Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bashukunyiswa ‘Yizinto Ezinhle Kakhulu ZikaNkulunkulu’

Bashukunyiswa ‘Yizinto Ezinhle Kakhulu ZikaNkulunkulu’

Bashukunyiswa ‘Yizinto Ezinhle Kakhulu ZikaNkulunkulu’

“Sibezwa bekhuluma ngezilimi zethu ngezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu.”—IZENZO 2:11.

1, 2. Yisiphi isimanga esenzeka eJerusalema ngePhentekoste lika-33 C.E.?

NGOLUNYE usuku ekuseni entwasahlobo ngonyaka ka-33 C.E., kwenzeka isimanga eqenjini labesilisa nabesifazane ababengabafundi bakaJesu Kristu, behlangene emzini wothile eJerusalema. “Kungazelelwe kwezwakala umsindo uvela ezulwini ufana nje nowesivunguzane esinamandla, wagcwala yonke indlu ababehlezi kuyo. Futhi kwabonakala kubo okunjengamalangabi . . . futhi bonke bagcwala umoya ongcwele baqala ukukhuluma ngezinye izilimi.”—IzEnzo 2:2-4, 15.

2 Kwabuthana isixuku esikhulu phambi komuzi. Phakathi kwaso kwakunamaJuda ayezalelwe kwezinye izindawo, “amadoda anenhlonipho” ayezogubha umkhosi wePhentekoste eJerusalema. Akhexa ngoba ngamunye wabo wezwa abafundi bekhuluma ngolimi lwakhe “ngezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu.” Kwakungenzeka kanjani lokho njengoba labo ababekhuluma babengabaseGalile bonke?—IzEnzo 2:5-8, 11.

3. Umphostoli uPetru wathini esixukwini ngePhentekoste?

3 Omunye walabo baseGalile kwakungumphostoli uPetru. Wachaza ukuthi emasontweni ambalwa ayandulele, uJesu Kristu wayebulewe abantu abangalungile. Nokho, uNkulunkulu wayeyivusile iNdodana yakhe kwabafileyo. Ngemva kwalokho, uJesu wayebonakale kubafundi bakhe abaningi, nakuPetru nabanye ababekhona manje. Ezinsukwini eziyishumi nje ezazandulele, uJesu wayenyukele ezulwini. Nguye owayethululele umoya ongcwele kubafundi bakhe. Ingabe lokhu kwasho okuthile kulabo ababegubha iPhentekoste? Yebo, impela. Ukufa kukaJesu kwabavulela indlela yokuba bathethelelwe izono zabo futhi bathole “isipho samahhala somoya ongcwele” uma beba nokholo kuye. (IzEnzo 2:22-24, 32, 33, 38) Zasabela kanjani-ke lezo zibukeli ‘ezintweni ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu’ ezazizizwa? Futhi lesi senzakalo singasisiza kanjani ukuba sihlaziye eyethu inkonzo kuJehova?

Bashukunyiselwa Esenzweni!

4. Yisiphi isiprofetho sikaJoweli esagcwaliseka ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E.?

4 Njengoba base bethole umoya ongcwele, abafundi eJerusalema abapholisanga maseko ekuxoxeleni abanye izindaba ezinhle zensindiso, baqala ngesixuku esasibuthene ekuseni nje. Ukushumayela kwabo kwagcwalisa isiprofetho esimangalisayo, esasilotshwe nguJoweli indodana kaPhethuweli eminyakeni engamakhulu ayisishiyagalombili ngaphambili: “[Ngiyakuthulula] uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono; naphezu kwezinceku nezincekukazi ngalezo zinsuku ngiyakuthulula uMoya wami . . . lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.”—Joweli 1:1; 2:28, 29, 31; IzEnzo 2:17, 18, 20.

5. AmaKristu ekhulu lokuqala aprofetha ngamuphi umqondo? (Bheka umbhalo waphansi.)

5 Ingabe lokhu kwakusho ukuthi uNkulunkulu wayezovusa sonke isizukulwane sabaprofethi, abesilisa nabesifazane, abanjengoDavide, uJoweli noDebora, abasebenzisele ukubikezela izenzakalo zesikhathi esizayo? Cha. ‘Amadodana namadodakazi, izinceku nezincekukazi’ bonke abangamaKristu babeyoprofetha ngomqondo wokuthi babeyoshukunyiswa umoya kaJehova ukuba bamemezele ‘izinto ezinhle kakhulu’ uJehova ayezenzile nayesazozenza. Ngakho babeyoba abakhulumeli boPhezukonke. * Nokho, sasabela kanjani isixuku?—Heberu 1:1, 2.

