Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Landela Isibonelo Samakhosi

Landela Isibonelo Samakhosi

Landela Isibonelo Samakhosi

“Uyakuzilobela impinda yalo mthetho encwadini . . . Iyakuba kuye, ayifunde zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.”—DUTERONOMI 17:18, 19.

1. UmKristu angase afune ukuba njengobani?

CISHE awuzibheki njengenkosi noma indlovukazi. Yimuphi nje umKristu noma umfundi weBhayibheli othembekile ongazibheka njengonegunya lenkosi, enze njengamakhosi amahle anjengoDavide, uJosiya, uHezekiya noma uJehoshafati? Kodwa ungaba njengawo futhi kufanele ube njengawo okungenani ngento eyodwa ekhethekile. Yini leyo? Futhi kungani kufanele ufune ukuba njengawo kuleso sici?

2, 3. Yini uJehova ayibona kusengaphambili mayelana nenkosi engumuntu, futhi leyo nkosi kwakufanele yenzeni?

2 Ngosuku lukaMose, ngaphambili kakhulu kokuba uNkulunkulu avumele ama-Israyeli abe nenkosi engumuntu, uNkulunkulu wabona kusengaphambili ukuthi abantu bakhe babeyofisa ukuba nenkosi. Ngakho waphefumulela uMose ukuba afake iziyalezo ezifanele esivumelwaneni soMthetho. Lezi kwakuyiziyalezo eziqondiswe enkosini.

3 UNkulunkulu wathi: “Nxa ufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, . . . uthi: ‘Ngiyakubeka inkosi phezu kwami njengazo zonke izizwe ezingizungezayo,’ uyakumbeka nokumbeka abe yinkosi phezu kwakho yena uJehova uNkulunkulu wakho ayakumkhetha. . . . Kuyakuthi nxa ehlala esihlalweni sobukhosi sombuso wakhe, uyakuzilobela impinda yalo mthetho encwadini . . . Iyakuba kuye, ayifunde zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ukuba afunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakhe, agcine onke amazwi omthetho wakhe nalezi zimiso ukuba azenze.”—Duteronomi 17:14-19.

4. Yiziphi ezinye zeziyalezo uNkulunkulu azinika amakhosi?

4 Yebo, inkosi uJehova ayeyoyikhethela abakhulekeli bakhe kwakufanele izenzele ikhophi yemibhalo oyitholayo eBhayibhelini lakho. Kwakufanele ibe isiyifunda nsuku zonke leyo khophi, iyiphindaphinde. Lokho yayingakwenzeli ukujwayeza ingqondo ukukhumbula izinto. Kwakuwukutadisha, futhi kwakuhloselwe ukuyizuzisa. Uma inkosi yayifuna ukwamukelwa uJehova kwakudingeka itadishe ukuze ibe nenhliziyo efanele futhi iqhubeke injalo. Futhi kwakudingeka itadishe leyo mibhalo ephefumulelwe ukuze ibe inkosi ephumelelayo nenokuqonda.—2 AmaKhosi 22:8-13; IzAga 1:1-4.

Funda Njengenkosi

5. INkosi uDavide yayinaziphi izingxenye zeBhayibheli okwadingeka izikopishe futhi izifunde, futhi yazizwa kanjani ngalokho?

5 Lapho sekunguDavide oyinkosi kwa-Israyeli, ucabanga ukuthi ukwenza kanjalo kwakuyohilelani ngaye? Kwakuyodingeka enze ikhophi yezincwadi zePentateuch (uGenesise, u-Eksodusi, uLevitikusi, uNumeri noDuteronomi). Cabanga nje ukuthi ukusebenzisa kukaDavide amehlo akhe nezandla zakhe ukuba abhale ikhophi yoMthetho kumelwe ukuba kwawugxilisa kangakanani engqondweni nasenhliziyweni yakhe. Kungenzeka ukuthi uMose wabhala nencwadi kaJobe namaHubo 90 no-91. Ingabe uDavide kwakuyodingeka akopishe nale mibhalo? Mhlawumbe. Futhi kufanele ukuba wayenanencwadi kaJoshuwa, eyabAhluleli nekaRuthe. Uyabona-ke ukuthi iNkosi uDavide kwakuyodingeka ifunde ingxenye enkulu yeBhayibheli futhi izindle ngayo. Futhi unesizathu sokukholwa ukuthi yakwenza lokhu, ngenxa yalokho eyakusho ngoMthetho kaNkulunkulu kumaHubo 19:7-11.

