Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngimdala Futhi Nganelisiwe Yiminyaka

Ngimdala Futhi Nganelisiwe Yiminyaka

Indaba Yokuphila

Ngimdala Futhi Nganelisiwe Yiminyaka

IXOXWA UMURIEL SMITH

Isicabha sami sangaphambili sangqangqazeliswa ukungqongqoza okunomsindo. Ngangisanda kufika ekhaya ngizokudla ukudla kwasemini ngemva kokuba matasa emsebenzini wokushumayela ekuseni. Njengenhlalayenza, ngangibilisa amanzi ukuze ngiphuze itiye, ngisathi ngithatha ikhefu lesigamu sehora. Ukungqongqoza kwakuzwakala kuphikelela, futhi njengoba ngiqonde emnyango, ngangizibuza ngiziphendula ukuthi kungaba ngubani nje ongafika ngalesi sikhathi. Kungakabiphi ngathola. Amadoda amabili ayemi emnyango athi angamaphoyisa. Angitshela ukuthi ayeze endlini yami ukuzosesha izincwadi ezikhiqizwa oFakazi BakaJehova—inhlangano engekho emthethweni.

Kungani oFakazi BakaJehova babevalwe umlomo e-Australia, futhi kwenzeka kanjani ukuthi ngibe ngomunye wabo? Umsuka wakho konke kwaba yisipho engasinikwa umama ngonyaka ka-1910, lapho ngineminyaka eyishumi ubudala.

UMKHAYA wakithi wawuhlala endlini eyakhiwe ngezingodo eCrows Nest eseNyakatho Sydney. Ngolunye usuku ngafika ekhaya ngivela esikoleni ngathola umama ekhuluma nendoda emnyango wangaphambili. Ngangifuna ukwazi ukuthi ingubani le ndoda engajwayelekile neyayigqoke isudu iphethe nesikhwama esigcwele izincwadi. Ngaxolisa nginamahloni ngangena endlini. Kodwa, ngemva nje kwemizuzu embalwa, umama wangibiza. Wathi: “Le ndoda iphethe izincwadi ezinhle, zonke zikhuluma ngemiBhalo. Manje njengoba kusondela usuku lwakho lokuzalwa, ungathola ingubo entsha noma lezi zincwadi. Ukhetha kuphi?”

“Hawu, mama, ngiyabonga ngizothatha izincwadi,” kuphendula mina.

Ngakho lapho ngineminyaka eyishumi ubudala, ngaba nemiqulu yokuqala emithathu ye-Studies in the Scriptures kaCharles Taze Russell. Indoda eyayisemnyango yachazela umama ukuthi kwakuzodingeka angisize ukuqonda izincwadi, njengoba zazingase zibe nzima kimi. Umama wathi uyokujabulela ukwenza kanjalo. Ngokudabukisayo, ngemva nje kwalokho, umama washona. Ngenkuthalo ubaba wasinakekela mina, umfowethu nodadewethu, kodwa manje ngase nginemisebenzi eminingana okwakudingeka ngiyenze, futhi kwakungathi ingaphezu kwamandla ami. Kunenye inhlekelele eyayicathama.

Ngo-1914 kwagqashuka impi yezwe yokuqala, futhi ngemva nje konyaka, ubaba wethu othandekayo wabulawa. Njengoba sase siyizintandane, umfowethu nodadewethu bathunyelwa ukuba bayohlala nezihlobo, kwathi mina ngathunyelwa ekolishi lamaKatolika ngayohlala khona. Ngezinye izikhathi sasingibulala isizungu. Noma kunjalo, ngiyabonga ngethuba enganikwa lona lokuqhubeka nomculo owawuyintandokazi yami, ikakhulu upiyano. Iminyaka yahamba, futhi ngaphothula ekolishi engangihlala kulo. Ngo-1919, ngashada noRoy Smith, umthengisi wezimfijoli zomculo. Ngo-1920, saqala umkhaya, futhi nakulokhu ngangimatasa ngeminako yokuphila yansuku zonke. Kodwa kuthiwani ngaleziya zincwadi?

