Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ukuphila Kwakho Kulawulwa Yizinkolelo-ze?

Ingabe Ukuphila Kwakho Kulawulwa Yizinkolelo-ze?

Ingabe Ukuphila Kwakho Kulawulwa Yizinkolelo-ze?

IZINKOLELO-ZE zikhona kuwo wonke umhlaba. Ngezinye izikhathi ziyahlonishwa zibhekwe njengeziyingxenye yefa lesizwe. Noma zingase zibhekwe njengezivusa ilukuluku kodwa ezingasho lutho—ezenza ukuphila kuthakazelise. Emazweni aseNtshonalanga, izinkolelo-ze zivame ukuthathwa kalula. Kwezinye izindawo—ngokwesibonelo e-Afrika—izinkolelo-ze zingakuthonya kakhulu ukuphila kwabantu.

Imikhuba eminingi yase-Afrika isekelwe ezinkolelweni eziyize. Amabhayisikobho, izinhlelo zomsakazo nezincwadi ezikhiqizwa e-Afrika kuvame ukuveza izinkolelo-ze nezinto ezingaqondakali, njengemilingo, ukukhulekelwa kokhokho nezintelezi. Kungani izinkolelo-ze zibathonya kangaka abantu, futhi zisukaphi?

Uyini Umsuka Wezinkolelo-ze?

Izinkolelo-ze eziningi ngokuyisisekelo zisuka ekwesatshweni kwemimoya yabafileyo noma eminye yanoma yiluphi uhlobo. Izenzakalo zibhekwa njengemizamo yale mimoya yokuthintana nabaphilayo ngokubasongela, ukubaxwayisa noma ukubabusisa.

Izinkolelo-ze zihlobene eduze nanokwelapha nemithi. Kubantu abaningi emazweni asathuthuka, ezokwelapha zesimanje zimba eqolo futhi ngokuvamile zimane nje azitholakali. Ngakho, abaningi bafuna ukwelashwa noma bazame ukuzivikela ngokuphendukela emasikweni okhokho, ekusebenziseni imimoya nasezinkolelweni eziyize. Futhi bazizwa bekhululeke kakhudlwana ukuya enyangeni ewaziyo amasiko abo futhi ekhuluma ulimi lwabo kunokuya kudokotela. Ngaleyo ndlela ukukholelwa ezinkolelweni eziyize kuyaqhubeka.

Ngokwamasiko ezinkolelo eziyize, ukugula nezingozi akumane kwenzeke nje, kuyizenzakalo ezibangelwa amandla asezweni lemimoya. Izinyanga zingase zithi ukhokho ongasekho uthukutheliswe okuthile. Noma abantu abasebenzelana nemimoya bangase basikisele ukuthi umuntu uphonswe othile ngosizo lwenyanga eyimbangi, futhi yilokho okubangele ukugula noma ingozi.

Izinkolelo-ze zihlukahlukene kakhulu kuwo wonke umhlaba, ukubhebhethekiswa kwazo kuxhomeke ezindabeni zamasiko, ezinganekwaneni nasezimweni zendawo. Kodwa zonke zifana ngokuthi zinenkolelo yokuthi kunomuntu, noma into, esezweni lemimoya engabonakali okudingeka kushwelezwe kuyo.

Ziwubala Noma Ziyingozi?

Emikhayeni eminingi, ukuzalwa kwamawele kuyisenzakalo esikhethekile nesijabulisayo. Kodwa kubantu abakholelwa ezeni kungase kubhekwe njengesibonakaliso. Kwezinye izindawo eziseNtshonalanga Afrika, abaningi bakubheka njengokuzalwa konkulunkulu, futhi lawo mawele ayakhulekelwa. Uma kwenzeka elinye lawo noma womabili eshona, kwenziwa izithombe ezincane zawo, bese umkhaya kudingeka uzihlabele lezi zithombe. Kwezinye izindawo, abantu bakubheka njengeshwa ukuzalwa kwamawele, kangangokuthi abanye abazali bayalibulala elinye lawo. Ngani? Bakholelwa ukuthi uma ephila womabili, ngelinye ilanga ayobulala abazali bawo.

