Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Yiziphi izimo okufaneleka kuzo ukuba owesifazane ongumKristu athwale isembozo sekhanda ngenxa yezizathu eziphathelene nokukhulekela?

Umphostoli uPawulu wabhala: “Yilowo nalowowesifazane othandaza noma aprofethe inhloko yakhe ingamboziwe uhlazisa inhloko yakhe.” Ngani? Ngenxa yesimiso saphezulu sobunhloko: ‘Inhloko yowesifazane indoda.’ Ukuthandaza noma ukushumayela ebandleni lobuKristu ngokuvamile kuwumthwalo wemfanelo wendoda. Ngakho, lapho owesifazane ongumKristu enza izinto eziphathelene nokukhulekela ngokuvamile ebeziyokwenziwa umyeni wakhe noma indoda ebhapathiziwe, kufanele athwale.—1 Korinte 11:3-10.

Emshadweni wakhe, owesifazane ongumKristu kungase kube nezimo lapho kudingeka athwale. Ngokwesibonelo, lapho umkhaya uhlangana ukuze ube nesifundo seBhayibheli noma ukuze udle, ngokuvamile ngumyeni oholayo ekufundiseni nasekuwumeleleni phambi kukaNkulunkulu ngomthandazo. Kodwa uma engakholwa, lokhu kungase kube umthwalo wemfanelo womkakhe. Ngakho, lapho ezithandazela yena nabanye ngokuzwakalayo noma eqhubela izingane zakhe isifundo seBhayibheli kukhona nomyeni wakhe, kuyafaneleka ukuba udade ongumKristu athwale. Uma umyeni wayo engekho, inkosikazi akudingeki ithwale, ngoba igunyazwe ngokwaphezulu ukufundisa izingane zayo.—IzAga 1:8; 6:20.

Kodwa kuthiwani uma kunendodana encane emkhayeni eyinceku kaJehova uNkulunkulu ezinikezele yabhapathizwa? Njengoba le ndodana iyilungu lebandla lobuKristu, kufanele ifundiswe amalungu alo angabesilisa. (1 Thimothewu 2:12) Uma uyise ekholwa, nguye okufanele afundise le ndodana. Kodwa uma uyise engekho, unina kufanele athwale uma eqhubela izingane nale ndodana ebhapathiziwe esencane isifundo seBhayibheli. Ukuthi uyayicela yini le ndodana ebhapathiziwe ukuba ithandaze kuleso sifundo kushiyelwa kuye. Angase abe nomuzwa wokuthi ayikakaqeqesheki ngokwanele, futhi akhethe ukuba kube nguye othandazayo. Uma enquma ukuthandaza kuleso simo, kufanele athwale.

Lapho behlanganyela ezicini ezithile zebandla, abesifazane abangamaKristu kungase kudingeke bathwale. Ngokwesibonelo, emhlanganweni wenkonzo yasensimini waphakathi nesonto kungase kube nodade kuphela, kungabikho muntu wesilisa obhapathiziwe. Kungase kwenzeke nangezinye izikhathi abesilisa ababhapathiziwe bangabi bikho emhlanganweni webandla. Uma udade kudingeka asingathe imithwalo ngokuvamile esingathwa umzalwane emhlanganweni ohlelwe yibandla noma emhlanganweni wenkonzo yasensimini, kufanele athwale.

Ingabe abesifazane abangamaKristu kumelwe bathwale lapho behumusha izinkulumo zeBhayibheli ngamazwi noma ngolimi lwabakhuluma ngezandla noma lapho befunda izigaba obala encwadini yokutadisha iBhayibheli esetshenziswa emhlanganweni webandla? Cha. Odade abasingatha lezi zabelo basuke bengangameli futhi bengafundisi. Ngokufanayo, akudingeki bathwale odade abenza imiboniso, abalandisa okuhlangenwe nakho noma ababeka izinkulumo zabafundi eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini.

Nakuba ukufundisa ebandleni kufanele kwenziwe amadoda abhapathiziwe, kokubili abesilisa nabesifazane banomthwalo wemfanelo wokushumayela nokufundisa ngaphandle kwebandla. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Ngakho, lapho owesifazane ongumKristu ekhuluma ngeZwi likaNkulunkulu nabantu abangahlanganyeli kukhona nowesilisa onguFakazi kaJehova, lowo wesifazane ngeke kudingeke athwale.

Nokho, kungokuhlukile lapho kuqhutshwa isifundo seBhayibheli esihleliwe sasikhathi sonke emzini wothile futhi kukhona owesilisa obhapathiziwe. Lesi isimiso esihlelwe kusengaphambili sokufundisa, lapho lo oqhuba isifundo engamela ngokoqobo. Kulezi zimo, isifundo sifana nesebandla. Uma owesifazane onguFakazi obhapathiziwe eqhuba isifundo esinjalo kukhona uFakazi wesilisa obhapathiziwe, kuyafaneleka ukuba athwale. Kodwa kufanele kube yilowo mzalwane ozinikezele othandazayo. Udade akumelwe athandaze kukhona umzalwane ozinikezele ngaphandle kokuba kunesizathu esingavamile, njengokuthi lowo mzalwane aliphumi izwi lapho ekhuluma.

Ngezinye izikhathi udade ongumKristu angase ayoqhuba isifundo seBhayibheli ehamba nommemezeli woMbuso ongabhapathiziwe ongowesilisa. Uma lo dade ethanda, angamcela ummemezeli ukuba asiqhube isifundo. Kodwa njengoba kungeke kufaneleke ukuba lo mmemezeli amelele udade obhapathiziwe ngomthandazo kuJehova, kuyafaneleka ukuba kube ngudade othandazayo kuleso sifundo. Lapho eqhuba isifundo nalapho ethandaza kulezi zimo, udade kufanele athwale. Ngisho noma ummemezeli wesilisa engakabhapathizwa, abantu bangaphandle bambheka njengoyingxenye yebandla ngenxa yokushumayela kwakhe.

Umphostoli uPawulu wabhala: “Owesifazane kufanele abe nophawu lwegunya phezu kwekhanda lakhe ngenxa yezingelosi.” Yebo, odade abangamaKristu banelungelo lokuba yizibonelo ezinhle ezigidini zezingelosi eziqhubeka zizithoba kuJehova. Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ngabesifazane abahlonipha uNkulunkulu ukuba bayinakisise indaba yokuthwala lapho izimo zifuna kanjalo!

[Izithombe ekhasini 26]

Ukuthwala kuwuphawu lokuhlonipha ubunhloko