Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AmaKristu Akhulekela Ngomoya Nangeqiniso

AmaKristu Akhulekela Ngomoya Nangeqiniso

AmaKristu Akhulekela Ngomoya Nangeqiniso

“UNkulunkulu uwuMoya, futhi labo abamkhulekelayo kumelwe bakhulekele ngomoya nangeqiniso.”—JOHANE 4:24.

1. Luhlobo luni lokukhulekela olujabulisa uNkulunkulu?

INDODANA kaNkulunkulu ezelwe yodwa, uJesu Kristu, yakwenza kwacaca ukuthi yikuphi ukukhulekela okujabulisa uYise osezulwini. Lapho enikeza ubufakazi obuthinta inhliziyo kowesifazane ongumSamariya emthonjeni ngasemzini waseSikhari, uJesu wathi: “Nina nikhulekela eningakwaziyo; thina sikhulekela esikwaziyo, ngoba insindiso isuka kumaJuda. Noma kunjalo, ihora liyeza futhi kuyilo manje lapho abakhulekeli beqiniso beyokhulekela khona uBaba ngomoya nangeqiniso, ngoba ngempela uBaba ufuna abanjalo ukuba bamkhulekele. UNkulunkulu uwuMoya, futhi labo abamkhulekelayo kumelwe bakhulekele ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:22-24) Asho ukuthini lawo mazwi kithi?

2. AmaSamariya ayekusekelaphi ukukhulekela kwawo?

2 AmaSamariya ayenemibono yenkolo eyiphutha. Ayamukela izincwadi ezinhlanu zokuqala kuphela zemiBhalo Engcwele njengeziphefumulelwe—nazo ezamukela enguqulweni yawo kuphela, okuthiwa yiPentateuch YamaSamariya. Nakuba amaSamariya ayengamazi ngempela uNkulunkulu, amaJuda wona ayephathiswe ulwazi lwemiBhalo. (Roma 3:1, 2) AmaJuda athembekile nabanye babengathola umusa kaJehova. Kodwa yini eyayilindelekile kubo?

3. Yini edingekayo ukuze sikhulekele uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso”?

3 Ukuze amaJuda, amaSamariya nabanye basendulo bajabulise uJehova, yini okwakudingeka bayenze? Kwakudingeka bamkhulekele “ngomoya nangeqiniso.” Nathi kumelwe senze kanjalo. Nakuba inkonzo yethu kuNkulunkulu kumelwe inikelwe ngomoya ngomqondo wokushiseka nokushukunyiswa yinhliziyo egcwele uthando nokholo, ukukhulekela uNkulunkulu ngomoya kudinga ngokukhethekile ukuba sibe nomoya wakhe ongcwele futhi sivume ukuqondiswa yiwo. Ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu nokulisebenzisa, umoya wethu, noma isimo sengqondo, kumelwe uvumelane nowakhe. (1 Korinte 2:8-12) Ukuze ukukhulekela kwethu kwamukeleke kuJehova, kumelwe futhi kwenziwe ngeqiniso. Kumelwe kuvumelane nalokho okwembulwa yiZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, ngaye nezinjongo zakhe.

Iqiniso Liyatholakala

4. Abanye balibheka kanjani iqiniso?

4 Abafundi abathile befilosofi baye bakhuthaza umbono wokuthi abantu abanakulithola iqiniso eliphelele. Empeleni, umlobi waseSweden u-Alf Ahlberg wabhala: “Imibuzo eminingi yefilosofi ayinakuphendulwa ngempendulo eqinisekile.” Nakuba abanye bethi lonke iqiniso lixhomeke kokuthile, ingabe kunjalo ngempela? Akunjalo ngokukaJesu Kristu.

5. Kungani uJesu eza emhlabeni?

5 Ake sizicabange sibukele lesi senzakalo: Kungasekuqaleni konyaka ka-33 C.E., futhi uJesu umi phambi koMbusi ongumRoma uPontiyu Pilatu. UJesu utshela uPilatu: “Ngizele lokhu ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso.” UPilatu uyabuza: “Liyini iqiniso?” Kodwa akalindi ukuba uJesu aphendule.—Johane 18:36-38.

6. (a) “Iqiniso” liye lachazwa kanjani? (b) UJesu wathuma abalandeli bakhe ukuba benzeni?

