Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ukufundisa Kwakho Kuyaphumelela?

Ingabe Ukufundisa Kwakho Kuyaphumelela?

Ingabe Ukufundisa Kwakho Kuyaphumelela?

ABAZALI, abadala nabamemezeli bezindaba ezinhle—bonke kudingeka babe abafundisi. Abazali bafundisa izingane zabo, abadala bafundisa amalungu ebandla lobuKristu, kuthi abamemezeli bezindaba ezinhle bafundise abasanda kuthakazela. (Duteronomi 6:6, 7; Mathewu 28:19, 20; 1 Thimothewu 4:13, 16) Yini ongayenza ukuze wenze okwakho ukufundisa kuphumelele kakhudlwana? Phakathi kokunye, ungalingisa isibonelo nendlela yabafundisi abaphumelelayo okukhulunywa ngabo eZwini likaNkulunkulu. U-Ezra wayengomunye wabafundisi abanjalo.

Ukufunda Esibonelweni Sika-Ezra

U-Ezra wayengumpristi wozalo luka-Aroni owayehlala eBabiloni eminyakeni engaba ngu-2 500 edlule. Ngonyaka ka-468 B.C.E., waya eJerusalema eyothuthukisa ukukhulekela okumsulwa kumaJuda ayehlala lapho. (Ezra 7:1, 6, 12, 13) Lo msebenzi wawudinga ukuba afundise abantu uMthetho kaNkulunkulu. Wenzani u-Ezra ukuze aqiniseke ukuthi ukufundisa kwakhe kuyaphumelela? Wathatha izinyathelo ezithile ezidingekayo. Ziphawule lezi zinyathelo ezilotshwe ku-Ezra 7:10 (NW):

“U-Ezra ngokwakhe [1] wayelungise inhliziyo yakhe [2] ukuba ahlole umthetho kaJehova [3] nokuba awenze [4] nokuba afundise kwa-Israyeli isiqondiso nobulungisa.” Ake sihlole kafushane ngasinye salezi zinyathelo, sibone ukuthi yini esingayifunda kuzo.

“U-Ezra Ngokwakhe Wayelungise Inhliziyo Yakhe”

Njengoba nje nomlimi eqale alungise inhlabathi ngokusebenzisa igeja ngaphambi kokuhlwanyela imbewu, u-Ezra walungisa inhliziyo yakhe ngomkhuleko ukuze yamukele izwi likaNkulunkulu. (Ezra 10:1) Ngamanye amazwi, ‘wathobisela inhliziyo yakhe’ ekufundiseni kukaJehova.—IzAga 2:2.

Ngokufanayo, iBhayibheli lithi iNkosi uJehoshafati ‘yalungisa inhliziyo yayo ukuba ifune uNkulunkulu weqiniso.’ (2 IziKronike 19:3, NW) Ngokuphambene, isizwe sakwa-Israyeli “esasingayilungisanga inhliziyo yaso” kuthiwa ‘sasinenkani futhi sidlubulunda.’ (IHubo 78:8, NW) UJehova ubona “umuntu osithekile wenhliziyo.” (1 Petru 3:4) Yebo, “abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.” (IHubo 25:9) Ngakho-ke, yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba abafundisi namuhla balandele isibonelo sika-Ezra ngokuqale benze inhliziyo yabo ibe sesimweni esifanele ngomthandazo!

“Ukuba Ahlole Umthetho KaJehova”

Ukuze abe umfundisi ophumelelayo, u-Ezra wahlola iZwi likaNkulunkulu. Uma ungase uye kudokotela uyofuna icebiso, ubungeke yini umlalelisise futhi uqiniseke ukuthi uyakuqonda konke akushoyo nakuyaleza ukuba ukwenze? Akungabazeki ukuthi ubuyokwenze njalo, ngoba kuthinta impilo yakho. Ngakho, kufanele sizilalelisise nakakhulu kangakanani-ke izinto uJehova asitshela zona, noma asiyaleza ukuba sizenze, ngeZwi lakhe, iBhayibheli ‘nangesigqila esikholekile nesiqondayo.’ Ikakhulu ngoba iseluleko sakhe sithinta ukuphila kwethu ngokwako! (Mathewu 4:4; 24:45-47) Yiqiniso, udokotela angaba nephutha, kodwa “umthetho kaJehova uphelele.” (IHubo 19:7) Asisoze sadinga omunye umbono.