Izibonelo ezinjengalezi zibonisa ukuthi nakuba ezinye izinkolelo-ze zingase zibonakale zixaka ngendlela ethakazelisayo futhi ziwubala, ezinye zingaba yingozi—zibangele ukufa imbala. Uma sithathwa kabi, isenzakalo esingalimazi singashintshwa sibe yingozi.

Yebo, empeleni inkolelo-ze iwuhlobo oluthile lwenkolo. Uma sicabanga ngokuba yingozi kwezinkolelo-ze, kuyafaneleka ukuba sibuze: Ubani ngempela ozuzayo ezinkolelweni nasemikhubeni eyize?

Umthombo Wezinkolelo-ze

Naphezu kobufakazi obuhlukile, abanye abantu namuhla bayaphika ukuthi ukhona uSathane noma imimoya emibi. Nokho, ngesikhathi sempi, ukuphika ukuthi kunesitha esiyingozi kungavele kuholele enhlekeleleni. Kungaba njalo nasempini yokulwa nezidalwa zomoya ezinamandla kunabantu, ngoba umphostoli uPawulu wabhala: ‘Sibambene nendikimba yomoya ababi.’—Efesu 6:12.

Yize singenakuzibona, izidalwa zomoya ezimbi zikhona. IBhayibheli lilandisa ukuthi umuntu omubi ongabonakali womoya wasebenzisa inyoka ukuze akhulume nowesifazane wokuqala, u-Eva, njengoba nomdlalisi wonodoli enza kube sengathi bayakhuluma, futhi wamholela ekuhlubukeni kuNkulunkulu. (Genesise 3:1-5) IBhayibheli lichaza lo muntu womoya ngokuthi “inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane, odukisa umhlaba wonke owakhiwe.” (IsAmbulo 12:9) Lowo, uSathane, waphumelela ukuyenga ezinye izingelosi ukuba zihlubuke. (Jude 6) Lezi zingelosi ezimbi zaba amademoni, izitha zikaNkulunkulu.

UJesu wawaxosha amademoni kubantu, njengoba kwenza nabafundi bakhe. (Marku 1:34; IzEnzo 16:18) Le mimoya ayibona okhokho asebashona, ngoba abafileyo “abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5) Kunalokho, iyizingelosi ezahlubuka ezadukiswa nguSathane. Ukuthintana nazo noma ukuvumela ukuthonywa yizo akufanele kuthathwe kalula, ngoba, njengomholi wazo, uSathane uDeveli, zingathanda ukusishwabadela. (1 Petru 5:8) Umgomo wazo uwukusiphambukisa ethembeni lesintu okuwukuphela kwalo—uMbuso kaNkulunkulu.

IBhayibheli lembula enye yezindlela ezisetshenziswa uSathane namademoni akhe: “USathane ngokwakhe uqhubeka eziguqula ingelosi yokukhanya.” (2 Korinte 11:14) USathane angathanda ukusikhohlisa sikholelwe ukuthi angasinika indlela engcono yokuphila. Ngakho, ezinye izinzuzo zesikhashana zingase zibonakale zilethwa ukungenela kwemimoya emibi. Kodwa ayinakunikeza amakhambi ahlala njalo. (2 Petru 2:4) Ayinakunika muntu ukuphila okuphakade, futhi maduze izobhujiswa. (Roma 16:20) UMdali wethu uwukuphela komthombo wokuphila okuphakade nenjabulo yeqiniso nesivikelo esizidlula zonke emandleni emimoya emibi.—Jakobe 4:7.

UNkulunkulu uyakulahla ukufuna usizo ngokusebenzisa imimoya. (Duteronomi 18:10-12; 2 AmaKhosi 21:6) Lokho kuwukuchema nesitha, ukwakha umfelandawonye namambuka ahlubuke kuNkulunkulu! Ukubheka izinkanyezi, ukuya emhlahlweni, noma ukuzifaka kunoma yimuphi umkhuba onezinkolelo-ze kungasho ukuvumela ukuba imimoya emibi ilawule izinqumo ozenzayo ekuphileni kwakho. Kuyafana nokuzibandakanya nayo ekuhlubukeni kuNkulunkulu.

Kungenzeka Yini Ukuvikeleka Kokubi?