6 “Iqiniso” liye lachazwa ngokuthi izinto noma izenzakalo ezingokoqobo nezikhona ngempela. Nokho, ingabe uJesu wayefakazela iqiniso ngomqondo ovamile? Cha. Wayecabanga ngeqiniso elikhethekile. Wathuma abalandeli bakhe ukuba balimemezele lelo qiniso, ngoba wathi kubo: “Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.” (Mathewu 28:19, 20) Ngaphambi kokuphela kwalesi simiso sezinto, abalandeli bakaJesu beqiniso babeyomemezela ‘iqiniso lezindaba ezinhle’ emhlabeni wonke. (Galathiya 2:14) Ukwenziwa kwalokhu kwakuyogcwalisa amazwi kaJesu: “Lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Ngakho kubalulekile ukuba sibone ukuthi obani abafundisa zonke izizwe iqiniso ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso.

Indlela Esingalifunda Ngayo Iqiniso

7. Ubungakufakazela kanjani ukuthi uJehova unguMthombo weqiniso?

7 UJehova unguMthombo weqiniso elingokomoya. Empeleni, umhubi uDavide wabiza uJehova ngokuthi ‘uNkulunkulu weqiniso.’ (IHubo 31:5, NW; 43:3) UJesu wavuma ukuthi izwi likaYise liyiqiniso, futhi wathi: “Kulotshiwe kubaProfethi ukuthi, ‘Futhi bonke bayofundiswa uJehova.’ Wonke umuntu oye wezwa kuBaba futhi wafunda uyeza kimi.” (Johane 6:45; 17:17; Isaya 54:13) Kusobala-ke ukuthi labo abafuna iqiniso kumelwe bafundiswe nguJehova, uMfundisi Omkhulu. (Isaya 30:20, 21) Abafuna iqiniso kudingeka ‘bamazi uNkulunkulu.’ (IzAga 2:5) Futhi ngothando uJehova uye wafundisa noma wadlulisela iqiniso ngezindlela ezihlukahlukene.

8. Yiziphi izindlela uNkulunkulu aye wafundisa noma wadlulisela ngazo iqiniso?

8 Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wadlulisela uMthetho kuma-Israyeli ngezingelosi. (Galathiya 3:19) Ngamaphupho, wathembisa izinzalamizi u-Abrahama noJakobe izibusiso. (Genesise 15:12-16; 28:10-19) UNkulunkulu wakhuluma esezulwini imbala, njengalapho kubhapathizwa uJesu futhi kuzwakala la mazwi ajabulisayo: “Lena iNdodana yami, ethandekayo, engiyamukele.” (Mathewu 3:17) Singabonga nangokuthi uNkulunkulu uye wadlulisela iqiniso ngokuphefumulela abalobi beBhayibheli. (2 Thimothewu 3:16, 17) Ngakho-ke, ngokufunda iZwi likaNkulunkulu singaba ‘nokholo eqinisweni.’—2 Thesalonika 2:13.

Iqiniso NeNdodana KaNkulunkulu

9. UNkulunkulu uye wayisebenzisa kanjani iNdodana yakhe ekwembuleni iqiniso?

9 UNkulunkulu uye wasebenzisa iNdodana yakhe, uJesu Kristu, ngokukhethekile ukuze embulele isintu iqiniso. (Heberu 1:1-3) Empeleni, uJesu wakhuluma iqiniso ngendlela okungekho muntu owake walikhuluma ngayo. (Johane 7:46) Ngisho nangemva kokunyukela kwakhe ezulwini, wembula iqiniso elivela kuYise. Ngokwesibonelo, umphostoli uJohane wathola “isambulo sikaJesu Kristu, uNkulunkulu amnika sona, ukuze abonise izigqila zakhe izinto okumelwe zenzeke maduzane.”—IsAmbulo 1:1-3.

10, 11. (a) Iqiniso uJesu alifakazela lihlobene nani? (b) UJesu walenza kanjani iqiniso laba ngokoqobo?

10 UJesu watshela uPontiyu Pilatu ukuthi wayezele ukuzofakazela iqiniso emhlabeni. Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu wembula ukuthi lelo qiniso lalihlobene nokulwelwa kobukhosi bukaJehova ngoMbuso wakhe oneNkosi enguKristu. Kodwa ukufakazela iqiniso kwakudinga okungaphezu kokuba uJesu ashumayele futhi afundise. UJesu wenza lelo qiniso laba ngokoqobo ngokuthi alifeze. Ngokuvumelana nalokho, umphostoli uPawulu wabhala: “Maningahlulelwa muntu ngokudla nangokuphuza noma ngokuqondene nomkhosi noma ukugujwa kokuthwasa kwenyanga noma isabatha; ngoba lezozinto ziyisithunzi sezinto ezizayo, kodwa okungokoqobo kungokukaKristu.”—Kolose 2:16, 17.

