Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izinkinga Zesintu—Ingabe Ziyoke Ziphele?

Izinkinga Zesintu—Ingabe Ziyoke Ziphele?

Izinkinga Zesintu—Ingabe Ziyoke Ziphele?

“ABANTU abayingxenye eyodwa kwezine emhlabeni bampofu, abayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,3 baphila ngemali engaphansi kwe-dollar elilodwa ngosuku, abayizigidi eziyinkulungwane abakwazi ukufunda nokubhala, abayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,3 abakwazi ukuthola amanzi aphephile okuphuza kanti abayizigidi eziyinkulungwane bayalamba nsuku zonke.” Usho kanjalo umbiko wesimo sezwe ovela e-Ireland.

Lokhu kukuveza kabuhlungu ukuhluleka komuntu ukuthola amakhambi ahlala njalo ezinkinga zezwe. Lezo zinkinga zibonakala zidabukisa nakakhulu uma uthola ukuthi iningi lalabo okukhulunywa ngabo kulo mbiko abesifazane nezingane ezingenakuzivikela. Akushaqisi yini ukuthi ngisho namanje, kuleli khulu lama-21, amalungelo abo asalokhu “ephulwa ngobuningi nsuku zonke kangangokuthi amanani abo awanakubalwa”?—The State of the World’s Children 2000.

“Izwe Elisha Esizukulwaneni Esisodwa”

I-United Nations Children’s Fund ithi iyaqiniseka ukuthi ‘ifu elimnyama elilethwe yilokhu kwephulwa kwamalungelo ekuphileni kwabantu emhlabeni wonke lingasuswa.’ Le nhlangano ithi izimo ezibuhlungu izinkulungwane zezigidi eziseshweni lokubhekana nazo manje “zingagwenywa futhi zishintshwe.” Empeleni, ikhiphe isimemezelo sokuba “bonke abantu bakhe izwe elisha esizukulwaneni esisodwa.” Inethemba lokuthi kulelo zwe sonke isintu “sizohlukana nokuhlupheka nobandlululo, singabi nobudlova nezifo.”

Labo abazizwa kanjalo bakhuthazwa ukuthi ngisho namanje abantu abakhathalelayo benza umsebenzi omkhulu ekunciphiseni imiphumela edabukisayo “yezimpi nezinhlekelele ezibonakala zingapheli.” Ngokwesibonelo, kule minyaka engu-15 edlule i-Chernobyl Children’s Project “iye yasiza ekunciphiseni ukuhlupheka kwamakhulu ezingane ezathola umdlavuza owabangelwa ukuqhuma kwamakhemikhali enuzi.” (The Irish Examiner, April 4, 2000) Izinhlangano zosizo ezinkulu nezincane zona ziyawenza umehluko omkhulu ekuphileni kwenqwaba yezisulu zezimpi nezinhlekelele.

Noma kunjalo, labo abanesandla kulokhu kusiza babhekana namaqiniso. Bayazi ukuthi izinkinga okubhekenwe nazo “zisabalele futhi zigxile kakhulu kunalokho ezaziyikho ngisho naseminyakeni eyishumi edlule.” UDavid Begg, ophethe i-Concern, inhlangano yokusiza abaswele yase-Ireland, uthi “izisebenzi, abasekeli nabaxhasi basabela kahle ngokumangalisayo” lapho iMozambique ihlaselwe izikhukhula ezadala umonakalo. Uyanezela: “Kodwa asikwazi ukubhekana nezinhlekelele ezinkulu kangaka sisodwa.” Ekhuluma ngemizamo yokusiza e-Afrika, uvuma ngokungagwegwesi: “Ithemba elikhona liyinhlansana elokozayo.” Abaningi bangaba nomuzwa wokuthi akushoyo kusifingqa kahle isimo somhlaba wonke.

Ingabe kuwukubhekana namaqiniso ukulindela ukuba kube khona “izwe elisha esizukulwaneni esisodwa”? Nakuba imizamo yokusiza yamanje incomeka ngempela, kumelwe ukuba kunengqondo ukucabanga ngelinye ithemba lezwe lokulunga nelinokuthula. IBhayibheli likhuluma ngalelo themba, njengoba isihloko esilandelayo sizobonisa.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]

Page 3, children: UN/DPI Photo by James Bu