6. Lapho bezwa inkulumo kaPetru, abaningi esixukwini bashukumiseleka ukuba benzeni?

6 Ngemva kokuba isixuku sizwe incazelo kaPetru, abaningi kuso bashukumiseleka ukuba bathathe isinyathelo. “Bamukela izwi lakhe ngenhliziyo yonke babhapathizwa, futhi ngalolosuku kwanezelwa imiphefumulo ecishe ibe izinkulungwane ezintathu.” (IzEnzo 2:41) Njengoba babengamaJuda okuzalwa namaproselithe ebuJudeni, base benalo kakade ulwazi oluyisisekelo lwemiBhalo. Lolo lwazi, kanye nokholo kulokho ababekuzwe kuPetru, kwaba yisisekelo sokuba babhapathizwe “egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele.” (Mathewu 28:19) Ngemva kokubhapathizwa kwabo ‘baqhubeka bezinikela ekufundiseni kwabaphostoli.’ Ngesikhathi esifanayo, baqala ukuxoxa nabanye ngenkolo yabo ababesanda kuyithola. Empeleni, “usuku nosuku babeba khona njalo ethempelini nganhliziyonye, . . . bedumisa uNkulunkulu futhi bethola umusa kubo bonke abantu.” Ngenxa yalo msebenzi wokufakaza, “uJehova waqhubeka enezela kubo nsuku zonke labo abasindiswayo.” (IzEnzo 2:42, 46, 47) Kwaqhibuka amabandla obuKristu ezindaweni eziningi okwakuhlala kuzo la makholwa amasha. Akungabazeki ukuthi, okungenani ngokwengxenye, lokhu kwanda kwakubangelwa yimizamo yawo yentshiseko yokushumayela ‘izindaba ezinhle’ lapho ephindela emakhaya.—Kolose 1:23.

IZwi LikaNkulunkulu Linamandla

7. (a) Yini edonsela abantu bazo zonke izizwe enhlanganweni kaJehova namuhla? (b) Yimaphi amathuba okwanda okwengeziwe owabona ensimini yomhlaba wonke nakweyakini? (Bheka umbhalo waphansi.)

7 Kuthiwani ngalabo abafisa ukuba yizinceku zikaNkulunkulu namuhla? Nabo kudingeka batadishe iZwi likaNkulunkulu ngokucophelela. Njengoba benza kanjalo, bafinyelela ekwazini uJehova njengoNkulunkulu “ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso.” (Eksodusi 34:6; IzEnzo 13:48) Bafunda ngelungiselelo lomusa likaJehova lesihlengo ngoJesu Kristu, ogazi lakhe elachithwa lingabahlanza kuso sonke isono. (1 Johane 1:7) Bazisa nenjongo kaNkulunkulu yokuba kube khona “uvuko kokubili olwabalungileyo nabangalungile.” (IzEnzo 24:15) Izinhliziyo zabo zichichima uthando ngoMthombo walezi “zinto ezinhle kakhulu,” bashukumiseleke ukushumayela ngala maqiniso ayigugu. Babe sebeba yizinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele zabhapathizwa futhi baqhubeke ‘banda olwazini olunembile ngoNkulunkulu.’ *Kolose 1:10b; 2 Korinte 5:14.

8-10. (a) Okwenzeka komunye wesifazane ongumKristu kukufakazela kanjani ukuthi iZwi likaNkulunkulu “linamandla”? (b) Lesi senzakalo sikufundisani ngoJehova nendlela aziphatha ngayo izinceku zakhe? (Eksodusi 4:12)

8 Ulwazi olutholwa yizinceku zikaNkulunkulu ngokutadisha iBhayibheli alukhi phezulu. Lolo lwazi lushukumisa izinhliziyo zazo, lushintshe indlela ezicabanga ngayo, futhi lube yingxenye yazo. (Heberu 4:12) Ngokwesibonelo, owesifazane okuthiwa nguCamille wayeqashwe ukuba anakekele asebekhulile. Omunye walabo ayebanakekela kwakunguMartha, ongomunye woFakazi BakaJehova. Njengoba uMartha ayenenkinga enkulu yokuhanjelwa yingqondo, wayedinga ukuhlale ebhekiwe. Kwakudingeka akhunjuzwe ukuba adle—ngisho nokuba akugwinye ukudla. Kodwa kwakunento eyayigxilile engqondweni kaMartha, njengoba sizobona.

