Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngaqiniswa Ubuzalwane Bethu Bomhlaba Wonke

Ngaqiniswa Ubuzalwane Bethu Bomhlaba Wonke

Indaba Yokuphila

Ngaqiniswa Ubuzalwane Bethu Bomhlaba Wonke

IXOXWA UTHOMSON KANGALE

Ngo-April 24, 1993, ngamenywa ukuba ngibe khona lapho kunikezelwa ihhovisi legatsha elisha elinezakhiwo ezingu-13, eLusaka, eZambia. Njengoba ngangihamba kanzima, udade ongumKristu owayesibukisa izakhiwo wangibuza ngomusa, “Ungathanda ngikuphathele isihlalo ukuze ukwazi ukubuye uphumule?” Mina nginsundu, yena umhlophe, kodwa lokho kwakungasho lutho kuye. Ngithinteke kakhulu, ngambonga, njengoba umusa wakhe wangenza ngakwazi ukuhamba ngibuke izakhiwo zegatsha.

KUYO yonke le minyaka, izenzakalo ezinjengalezi ziye zangithinta inhliziyo, zangiqinisekisa nakakhulu ukuthi enhlanganweni yobuKristu yoFakazi BakaJehova, kukhona uthando uKristu athi lwaluyobonakalisa abalandeli bakhe beqiniso. (Johane 13:35; 1 Petru 2:17) Mangikuxoxele ukuthi ngazana kanjani nala maKristu kudala ngo-1931, unyaka amemezela ngawo obala isifiso sawo sokwaziwa ngegama elisekelwe eBhayibhelini, elithi oFakazi BakaJehova.—Isaya 43:12.

Ukuqala Inkonzo E-Afrika

Ngo-November 1931, ngangineminyaka engu-22 ubudala, ngihlala eKitwe esendaweni yaseCopperbelt eNyakatho Rhodesia (esiyiZambia). Umngane wami engangidlala naye ibhola wangixhumanisa noFakazi. Ngaya kweminye yemihlangano yabo, ngase ngibhalela ihhovisi legatsha elaliseKapa, eNingizimu Afrika, ngacela incwadi yokutadisha iBhayibheli ethi The Harp of God. * Le ncwadi yayibhalwe ngesiNgisi, futhi ngangingayiqondi kahle njengoba ngangingalwazi kahle lolu limi.

Endaweni yaseCopperbelt, eqhelelene neLake Bangweulu ngamakhilomitha angu-240, kwakunabaningi ababevela kwezinye izifundazwe ababesebenza ezimayini zethusi. Kwakunamaqembu amaningana oFakazi ayehlangana njalo lapho atadishe iBhayibheli. Ngemva kwesikhashana, ngathutha eKitwe ngaya eNdola, idolobhana eliseduze, ngaqala ukuhlanganyela neqembu lalapho loFakazi. Ngaleso sikhathi, ngangiwukaputeni weqembu lebhola okwakuthiwa iPrince of Wales. Futhi ngangiyisisebenzi sasendlini semenenja emhlophe ye-African Lakes Corporation, inkampani eyayinoxhaxha lwezitolo enkabeni ye-Afrika.

Ngangingafundanga ukuyaphi, futhi isiNgisi esingatheni engangisazi ngangisicoshachoshe kubeLungu engangibasebenzela. Noma kunjalo, ngangizimisele ukuthuthukisa imfundo yami, ngafaka isicelo sokufunda esikoleni esasisePlumtree, eNingizimu Rhodesia (esiyiZimbabwe). Kodwa phakathi naleso sikhathi, ngalibhalela okwesibili ihhovisi legatsha elaliseKapa. Ngabazisa ukuthi ngangiyitholile i-Harp of God futhi ngangifuna ukukhonza uJehova isikhathi esigcwele.

