Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Inkazimulo KaJehova Ikhanya Kubantu Bakhe

Inkazimulo KaJehova Ikhanya Kubantu Bakhe

Inkazimulo KaJehova Ikhanya Kubantu Bakhe

“UJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe.”—ISAYA 60:20.

1. UJehova ubabusisa kanjani abantu bakhe abathembekile?

“UJEHOVA uyathokoza ngabantu bakhe; abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.” (IHubo 149:4) Washo kanjalo umhubi wasendulo, futhi umlando uye wawafakazela amazwi akhe. Lapho abantu bakaJehova bethembekile, uyabanakekela, abenze bathele futhi abavikele. Endulo, wayebenza banqobe izitha zabo. Namuhla, ubagcina beqinile ngokomoya futhi abaqinisekise ukuthi bayosindiswa ngesisekelo somhlatshelo kaJesu. (Roma 5:9) Lokhu ukwenza ngoba bebahle emehlweni akhe.

2. Nakuba bephikiswa, yini abantu bakaNkulunkulu abaqiniseka ngayo?

2 Yiqiniso, ezweni eligubuzelwe ubumnyama, labo ‘abaphila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu’ bayophikiswa. (2 Thimothewu 3:12) Noma kunjalo, uJehova uyabaqaphela abaphikisi, abaxwayise: “Isizwe nombuso ongakukhonzi uyakuphela; yebo, lezo zizwe ziyakuqedwa impela.” (Isaya 60:12) Namuhla, ukuphikiswa kuza ngezindlela eziningi. Kwamanye amazwe, abaphikisi bazama ukukubekela imingcele noma ukukuvala ukukhulekelwa kukaJehova okwenziwa amaKristu aqotho. Kwamanye, abashiseka ngokweqile bahlasela abakhulekeli bakaJehova ngokoqobo, bashise nezindawo zabo. Kodwa khumbula ukuthi uJehova usekunqumile okuyoba umphumela wanoma yikuphi ukuphikiswa, kufezeke intando yakhe. Abaphikisi ngeke baphumelele. Labo abalwa neSiyoni, elimelelwe abantwana balo emhlabeni, abanakuphumelela. Ingabe akusona isiqinisekiso esiduduzayo leso esivela kuNkulunkulu wethu omkhulu, uJehova?

Babusiswa Ngaphezu Kwalokho Abebengakulindela

3. Ubuhle nokuthela kwabakhulekeli bakaJehova kufanekiswe kanjani?

3 Empeleni, kulezi zinsuku zokugcina zalesi simiso sezinto, uJehova uye wababusisa ngaphezu kwalokho abebengakulindela abantu bakhe. Ngokukhethekile, uye waqhubeka eyenza ibe yinhle indawo yakhe yokukhulekela kanye nalabo ababizwa ngegama lakhe. Ngokwesiprofetho sika-Isaya, uthi eSiyoni: “Inkazimulo yaseLebanoni iyakuza kuwe, umsayipuresi, nomthidari, nomkhoba kanyekanye, ukuyihlobisa indawo yendlu yami engcwele, ngiyikhazimulise indawo yezinyawo zami.” (Isaya 60:13) Izintaba ezembethe amahlathi enile zinhle. Ngakho izihlahla zibufanekisela kahle ubuhle nokuthela kwabakhulekeli bakaJehova.—Isaya 41:19; 55:13.

4. Iyini “indlu engcwele” kaJehova ‘nendawo yezinyawo’ zakhe, futhi lokhu kuye kwenziwa kanjani kwaba kuhle?

4 Iyiphi le “ndlu engcwele” kaJehova ‘nendawo yezinyawo’ zakhe okukhulunywa ngako ku-Isaya 60:13? La mazwi abhekisela emagcekeni ethempeli likaJehova elikhulu elingokomoya, eliyilungiselelo lokumkhulekela ngoJesu Kristu. (Heberu 8:1-5; 9:2-10, 23) UJehova uyivezile injongo yakhe yokukhazimulisa ithempeli lakhe elingokomoya ngokuqoqa abantu bazo zonke izizwe ukuba bazokhulekela kulo. (Hagayi 2:7) No-Isaya ngokwakhe ngaphambili wayebone izixuku ezivela kuzo zonke izizwe zithuthelekela entabeni kaJehova ephakeme yokukhulekela. (Isaya 2:1-4) Ngemva kwamakhulu eminyaka, umphostoli uJohane wabona embonweni “isixuku esikhulu, okungekho muntu owakwazi ukusibala, siphuma kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi.” Sasimi ‘phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, sinikela inkonzo engcwele kuye imini nobusuku ethempelini lakhe.’ (IsAmbulo 7:9, 15) Njengoba lezi ziprofetho ziye zagcwaliseka osukwini lwethu, indlu kaJehova iye yenziwa yaba yinhle sibhekile.