11 Enye yezindlela iqiniso elaba ngokoqobo ngazo kwakuwukuzalwa kukaJesu eBetlehema njengoba kwakubikezelwe. (Mika 5:2; Luka 2:4-11) Iqiniso laba ngokoqobo nalapho kugcwaliseka amazwi kaDaniyeli ayisiprofetho aphathelene nokuvela kukaMesiya ngemva ‘kwamasonto’ angu-69 eminyaka. Lokho kwenzeka lapho uJesu eziletha kuNkulunkulu ukuze abhapathizwe futhi agcotshwe ngomoya ongcwele ngaso kanye isikhathi esasibekiwe, ngo-29 C.E. (Daniyeli 9:25; Luka 3:1, 21, 22) Iqiniso laqhubeka liba ngokoqobo ngenkonzo kaJesu ekhanyiselayo njengommemezeli woMbuso. (Isaya 9:1, 2, 6, 7; 61:1, 2; Mathewu 4:13-17; Luka 4:18-21) Laba ngokoqobo nalapho efa futhi evuswa.—IHubo 16:8-11; Isaya 53:5, 8, 11, 12; Mathewu 20:28; Johane 1:29; IzEnzo 2:25-31.

12. Kungani uJesu ayengathi, ‘Ngiyiqiniso’?

12 Njengoba iqiniso laligxile kuJesu Kristu, wayengathi: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” (Johane 14:6) Abantu bayakhululeka ngokomoya lapho beba “ngasohlangothini lweqiniso” ngokwamukela indima kaJesu enjongweni kaNkulunkulu. (Johane 8:32-36; 18:37) Ngenxa yokuthi abanjengezimvu bayalamukela iqiniso futhi balandele uKristu ngokholo, bayothola ukuphila okuphakade.—Johane 10:24-28.

13. Yiziphi izici ezintathu esizohlola kuzo iqiniso lemiBhalo?

13 Amaqiniso avezwa nguJesu nabafundi bakhe abaphefumulelwe akha ukholo lobuKristu beqiniso. Ngakho labo ‘abalalela ukholo’ “baqhubeka behamba eqinisweni.” (IzEnzo 6:7; 3 Johane 3, 4) Obani-ke abahamba eqinisweni namuhla? Obani ngempela abafundisa zonke izizwe iqiniso? Ukuze siphendule leyo mibuzo, sizogxila emaKristwini okuqala, sihlole iqiniso lemiBhalo elihlobene (1) nezinkolelo, (2) indlela yokukhulekela (3) nokuziphatha.

Iqiniso Nezinkolelo

14, 15. Ungathini ngendlela amaKristu okuqala noFakazi BakaJehova abayibheka ngayo imiBhalo?

14 AmaKristu okuqala ayelazisa kakhulu iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe. (Johane 17:17) Laliyindinganiso yawo ezinkolelweni nasezimfundisweni. UClement wase-Alexandria wekhulu lesibili nelesithathu wathi: “Labo abazikhandlayo befuna okusezingeni eliphakeme kakhulu ngeke bavinjwe yilutho ekufuneni kwabo iqiniso, baze bazitholele ubufakazi balokho abakholelwa kukho emiBhalweni.”

15 NjengamaKristu okuqala, oFakazi BakaJehova balazisa kakhulu iBhayibheli. Bakholelwa ukuthi “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa.” (2 Thimothewu 3:16) Ngakho ake sihlole izinkolelo ezimbalwa zamaKristu okuqala sizihlobanise nalokho izinceku zikaJehova zanamuhla eziye zakufunda ngenxa yokusebenzisa iBhayibheli njengencwadi eyinhloko.

Iqiniso Ngomphefumulo

16. Liyini iqiniso ngomphefumulo?

16 Ngenxa yokuthi ayekukholelwa lokho okushiwo emiBhalweni, amaKristu okuqala ayefundisa iqiniso ngomphefumulo. Ayazi ukuthi “umuntu waba . . . umphefumulo ophilayo” lapho uNkulunkulu emdala. (Genesise 2:7) Ngaphezu kwalokho, ayevuma ukuthi umphefumulo womuntu uyafa. (Hezekeli 18:4; Jakobe 5:20) Ayazi nokuthi “abafileyo abazi lutho.”—UmShumayeli 9:5, 10.