Umakhelwane Ungixoxela Iqiniso Elingokomoya

Phakathi nayo yonke leyo minyaka, ngangilokhu ngihamba nazo “izincwadi zeBhayibheli.” Nakuba empeleni ngangingakaze ngizifunde, ekujuleni kwenhliziyo ngangazi ukuthi umyalezo ezaziwuqukethe wawubalulekile. Kwathi ngolunye usuku ngasekupheleni kuka-1920, uLil Bimson, omunye womakhelwane bethu, wasivakashela. Saya ekamelweni lokuphumula, sahlala phansi, saphuza itiye.

“Hawu, ninazo lezi zincwadi!” ebabaza.

“Ziphi?” ngibuza ngididekile.

Wakhomba i-Studies in the Scriptures eyayiseshalofini lezincwadi. ULil waziboleka waya nazo kwakhe futhi wazifunda ngokuzimisela. Isasasa lakhe ngalokho ayekufundile lashesha ukubonakala. ULil wathola izincwadi ezengeziwe kubaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngaleso sikhathi. Ngaphezu kwalokho, akakwazanga ukuzibamba ukusitshela zonke izinto ayezifunda. Enye yezincwadi azithola yayithi The Harp of God, futhi yagcina isendlini yethu. Ukuphila kwami enkonzweni kaJehova kwagcina kuqalile lapho ngibekela isikhathi eceleni ukuze ngifunde le ncwadi esekelwe eBhayibhelini. Ekugcineni, ngazithola izimpendulo zemibuzo isonto lami elalingakwazanga ukunginika zona.

Ngokujabulisayo, uRoy wanakisisa umyalezo weBhayibheli, sobabili saba abafundi beBhayibheli abashisekayo. Ngaphambili uRoy wayeyilungu lama-Freemason. Manje umkhaya wethu wawumunye ekukhulekeleni kweqiniso, futhi kabili ngesonto omunye wabazalwane wayeqhubela umkhaya wonke isifundo seBhayibheli. Kwasikhuthaza nakakhulu ukuba semihlanganweni yabaFundi BeBhayibheli. Yayiqhutshelwa eSydney ehholo elincane elaliqashiwe endaweni yaseNewtown. Ngaleso sikhathi, kwakunoFakazi abangaphansi kuka-400 ezweni lonke, ngakho iningi labazalwane kwakudingeka lihambe amabanga amade uma liya emihlanganweni.

Ukuze sibe khona emihlanganweni njengomkhaya, njalo kwakudingeka siwele iSydney Harbour. Ngaphambi kokuba kwakhiwe iSydney Harbour Bridge ngo-1932, isikhathi ngasinye kwakuwelwa ngesikebhe esithwala izimoto. Naphezu kwesikhathi nezindleko zalolu hambo, sasenza umzamo wokuba singaphuthelwa ukudla okungokomoya uJehova ayesilungiselela kona. Umzamo wokuba sigxile eqinisweni wawufaneleka, njengoba impi yezwe yesibili yayiviva, futhi indaba yokungathathi-hlangothi yayizowuthinta ngokuqondile umkhaya wethu.

Isikhathi Sovivinyo Nesemivuzo

Iminyaka yasekuqaleni kwawo-1930 yayithakazelisa kimi nomkhaya wami. Ngabhapathizwa ngo-1930, futhi ngo-1931 ngangikhona emhlanganweni ongenakulibaleka lapho sonke samukela igama elihle elithi oFakazi BakaJehova. Mina noRoy sazama ukuphila ngokuvumelana nalelo gama ngokuhlanganyela kuzo zonke izindlela zokushumayela nemikhankaso inhlangano eyayiyikhuthaza. Ngokwesibonelo, ngo-1932 sahlanganyela emkhankasweni okhethekile wencwajana eyayenzelwe abantu abaningi ababeze ukuzobona ukuvulwa kweSydney Harbour Bridge. Into eyavelela ngokukhethekile kithi kwakuwukusetshenziswa kwezimoto ezinombhobho, futhi saba nelungelo lokuba imoto yethu yomkhaya ifakwe umbhobho. Ngalobu buchwepheshe, sagcwalisa izitaladi zaseSydney ngezintshumayelo eziqoshiwe zikaMfoweth’ uRutherford.