5. Yiluphi ushintsho olukhulu oluhle olwenzeka kubantwana beSiyoni?

5 Yeka ukuthi lokhu kuwushintsho olukhulu kangakanani ngeSiyoni! UJehova uthi: “Esikhundleni sokuba ushiywe, uzondwe, kungabe kusabakho muntu odabulayo, ngiyakwenza isivunulo esiphakade nentokozo yezizukulwane ngezizukulwane.” (Isaya 60:15) Ngasekupheleni kwempi yezwe yokuqala, “u-Israyeli kaNkulunkulu” wabhekana ngempela nenkathi yencithakalo. (Galathiya 6:16) Wazizwa ‘eshiyiwe,’ ngoba abantwana bakhe emhlabeni babengakuqondi ngokucacile lokho okwakuyintando kaNkulunkulu ngabo. Kwabe sekuthi ngo-1919 uJehova wavuselela izinceku zakhe ezigcotshiwe futhi kusukela ngaleso sikhathi, uye wazibusisa ngokuchuma okumangalisayo okungokomoya. Ngaphezu kwalokho, isithembiso esikuleli vesi asivusi yini amadlingozi? UJehova uyobheka iSiyoni ‘njengesivunulo.’ Yebo, abantwana beSiyoni, noJehova ngokwakhe, bayoziqhenya ngeSiyoni. Liyokuba ‘intokozo,’ libangele injabulo enkulu. Futhi ngeke kube into yesikhashana nje. ISiyoni, elimelelwa abantwana balo basemhlabeni, liyoqhubeka lithandwa ‘izizukulwane ngezizukulwane.’ Ngeke liyeke ukuthandwa.

6. AmaKristu eqiniso awusebenzisa kanjani umnotho wezizwe?

6 Manje lalela esinye isithembiso saphezulu. Ekhuluma neSiyoni, uJehova uthi: “Uyakuncela ubisi lwezizwe, uncele namabele amakhosi; uyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho, noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.” (Isaya 60:16) ISiyoni liluncela kanjani “ubisi lwezizwe” “namabele amakhosi”? Ngokuthi amaKristu agcotshiwe nabangane bawo ‘bezinye izimvu’ basebenzisa umnotho obalulekile wezizwe ukuze bathuthukise ukukhulekela okumsulwa. (Johane 10:16) Iminikelo yezimali eyenziwa ngokuzithandela isiza ukuba umsebenzi omkhulu womhlaba wonke wokushumayela nokufundisa ukwazi ukwenziwa. Ukusetshenziswa kobuchwepheshe banamuhla ngokuhlakanipha kusiza ekunyathelisweni kwamaBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngamakhulu ezilimi. Namuhla, iqiniso leBhayibheli lingatholwa abantu abaningi kunanini emlandweni. Izakhamuzi zezizwe eziningi zifunda ukuthi uJehova, owathenga izinceku zakhe ezigcotshiwe wazikhipha ekuthunjweni okungokomoya, unguMsindisi ngempela.

Intuthuko Endleleni Okwakuhlelwa Ngayo Izinto

7. Iyiphi intuthuko ephawulekayo abantwana beSiyoni abaye baba nayo?

7 UJehova uye wenza abantu bakhe baba bahle nangenye indlela. Uye wababusisa ngentuthuko ekuhlelweni kwezinto. Ku-Isaya 60:17 siyafunda: “Esikhundleni sethusi ngiyakuletha igolide, nasesikhundleni sensimbi ngiyakuletha isiliva; esikhundleni somuthi ithusi, nasesikhundleni samatshe insimbi, ngibeke ukuthula kube ngababonisi bakho, nokulunga kube ngababusi bakho.” Kuyintuthuko ukufaka igolide esikhundleni sethusi, kunjalo nangezinye izinto ezibaliwe. Ngokuvumelana nalokhu, u-Israyeli kaNkulunkulu uye waqhubeka eba nentuthuko ekuhlelweni kwakhe kulezi zinsuku zokugcina. Cabangela izibonelo ezimbalwa.

8-10. Chaza enye yentuthuko ekuhlelweni kwezinto eye yenzeka kusukela ngo-1919.