6. Singaqiniseka kanjani ukuthi uJesu wayenesithakazelo emiBhalweni njengokhokho wakhe uDavide?

6 UDavide Omkhulu—uJesu, iNdodana kaDavide—walandela isibonelo esifanayo. Kwakuyinkambiso kaJesu ukuya esinagogeni masonto onke. Lapho, wayelalela kufundwa futhi kuchazwa imiBhalo. Ngaphezu kwalokho, ngezinye izikhathi kwayena uJesu wayefunda iZwi likaNkulunkulu obala futhi achaze indlela elisebenza ngayo. (Luka 4:16-21) Ungaqonda kalula ukuthi wayejwayelene nemiBhalo. Ake ufunde nje ukulandisa kwamaVangeli, ubone ukuthi uJesu wayevame kangakanani ukuthi “kulotshiwe” noma ukubhekisela ngezinye izindlela ezindimeni ezithile zemiBhalo. ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni eyalotshwa nguMathewu, uJesu wacaphuna emiBhalweni YesiHeberu izikhathi ezingu-21.—Mathewu 4:4-10; 7:29; 11:10; 21:13; 26:24, 31; Johane 6:31, 45; 8:17.

7. UJesu wayehluke kanjani kubaholi benkolo?

7 UJesu walandela iseluleko esikumaHubo 1:1-3: “Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, . . . kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku. . . . Konke akwenzayo [“kuyophumelela,” NW].” Yeka indlela lokhu okwakuhluke ngayo kubaholi benkolo bosuku lwakhe, ‘ababezihlalise esihlalweni sikaMose’ kodwa bengawunaki ‘umthetho kaJehova’!—Mathewu 23:2-4.

8. Kungani kwakungabasizi abaholi bamaJuda ukutadisha nokufunda iBhayibheli?

8 Kodwa abanye bangase baxakwe indima ethile engase iqondakale njengokungathi uJesu wayengakukhuthazi ukutadisha iBhayibheli. KuJohane 5:39, 40, sifunda lokho uJesu akusho kwabathile ngosuku lwakhe: “Nihlola imiBhalo, ngoba nicabanga ukuthi niyoba nokuphila okumi phakade ngayo; futhi yiyo kanye lena efakaza ngami. Kodwa nokho anifuni ukuza kimi ukuze nibe nokuphila.” Ngokusho kanjalo, uJesu wayengaqondile ukuthi izilaleli zakhe ezingamaJuda mazingayitadishi imiBhalo. Kunalokho, wayedalula ukungabi qotho noma ukuguquguquka kwazo. Zazazi ukuthi imiBhalo ingaziqondisa ekuphileni okuphakade, kodwa yona leyo miBhalo ezaziyihlola kwakufanele futhi izibonise uMesiya, uJesu. Nokho, zamenqaba. Ngakho, ukutadisha kwakungazizuzisi ngoba zazingekho qotho, zingafundiseki.—Duteronomi 18:15; Luka 11:52; Johane 7:47, 48.