Kwangimangaza ukuthola impendulo yabo, eyayithi: “Siyasazisa isifiso sakho sokukhonza uJehova. Sithanda ukukukhuthaza ukuba uthandaze ngaso, futhi uJehova uzokusiza uliqonde kangcono iqiniso, akutholele nendawo ongamkhonza kuyo.” Ngemva kokuyifunda ngiyiphindaphinda le ncwadi, ngabuza oFakazi abaningana ukuthi kufanele ngenzenjani. Bathi: “Uma ufisa ngempela ukukhonza uJehova, yenza kanjalo, ungapholisi maseko.”

Ngathandaza ngale ndaba isonto lonke, ngagcina nginqume ukuyidela imfundo yezwe ngiqhubeke ngitadisha iBhayibheli noFakazi. Ngonyaka olandelayo, ngo-January 1932, ngabonisa ukuzinikezela kwami kuJehova uNkulunkulu ngobhapathizo lwamanzi. Ngemva kokuthutha eNdola ngiye edolobheni laseLuanshya eliseduze, ngahlangana noJeanette, esasikholwa naye, sashada ngo-September 1934. Lapho sishada, uJeanette wayenendodana nendodakazi.

Kancane kancane, ngathuthuka ngokomoya, kwathi ngo-1937 ngangenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Ngemva nje kwalokho ngamiswa njengesikhonzi esijikelezayo, manje okuthiwa umbonisi wesifunda. Ababonisi abajikelezayo bahambela amabandla oFakazi BakaJehova ukuze bawaqinise ngokomoya.

Ukushumayela Kudala

Ngo-January 1938, kwathiwa mangihambele inkosi yendawo okuthiwa uSokontwe, eyayicele ukuvakashelwa oFakazi BakaJehova. Ngahamba izinsuku ezintathu ngebhayisekili ngiya kule ndawo. Lapho ngiyitshela ukuthi ngangithunywe kuyo ngenxa yencwadi eyayiyithumele ehhovisi lethu laseKapa, yabonga ngobuqotho.

Ngangena wonke amaqhugwane abantu bayo ngabamemela kuyi-insaka (isakhiwo somphakathi). Lapho sebebuthene, ngakhuluma nalesi sixuku. Ngenxa yalokho, kwaqalwa izifundo zeBhayibheli eziningi. Inkosi yendawo nenduna yayo baba ngabokuqala ukuba ababonisi bamabandla akuleyo ndawo. Namuhla, sekunamabandla angaphezu kuka-50 kuleyo ndawo, esibizwa ngokuthi isifunda saseSamfya.

Kusukela ngo-1942 kuya ku-1947, ngangikhonza endaweni yangaseLake Bangweulu. Ngangihlala izinsuku eziyishumi ebandleni ngalinye. Njengoba ngaleso sikhathi izisebenzi ezazenza umsebenzi wokuvuna okungokomoya zazimbalwa, sasizizwa njengoba iNkosi yethu, uJesu Kristu, yayizizwa lapho ithi: “Yebo, ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke, ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” (Mathewu 9:36-38) Kudala ngalezo zinsuku, ukuhamba kwakunzima, ngakho ngokuvamile uJeanette wayesala nezingane eLuanshya lapho ngisahambele amabandla. Ngaleso sikhathi, mina noJeanette sase sinezinye izingane ezimbili, kodwa enye yazo yashona inezinyanga eziyishumi izelwe.

Ngalezo zinsuku izimoto zazimbalwa, nemigwaqo-ke imbalwa. Ngolunye usuku, ngagibela ibhayisekili likaJeanette ngathatha uhambo lwamakhilomitha angaphezu kuka-200. Ngezinye izikhathi kwakuthi uma kudingeka ngiwele umfudlana, ngetshathe ibhayisekili, ngilibambe ngesandla esisodwa, ngesinye ngibhukude. Inani loFakazi landa ngokuphawulekayo eLuanshya, kwathi ngo-1946 kwaba nabangu-1 850 eSikhumbuzweni Sokufa KukaKristu.