8 Ngaphambi kuka-1919, amabandla abantu bakaNkulunkulu ayephathwa abadala namadiyakoni, ayekhethwa amalungu ebandla ngenqubo yentando yeningi. Kusukela ngalowo nyaka, “isigqila esikholekile nesiqondayo” samisa umqondisi wenkonzo ebandleni ngalinye ukuze aqondise inkonzo yasensimini. (Mathewu 24:45-47) Kodwa emabandleni amaningi lelo lungiselelo alizange lisebenze kahle ngoba abanye abadala ababekhethiwe abazange bawusekele ngokugcwele umsebenzi wokushumayela. Ngakho, ngo-1932, amabandla atshelwa ukuba ayeke ukukhetha abadala namadiyakoni. Kunalokho, kwase kufanele akhethe amadoda azoba sekomitini yenkonzo eyayizosebenzisana nomqondisi wenkonzo. Lokho kwafana nokufaka “ithusi” esikhundleni “somuthi”—intuthuko enkulu!

9 Ngo-1938, amabandla emhlabeni wonke anquma ukwamukela ilungiselelo elithuthukisiwe, elalivumelana kakhudlwana nesibonelo esingokomBhalo. Ibandla labe seliqondiswa inceku yebandla nezinye izinceku, zonke ezazimiswa ngaphansi kokwengamela kwesigqila esikholekile nesiqondayo. Kwakungasabi nalukhetho! Ngaleyo ndlela izinceku ebandleni zazimiswa ngendlela engokwasezulwini. Lokho kwafana ‘nensimbi’ esikhundleni “samatshe” noma “igolide” esikhundleni “sethusi.”

10 Kusukela lapho, intuthuko iye yaqhubeka. Ngokwesibonelo, ngo-1972 kwabonakala ukuthi ukwenganyelwa kwebandla yindikimba ebambisene yabadala abamiswe ngokwasezulwini, kungabi namdala onegunya kubo bonke, kwakusondele nakakhulu endleleni amabandla obuKristu ekhulu lokuqala ayenganyelwa ngayo. Ngaphezu kwalokho, eminyakeni engaba mibili edlule, kwaba nelinye igxathu lentuthuko. Kwaba noshintsho ekuphathweni kwezinhlangano ezithile ezingokomthetho, okwenza iNdikimba Ebusayo ikwazi ukugxila kakhudlwana ezithakazelweni ezingokomoya zabantu bakaNkulunkulu, kunokuba iphazanyiswe yizindaba zansuku zonke zomthetho.

11. Ubani oye wabangela izinguquko ekuhlelweni kwezinto kubantu bakaJehova, futhi lezi zinguquko ziye zabangelani?

11 Ubani obangela lezi zinguquko zokuthuthukisa? NguJehova uNkulunkulu uqobo. Nguye othi: “Ngiyakuletha igolide.” Nguye futhi oqhubeka athi: “Ngibeke ukuthula kube ngababonisi bakho, nokulunga kube ngababusi bakho.” Yebo, nguJehova ohlela ukwenganyelwa kwabantu bakhe. Intuthuko yokuhlelwa kwezinto eyabikezelwa ingenye futhi indlela enza ngayo abantu bakhe babe bahle. Futhi oFakazi BakaJehova baye babusiswa ngezindlela eziningi ngenxa yalokho. Ku-Isaya 60:18, siyafunda: “Indluzula ayisayikuzwakala ezweni lakho, nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemikhawulo yakho, kepha uyakubiza izingange zakho ngokuthi iNsindiso, namasango akho ngokuthi iNdumiso.” Aze amahle la mazwi! Kodwa aye agcwaliseka kanjani?

12. Ukuthula kuye kwavama kanjani phakathi kwamaKristu eqiniso?

12 AmaKristu eqiniso abheka kuJehova ukuze awafundise futhi awaqondise, futhi umphumela uyilokho okwabikezelwa u-Isaya: “Bonke abantwana bakho bayakuba ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.” (Isaya 54:13) Ngaphezu kwalokho, umoya kaJehova uyasebenza kubantu bakhe, futhi esinye sezithelo zalowo moya ukuthula. (Galathiya 5:22, 23) Ukuthula kwabantu bakaJehova, okuwumphumela walokhu, kubenza babe umthombo wokuqabuleka kuleli zwe elinobudlova. Isimo sabo sokuthula, okusekelwe othandweni amaKristu eqiniso athandana ngalo, siwukunambitha kusengaphambili ukuphila kwasemhlabeni omusha. (Johane 15:17; Kolose 3:14) Kumelwe ukuba ngamunye wethu uyajabula ngokuthi unalokho kuthula futhi unesandla ekukwenzeni kutholakale, okuletha udumo nenkazimulo kuNkulunkulu wethu nokuyisici esiyinhloko sepharadesi lethu elingokomoya!—Isaya 11:9.