9. Yisiphi isibonelo esihle esabekwa abaphostoli nabaprofethi bangaphambili?

9 Yeka indlela isimo esasihluke ngayo kubafundi bakaJesu, kuhlanganise nabaphostoli! Babetadisha ‘imibhalo engcwele, ekwazi ukuhlakaniphisela umuntu insindiso.’ (2 Thimothewu 3:15) Kulokhu, babefana nabaprofethi bangaphambili abenza “ukuphenya ngenkuthalo nokuhlola kokucophelela.” Labo baprofethi babengakubheki lokho kuhlola njengento yokushisekelwa izinyangana ezimbalwa nje noma unyaka. Umphostoli uPetru uthi “baqhubeka behlola,” ikakhulu ngoKristu nokuthi yiziphi izinkazimulo ezazihilelekile endimeni yakhe yokusindisa isintu. Encwadini yakhe yokuqala, uPetru wacaphuna ezincwadini eziyishumi zeBhayibheli izikhathi ezingu-34.—1 Petru 1:10, 11.

10. Kungani kufanele ngamunye wethu abe nesithakazelo ekutadisheni iBhayibheli?

10 Kusobala-ke ukuthi ukutadisha iZwi likaNkulunkulu ngokucophelela kwakuyisabelo samakhosi kwa-Israyeli wasendulo. UJesu walandela lesi sibonelo. Nalabo ababeyobusa noKristu njengamakhosi ezulwini bákwenza okwabo ukulitadisha. (Luka 22:28-30; Roma 8:17; 2 Thimothewu 2:12; IsAmbulo 5:10; 20:6) Lesi sibonelo samakhosi sisabalulekile nanamuhla kubo bonke abalindele izibusiso emhlabeni ngaphansi kokubusa koMbuso.—Mathewu 25:34, 46.

Umsebenzi Ofanele Amakhosi Nawe

11. (a) Iyiphi ingozi ekhona ngokutadisha kumaKristu? (b) Yimiphi imibuzo okungakuhle sizibuze yona?

11 Singasho ngobuqotho sigcizelele ukuthi umKristu weqiniso ngamunye kufanele ngabe uyalihlola mathupha iBhayibheli. Lokho akuyona into edingeka kuphela lapho usaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngamunye wethu kufanele azimisele ukungafani nabathile osukwini lukaPawulu okwathi ngokuhamba kwesikhathi badebeselela isifundo somuntu siqu. Bafunda “izinto zokucathula zamazwi angcwele kaNkulunkulu,” ‘njengemfundiso yokuqala ephathelene noKristu.’ Kodwa abaqhubekanga betadisha ukuze ‘baphokophele ekuvuthweni.’ (Heberu 5:12–6:3) Nathi-ke singazibuza: ‘Ngizizwa kanjani ngesifundo somuntu siqu seZwi likaNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi ngisenesikhashana noma senginamashumi eminyaka ngihlanganyela nebandla lobuKristu? UPawulu wathandazela ukuba amaKristu osuku lwakhe aqhubeke “anda olwazini olunembile ngoNkulunkulu.” Ingabe ngiyabonisa ukuthi nginesifiso esifanayo?’—Kolose 1:9, 10.

12. Kungani kubalulekile ukuqhubeka silithanda iZwi likaNkulunkulu?

12 Isihluthulelo sokuba nemikhuba emihle yokutadisha siwukuhlakulela uthando ngeZwi likaNkulunkulu. AmaHubo 119:14-16 athi ukuzindla ngeZwi likaNkulunkulu njalo nangendlela enenjongo kuyindlela esingahlakulela ngayo ukulithanda. Nalokhu kuyiqiniso kungakhathaliseki ukuthi usunesikhathi esingakanani ungumKristu. Ukuze ukubone lokho, khumbula isibonelo sikaThimothewu. Nakuba lo mdala ongumKristu ayeseyilo kakade ‘isosha elihle likaKristu Jesu,’ uPawulu wamnxusa ukuba enze konke okusemandleni ukuze ‘aphathe izwi leqiniso ngokufanele.’ (2 Thimothewu 2:3, 15; 1 Thimothewu 4:15) Kusobala ukuthi ukwenza “okusemandleni” akho kuhilela ukuba nemikhuba emihle yokutadisha.