Izincwadi zeBhayibheli zeziKronike (u-Ezra azibhala zaba umqulu owodwa ekuqaleni) zibonisa ukuthi u-Ezra wayengumfundi oqikelelayo ngempela. Ukuze abhale lezi zincwadi, wahlola izincwadi eziningana. * AmaJuda, ayesanda kuphuma eBabiloni, ayedinga umlando ofingqiwe wesizwe sawo. Ayengayazi ngokwanele imikhosi yenkolo yawo, inkonzo yasethempelini nemisebenzi yamaLevi. Izinhlu zozalo zazibaluleke kakhulu kuwo. U-Ezra wazinakisisa ngokukhethekile lezo zinto. AmaJuda kwakufanele ahlale eyisizwe esinendawo yaso, ithempeli, abapristi nombusi waso, kuze kufike uMesiya. Ngenxa yokwaziswa u-Ezra ayekuqongelele, ubunye nokukhulekela kweqiniso kwakungalondolozeka.

Imikhuba yakho yokutadisha injani uma uyiqhathanisa neka-Ezra? Ukulitadisha ngenkuthalo iBhayibheli kuyokusiza ulifundise ngokuphumelelayo.

‘Hlolani Umthetho KaJehova’ Njengomkhaya

Ukuhlola umthetho kaJehova akumelwe kugcine esifundweni somuntu siqu. Nesifundo somkhaya siyithuba elihle kakhulu lokwenza lokhu.

UJan noJulia, umbhangqwana waseNetherlands, bebelokhu befundela amadodana abo amabili ngokuzwakalayo kusukela ezelwe. Namuhla, u-Ivo uneminyaka engu-15 ubudala, u-Edo engu-14. Basaba nesifundo somkhaya kanye ngesonto. UJan uyachaza: “Injongo yethu eyinhloko ayikona ukuhlanganisa indaba eningi esifundweni kodwa iwukuba izingane zikuqonde lokho esixoxa ngako.” Uyanezela: “Abafana bethu bacwaninga kakhulu. Babheka amagama abangawajwayele nabantu baseBhayibhelini abangabajwayele—ukuthi babephila nini, babengobani, babenzani, njalonjalo. Kusukela bafunda ukuzifundela, bebelokhu behlola izincwadi ezinjenge-Insight on the Scriptures, izichazamazwi nama-encyclopedia. Lokhu kwenza isifundo somkhaya sibe mnandi nakakhulu. Abafana bahlale besilangazelela isifundo.” Enye inzuzo eseceleni iwukuthi bobabili abafana manje bahamba phambili ezifundweni zolimi ekilasini labo.

UJohn noTini, omunye umbhangqwana waseNetherlands, babefundela indodana yabo u-Esli (oseneminyaka engu-24 ubudala nophayona kwelinye ibandla), nendodakazi yabo uLinda (oseneminyaka engu-20 ubudala noshade nomzalwane okahle). Nokho, kunokutadisha incwadi ethile ngemibuzo nezimpendulo njengokuvamile, babenza isifundo somkhaya sivumelane nobudala nezidingo zezingane. Babesebenzisa yiphi indlela?

UJohn uyachaza ukuthi indodana nendodakazi babekhetha isihloko esithakazelisayo kwezithi “Imibuzo Evela Kubafundi” (ezikuyi-Nqabayokulinda) nezithi “Umbono WeBhayibheli” (ezikuyi-Phaphama!). Kamuva, babexoxa ngalokho abakulungiselele, njalo okwakwakha ingxoxo ethakazelisayo yomkhaya. Ngokwenza kanjena, lezi zingane zathola okuhlangenwe nakho ekucwaningeni nasekuxoxeni ngemiphumela yokutadisha kwazo. Ingabe wena ‘uyawuhlola umthetho kaJehova’ nezingane zakho? Lokho ngeke kugcine ngokuthuthukisa ikhono lakho lokufundisa, kodwa futhi kuyosiza nezingane zakho zibe abafundisi abaphumelela nakakhulu.

‘Ukuba Awenze’

U-Ezra wayekusebenzisa ayekufunda. Ngokwesibonelo, lapho eseseBabiloni, kungenzeka wayephila ukuphila okunethezekile. Noma kunjalo, lapho eqaphela ukuthi wayengabasiza abantu bakubo ababekwelinye izwe, washiya ukunethezeka kwaseBabiloni waya emzini okude waseJerusalema, okwakungelula ukuphila kuwo, unezinkinga nezingozi. Kusobala ukuthi u-Ezra wayengagcini ngokuqongelela ulwazi lweBhayibheli kodwa futhi wayezimisele ukuthatha nesinyathelo ngalokho ayekufundile.—1 Thimothewu 3:13.