Ukukhanya KukaJehova Kuzoqhubeka Kukhanya

13. Kungani singaqiniseka ukuthi ukukhanya kukaJehova akusoze kwayeka ukukhanya kubantu bakhe?

13 Ingabe ukukhanya kukaJehova kuzoqhubeka kukhanya kubantu bakhe? Yebo! Ku-Isaya 60:19, 20, siyafunda: “Ilanga alisayikuba ngukukhanya kuwe emini, nenyanga ayisayikukukhanyisela ngokukhazimula ebusuku; uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho. Ilanga lakho alisayikushona, nenyanga yakho ayisayikuncipha, ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.” Lapho ‘ukulila’ kwabathunjwa abangokomoya sekuphelile ngo-1919, ukukhanya kukaJehova kwaqala ukukhanya kubo. Ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-80 kamuva, basaqhubeka bamukelwa nguJehova njengoba ukukhanya kwakhe kuqhubeka kukhanya. Futhi ngeke kuphele. Ngokuqondene nabakhulekeli bakhe, uNkulunkulu wethu ngeke ‘ashone’ njengelanga noma ‘anciphe’ njengenyanga. Kunalokho, uyoqhubeka ebakhanyisela phakade. Yeka ukuthi kuyisiqinisekiso esihle kangakanani lokho kithi esiphila ezinsukwini zokugcina zaleli zwe elimnyama!

14, 15. (a) Kungamuphi umqondo bonke abantu bakaNkulunkulu “belungile”? (b) Ngokuphathelene no-Isaya 60:21, ezinye izimvu zilangazelela ukugcwaliseka kwani okubalulekile?

14 Manje lalela esinye isithembiso uJehova asenza ngabameleli beSiyoni basemhlabeni, u-Israyeli kaNkulunkulu. U-Isaya 60:21 uthi: “Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke, badle ifa lezwe kuze kube phakade, igatsha lokutshala kwami, umsebenzi wezandla zami, ukuba ngidunyiswe.” Ngo-1919 lapho amaKristu agcotshiwe ebuyiselwa emsebenzini, ayeyiqembu elingavamile. Ezweni okungangabazeki ukuthi linesono, kwakuthiwe “alungile” ngesisekelo sokholo lwawo olungaxegi emhlatshelweni wesihlengo kaKristu Jesu. (Roma 3:24; 5:1) Njengama-Israyeli ayekhululwe ekuthunjweni eBabiloni, abe esethatha “izwe” elingokomoya, noma indawo yokusebenzela, ayeyojabulela kuyo ipharadesi elingokomoya. (Isaya 66:8) Ubuhle obusapharadesi balelo zwe abusoze bafiphala ngoba, ngokungafani no-Israyeli wasendulo, u-Israyeli kaNkulunkulu njengesizwe ngeke angathembeki. Ukholo, ukukhuthazela nentshiseko yakhe akusoze kwayeka ukuletha udumo egameni likaNkulunkulu.

15 Wonke amalungu aleso sizwe esingokomoya asesivumelwaneni esisha. Wonke anomthetho kaJehova olotshwe ezinhliziyweni zawo, futhi uJehova, ngesisekelo somhlatshelo kaJesu wesihlengo, uye wawathethelela izono zawo. (Jeremiya 31:31-34) Uthi alungile “njengamadodana” futhi uwaphatha njengokungathi aphelele. (Roma 8:15, 16, 29, 30) Abangane bawo abangezinye izimvu nabo baye bathethelelwa izono zabo ngesisekelo somhlatshelo kaJesu futhi, njengo-Abrahama, kuye kwathiwa balungile njengabangane bakaNkulunkulu ngokholo. “Baye bageza izivatho zabo bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.” Futhi laba bangane abangabezinye izimvu balangazelela nesinye isibusiso esiphawulekayo. Ngemva kokusinda ‘osizini olukhulu’ noma ngemva kokuvuswa, bayowabona egcwaliseka ngokoqobo amazwi ka-Isaya 60:21 lapho umhlaba wonke uba ipharadesi. (IsAmbulo 7:14; Roma 4:1-3) Ngaleso sikhathi, “abathobekileyo [bayokudla] ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.”—IHubo 37:11, 29.