Ukubhekana Nokuphikiswa Komsebenzi Wethu

Ngesinye isikhathi, phakathi neMpi Yezwe II, umphathi wakwaNdabazabantu eKawambwa wangibiza wathi: “Yeka ukusebenzisa izincwadi ze-Watch Tower Society ngoba azisekho emthethweni. Kodwa ngingakunika ongakusebenzisa ukuze ubhale ezinye izincwadi ongazisebenzisa emsebenzini wakho.”

Ngaphendula ngathi: “Nganelisekile ngezincwadi esinazo. Angidingi ezinye.”

Wathi: “Awuwazi amaMelika (izincwadi zethu zazinyatheliswa e-United States ngaleso sikhathi). Azokudukisa.”

“Cha, lawa engixhumana nawo ngeke,” kuphendula mina.

Wabe esebuza: “Ungakwazi yini ukukhuthaza amabandla enu ukuba anikele ngemali, asize empini njengoba kwenza ezinye izinkolo?”

“Lowo umsebenzi wezithunywa zikahulumeni,” kusho mina.

“Ake uthi ukuyocabanga ngakho ekhaya,” esho.

Ngathi: “Ku-Eksodusi 20:13 nakweyesi-2 Thimothewu 2:24, iBhayibheli lithi singabulali futhi singalwi.”

Nakuba ngavunyelwa ngahamba, kamuva ngabizwa umphathi wakwaNdabazantu eFort Rosebery, idolobhana eselibizwa ngokuthi iMansa. Wathi: “Ngikubizele ukuzokutshela ukuthi uhulumeni usezivalile izincwadi zenu.”

“Impela. Sengizwile,” kusho mina.

“Hamba-ke uye kuwo wonke amabandla enu utshele abantu enisonta nabo ukuthi mabalethe zonke izincwadi. Uyangizwa?”

“Akuwona umsebenzi wami lowo,” kuphendula mina. “Umsebenzi wezithunywa zikahulumeni.”

Ukuhlangana Nothile Kuveza Izithelo

Ngemva kwempi, saqhubeka sishumayela. Ngo-1947, ngangisanda kuqeda ukukhonza ibandla elisendaweni yaseMwanza lapho ngibuza ukuthi ngingayithengaphi inkomishi yetiye. Ngayalelwa emzini kaMnumzane Nkonde, lapho kwakunethilomu khona. UMnumzane Nkonde nomkakhe bangamukela kahle. Ngacela uMnumzane Nkonde ukuba afunde isahluko esithi “Hell, a Place of Rest in Hope [Isihogo, Indawo Yokuphumula Ethembeni]” encwadini ethi “UNkulunkulu Makabe Oneqiniso” (yesiNgisi).

Lapho sengiqede itiye ngambuza: “Ucabanga ukuthi yini-ke isihogo?” Emangazwe yilokho ayekufundile, waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi, kamuva babhapathizwa benomkakhe. Nakuba uMnumzane Nkonde engaqhubekanga enguFakazi, umkakhe nezingane eziningana zakhe baqhubeka. Empeleni, enye yezingane zakhe, uPilney, isakhonza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eZambia. Nakuba unina kaPilney esekhule kakhulu manje, usenguFakazi othembekile.

Ukunambitha IMpumalanga Afrika

Ihhovisi lethu legatsha elaliseNyakatho Rhodesia, elasungulwa ekuqaleni kuka-1948 eLusaka, langabela ukuba ngiyokhonza eTanganyika (esiyiTanzania). Omunye uFakazi wahamba nami nomkami ngezinyawo ohambweni lwethu olwaludabula ezintabeni. Lolu hambo lwasithatha izinsuku ezintathu, futhi lwasituba. Ngangiphethe umthwalo wezincwadi, umkami ephethe izingubo zethu, lona omunye uFakazi ephethe izinto zokulala.

