle lokubonisa ukuthi siyamthanda. Ngempela, ukuzifundisa thina noma abanye ukuthanda uNkulunkulu kufuna samukele futhi sisebenzise izindinganiso zakhe eziphakeme. Yebo, kusho ukuzifundisa thina ukuziphatha kobuKristu kanye nabanye.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 8 Nakuba ethi amaJuda ayengazihlambalazi izinto ezingcwele, uJosephus waphinda umthetho kaNkulunkulu wathi: “Makungabikho muntu ohlambalaza onkulunkulu abakhulekelwa eminye imizi, noma ophanga amathempeli abezizwe, noma othatha ingcebo enikelwe egameni lanoma imuphi unkulunkulu.” (Omalukeke sizenzele.)—Jewish Antiquities, iNcwadi 4, isahluko 8, isigaba 10.

^ par. 9 Jewish Antiquities, iNcwadi 18, isahluko 3, isigaba 5.

Uyakhumbula?

• Kungani kumelwe sitadishe sizifundise thina ngaphambi kokufundisa abanye?

• Ukuziphatha kwethu kungammelela kanjani uJehova?

• Umuntu ofebayo angangenela emalungelweni obani?

• Yini ozimisele ukuyenza ngokuziphatha kobuKristu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 22]

“Imiyalo yakhe ayisisindi”