9 Ngolunye usuku uMartha wabona uCamille ekhala ngoba ecindezelekile ngenxa yezinkinga ayenazo. UMartha wamanga uCamille wamcela ukuba batadishe iBhayibheli. Kodwa umuntu osesimweni sikaMartha wayengakwazi yini ukuqhuba isifundo seBhayibheli? Yebo, wayengakwazi! Nakuba ayengasazikhumbuli izinto eziningi, uMartha wayengamkhohliwe uNkulunkulu wakhe omangalisayo; wayengawakhohliwe namaqiniso ayigugu ayewafunde eBhayibhelini. Phakathi nesifundo, uMartha wayetshela uCamille ukuba afunde isigaba ngasinye, abheke imiBhalo ekhonjiwe, afunde umbuzo ongezansi kwekhasi, abese ewuphendula. Baqhubeka kanjena isikhathi esithile, uCamille wathuthuka olwazini lweBhayibheli naphezu kokulinganiselwa kukaMartha. UMartha waqaphela ukuthi uCamille kudingeka ahlanganyele nabanye abanesifiso sokukhonza uNkulunkulu. Ecabanga ngalokho, wapha isifundo sakhe ingubo yokugqoka nezicathulo, ukuze uCamille abe nezinto ezifanelekayo zokugqoka lapho eqala ukuya esifundweni eHholo LoMbuso.

10 UCamille kwamthinta ukukhathalela kothando, isibonelo nokuqiniseka kukaMartha. Waphetha ngokuthi lokho uMartha azama ukumfundisa kona eBhayibhelini kumelwe ukuba kubaluleke kakhulu, ngoba uMartha wayekhohlwe cishe yonke into kodwa hhayi lokho ayekufunde emiBhalweni. Kamuva, lapho uCamille eshintshelwa kwenye indawo, wabona ukuthi yisikhathi sokuba athathe isinyathelo. Ngethuba lokuqala elavela, waya eHholo LoMbuso, egqoke ingubo nezicathulo akuphiwe nguMartha, wafike wacela ukufundelwa iBhayibheli. UCamille wathuthuka kahle futhi wabhapathizwa.

Sishukumiseleka Ukuba Sibonakalise Izindinganiso ZikaJehova

11. Ngaphezu kokushiseka emsebenzini wokushumayela, singabonisa kanjani ukuthi siye sashukunyiswa yisigijimi soMbuso?

11 Namuhla, kunoFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi eziyisithupha abashumayela “izindaba ezinhle zombuso” emhlabeni wonke njengoMartha noCamille. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) NjengamaKristu ekhulu lokuqala, bashukunyiswa ‘yizinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu.’ Bayakwazisa ukuba nelungelo lokubizwa ngegama likaJehova nokuthi uthululele umoya wakhe kubo. Ngenxa yalokho, benza yonke imizamo ‘ukuze bahambe ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa ngokugcwele,’ besebenzisa izindinganiso zakhe kuzo zonke izici zokuphila kwabo. Phakathi kokunye, lokhu kuhlanganisa ukuhlonipha izindinganiso zikaNkulunkulu zokugqoka nokuzilungisa.—Kolose 1:10a; Thithu 2:10.

12. Yisiphi iseluleko esiqondile mayelana nokugqoka nokuzilungisa esisithola kweyoku-1 Thimothewu 2:9, 10?

12 Yebo, uJehova ubeke izindinganiso ngokuqondene nokubukeka kwethu. Umphostoli uPawulu wanikeza ezinye zezimfuneko zikaNkulunkulu ngalokhu. “Ngifisa ukuba abesifazane bazihlobise ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo, hhayi ngezitayela zokwaluka izinwele nangegolide noma amaparele noma ngemvunulo ebiza kakhulu, kodwa ngendlela efanele abesifazane abathi bahlonipha uNkulunkulu, okuwukuthi, ngemisebenzi emihle.” * Sifundani kula mazwi?—1 Thimothewu 2:9, 10.

13. (a) Kushiwoni uma kukhulunywa “ngezingubo ezilungiswe kahle”? (b) Kungani sithi izindinganiso zikaJehova azeqisi?

13 Amazwi kaPawulu abonisa ukuthi amaKristu kufanele “azihlobise ngezingubo ezilungiswe kahle.” Akufanele abukeke emadlakadlaka. Cishe wonke umuntu, ngisho nabampofu, angahlangabezana nalezo zindinganiso ezingeqisi ngokuqikelela ukuthi izingubo zakhe zicocekile, zihlanzekile futhi ziyabukeka. Ngokwesibonelo, minyaka yonke oFakazi basezweni elithile laseNingizimu Melika bahamba amakhilomitha amaningi bedabula amahlathi bese behamba ngesikebhe amahora amaningi lapho beya emihlanganweni yesigodi. Akuyona into engavamile ukuba omunye aphonseke emfuleni noma adatshukelwe yizingubo ehlathini njengoba kuhanjwa. Ngakho lapho befika endaweni okuzoba nomhlangano kuyo, ngokuvamile basuke bemadlakadlaka. Babe sebethungela izinkinobho, balungise oziphu bawashe futhi ba-ayine izingubo abazozigqoka emhlanganweni. Bayakwazisa ukumenywa ukuba bazodla etafuleni likaJehova, futhi bafuna ukugqoka ngokufanelekayo.