Lapho sifika eMbeya ngo-March 1948, kwakukuningi okwakudinga ukwenziwa ukuze kusizwe abazalwane bazivumelanise kakhudlwana nezimfundiso zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, kuleyo ndawo sasaziwa ngokuthi singama-Watchtower. Nakuba abazalwane babelamukele igama elithi oFakazi BakaJehova, babengalisebenzisi obala. Ngaphezu kwalokho, abanye oFakazi kwakudingeka bahlukane namasiko athile ahlobene nokuhlonipha abafileyo. Kodwa mhlawumbe into eyayinzima kunazo zonke kwabaningi kwakuwukubhalisa imishado yabo ngokomthetho, bayenze idunyiswe phakathi kwabo bonke.—Heberu 13:4.

Kamuva, ngaba nelungelo lokukhonza ezinye izindawo eziseMpumalanga Afrika, kuhlanganise ne-Uganda. Ngahlala amasonto angaba isithupha e-Entebbe naseKampala, lapho kwasizwa abaningi ukuba bazi amaqiniso eBhayibheli.

Ukumenyelwa ENew York City

Ngemva kokukhonza e-Uganda isikhathi esithile, ngo-1956 ngaya eDar es Salaam, inhloko-dolobha yaseTanganyika. Lapho, ngangilindelwe incwadi evela endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova. Yayineziyalezo zokuba ngiqale ukulungiselela ukuza emhlanganweni wezizwe owawuzoba ngo-July 27 kuya ku-August 3, 1958. Akubuzwa ukuthi ngajabula kakhulu.

Lapho isikhathi sifika, mina nomunye umbonisi ojikelezayo, uLuka Mwango, sathatha indiza sisuka eNdola saya eSalisbury (esiyiHarare), eNingizimu Rhodesia, sabe sesiya eNairobi, eKenya. Sasuka lapho saya eLondon, eNgilandi, lapho samukelwa khona ngezandla ezifudumele. Lapho siyolala ebusuku ngosuku esafika ngalo eNgilandi, sasesese singawuvali umlomo ngokwamukelwa kwethu kahle kangaka abamhlophe sibe singabase-Afrika. Lokhu kwasikhuthaza kakhulu.

Ekugcineni, safika eNew York, lapho umhlangano owawukhona. Ngolunye usuku phakathi nomhlangano, nganikeza umbiko ngomsebenzi woFakazi BakaJehova eNyakatho Rhodesia. Ngalolo suku kwakunabantu abacela ku-200 000 ePolo Grounds naseYankee Stadium eNew York City. Angilalanga ngalobo busuku ngicabanga ngelungelo elikhulu engangibe nalo.

Umhlangano wadlula ngokushesha, saphindela ekhaya. Endleleni ebuyela ekhaya, abafowethu nodadewethu baseNgilandi baphinde basamukela ngothando. Ubunye babantu bakaJehova, kungakhathaliseki uhlanga nobuzwe babo, sabubona ngendlela esingenakuyilibala kulolo hambo!

Ukuqhubeka Nenkonzo Nokuvivinywa

Ngo-1967, ngamiswa njengenceku yesigodi—isikhonzi esihambela izifunda. Ngaleso sikhathi oFakazi eZambia base bande baze badlula ku-35 000. Kamuva, ngenxa yempilo engeyinhle, ngaphinde ngabelwa njengombonisi wesifunda eCopperbelt. Ekugcineni, uJeanette waba nezinkinga zempilo, washona ethembekile kuJehova ngo-December 1984.

Ngemva kokushona kwakhe, kwangizwisa ubuhlungu kakhulu lapho abasekhweni lami abangakholwa bethi ngimthakathile ngambulala. Kodwa abanye ababazi ngokugula kukaJeanette futhi ababeke baxoxa nodokotela wakhe bazichazela lezi zihlobo ukuthi kwakwenzekeni ngempela. Kwavela olunye futhi uvivinyo. Ezinye zezihlobo zafuna ngenze isiko okuthiwa ukupyanika. Endaweni yangakithi, ngokwaleli siko lapho umuntu eshonelwa umngane womshado, osele kumelwe abe nobuhlobo bobulili nesihlobo esiseduze salowo oshonile. Akubuzwa ukuthi ngenqaba.