17. Ungalichaza kanjani ithemba labafileyo?

17 Kodwa abafundi bakaJesu bokuqala babenethemba eliqinisekile lokuthi abafileyo abasenkumbulweni kaNkulunkulu babeyovuswa, noma babuyiselwe ekuphileni. UPawulu wayiveza kahle leyo nkolelo ngokuthi: “Nginethemba kuNkulunkulu . . . lokuthi luyoba khona uvuko kokubili olwabalungileyo nabangalungile.” (IzEnzo 24:15) Ngisho nangemva kwesikhathi esithile, umKristu wokuzisholo uMinucius Felix wabhala: “Ubani oyisiwula noma ongenangqondo kangangokuba abe nesibindi sokugomela ngokuthi uNkulunkulu akanakuphinde amenze futhi umuntu owadalwa nguye kwasekuqaleni?” NjengamaKristu okuqala, oFakazi BakaJehova banamathela eqinisweni elingokomBhalo mayelana nomphefumulo womuntu, ukufa novuko. Manje ake sihlole ukuthi uNkulunkulu noKristu bangobani.

Iqiniso NoZiqu-zintathu

18, 19. Kungani sithi uZiqu-zintathu akayona imfundiso engokomBhalo?

18 AmaKristu okuqala ayengambheki uNkulunkulu noKristu nomoya ongcwele njengabanguZiqu-zintathu. I-Encyclopædia Britannica ithi: “Igama elithi Ziqu-zintathu noma imfundiso ngokwayo akuveli eTestamenteni Elisha, futhi uJesu nabalandeli bakhe abazange bafune ukuphikisa iShema [umthandazo othile wamaHeberu] eseTestamenteni Elidala ethi: ‘Yizwa, Israyeli: INkosi uNkulunkulu wethu iyiNkosi eyodwa’ (Dut. 6:4).” AmaKristu ayengamkhulekeli uziqu-zintathu wamaRoma nanoma yibaphi abanye onkulunkulu. Ayamukela amazwi kaJesu athi nguJehova kuphela okufanele akhulekelwe. (Mathewu 4:10) Ngaphezu kwalokho, ayewakholelwa amazwi kaKristu athi: “UBaba mkhulu kunami.” (Johane 14:28) OFakazi BakaJehova bakholelwa okufanayo namuhla.

19 Abalandeli bakaJesu bokuqala babehlukanisa ngokucacile phakathi kukaNkulunkulu, uKristu nomoya ongcwele. Empeleni, babebhapathiza abafundi (1) egameni likaYise, (2) egameni leNdodana (3) nasegameni lomoya ongcwele, hhayi egameni likaZiqu-zintathu. NoFakazi BakaJehova bafundisa iqiniso elingokomBhalo futhi ngenxa yalokho bayahlukanisa phakathi kukaNkulunkulu, iNdodana yakhe nomoya ongcwele.—Mathewu 28:19.

Iqiniso Nobhapathizo

20. Abazobhapathizwa kudingeka babe naluphi ulwazi?

20 UJesu wathuma abalandeli bakhe ukuba benze abafundi ngokufundisa abantu iqiniso. Ukuze bafanelekele ukubhapathizwa, kudingeka babe nolwazi oluyisisekelo lwemiBhalo. Ngokwesibonelo, kumelwe baqaphele isikhundla negunya likaYise neleNdodana yakhe, uJesu Kristu. (Johane 3:16) Abazobhapathizwa kudingeka futhi baqonde ukuthi umoya ongcwele awuyena umuntu kodwa ungamandla kaNkulunkulu asebenzayo.—Genesise 1:2, umbhalo waphansi we-NW.

21, 22. Ungathi kungani ubhapathizo lungolwamakholwa?

21 AmaKristu okuqala ayebhapathiza abantu abanolwazi nabaphendukile kuphela, ababezinikezele kuNkulunkulu ngokungazigodli ukuze benze intando yakhe. AmaJuda namaproselithe ababehlangene eJerusalema ngePhentekoste lika-33 C.E., base beyazi imiBhalo YesiHeberu. Lapho bezwa umphostoli uPetru ekhuluma ngoJesu uMesiya, abangaba ngu-3 000 “bamukela izwi lakhe ngenhliziyo yonke babhapathizwa.”—IzEnzo 2:41; 3:19–4:4; 10:34-38.