14. (a) Kusho ukuthini ukugqoka “ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo”? (b) Yini ehilelekile ukuze sigqoke ‘njengabantu abathi bahlonipha uNkulunkulu’?

14 UPawulu waqhubeka wabonisa nokuthi kufanele sigqoke “ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo.” Lokhu kusho ukuthi ukubukeka kwethu akufanele kube okokubukisa, kube yinqaba, kuvuse inkanuko, kuveze umzimba noma kugxile emfashinini. Ngaphezu kwalokho, kufanele sigqoke ngendlela ebonisa ‘ukuhlonipha uNkulunkulu.’ Lokho kusenza sicabange, akunjalo? Asigcini ngokugqoka ngokufanelekayo lapho siya emihlanganweni yebandla bese sibonisa ukungabi nandaba ngezinye izikhathi. Ukubukeka kwethu kufanele ngaso sonke isikhathi kubonise isimo sengqondo senhlonipho nesihloniphekile ngoba singamaKristu nezikhonzi usuku lonke. Kusobala ukuthi izingubo zethu zokusebenza nezesikole ziyofanelana nalokho esizobe sikwenza. Noma kunjalo, kufanele sigqoke ngesizotha nangendlela ehloniphekile. Uma izingubo zethu zibonisa ukholo esinalo kuNkulunkulu ngaso sonke isikhathi, asisoze sazizwa sinamahloni okufakaza ngokwethukela ngenxa yendlela esibukeka ngayo.—1 Petru 3:15.

“Ningathandi Izwe”

15, 16. (a) Kungani kubalulekile ukuba sigweme ukulingisa izwe ekugqokeni nasekuzilungiseni? (1 Johane 5:19) (b) Yisiphi isizathu esinengqondo okufanele sisenze sigweme izimfashini zokugqoka nokuzilungisa?

15 Iseluleko esikweyoku-1 Johane 2:15, 16 naso sisinika isiqondiso endleleni esikhetha ukugqoka nokuzilungisa ngayo. Siyafunda: “Ningathandi izwe noma izinto ezisezweni. Uma noma ubani ethanda izwe, uthando lukaBaba alukho kuye; ngoba konke okusezweni—isifiso senyama nesifiso samehlo nokugabisa ngokokuziphilisa komuntu—akusuki kuBaba, kodwa kusuka ezweni.”

16 Yeka ukuthi leso seluleko sifaneleka kanjani manje! Kule nkathi lapho ukucindezela kontanga kudlange kunanini, akumelwe sivumele izwe lisilawule kwesikugqokayo. Izitayela zokugqoka nokuzilungisa ziye zehla nakakhulu eminyakeni yamuva. Ngisho nendlela yokugqoka yosomabhizinisi nabantu abanezikhundla ayinikezi njalo indinganiso enokwethenjelwa yalokho okufanelekayo kumaKristu. Lesi ngesinye futhi isizathu sokuba sihlale sisiqaphela isidingo ‘sokuyeka ukulolongwa sifane nalesisimiso sezinto’ uma sifuna ukuphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu, kanjalo ‘sihlobise imfundiso yoMsindisi wethu, uNkulunkulu, ezintweni zonke.’—Roma 12:2; Thithu 2:10.

17. (a) Yimiphi imibuzo esingacabanga ngayo lapho sithenga izinto zokugqoka noma sikhetha isitayela? (b) Kungani izinhloko zemikhaya kufanele zibe nesithakazelo ekubukekeni kwamalungu omkhaya?