Nokho, izikhathi zabuye zashintsha futhi zaya ziba nzima. Ngo-1932 ukuWohloka Okukhulu Kwezomnotho kwacindezela kakhulu e-Australia, ngakho mina noRoy sanquma ukwenza ukuphila kwethu kube lula. Enye indlela esakwenza ngayo lokhu kwaba ukuthuthela eduze nebandla, sazinciphisa kakhulu izindleko zokuhamba. Nokho, izingcindezi zomnotho azizange zisasho lutho njengoba ingebhe eyayibangelwa yiMpi Yezwe II yayisibekela umhlaba.

Ngokulalela kwabo umyalo kaJesu wokungabi ingxenye yezwe, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bashushiswa, nase-Australia kwaba okufanayo. Begcwele usinga lwempi, abanye basibiza ngamaKhomanisi. Laba baphikisi baqamba amanga bathi oFakazi BakaJehova basebenzisa iziteshi zabo zomsakazo ezine e-Australia ukuze bathumele ukwaziswa ebuthweni laseJapane.

Abazalwane abasebasha ababebizelwe ukungenela inkonzo yezempi babhekana nokucindezela okukhulu kokuba bayekethise. Ngiyajabula ukuthi womathathu amadodana ethu athatha ukuma kwawo ngokuvumelana nezinkolelo zawo alondoloza ukungathathi-hlangothi. Indodana yethu endala uRichard, yagwetshwa izinyanga ezingu-18 ejele. Indodana yethu yesibili, uKevin, yakwazi ukubhalisa njengomuntu owenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. Kodwa, ngokudabukisayo, indodana yethu encane uStuart yashona engozini yesithuthuthu isendleleni ilibangise enkantolo iyophothula ukuvikela kwayo udaba lokungathathi-hlangothi. Le nhlekelele yayicindezela ngempela. Kodwa ukugxilisa ukunaka kwethu eMbusweni nasesithembisweni sikaJehova sovuko kwasisiza sakhuthazela.

Balahlekelwa Umklomelo Oyiwonawona

Ngo-January 1941, oFakazi BakaJehova bavalwa umlomo. Kodwa njengoba kwenza abaphostoli bakaJesu, mina noRoy salalela uNkulunkulu njengombusi kunabantu, futhi saqhubeka ngomshoshaphansi iminyaka emibili. Kungale nkathi lapho amaphoyisa amabili agqoke njengabantu abavamile engikhulume ngawo ekuqaleni ángqongqoza emnyango wami. Kwenzekani?

Ngawangenisa. Njengoba engena endlini, ngabuza, “Ngingaqedela nje inkomishi yami yetiye ngaphambi kokuba niseshe indlu?” Ngokumangalisayo, avuma, futhi ngaya ekhishini ukuze ngiyothandaza kuJehova futhi ngicabangisise kahle. Lapho ngibuya, elinye iphoyisa langena endaweni yethu yokutadisha lathatha konke elalikubona kunophawu lwe-Watchtower, lathatha nezincwadi ezazisesikhwameni sami sasensimini kanye neBhayibheli.

Labe selibuza: “Uyaqiniseka ukuthi awunazo ezinye izincwadi ezifihlwe ndawana-thile emabhokisini? Sizwile ukuthi nivame ukuya emihlanganweni masonto onke ehholo elisekupheleni kwalo mgwaqo futhi nihamba nezincwadi eziningi khona.”

“Kunjalo impela, kodwa azikho lapho manje,” kuphendula mina.

Lathi: “Yebo, siyakwazi lokho Nkosikazi Smith, futhi siyazi nokuthi izincwadi zibekwe emakhaya abantu kuyo yonke indawo.”