U-Ade, * indoda ehlala eNiger, wayetadisha iBhayibheli nomshumayeli wesikhathi esigcwele ongomunye woFakazi BakaJehova. U-Ade wachaza ukuthi kungani ayenekhubalo esitolo sakhe: “Ziningi izitha.” Owayefundela u-Ade iBhayibheli wambonisa ukuthi nguJehova kuphela esingamethemba ukuthi uyosivikela ngempela. Wafundela u-Ade iHubo 34:7, elithi: “Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.” U-Ade waphetha ngokuthi: “Uma kanti uJehova engangivikela ngempela, ngizolisusa leli khubalo.” Manje, ngemva kweminyaka, usekhonza njengomdala nesikhonzi sesikhathi esigcwele. Asikho nesisodwa isitha sakhe esiye samenza kabi.

IBhayibheli libonisa ukuthi sonke sihlangabezana nesikhathi nethuba, kungakhathaliseki ukuthi siyakholelwa yini ezinkolelweni eziyize noma cha. (UmShumayeli 9:11) Kodwa uJehova akalokothi asivivinye ngezinto ezimbi. (Jakobe 1:13) Ukufa nokungapheleli kubangelwa yisono esiwufuzo oluvela ku-Adamu. (Roma 5:12) Ngenxa yalokhu, wonke umuntu uyagula ngezinye izikhathi futhi wenza amaphutha angaholela enhlekeleleni. Ngakho-ke, kungaba yiphutha ukucabanga ukuthi konke ukugula nezingqinamba kubangelwa yizenzo zemimoya emibi. Inkolelo enjalo iyomane isilinge ukuba sizame ukushweleza emimoyeni ngandlela-thile. * Lapho sigula, kufanele sithole usizo olufanele lwezokwelapha, hhayi amacebiso ‘kumqambimanga noyise wamanga,’ uSathane uDeveli. (Johane 8:44) Izibalo zibonisa ukuthi abantu abahlala emazweni lapho izinkolelo-ze eziphathelene nokhokho zande khona abaphili isikhathi eside noma ukuphila okungcono kunabantu bakwamanye amazwe. Kusobala-ke ukuthi izinkolelo-ze azisizi empilweni.

UNkulunkulu unamandla ngaphezu kwanoma yimiphi imimoya emibi, futhi unesithakazelo enhlalakahleni yethu. “Amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, futhi izindlebe zakhe zisekunxuseni kwabo.” (1 Petru 3:12) Thandazela isivikelo nokuhlakanipha kwakhe. (IzAga 15:29; 18:10) Zama ukuqonda iZwi lakhe Elingcwele, iBhayibheli. Ulwazi olunembile lweBhayibheli luyisivikelo esizidlula zonke esingaba nazo. Luyosisiza sibone ukuthi kungani izinto ezimbi zenzeka nokuthi singamukelwa kanjani nguNkulunkulu onguMninimandla onke.

Izinzuzo Zolwazi NgoNkulunkulu

Ukumazi ngokunembile uJehova nezinjongo zakhe—okuphambene nokungazi nokukholelwa ezeni—kuyisihluthulelo sokuthola isivikelo sangempela. Lokhu kuboniswa yindaba kaJean, umlisa waseBenin. Izinkolelo-ze zazigxilile emkhayeni kaJean. Ngokwamasiko endawo ayizinkolelo-ze, umdlezane obelethe indodana kudingeka ahlale izinsuku ezingu-9 eqhugwaneni elakhiwe ngokukhethekile. Uma ebelethe indodakazi, kudingeka ahlale ezingu-7.

Ngo-1975, umkaJean wabeletha umfanyana omuhle, abamqamba ngokuthi uMarc. Ngokusekelwe olwazini lwakhe ngeBhayibheli, uJean nomkakhe babengafuni lutho olungabahlanganisa nemimoya emibi. Kodwa ingabe babeyovumela ukwesaba nokucindezelwa kubenze balandele le nkolelo-ze, bahlalise unina wengane eqhugwaneni? Cha—bayenqaba le nkolelo-ze yesizwe sakubo.—Roma 6:16; 2 Korinte 6:14, 15.

Kukhona yini okubi okwehlela umkhaya kaJean? Sekudlule iminyaka eminingi, futhi manje uMarc useyinceku ekhonzayo ebandleni lendawo loFakazi BakaJehova. Umkhaya wonke uyajabula ngokuthi awuzange uvumele izinkolelo-ze zithonye ukuphila kwawo futhi zibeke inhlalakahle yawo engokomoya engozini.—1 Korinte 10:21, 22.