17 Ngaphambi kokunquma ukuthenga impahla ethile, kuwukuhlakanipha ukuba uzibuze: ‘Yini engenza ngisithande lesi sitayela? Ingabe sijwayeleke kusaziwayo othile—umuntu engimthandayo? Ingabe ngesamalungu eqembu lezigilamkhuba noma iqembu eligqugquzela umoya wokuzibusa nowokuvukela?’ Kufanele siyibhekisise naleyo mpahla. Uma kuyisiketi noma ingubo, yinde kangakanani? Imi kanjani? Ingabe inesizotha, iyafaneleka futhi ihloniphekile, noma ingabe iyampintsha, ivusa inkanuko noma inobudlabha? Zibuze, ‘Ingabe ukugqoka kwami le mpahla kuzokhubekisa abanye?’ (2 Korinte 6:3, 4) Kungani kufanele kusikhathaze lokho? Yingoba iBhayibheli lithi: “Ngisho noKristu akazijabulisanga yena.” (Roma 15:3) Izinhloko zemikhaya ezingamaKristu kumelwe zibe nesithakazelo ekubukekeni kwamalungu emikhaya yazo. Ngenxa yokuhlonipha uNkulunkulu okhazimulayo ezimkhulekelayo, izinhloko zemikhaya akufanele zinqikaze ukunikeza iseluleko esiqinile nesinothando lapho sidingeka.—Jakobe 3:13.

18. Yini ekushukumisela ukuba uyinakisise indlela ogqoka ngayo nozilungisa ngayo?

18 Umyalezo esiwuphethe uvela kuJehova, oyisizotha nobungcwele uqobo lwako. (Isaya 6:3) IBhayibheli lisinxusa ukuba simlingise “njengabantwana abathandekayo.” (Efesu 5:1) Ukugqoka nokuzilungisa kwethu kungamdumisa noma kumthunaze uBaba wethu osezulwini. Ngokuqinisekile sifuna ukuyithokozisa inhliziyo yakhe!—IzAga 27:11.

19. Kunaziphi izinzuzo ukwazisa abanye “ngezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu”?

19 Uzizwa kanjani “ngezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu” ozifundile? Ngempela, yeka indlela esibusiseke ngayo ngokwazi iqiniso! Ngenxa yokuthi sinokholo egazini likaJesu Kristu elachithwa, izono zethu ziyathethelelwa. (IzEnzo 2:38) Ngakho, sinenkululeko yokukhuluma phambi kukaNkulunkulu. Asikwesabi ukufa njengalabo abangenathemba. Kunalokho siqinisekiswe nguJesu ukuthi ngolunye usuku ‘bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo bayozwa izwi lakhe baphume.’ (Johane 5:28, 29) UJehova uye waba nomusa ngokusambulela zonke lezi zinto. Ngaphezu kwalokho, uye wasithululela umoya wakhe. Ngakho, ukwazisa kwethu zonke lezi zipho ezinhle kufanele kusishukumisele ukuba sihloniphe izindinganiso zakhe eziphakeme futhi simdumise ngentshiseko, simemezele lezi “zinto ezinhle kakhulu” kwabanye.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 5 Lapho uJehova emisa uMose no-Aroni ukuba bakhulumele abantu bakhe kuFaro, watshela uMose: “Ngikwenze ube njengonkulunkulu kuFaro; u-Aroni umfowenu uyakuba ngumprofethi wakho.” (Eksodusi 7:1, Omalukeke sizenzele.) U-Aroni wakhonza njengomprofethi, hhayi ngomqondo wokubikezela izenzakalo zekusasa, kodwa ngokuba ngumkhulumeli, noma umlomo, kaMose.

^ par. 7 Oquqabeni olwalukhona emkhosini waminyaka yonke weSidlo Senkosi Sakusihlwa esasingo-March 28, 2002, izigidi azikaqali ukukhonza uJehova ngentshiseko. Sithandazela ukuba maduze izinhliziyo zabaningi balaba abathakazelayo zibashukumisele ukuba balwele ukufinyelela ilungelo lokuba abamemezeli bezindaba ezinhle.

^ par. 12 Nakuba uPawulu ayebhekise kwabesifazane abangamaKristu, kusebenza isimiso esifanayo kwabesilisa abangamaKristu nakwabasha.

Ungaphendula Kanjani?

• Yiziphi ‘izinto ezinhle kakhulu’ abantu abezwa ngazo ngePhentekoste lika-33 C.E., futhi basabela kanjani?

• Umuntu uba kanjani umfundi kaJesu Kristu, futhi ukuba ngumfundi kuhilelani?

• Kungani kubalulekile ukuba sinake indlela esigqoka futhi sizilungise ngayo?

• Yiziphi izici okufanele sicabange ngazo lapho sinquma ukuthi impahla ethile noma isitayela siyafaneleka yini?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

UPetru wamemezela ukuthi uJesu wayevusiwe kwabafileyo

[Izithombe ekhasini 17]

Ingabe ukubukeka kwakho kummelela kahle uNkulunkulu omkhulekelayo?

[Izithombe ekhasini 18]

Abazali abangamaKristu kumelwe babe nesithakazelo ekubukekeni kwamalungu omkhaya