Ekugcineni izihlobo zayeka ukungicindezela. Ngabonga ngokuthi uJehova wayengisizile ukuba ngime ngiqine. Ngemva kwenyanga ngingcwabé umkami, omunye umzalwane weza kimi wathi: “Mfoweth’ uKangale, ube isikhuthazo kakhulu kithi lapho ushonelwe umkakho ngoba akubanga nanelilodwa isiko elingamhloniphi uNkulunkulu ovume ukulenza. Sifuna ukukubonga kakhulu.”

Isivuno Esimangalisayo

Sekuphele iminyaka engu-65 ngaqala inkonzo yesikhathi esingcwele njengomunye woFakazi BakaJehova. Angive ngiye ngajabula kule minyaka ukubona kumiswa amakhulu amabandla futhi kwakhiwa amaHholo OMbuso amaningi ezindaweni engake ngakhonza kuzo njengombonisi ojikelezayo! Kusukela koFakazi abangaba ngu-2 800 ngo-1943, sesande saba abamemezeli boMbuso abangaphezu kuka-122 000 eZambia. Empeleni, ngonyaka odlule kube nabangaphezu kuka-514 000 eSikhumbuzweni kuleli zwe elinabantu abangaphansi kwezigidi ezingu-11.

Okwamanje, uJehova unginakekela kahle. Lapho ngidinga ukwelashwa, umzalwane ongumKristu ungiyisa esibhedlela. Amabandla asangimema ukuba ngiyonikeza izinkulumo zeningi, futhi lokhu kunginika izikhathi eziningi ezakhayo. Ibandla engihlanganyela kulo lihlela ukuba odade abangamaKristu bashintshane ngokuhlanza indlu yami, kuthi abazalwane ngokuzithandela bahambe nami ukuya esifundweni masonto onke. Ngiyazi ukuthi bengingasoze ngakuthola lokhu kunakekelwa ngothando ukube bengingamkhonzi uJehova. Ngiyambonga ngokuba aqhubeke engisebenzisa enkonzweni yesikhathi esigcwele nangemithwalo yemfanelo eminingi engiye ngaphathiswa yona kuze kube manje.

Amehlo ami asefiphele, futhi lapho ngiya eHholo LoMbuso, kudingeka ngihambe ngiphumula. Isikhwama sami sezincwadi sesiyangisinda, ngakho ngisenza lula ngokukhipha izincwadi engingase ngingazidingi esifundweni. Inkonzo yasensimini ngokuyinhloko ngiyenza ngokuqhubela abeze kwami izifundo zeBhayibheli. Kodwa akuve kungijabulisa ukukhumbula iminyaka edlule, ngikwazi ukucabanga ngokwanda okumangalisayo okuye kwaba khona! Ngiye ngakhonza ensimini lapho eye agcwaliseka khona ngokumangalisayo amazwi kaJehova aku-Isaya 60:22. Lo mbhalo uthi: “Omncane uyakuba yinkulungwane, ophansi abe yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.” Impela, ngiye ngazibonela ngawami lokhu kwenzeka, hhayi eZambia kuphela, kodwa nasemhlabeni wonke. *

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 7 Yanyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa manje ayisanyatheliswa.

^ par. 50 Ngokudabukisayo, uMfoweth’ uKangale ugcine ephelelwe amandla, washona ethembekile kusalungiselelwa ukuba kunyatheliswe lesi sihloko.

[Izithombe ekhasini 24]

UThomson negatsha laseZambia ngemva kwakhe

[Isithombe ekhasini 26]

Igatsha laseZambia namuhla