Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ungowesifazane Ovelele”

“Ungowesifazane Ovelele”

“Ungowesifazane Ovelele”

La mazwi okuncoma ayeqondiswe kumMowabikazi osemusha. Wayengumfelokazi okuthiwa uRuthe, umalokazana wowesifazane ongumIsrayeli, uNawomi. Njengoba ayehlala kwa-Israyeli eminyakeni engu-3 000 edlule, kusabusa abahluleli, uRuthe wayezizuzele idumela lokuba owesifazane ovelele. (Ruthe 3:11, NW) Walithola kanjani leli dumela? Obani abangazuza esibonelweni sakhe?

Njengoba ayengasidli “isinkwa sobuvila,” uRuthe wayesebenza kanzima isikhathi eside ekhothoza emasimini, watuswa ngenxa yokukhuthala kwakhe. Kwathi nalapho enciphiselwa umsebenzi, waqhubeka ezikhandla, ngisho noma isikhathi sokusebenza sesidlulile. Yamfanela ngokuphawulekayo incazelo yeBhayibheli yowesifazane otusekayo, onekhono nokhuthele.—IzAga 31:10-31; Ruthe 2:7, 15-17.

Izimfanelo ezingokomoya zikaRuthe—isimo sakhe sengqondo sokuthobeka nesokuzidela nothando lwakhe oluqotho—yizona zici eziyinhloko ezamakhela idumela elihle. Njengoba ayeshiye abazali bakhe nezwe lakubo, engenathemba elitheni lokuthola ukulondeka emendweni, wanamathela kuNawomi. Ngesikhathi esifanayo, uRuthe waveza isifiso sokukhonza uJehova, uNkulunkulu kaninazala. Ukulandisa okungokomBhalo kugcizelela ubuhle bakhe ngokuthi ‘wayemuhle kuNawomi kunamadodana ayisikhombisa.’—Ruthe 1:16, 17; 2:11, 12; 4:15.

Nakuba umlando omuhle kaRuthe wawutuseka phakathi kwabantu, okubaluleke nakakhulu yindlela uNkulunkulu ayezibheka kahle ngayo izimfanelo zakhe nendlela amvuza ngayo ngelungelo lokuba ukhokhokazi kaJesu Kristu. (Mathewu 1:5; 1 Petru 3:4) Yeka isibonelo esihle uRuthe ayiso hhayi nje kwabesifazane abangamaKristu kodwa nakubo bonke abathi bakhulekela uJehova!