AmaKristu eqiniso kumelwe angayivumeli imikhuba emibi yezinkolelo-ze ithonye ukuphila kwawo, futhi kumelwe amukele ukukhanya okungokomoya okunikezwa nguMdali, uJehova neNdodana yakhe, uJesu Kristu. Kanjalo angajabulela ukuthula kwengqondo kwangempela okutholakala ngokwazi ukuthi enza okulungile emehlweni kaNkulunkulu.—Johane 8:32.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 20 Amagama ashintshiwe.

^ par. 21 Bheka isihloko esithi “Ingabe UDeveli Uyasenza Sigule?” kuyi-Nqabayokulinda ka-September 1, 1999.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 5]

Ezinye Zezinkolelo-ze Ezivamile Emhlabeni

• Izinti zokudla ezimi esitsheni esinelayisi ziyibika lokufa

• Ukubona isikhova emini kuletha ibhadi

• Ukucisha kwekhandlela phakathi nomcimbi kusho ukuthi kukhona imimoya emibi

• Ukuwelwa yisambulela kusho ukuthi kukhona ozobulawa endlini

• Ukubeka isigqoko phezu kombhede kuletha amashwa

• Ukukhala kwensimbi kuxosha amademoni

• Ukuwacisha ngokokuqala wonke amakhandlela ekhekhe losuku lokuzalwa kwenza isifiso somuntu sifezeke

• Umshanelo oncike embhedeni wenza imimoya emibi esemshanelweni ikwazi ukuthakatha umbhede

• Ukunqamula kwekati elimnyama phambi kwakho kusho ishwa

• Ukuwisa imfoloko kusho ukuthi kuzofika isivakashi

• Isithombe sezindlovu siletha inhlanhla uma sibheke emnyango

• Isicathulo sehhashi ngaphezu komnyango siletha inhlanhla

• Intandela ekhula odongeni lwendlu iyisivikelo kokubi

• Kuletha ishwa ukuhamba ngaphansi kwesitebhisi

• Ukuphula isibuko kusho iminyaka eyisikhombisa yeshwa

• Ukuchitha i-pepper kusho ukuthi uzoxabana nomngane wakho omkhulu

• Ukuchitha usawoti kuletha ishwa ngaphandle kokuba omncane uthelwe ngemuva kwehlombe lesokunxele

• Ukushiya isihlalo esinqekuzayo sinqekuza kungahlezi muntu kubiza amademoni azohlala kuso

• Ukushiya izicathulo zigubudile kuletha ishwa

• Lapho kushoniwe, kumelwe kuvulwe amafasitela ukuze umphefumulo uphume

[Ibhokisi ekhasini 6]

Bákhululwa Ekulawulweni Yizinkolelo-ze

OFakazi BakaJehova babeshumayela endaweni ethile eNingizimu Afrika. Lapho kuvuleka umnyango ngemva kokuba oFakazi bengqongqozile, bathola owesifazane egqoke izivatho zobungoma. Babefuna ukujika bahambe, kodwa lona wesifazane waphikelela nokuthi abasho abahamba ngakho. Omunye walabo Fakazi wafunda uDuteronomi 18:10-12 ukuze ambonise umbono kaNkulunkulu ngokusebenzisa imimoya. Lesi sangoma sasamukela isigijimi futhi savuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Sathi uma isifundo saso seBhayibheli singasigculisa ukuthi ukuba yisangoma kumelene nalokho uJehova akufunayo sizoyeka.

Ngemva kokufunda isahluko 10 encwadini ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, neBhayibheli, sayishisa yonke impahla yaso yobungoma sase siqala ukuya emihlanganweni eHholo LoMbuso. Ngaphezu kwalokho, salungisa umshado waso, nakuba sase sineminyaka engu-17 singahlali nomyeni waso. Bobabili manje sebengoFakazi BakaJehova abazinikezele, babhapathizwa.

[Isithombe ekhasini 6]

Isangoma sishaya amathambo ukuze sibone inkinga yozobhula

[Izithombe ekhasini 7]

Ulwazi olunembile ngoNkulunkulu luletha isivikelo sangempela nenjabulo