Ekamelweni lendodana yethu, athola amabhokisi amahlanu anamakhophi encwajana ethi, Freedom or Romanism.

“Uyaqiniseka ukuthi awunalutho olunye egalaji?” libuza.

“Cha, akukho lutho lapho,” kusho mina.

Labe selivula ikhabethe ekamelweni lokudlela. Lathola amafomu angagcwalisiwe, ayesetshenziselwa ukwenza umbiko webandla. Lawathatha maqede laphikelela ukuthi lifuna ukubheka egalaji.

“Wozani ngapha-ke,” kusho mina.

Angilandela saphuma saya egalaji futhi ngemva kokulihlola, agcina ehambile.

Lawo maphoyisa ayecabanga ukuthi ahlabene ngokuthola lawo mabhokisi amahlanu! Kodwa áshiya okuyiyona nto enkulu. Phela, ngalezo zinsuku, ngangiwunobhala webandla, futhi nganginohlu lwabamemezeli bebandla nezinye izinto ezibalulekile endlini. Kwakusizile ukuba abazalwane basixwayise ukuze sikulungele lokho kuseshwa, ngase ngiyawafihla la maphepha. Ngawafaka ezimvilophini ngase ngizifaka ngaphansi emakopini etiye, kashukela nakafulawa. Ezinye ngangizifake endlini yezinyoni, eyayingasegalaji. Ngakho amaphoyisa ayekade ekudlula phambi kwawo ukwaziswa ayekufuna.

Ukungenela Inkonzo Yesikhathi Esigcwele

Ngo-1947, izingane zethu ezindala zase zinemikhaya yazo. Ngalesi sikhathi, mina noRoy sanquma ukuthi singayingenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Kwakunesidingo ensimini yaseNingizimu Australia, ngakho sathengisa umuzi wethu sathenga umahamba-nendlwana, esawuqamba ngokuthi uMizpah, okusho ukuthi “iNqaba Yokulinda.” Le ndlela yokuphila yasenza sakwazi ukushumayela ezindaweni eziqhelile. Sasivamile ukusebenza insimu engabelwe yasemaphandleni. Ziningi izinto ezimnandi zangaleso sikhathi engizikhumbulayo. Omunye wabantu engangibafundela kwakuyintokazi okuthiwa uBeverly. Wathutha wahamba engakathuthukeli ekubhapathizweni. Cabanga indlela engajabula ngayo ngemva kweminyaka lapho kuza udade othile kimi emhlanganweni engitshela ukuthi unguBeverly! Angive ngajabula ukumbona ekhonza uJehova enomyeni wakhe nabantwana ngemva kwayo yonke leyo minyaka.

Ngo-1979, ngaba nelungelo lokuya eSikoleni Senkonzo Samaphayona. Enye yezinto ezagcizelelwa kuleso sikole kwakuwukuthi ukuze umuntu akhuthazele enkonzweni yokuphayona, kufanele abe nesimiso esihle sesifundo somuntu siqu. Impela ngakubona ukuthi kuyiqiniso lokho. Ukutadisha, imihlangano nenkonzo bekulokhu kuyizinto engiphila ngazo. Ngikubheka njengelungelo ukuthi sengineminyaka engaphezu kwengu-50 ngikhonza njengephayona elivamile.

Ukubhekana Nezinkinga Zokuphila

Nokho, kula mashumi eminyaka ambalwa adlule ngiye ngabhekana nezinselele ezikhethekile. Ngo-1962, kwatholakala ukuthi nginesifo i-glaucoma. Ngaleso sikhathi, izindlela zokuselapha zazingathuthukile ukuyaphi, ngakho amehlo ami aya efiphala ngokushesha. Nempilo kaRoy yawohloka, kwathi ngo-1983 washaywa unhlangothi kanzima, wagogeka, wangabe esakwazi ukukhuluma. Washona ngo-1986. Wayengisekele kakhulu ngokoqobo enkonzweni yami yesikhathi esigcwele, futhi angive ngimkhumbula.