Ukwanda Kuyaqhubeka

16. Yisiphi isithembiso esimangalisayo uJehova asenza, futhi siye safezeka kanjani?

16 Evesini lokugcina lika-Isaya 60, sifunda isithembiso sokugcina sikaJehova kulesi sahluko. Utshela iSiyoni: “Omncane uyakuba yinkulungwane, ophansi abe yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.” (Isaya 60:22) Osukwini lwethu, uJehova uye wasigcina isithembiso sakhe. Lapho amaKristu agcotshiwe ebuyiselwa emsebenzini ngo-1919, ayeyidlanzana—‘engomncane’ ngempela. Inani lawo landa njengoba kubuthwa amanye ama-Israyeli angokomoya. Ezinye izimvu zabe seziqala ukuthuthelekela kuwo ngamanani andayo. Isimo sokuthula sabantu bakaNkulunkulu, ipharadesi elingokomoya ‘elisezweni’ labo, siye saheha abaningi abanhliziyo ziqotho kangangokuba “omncane” ngempela uye waba “isizwe esinamandla.” Okwamanje lesi “sizwe”—u-Israyeli kaNkulunkulu ‘nabezizwe’ abazinikezele abangaphezu kwezigidi eziyisithupha—sinabantu abaningi ukwedlula imibuso eminingi ezibusayo emhlabeni. (Isaya 60:10) Zonke izakhamuzi zawo zihlanganyela ekubonakaliseni ukukhanya kukaJehova, futhi lokho kuzenza zibe zinhle zonke emehlweni akhe.

17. Le ngxoxo ka-Isaya isahluko 60 ikuthinte kanjani?

17 Yebo, kuqinisa ukholo ukuhlola amaphuzu ayinhloko ka-Isaya isahluko 60. Kuyaduduza ukubona ukuthi uJehova wayazi kusekude kangaka ukuthi abantu bakhe babeyothunjwa ngokomoya bese bebuyiswa. Kuyasimangaza ukuthi uJehova wakubona kusekude kangaka ukwanda okukhulu kwabakhulekeli beqiniso osukwini lwethu. Ngaphezu kwalokho, yeka indlela okududuza ngayo ukukhumbula ukuthi uJehova ngeke asishiye! Yeka indlela esinothando ngayo isiqinisekiso sokuthi amasango “omuzi” ayohlale evulekile ukuze bamukelwe ngomusa labo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade’! (IzEnzo 13:48) UJehova uzoqhubeka ekhanya kubantu bakhe. ISiyoni lizoqhubeka liyimbangela yokuziqhenya njengoba abantwana balo benza ukukhanya kwabo kukhanye nakakhulu. (Mathewu 5:16) Ngokuqinisekile, sizimisele kunanini ngaphambili ukuhlala siseduze no-Israyeli kaNkulunkulu nokwazisa ilungelo lethu lokubonakalisa ukukhanya kukaJehova!

Ungachaza?

• Ngokuqondene nokuphikiswa, yini esiqiniseka ngayo?

• Abantwana beSiyoni baye ‘baluncela kanjani ubisi lwezizwe’?

• Yiziphi izindlela uJehova aye ‘waletha ngazo ithusi esikhundleni somuthi’?

• Yiziphi izimfanelo ezimbili eziqokonyiswe ku-Isaya 60:17, 21?

• “Omncane” uye waba kanjani “isizwe esinamandla”?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 18]

ISIPROFETHO SIKA-ISAYA Ukukhanya Kuso Sonke Isintu

Ukwaziswa okukulezi zihloko kwanikezwa enkulumweni yoMhlangano Wesigodi “Wabafundisi Bezwi LikaNkulunkulu” ka-2001/02. Ekupheleni kwaleyo nkulumo, ezindaweni eziningi isikhulumi sakhulula incwadi entsha ethi Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu, uMqulu Wesibili. Ngonyaka owandulele, kwakukhululwe Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu, uMqulu Wokuqala. Njengoba sekukhululwe le ncwadi entsha, sekunengxoxo enokuqondwa kwamuva cishe yawo wonke amavesi asencwadini ka-Isaya. Le miqulu iwusizo oluhle ekujuliseni ukuqonda nokwazisa kwethu incwadi ka-Isaya eyisiprofetho neyakha ukholo.

[Izithombe ekhasini 15]

Naphezu kokuphikiswa ngobudlova, ‘uJehova wahlobisa abantu bakhe ngensindiso’

[Izithombe ekhasini 16]

Abantu bakaNkulunkulu basebenzisa umnotho wezizwe owusizo ukuze bathuthukise ukukhulekela okumsulwa

[Isithombe ekhasini 17]

UJehova uye wabusisa abantu bakhe ngentuthuko ekuhlelweni kwezinto nangokuthula