Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Uma umuntu ezibulele, kuyafaneleka yini ukuba isikhonzi esingumKristu sinikeze inkulumo yomngcwabo?

Isikhonzi ngasinye esingumKristu kungadingeka sizinqumele ukuthi singawusingatha yini ngonembeza okhululekile umgcwabo womuntu okubonakala sengathi uzibulele. Lapho senza isinqumo, leso sikhonzi kufanele sicabange ngale mibuzo elandelayo: UJehova ukubheka kanjani ukuzibulala? Ingabe umufi uzibulele ngempela yini? Ingabe uzibulale ngenxa yokugula ngengqondo noma ukuphazamiseka ngokomzwelo? Ukuzibulala kubhekwa kanjani emphakathini?

NjengamaKristu, sinesithakazelo ekutheni uJehova ukubheka kanjani ukuzibulala. KuJehova, ukuphila komuntu kuyigugu futhi kungcwele. (Genesise 9:5; IHubo 36:9) Ukuzibulala ngenhloso kuwukubulala, futhi ngenxa yalokho uNkulunkulu uyakuzonda. (Eksodusi 20:13; 1 Johane 3:15) Ingabe lokho kusho ukuthi ayinakunikezwa inkulumo yomngcwabo womuntu ozibulele?

Cabanga ngendaba yenkosi yakwa-Israyeli uSawule. Lapho ebona ukuthi ngeke asinde empini yokugcina ayeyilwa namaFilisti, ‘uSawule wathatha inkemba, wawela phezu kwayo,’ kunokuba avumele isitha sakhe simhlukumeze. Lapho amaFilisti ethola isidumbu sakhe, asibophela odongeni lomuzi waseBeti Shani. Lapho izakhamuzi zaseJabeshi Gileyadi zizwa ngalokho amaFilisti ayekwenzile, zasisusa isidumbu zasishisa. Zabe sezithatha amathambo zawangcwaba. Zazila nokuzila izinsuku eziyisikhombisa, okwakuyisiko elivamile lama-Israyeli lokulila. (1 Samuweli 31:4, 8-13; Genesise 50:10) Lapho uDavide, ogcotshiweyo kaJehova, ezwa ukuthi izakhamuzi zaseJabeshi Gileyadi zazenzeni, wathi: “Manibusiswe nguJehova, ngokuba nenzile lowo musa kuyo inkosi yenu, uSawule, nammbela. Manje uJehova makanenzele umusa neqiniso.” (2 Samuweli 2:5, 6) Ukulandisa kweBhayibheli akubonisi ukuthi izakhamuzi zaseJabeshi Gileyadi zasolwa ngokwenza lokho okungase kubhekwe njengenkonzo yomngcwabo weNkosi uSawule. Qhathanisa lokhu nalokho okwenzeka kulabo abangangcwatshwanga ngenxa yokona kwabo. (Jeremiya 25:32, 33) Isikhonzi esingumKristu singase sicabange ngendaba kaSawule lapho sinquma ukuthi singayinikeza yini inkulumo yomngcwabo womuntu ozibulele.

Isikhonzi singase sifune ukucabanga nangenjongo yenkonzo yomngcwabo. Ngokungafani nabantu abakholelwa emphefumulweni ongafi, oFakazi BakaJehova abaqhubi imingcwabo ngenjongo eyiphutha yokudlulisela umufi kwelinye izwe. Kunokuzuzisa umufi, injongo eyinhloko yokwenza inkonzo yomngcwabo iwukududuza abashonelwe nokunikeza ubufakazi mayelana nesimo sabafileyo kulabo abeze emngcwabeni. (UmShumayeli 9:5, 10; 2 Korinte 1:3-5) Esinye isizathu esibalulekile sokunikeza inkulumo yomngcwabo ukusiza bonke abakhona ukuba bazindle ngobufushane bokuphila. (UmShumayeli 7:2) Ingabe lezi zinjongo zizofezeka uma kwenziwa inkonzo yomngcwabo womuntu ozibulele?

Yiqiniso, abanye bangase babe nomuzwa wokuthi lo muntu uzibulale ngenhloso, azi kahle ukuthi uyona kuJehova. Kodwa iba khona njalo yini indlela yokuthola ubufakazi obuqinisekisa lowo muzwa? Kungenzeka yini ukuthi ukwenzé engacabanganga? Abanye abazama ukuzibulala bayazisola, bangabe besaqhubeka. Umuntu osefile akanakuphenduka kulokho akwenzile.

Elinye iphuzu elibalulekile elokugula ngengqondo nokuphazamiseka ngokomzwelo, okuwumthelela ekuzibulaleni kwabaningi. Labo kushiwo ngakhona ukuthi bayizisulu zokuzibulala. Ngokwezibalo ezithile, amaphesenti angu-90 alabo abazibulalayo asuke enenkinga ethile yengqondo, yemizwelo noma yokulutheka. Ingabe uJehova uyobathethelela abantu abazibulala besesimweni esinjalo sengqondo? Asinakunquma ukuthi umufi wenzé isono esingenakuthethelelwa yini emehlweni kaJehova. Isikhonzi esingumKristu singase sicabange ngezimo nangempilo yangaphambili yomufi lapho sihlola ukuthi singayinikeza yini inkulumo yomngcwabo wesisulu sokuzibulala.

Nasi esinye isici okumelwe sihlolwe: Umphakathi ukubheka kanjani ukuzibulala nokufa komuntu ozibulele? Abadala bakukhathalela kakhulu lokhu, njengoba benesithakazelo edumeleni lebandla loFakazi BakaJehova lendawo. Kuye ngokuthi abantu bendawo bakubheka kanjani ngokuvamile ukuzibulala, ikakhulu okwalo muntu, abadala bangase banqume ukungawusekeli obala umngcwabo onjalo noma ukuba ungabi seHholo LoMbuso.

Nokho, uma isikhonzi esingumKristu sicelwa ukuba sengamele lowo mngcwabo, singase sibe nomuzwa wokuthi singawengamela, kodwa singameleli ibandla. Uma sinquma ukwenza kanjalo, kufanele siqaphele singasho lutho oluqinisekisa ukuthi umufi uyovuswa yini. Noma yimaphi amathemba esikhathi esizayo omufi asezandleni zikaJehova, futhi akekho ongasho ukuthi umufi uyovuswa yini noma cha. Leso sikhonzi singagxila emaqinisweni eBhayibhelini aphathelene nokufa futhi siduduze abashonelwe.