Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuhamba Ezindleleni ZikaJehova Kuletha Imivuzo Ecebile

Ukuhamba Ezindleleni ZikaJehova Kuletha Imivuzo Ecebile

Ukuhamba Ezindleleni ZikaJehova Kuletha Imivuzo Ecebile

WAKE wahamba yini ezintabeni ushaywa umoya? Uma wake wahamba, cishe wazizwa ukwelenyoni. Yeka ukuthi kwakumnandi kanjani ukuphefumula umoya oncwaba, ubone lé kude, ujabulele ubuhle bemvelo! Mhlawumbe nezinkathazo zezwe lé phansi zabonakala zingasho lutho kangako.

Kubantu abaningi ukushaywa umoya kanjalo kuyivelakancane, kodwa uma ungumKristu ozinikezele, kungenzeka usunesikhathi ulokhu uhamba endaweni ephakeme—ngomqondo ongokomoya. Njengomhubi wasendulo, akungabazeki ukuthi uye wathandaza: “Ngazise imendo yakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho.” (IHubo 25:4) Usakhumbula ukuthi wazizwa kanjani lapho uqala ukukhuphukela entabeni yendlu kaJehova futhi uhamba ezindaweni eziphakeme? (Mika 4:2; Habakuki 3:19) Akungabazeki ukuthi washeshe wabona ukuthi ukuhamba kulezi zindlela eziphakeme zokukhulekela okumsulwa kuyakuvikela kukulethele nenjabulo. Waqala ukuzizwa njengomhubi: “Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo; siyahamba, Jehova, ekukhanyeni kobuso bakho.”—IHubo 89:15.

Kodwa ngezinye izikhathi, abaqwali bezintaba kudingeka bawe bevuka emiqanseni emide ebheke phezulu. Imilenze yabo iqala ukuqaqamba, bakhathale. Nathi singabhekana nobunzima njengoba sikhonza uNkulunkulu. Kungenzeka ukuthi muva nje sesihamba kanzinyana. Singawabuyisa kanjani amandla nenjabulo yethu? Isinyathelo sokuqala ukuqaphela ukuphakama kwezindlela zikaJehova.

Imithetho KaJehova Ephakeme

Izindlela zikaJehova ‘ziphakeme kunezindlela zomuntu’ futhi ukukhulekela kwakhe kuye ‘kwaqiniswa esiqongweni sezintaba, kwaphakama kunamagquma.’ (Isaya 55:9; Mika 4:1) Ukuhlakanipha kukaJehova ‘kuwukuhlakanipha okuvela phezulu.’ (Jakobe 3:17) Imithetho yakhe iphakeme kunayo yonke eminye. Ngokwesibonelo, lapho abaseKhanani benza imihlatshelo yezingane ngesihluku, uJehova wanika ama-Israyeli imithetho eyayiphakeme neyayinobubele obuvelele. Wawatshela: “Ungakhethi ubuso bompofu, ungavuni ubuso bomkhulu. . . . Umfokazi . . . uyakuba kini njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwenu, umthande njengalokhu uzithanda wena.”—Levitikusi 19:15, 34.

Ngemva kweminyaka eyinkulungwane nengxenye, uJesu wanikeza nezinye izibonelo ‘zomthetho kaJehova odumisekile.’ (Isaya 42:21) ENtshumayelweni Yasentabeni, watshela abafundi bakhe: “Qhubekani nithanda izitha zenu futhi nithandazela labo abanishushisayo; ukuze nizibonakalise ningamadodana kaYihlo osemazulwini.” (Mathewu 5:44, 45) Wanezela: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo; lokhu, eqinisweni, yilokho okushiwo nguMthetho nabaProfethi.”—Mathewu 7:12.