Kamuva, lapho esehlala eJerusalema, u-Ezra waphinde wabonisa ukuthi wayekusebenzisa ayekufundile nayekufundisa. Lokhu kwaba sobala lapho ezwa ngokushada kwamadoda angama-Israyeli nabesifazane abangakholwa. Ukulandisa kweBhayibheli kusitshela ukuthi ‘waklebhula ingubo yakhe nejazi lakhe, wahluthula izinwele zekhanda lakhe nesilevu sakhe, wahlala phansi emangele kwaze kwaba kusihlwa.’ Wayezizwa ‘enamahloni futhi ekhophoza ukuba aphakamisele ubuso bakhe’ kuJehova.—Ezra 9:1-6.

Yeka indlela ukutadisha kwakhe uMthetho kaNkulunkulu okwakumthonye ngayo! U-Ezra wayeyiqonda kahle imiphumela emibi yokungalaleli kwabantu. AmaJuda ayebuyiselwe ezweni lawo ayembalwa. Uma ayeshada nezinye izizwe, ayengase agcine exubene nezizwe zamaqaba ezaziwazungezile, futhi ukukhulekela okumsulwa kwakungashabalala kalula emhlabeni!

Ngokujabulisayo, isibonelo sika-Ezra sokwesaba uNkulunkulu nesentshiseko sashukumisela ama-Israyeli ukuba alungise izindlela zawo. Axosha abafazi bawo bezinye izizwe. Ngemva kwezinyanga ezintathu, konke kwase kuhamba kahle. Ukwethembeka kuka-Ezra eMthethweni kaNkulunkulu kwasiza kakhulu ekwenzeni ukufundisa kwakhe kuphumelele.

Kunjalo nanamuhla. Omunye ubaba ongumKristu wathi: “Izingane azenzi lokho okushoyo; zenza lokho okwenzayo!” Nasebandleni lobuKristu kusebenza isimiso esifanayo. Abadala ababeka isibonelo esihle bangase balindele ukuba ibandla lisabele ekufundiseni kwabo.

“Ukuba Afundise Kwa-Israyeli Isiqondiso Nobulungisa”

Kusenesinye isizathu esenza ukufundisa kuka-Ezra kuphumelele. Wayengafundisi imibono yakhe, kodwa wayefundisa “isiqondiso nobulungisa.” Lokho kusho iziqondiso noma imithetho kaJehova. Lona kwakuwumthwalo wakhe wemfanelo njengompristi. (Malaki 2:7) Wayefundisa nobulungisa, ebeka isibonelo salokho ayekufundisa ngokunamathela kokulungile ngokungakhethi, enendinganiso ayilandelayo. Lapho labo abanegunya bebonisa ubulungisa, kuba nokuzinza nemiphumela ehlala njalo. (IzAga 29:4) Ngokufanayo, abadala abangamaKristu, abazali nabamemezeli boMbuso abaliqonda kahle iZwi likaNkulunkulu bayokwenza abanye bazinze ngokomoya lapho befundisa iziqondiso nobulungisa bukaJehova ebandleni, emikhayeni yabo nakubantu abathakazelayo.

Awuvumi yini ukuthi ukufundisa kwakho kungaphumelela kakhudlwana lapho usilingisa ngokugcwele isibonelo sika-Ezra owayethembekile? Ngakho-ke, ‘lungisa inhliziyo yakho, hlola umthetho kaJehova, wenze, bese ufundisa isiqondiso nobulungisa bukaJehova.—Ezra 7:10.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 11 Kuyi-Insight on the Scriptures, enyatheliswa oFakazi BakaJehova, uMqulu 1, amakhasi 444-5, kunohlu lwemithombo engu-20.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 22]

YINI EYENZA UKUFUNDISA KUKA-EZRA KWAPHUMELELA?

1. Wenza inhliziyo yakhe yaba sesimweni esifanele

2. Wahlola uMthetho kaJehova

3. Wabeka isibonelo esihle ekusebenziseni ayekufunda

4. Wayezikhandla ekufundiseni umbono ongokomBhalo