22 Ubhapathizo lobuKristu olwamakholwa. Abantu baseSamariya balamukela iqiniso, futhi “lapho bekholelwa uFiliphu, owayememezela izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu nezegama likaJesu Kristu, babe sebebhapathizwa, kokubili amadoda nabesifazane.” (IzEnzo 8:12) Njengomproselithe ozinikele nowayemazi uJehova, umthenwa ongumTopiya waqale wamukela amazwi kaFiliphu mayelana nokugcwaliseka kwesiprofetho sikaMesiya, wayesebhapathizwa. (IzEnzo 8:34-36) Kamuva, uPetru watshela uKorneliyu nabanye abeZizwe ukuthi “umuntu omesabayo [uNkulunkulu] futhi asebenze ukulunga uyamukeleka kuye” nokuthi wonke umuntu obeka ukholo kuJesu Kristu uyathethelelwa izono. (IzEnzo 10:35, 43; 11:18) Konke lokhu kuyavumelana nomyalo kaJesu wokuba ‘kwenziwe abafundi, bafundiswe ukugcina zonke izinto ayeyale ngazo.’ (Mathewu 28:19, 20; IzEnzo 1:8) OFakazi BakaJehova banamathela endinganisweni efanayo, bavumela ukuba kubhapathizwe kuphela labo abanolwazi oluyisisekelo lwemiBhalo futhi abaye bazinikezela kuNkulunkulu.

23, 24. Iyiphi indlela efanele yokubhapathizwa kwamaKristu?

23 Ukucwiliswa ngokuphelele emanzini yiyona ndlela efanele yokubhapathizwa kwamakholwa. Ngemva kokuba uJesu ebhapathiziwe eMfuleni iJordani, ‘wakhuphuka emanzini.’ (Marku 1:10) Umthenwa ongumTopiya wabhapathizwa ‘emanzini amaningi.’ Yena noFiliphu “behlela emanzini” base ‘bekhuphuka’ kuwo. (IzEnzo 8:36-40) Ukuhlotshaniswa kobhapathizo nokungcwatshwa okungokomfanekiso emiBhalweni nakho kubonisa isidingo sokucwiliswa ngokuphelele emanzini.—Roma 6:4-6; Kolose 2:12.

24 I-Oxford Companion to the Bible ithi: “ETestamenteni Elisha izindawo ezichaza ukubhapathizwa kwabantu abathile zibonisa ukuthi umuntu owayesuke ebhapathizwa wayefakwa ngaphansi kwamanzi.” Ngokwencwadi yesiFulentshi i-Larousse du XXSiècle (Paris, 1928), “amaKristu okuqala ayebhapathizwa ngokucwiliswa kuzo zonke izindawo lapho kwakutholakala khona amanzi.” Futhi incwadi ethi After Jesus—The Triumph of Christianity ithi: “[Ubhapathizo] ngokuyisisekelo ludinga ukuba obhapathizwayo abonise ukholo, abese ecwiliswa ngokuphelele emanzini egameni likaJesu.”

25. Yini okuzoxoxwa ngayo esihlokweni esilandelayo?

25 La maphuzu aseveziwe mayelana nezinkolelo nemikhuba esekelwe eBhayibhelini yamaKristu okuqala amane nje ayizibonelo. Singakuveza nokunye ukufana phakathi kwezinkolelo zawo nezoFakazi BakaJehova. Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngezindlela ezengeziwe zokubona labo abafundisa abantu iqiniso.

Ungaphendula Kanjani?

• Yiluphi uhlobo lokukhulekela uNkulunkulu alufunayo?

• Iqiniso laba kanjani yinto engokoqobo ngoJesu Kristu?

• Liyini iqiniso ngomphefumulo nokufa?

• Ubhapathizo lobuKristu lwenziwa kanjani, futhi yini edingekayo kwabazobhapathizwa?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 16]

UJesu watshela uPilatu: ‘Ngizele ukufakazela iqiniso’

[Isithombe ekhasini 17]

Ungachaza yini ukuthi kungani uJesu athi: ‘Ngiyiqiniso’?

[Isithombe ekhasini 18]

Liyini iqiniso ngobhapathizo lobuKristu?