Le mithetho ephakeme inethonya ezinhliziyweni zabantu abasabelayo, ibashukumisela ukuba balingise uNkulunkulu abamkhulekelayo. (Efesu 5:1; 1 Thesalonika 2:13) Cabanga ngoshintsho olwenzeka kuPawulu. Lapho siqala ukuzwa ngaye, “wayekwamukela ukubulawa” kukaStefanu futhi ephatha “ibandla ngendlovula.” Ngemva kweminyaka embalwa nje, wayesewaphatha ngobumnene amaKristu aseThesalonika ‘njengomama oncelisayo onakekela ngesisa abantwana bakhe siqu.’ Ukufundisa kwaphezulu kwamshintsha uPawulu wayeka ukuba umshushisi waba umKristu okhathalelayo. (IzEnzo 8:1, 3; 1 Thesalonika 2:7) Wayebonga ngempela ngokuthi ubuntu bakhe babulolongwe ukufundisa kukaKristu. (1 Thimothewu 1:12, 13) Ukwazisa okufuze lokho kungasisiza kanjani ukuba siqhubeke sihamba ezindleleni zikaNkulunkulu eziphakeme?

Ukuhamba Ngokwazisa

Abaqwali bezintaba bayakujabulela ukubuka indawo ekhangayo besendaweni ephakeme. Bafunda nokujabulela izinto ezincane ezisendleleni, njengetshe elingavamile, imbali enhle, noma ukubona isilwane sasendle. Ngokomoya, kudingeka siyiqaphele imivuzo—emincane nemikhulu—elethwa ukuhamba noNkulunkulu. Ukuqaphela lokhu kungasenza sishayele phezulu, kwenze ukuzihudula kube ukukhabuzela. Siyonanela amazwi kaDavide: “Ngizwise umusa wakho ekuseni, ngokuba ngiyethemba kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.”—IHubo 143:8.

UMary, oseneminyaka eminingi ehamba ezindleleni zikaJehova, uthi: “Lapho ngibuka indalo kaJehova, angiboni nje kuphela ukuklanywa kwayo okuyinkimbinkimbi kodwa nobuntu bukaNkulunkulu obunothando. Kungaba isilwane, inyoni, noma isinambuzane, ngakunye kunezici eziningi ezihlukile, kuthakazelisa kakhulu. Anikeza injabulo efanayo namaqiniso angokomoya aya ecaca ngokuhamba kweminyaka.”

Singakujulisa kanjani ukwazisa kwethu? Ngokwengxenye, ngokuba singakuthathi kalula lokho uJehova asenzela kona. UPawulu wabhala: “Thandazani ngokungaphezi. Nibonge mayelana nakho konke.”—1 Thesalonika 5:17, 18; IHubo 119:62.

Isifundo somuntu siqu senezela umoya wokubonga. UPawulu wanxusa amaKristu aseKolose: “Qhubekani nihamba ebunyeni [noKristu Jesu], . . . nichichima ukholo ekubongeni.” (Kolose 2:6, 7) Ukufunda iBhayibheli nokuzindla ngalokho esikufundayo kuqinisa ukholo lwethu futhi kusisondeze kakhudlwana kuMlobi weBhayibheli. Kulo lonke kunengcebo engasishukumisela ukuba ‘sichichime ekubongeni.’

Ukukhonza uJehova sikanye nabafowethu nakho kwenza uhambo luthi ukuba lula. Umhubi wathi ngaye: “Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho.” (IHubo 119:63) Ezinye zezikhathi ezisijabulisa kunazo zonke yilapho sisemihlanganweni emikhulu yobuKristu noma sinabafowethu kwezinye izimo. Siyaqaphela ukuthi umkhaya wethu wobuKristu oyigugu womhlaba wonke ukhona ngenxa kaJehova nezindlela zakhe eziphakeme.—IHubo 144:15b.

Ngaphezu kokwazisa, ukuzizwa sinomthwalo wemfanelo kuyosiqinisa ukuze siqhubeke sithuthuka ezindleleni zikaJehova eziphakeme.

Ukuhamba Sinomthwalo Wemfanelo

Abaqwali bezintaba abanomuzwa womthwalo wemfanelo bayasiqaphela isidingo sokuhamba ngokucophelela ukuze bagweme ukuduka noma ukunhlanhlatha basondele kakhulu emaweni. Njengezidalwa ezinenkululeko yokuzikhethela, uJehova usinika isilinganiso esithile senkululeko negunya lokwenza esikufisayo. Kodwa inkululeko enjalo idinga ukuba sizizwe sinomthwalo wemfanelo njengoba sifeza izibopho zethu zobuKristu.