13. (a) Singasakha kanjani isikhathi esengeziwe sokutadisha iBhayibheli? (b) Yini ocabanga ukuthi ungayenza ngokuhlukile ukuze uthole isikhathi esengeziwe sokutadisha?

13 Esinye sezinyathelo zokuba nemikhuba emihle yokutadisha ukubekela eceleni njalo isikhathi sokutadisha iBhayibheli. Uqhuba kanjani kulokho? Kungakhathaliseki ukuthi ithini impendulo yakho eqotho, ucabanga ukuthi ungazuza yini ngokuba nesikhathi esengeziwe wenza isifundo somuntu siqu? Ungase uzibuze, ‘Ngingasihlela kanjani isikhathi salokho?’ Abanye baye bandisa isikhathi sabo sokutadisha iBhayibheli ngokunenzuzo ngokuvuka ekuseni kunokuvamile. Bangase bafunde iBhayibheli imizuzu engu-15 noma benze isifundo somuntu siqu. Nakhu okunye ukusikisela, kunganjani ukushintsha kancane izinto ozenza masonto onke? Ngokwesibonelo, uma uvame ukufunda iphephandaba zonke izinsuku noma ukubukela izindaba zakusihlwa kuthelevishini, kungenzeka yini ukuba weqise usuku olulodwa ngesonto ungakwenzi? Leso sikhathi ungasisebenzisela ukutadisha iBhayibheli kakhudlwana. Uma ngosuku olulodwa uthatha isikhathi sezindaba eziyimizuzu engaba ngu-30 usisebenzisele ukwenza isifundo somuntu siqu, ungaba namahora angaphezu kwangu-25 ngonyaka. Cabanga nje ngezinzuzo zokufunda noma ukutadisha iBhayibheli amahora angu-25 engeziwe! Nakhu okunye ukusikisela: Phakathi nesonto elizayo, ekupheleni kosuku ngalunye hlaziya izinto ozenzile. Bheka ukuthi ungayithola yini into ongayiyeka noma uyinciphise ukuze ube nesikhathi esengeziwe sokutadisha noma ukufunda iBhayibheli.—Efesu 5:15, 16.

14, 15. (a) Kungani kubalulekile ukuba nemigomo esifundweni somuntu siqu? (b) Singazibekela miphi imigomo ekufundeni iBhayibheli?

14 Yini eyokwenza ukutadisha kube lula futhi kukhange kakhudlwana kuwe? Imigomo. Yimiphi imigomo efinyelelekayo ongazibekela yona? Kwabaningi, umgomo wokuqala omuhle ukufunda lonke iBhayibheli. Mhlawumbe kuze kube manje, uye wafunda izingxenye ezithile zeBhayibheli ngezikhathi ezithile futhi wazuza kuzo. Ungakwenza yini umgomo wakho manje ukulifunda lonke iBhayibheli? Umgomo wakho wokuqala kulokhu kungase kube ukufunda amaVangeli amane, bese ulandelwa umgomo wesibili, njengokufunda yonke eminye imiBhalo YamaKristu YesiGreki. Lapho usuthole ukwaneliseka nezinzuzo zalokhu, umgomo wakho olandelayo kungase kube ukufunda izincwadi zikaMose ngokulandelana kwazo kanye nezincwadi eziwumlando kuze kufike ku-Esteri. Lapho usukufezile lokho, uyobona ukuthi ungaliqeda iBhayibheli. Omunye wesifazane, owaba umKristu eseneminyaka engaba ngu-65 ubudala, wabhala oqwembeni ngaphakathi eBhayibhelini lakhe usuku aqala ngalo ukulifunda lonke, kamuva wayesebhala nosuku aliqedé ngalo. Manje usenemigqa emihlanu ebonisa izinsuku aliqala naliqeda ngazo! (Duteronomi 32:45-47) Futhi kunokuba alifundele kuyi-computer noma ephepheni eliphuma kuyo, wayeliphatha ngezandla iBhayibheli.

