Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imihlangano Yezizwe Ngo-2003

Imihlangano Yezizwe Ngo-2003

Imihlangano Yezizwe Ngo-2003

NGOMGQIBELO, ngo-October 7, 2001, eJersey City, eNew Jersey, e-U.S.A., kwakunomhlangano waminyaka yonke wamalungu e-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. Ngemva kwalowo mhlangano, amalungu nezihambeli bajabulela isimiso esikhethekile. Ngakusasa, emihlanganweni eyalandela eyayisemadolobheni amane eCanada nase-United States, amalungu eNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova enza lesi simemezelo ngemva kwenkulumo yokuphetha:

“Njengoba sibheka esikhathini esizayo, kubaluleke kakhulu ukuba bonke abantu bakaNkulunkulu bangakuyeki ukuhlangana ndawonye. Umphostoli uPawulu wanxusa ukuba lokhu kwenziwe nakakhulu, kuhlanganise nokukhuthazana, njengoba sibona usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo lusondela. (Heberu 10:24, 25) Ngokuvumelana nalesi sikhuthazo esingokomBhalo, sethemba ukuthi siyoba nemihlangano yesigodi kuzo zonke izingxenye zomhlaba ngonyaka ozayo [ngo-2002]. Kuyothi ngo-2003, uma kuyintando kaJehova, sikwazi ukuba nemihlangano ekhethekile yezizwe ezindaweni ezithile zomhlaba. Manje yisikhathi sokuhlala siphapheme futhi siqaphile, siqonde ukuthi izenzakalo zezwe zibhekephi.”

Naphezu kokwanda kokungaqiniseki nokushuba kwesimo njengoba lesi simiso samanje sisondela ekupheleni, umsebenzi wabantu bakaNkulunkulu kumelwe uqhubekele phambili. Izindaba ezinhle zoMbuso, kuhlanganise nesigijimi seBhayibheli esiyisixwayiso, kumelwe kumenyezelwe kuzo zonke izizwe, izizwana, izilimi nabantu, banxuswe ukuba ‘besabe uNkulunkulu bamnike inkazimulo ngoba ihora lakhe lokwahlulela liyasondela.’ (IsAmbulo 14:6, 7) Ngakho-ke, ngokuvumelana nentando kaBaba wethu osezulwini nesihle sakhe, kuhlelwe ukuba kube nemihlangano yezizwe ezindaweni ezihlukahlukene zomhlaba ngo-2003.

Okokuqala nje, kuhlongozwa ukuba le mibuthano ibe semadolobheni ambalwa aseNyakatho Melika bese ilandelwa eduze eyaseYurophu. Kamuva ngo-2003, kuyobe sekwenziwe amalungiselelo okuba amaqembu ezihambeli aye emadolobheni ambalwa ase-Asia; bese kuthi ngasekupheleni konyaka, kube namanye amaqembu aya e-Afrika, eNingizimu America nasezindaweni zasePacific. Amagatsha athile ayocelwa ukuba athumele inani elilinganiselwe lezihambeli ezindaweni ezikhethiwe zomhlangano, ngakho ngeke kwenzeke ukuba kumenywe wonke umuntu. Nokho, kuyokhuthaza ukuba namaqembu ezihambeli ezimbalwa amelele amazwe ahlukahlukene endaweni ngayinye.

Maduze nje amabandla oFakazi BakaJehova azothola ukwaziswa okuphathelene nale mibuthano. Ukwaziswa okuphathelene nezinsuku eziqondile nalawo madolobha okuyomenyelwa kuwo izihambeli kuyonikezwa yigatsha ngalinye. Ngakho, kucelwa ukuba ningabhali noma nibuze ngale ndaba okwamanje.

Labo abayokhethwa njengezihambeli kuyoba kuphela oFakazi abazinikezele babhapathizwa abayoba yisibonelo esihle, babonise uthando lobuzalwane kubazalwane bakuleyo ndawo. Abazalwane bakulezo zindawo bayoba namathuba amahle okwamukela izihambeli ngothando nangomoya oqotho wokungenisa izihambi. (Heberu 13:1, 2) Lokhu kuyophumela ‘ekukhuthazaneni.’ (Roma 1:11, 12) Imininingwane eyengeziwe yala malungiselelo iyonikezwa yigatsha elimenywe ukuba lithumele izihambeli ezweni noma emazweni athile.

Emazweni amaningi kuyohlelwa imihlangano yesigodi yezinsuku ezintathu njengenhlalayenza ngonyaka ka-2003. Ngokuhlangana ndawonye, sonke siyoba nethuba ‘lokuzwa, sifunde, futhi sikhuthazwe.’ (Duteronomi 31:12; 1 Korinte 14:31) Lokhu kuyonika bonke abantu bakaNkulunkulu ithuba ‘lokuzwa babone ukuthi uJehova muhle.’ (IHubo 34:8) Kuyo yonke imihlangano yezizwe, nakweminingi yesigodi, kuyoba nezithunywa zevangeli, ezinye zazo zibe nengxenye esimisweni.

Kulo nyaka esikuwo, sijabulela iMihlangano Yesigodi ‘Yabamemezeli BoMbuso Abashisekayo,’ esishukumisela ukuba sishumayele nakakhulu. Njengoba senza lokhu, nakanjani siyokulangazelela nakakhulu lokho uJehova asigcinele kona onyakeni ozayo. Lokhu kuyosisiza ukuba ‘sihlale silindile, siphapheme, futhi sizibonakalise sikulungele’ kulezi zikhathi ezibucayi nezinezigemegeme.—Mathewu 24:42-44.