Ngokwesibonelo, uJehova uyazethemba izinceku zakhe ukuthi ziyozifeza ngobuqotho izibopho zazo. Akasho ukuthi kufanele sisebenzise amandla nesikhathi esingakanani emisebenzini yobuKristu noma sinikele kangakanani ngezimali nangezinye izindlela. Kunalokho, amazwi uPawulu awasho kwabaseKorinte asebenza kithi sonke: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe.”—2 Korinte 9:7; Heberu 13:15, 16.

Ukupha kobuKristu okunomuzwa womthwalo wemfanelo kuhlanganisa nokuxoxa nabanye ngezindaba ezinhle. Ukuthi sinomuzwa womthwalo wemfanelo sikubonisa nangokunikelela umsebenzi woMbuso womhlaba wonke. UGerhardt, ongumdala, uthi yena nomkakhe báyandisa kakhulu iminikelo yabo ngemva kokuvakashela umhlangano omkhulu eMpumalanga Yurophu. Uthi: “Sabona ukuthi abafowethu laphaya abanalutho olutheni ngokwezinto ezibonakalayo; kodwa bazazisa kakhulu izincwadi zethu zeBhayibheli, ngakho sanquma ukuthi sifuna ukubasekela kakhulu ngangokusemandleni ethu abafowethu abaswele bakwamanye amazwe.”

Ukwandisa Amandla Ethu Okubekezela

Ukuhamba ezintabeni kudinga amandla okubekezela. Abaqwali bezintaba bazivivinya njalo lapho kungenzeka, futhi abaningi bahamba amabanga amafushane bezilungiselela amade. Ngokufanayo, uPawulu watusa ukuba sizigcine simatasa emisebenzini engokwasezulwini ukuze sihlale siqinile ngokomoya. UPawulu wathi labo abafisa ‘ukuhamba ngokufanele uJehova’ ‘nokwenziwa babe namandla’ kufanele ‘baqhubeke bethela isithelo kuyo yonke imisebenzi emihle.’—Kolose 1:10, 11.

Ukuzimisela kuyanezela emandleni okubekezela omqwali wezintaba. Kanjani? Ukuhlala egxile emgomweni ocacile, njengentaba ekude, kumqhubezela phambili. Futhi lapho umqwali efika endaweni ayaziyo esendleleni, angahlaziya ukuthi usesondele kangakanani emgomweni wakhe wokugcina. Lapho ebheka ibanga aselihambile, uzizwa anelisekile.

Ngokufanayo, ithemba lethu lokuphila okuphakade liyasisekela futhi lisiqhubezele phambili. (Roma 12:12) Okwamanje, njengoba sihamba ezindleleni zikaJehova, sithola ukwaneliseka lapho sizibekela imigomo yobuKristu bese siyifinyelela. Futhi yeka injabulo esiba nayo lapho sibheka emuva eminyakeni esesiyikhonze ngokwethembeka noma siphawula izinguquko esiye sazenza ebuntwini bethu!—IHubo 16:11.

Ukuze bahambe amabanga amade futhi bangakhathali ngokushesha, abaqwali bahamba ngezinga elilingene. Ngokufanayo, isimiso esihle esihlanganisa ukuba khona njalo emihlanganweni nasensimini siyosenza siqhubeke sihamba ngokuzimisela sibheke emgomweni wethu. Ngakho, uPawulu wakhuthaza amaKristu ayekanye nawo: “Masiqhubekeni sihamba ngokuhlelekile ngalomkhondo ofanayo.”—Filipi 3:16.

Yebo, asihambi sodwa ezindleleni zikaJehova. UPawulu uyabhala: “Masicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle.” (Heberu 10:24) Ubudlelwane obuhle obungokomoya buyokwenza kube lula ukungasaleli emuva, sihambisane namakholwa esinawo.—IzAga 13:20.

Okokugcina nokubaluleke kakhulu, kumelwe singalokothi siwakhohlwe amandla anikezwa nguJehova. Labo abathembela kuJehova ukuze bathole amandla “bayoqhubeka behamba belokhu beba namandla.” (IHubo 84:5, 7, NW) Nakuba ngezinye izikhathi kudingeka sichushe ezindaweni ezibucayi, ngosizo lukaJehova singaphumelela.