15 Abanye abaye bawufinyelela umgomo wokulifunda lonke iBhayibheli bathatha ezinye izinyathelo zokwenza ukulitadisha ngokuqhubekayo kuzuzise futhi kwanelise. Enye indlela ukufunda ukwaziswa okuthile ngaphambi kwencwadi ngayinye elandelayo yeBhayibheli. Encwadini ethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo” nakwethi Insight on the Scriptures, umuntu angathola ukwaziswa okuhle kakhulu mayelana nesizinda esingokomlando, indlela yokubhala nezinzuzo zencwadi ngayinye yeBhayibheli. *

16. Yisiphi isibonelo okufanele sigweme ukusilandela ekutadisheni iBhayibheli?

16 Njengoba utadisha, gwema indlela evame kwabaningi okuthiwa bayizazi zeBhayibheli. Bagxila ngokweqile ekuhlaziyeni imibhalo njengokungathi iBhayibheli labhalwa umuntu. Abanye babo bazama ukunquma ukuthi incwadi ngayinye yeBhayibheli yayiqondiswe kobani noma bazakhele injongo yayo nombono abathi umlobi ngamunye wencwadi ngayinye wayenawo. Ukucabanga okunjalo kobuntu kwenza izincwadi zeBhayibheli zibhekeke njengezimane ziwumlando noma njengeziveza izindlela eziguquguqukayo inkolo eyayibhekwa ngazo. Ezinye izazi zigxila kakhulu ekutadisheni amagama, njengokucutshungulwa kolimi olusetshenziswe eBhayibhelini. Baba matasa kakhulu nokutadisha imisuka yamagama becaphuna izincazelo zesiHeberu nezesiGreki kunokuba banake lokho okuqondwe umyalezo kaNkulunkulu. Ucabanga ukuthi izindlela ezinjalo zingalwakha ukholo olujulile nolushukumisayo?—1 Thesalonika 2:13.

17. Kungani kufanele sibheke iBhayibheli njengelinomyalezo wabo bonke abantu?

17 Ingabe iziphetho zezazi zinembile? Kuyiqiniso yini ukuthi incwadi ngayinye yeBhayibheli inephuzu elilodwa eliyinhloko noma iqondiswe kwabathile kuphela? (1 Korinte 1:19-21) Eqinisweni izincwadi zeZwi likaNkulunkulu zinenzuzo ehlala njalo kubantu babo bonke ubudala nezizinda. Ngisho noma incwadi yayiqondiswe kumuntu oyedwa lapho ibhalwa, njengoThimothewu noma uThithu, noma eqenjini elithile mhlawumbe abaseGalathiya noma abaseFilipi, sonke singazitadisha lezo zincwadi futhi kufanele sizitadishe. Zibalulekile kumuntu ngamunye kithi, futhi incwadi ethile ingase ikhulume ngezihloko eziningi futhi izuzise abantu abaningi abahlukahlukene. Yebo, umyalezo weBhayibheli usebenza kubantu bonke, okusenza sibone ukuthi kungani liye lahunyushelwa ezilimini zabantu abasemhlabeni wonke.—Roma 15:4.

Lizuzisa Wena Nabanye

18. Njengoba ufunda iZwi likaNkulunkulu yini okufanele uzindle ngayo?

18 Njengoba utadisha kuyokuzuzisa kakhulu ukuzama ukuliqonda iBhayibheli nokuzama ukubona indlela imininingwane ehlobana ngayo. (IzAga 2:3-5; 4:7) Lokho uJehova akwembulile ngeZwi lakhe kuhlobene eduze nenjongo yakhe. Njengoba ufunda, hlobanisa amaqiniso nezeluleko nale njongo. Ungase uzindle ngokuthi izenzakalo, imiqondo ethile noma iziprofetho kuhlobana kanjani nenjongo kaJehova. Zibuze: ‘Lokhu kungitshelani ngoJehova? Kuhlobana kanjani nokufezeka kwenjongo kaNkulunkulu ngoMbuso wakhe?’ Ungase futhi uzibuze: ‘Ngingakusebenzisa kanjani lokhu? Ngingakusebenzisa yini ekufundiseni noma ekucebiseni abanye ngokusekelwe emiBhalweni?’—Joshuwa 1:8.

