Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isifundo Esisithola Kunogolantethe

Isifundo Esisithola Kunogolantethe

Isifundo Esisithola Kunogolantethe

“NONOGOLANTETHE emkhathini uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo, . . . kepha abantu bami abazazi izahlulelo zikaJehova.” (Jeremiya 8:7) Ngalawo mazwi, umprofethi uJeremiya wamemezela izahlulelo zikaJehova kubantu abahlubukayo bakwaJuda, ababeshiye uJehova uNkulunkulu wabo baphendukela ekukhulekeleni onkulunkulu bezizwe. (Jeremiya 7:18, 31) Kungani uJeremiya akhetha unogolantethe ukuze afundise amaJuda angathembekile?

Kuma-Israyeli, unogolantethe, ikakhulu omhlophe, wawuvamile ukubonakala lapho ufuduka emazweni angezikhathi zeBhayibheli. Igama lesiHeberu lale nyoni enkulu, enemilenze emide, ehamba igxambuze emanzini, lisho “othembekile; umuntu womusa wothando.” Kuyafaneleka lokhu, ngoba ngokungafani neningi lezinye izinyoni, unogolantethe oyiduna noyinsikazi bahlala ndawonye unomphela. Ngemva kokuba sezindaweni ezifudumele ebusika, onogolantethe abaningi bavame ukubuyela esidlekeni esifanayo abebesisebenzisa ngaphambili, unyaka ngamunye.

Indlela unogolantethe owenza ngayo ngokwemvelo ibonisa imfanelo yokwethembeka nangezinye izindlela eziphawulekayo. Iduna nensikazi kuyasizana ekufukameleni amaqanda nasekufunzeni amaphuphu. Incwadi ethi Our Magnificent Wildlife iyachaza: “Njengabazali, onogolantethe bathembeke ngendlela ephawulekayo. EJalimane unogolantethe oyiduna wazithela ezintanjeni ezinogesi onamandla wafa. Umata wawo waqhubeka efukamela amaqanda eseyedwa izinsuku ezintathu, wasuka kanye nje kuphela esidlekeni eyofuna ukudla. . . . Kwesinye isenzakalo, lapho insikazi kanogolantethe idutshulwa, amaphuphu akhuliswa uyise.”

Ngempela, lapho ubonisa ukwethembeka ngokwemvelo kumata wayo wokuphila konke futhi unakekela amaphuphu, unogolantethe ugcwalisa okushiwo yigama lawo—“othembekile.” Ngakho, onogolantethe baba yizifundo ezikahle nezinamandla kuma-Israyeli ayengathembekile nayephambuka.

Kubantu abaningi namuhla, ukwethembeka nobuqotho kuyisidala—kuyathandeka kodwa akwenzeki ngokoqobo. Ukwanda kwesahlukaniso, ukulahlana, ukukhwabanisa, nezinye izindlela zokukhohlisa kubonisa ukuthi ukwethembeka akusaziswa. Ngokuhlukile, iBhayibheli likuveza njengokubaluleke kakhulu ukwethembeka okushukunyiswa uthando nomusa. Likhuthaza amaKristu ukuba ‘agqoke ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokwethembeka.’ (Efesu 4:24) Yebo, ubuntu obusha buyasisiza sethembeke, kodwa singathola isifundo sokwethembeka nakunogolantethe.