19. Kuzuza bani lapho uxoxela abanye ngezinto ozifundile? Chaza.

19 Ukucabanga ngabanye kuzuzisa nangenye futhi indlela. Njengoba ufunda futhi utadisha iBhayibheli, uyofunda futhi uqonde izinto ezintsha. Zama ukuzifaka lezo zinto ezingxoxweni ezakhayo namalungu omkhaya wakho noma abanye. Uma lokhu ukwenza ngezikhathi ezikahle nangendlela elinganiselayo, nakanjani izingxoxo ezinjalo ziyoba ezanelisayo. Ukuxoxa kwakho ngobuqotho nangomdlandla ngalokho okuzuzile noma ngezici ozithole zithakazelisa kungase kuzenze zibathinte nakakhulu abanye. Ngaphezu kwalokho kuyozuzisa wena ngokwakho. Kanjani? Ochwepheshe bathi umuntu ukukhumbula isikhathi eside lokho akufundile uma ekusebenzisa noma ekuphinda kusekusha engqondweni yakhe, njengalapho exoxela abanye ngakho. *

20. Kungani kuzuzisa ukufunda iBhayibheli ngokuphindaphindiwe?

20 Njalo lapho ufunda incwadi yeBhayibheli, nakanjani uyothola okuthile okusha. Uyohlatshwa umxhwele izindima ebezingakuthinti kangako ngaphambili. Uyoziqonda kabusha. Lokhu kufanele kugcizelele ukuthi izincwadi zeBhayibheli akuzona izincwadi zabantu, kunalokho ziyingcebo okufanele uyitadishe ngokuphindaphindiwe futhi uzuze kuyo. Khumbula ukuthi inkosi, njengoDavide, kwakumelwe ‘izifunde zonke izinsuku zokuhamba kwayo.’

21. Imuphi umvuzo ongalindela ukuwuthola lapho ulitadisha ngokwengeziwe iZwi likaNkulunkulu?

21 Yebo, labo abazinika isikhathi sokutadisha iBhayibheli ngokujulile bazuza kakhulu. Bathola amagugu angokomoya nokuqonda. Ubuhlobo babo noNkulunkulu buyaqina, bukhule. Futhi baba usizo oluyigugu nakakhulu emalungwini omkhaya wabo, kubazalwane nodade ebandleni lobuKristu, nakulabo abasazoba abakhulekeli bakaJehova.—Roma 10:9-14; 1 Thimothewu 4:16.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 15 Lezi zinsiza-kufunda zinyatheliswa oFakazi BakaJehova futhi zitholakala ngezilimi eziningi.

^ par. 19 Bheka INqabayokulinda ka-August 15, 1993, amakhasi 13-14.

Uyakhumbula?

• Amakhosi akwa-Israyeli kwakufuneka enzeni?

• UJesu nabaphostoli babeka siphi isibonelo ekutadisheni iBhayibheli?

• Yini ongayenza ngokuhlukile ukuze ube nesikhathi esengeziwe sesifundo somuntu siqu?

• Yisiphi isimo sengqondo okufanele ube naso lapho utadisha iZwi likaNkulunkulu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi ekhasini 15]

“Siliphathe Ngezandla”

“Uma sifuna . . . ikhonkodensi yeBhayibheli, alikho ithuluzi elidlula i-Internet. Kodwa uma sifuna ukufunda iBhayibheli, silitadishe, sicabange ngalo, sizindle ngalo, kufanele siliphathe ngezandla, ngoba leyo ukuphela kwendlela esingalifaka ngayo ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu.”—Gertrude Himmelfarb, uprofesa ovelele osewathatha umhlala-phansi wase-City University, e-New York.