Naphezu kwalezo zingqinamba, ngazama ukuhlala nginesimiso esihle sezinto ezingokomoya. Ngathenga imoto eqinile, elungele insimu yasendaweni yakithi esamaphandle, ngaqhubeka nenkonzo yokuphayona ngisizwa yindodakazi yami uJoyce. Amehlo ami aya enqundeka, elinye lagcina lingasaboni nhlobo. Odokotela balikhipha bafaka elengilazi. Noma kunjalo, ngakwazi ukutadisha amahora amathathu kuya kwamahlanu ngosuku ngaleli elisabonabona, ngisebenzisa isibona-khulu.

Isikhathi sokutadisha besilokhu siyigugu kakhulu kimi. Ngakho ungase ucabange ukuthi kwangishaqisa kanjani lapho ngisatadisha ngolunye usuku, ngingazelele, ngavele ngangabe ngisabona. Kwakunjengokungathi kukhona umuntu ocishe isibani. Ngangingasaboni nhlobo. Ngiye ngaqhubeka kanjani ngitadisha? Nakuba izindlebe zami zingasezwa, ngithembela emakhasethini nasekusekeleni kothando komkhaya wami ukuze ngiqhubeke ngiqinile ngokomoya.

Ukukhuthazela Kuze Kube Sekupheleni

Njengoba sengihlanganise iminyaka eyikhulu, kunezinye izinto ezingasahambi kahle empilweni yami, futhi kuye kwadingeka nginciphise izinga kakhulu. Ngezinye izikhathi, ngizizwa ngididekile. Empeleni, njengoba ngingasaboni nhlobo, ngezinye izikhathi ngidideka nje ngoba ngilahlekile ngempela! Ngingajabula kakhulu ukuphinde ngibe nezifundo zeBhayibheli, kodwa njengoba impilo yami seyinjena, angisakwazi ukuphuma ngiyozifuna. Lokhu kwaqale kwangenza ngacindezeleka. Kwadingeka ngifunde ukwamukela ukulinganiselwa kwami, ngenze engikwaziyo ukukwenza. Bekungelula. Nokho, yeka ilungelo okuyilo ukukwazi ukubika isikhathi esithile nyanga zonke engixoxe ngaso ngoNkulunkulu wethu omkhulu, uJehova. Lapho ngithola amathuba okuxoxa ngeBhayibheli, njengalapho kufika abahlengikazi, abantu abazokhanda okuthile nabanye, ngiyawasebenzisa—ngokuhlakanipha belu.

Esinye sezibusiso eziye zanganelisa kakhulu ukubona izizukulwane ezine zomkhaya wami zikhulekela uJehova ngokwethembeka. Abanye baye bazikhandla ukuze bakhonze njengamaphayona ezindaweni ezinendingeko enkulu, bakhonze njengabadala noma izinceku ezikhonzayo, bakhonze naseBethel. Njengabanye abaningi abangontanga yami, akubuzwa ukuthi ngangilindele ukuba ukuphela kwalesi simiso kufike ngokushesha kunalokhu. Kodwa yeka ukwanda engiye ngakubona kule minyaka engu-70 ngisenkonzweni! Kungenza nganeliseke kakhulu ukuthi ngiye ngahlanganyela entweni enkulu kangaka!

Abahlengikazi abangihambelayo baye bathi kumelwe ukuba ukholo lwami yilona olungigcina ngiphila. Ngiyavumelana nabo. Ukuba matasa enkonzweni kaJehova kwenza umuntu aphile ngendlela engcono kunazo zonke. NjengeNkosi uDavide, ngingasho kugcwale umlomo ukuthi sengimdala futhi nganelisiwe yiminyaka.—1 IziKronike 29:28.

(UDade uMuriel Smith washona ngo-April 1, 2002, lapho kuqedelwa lesi sihloko. Njengoba kwase kusele inyanga eyodwa kuphela abe neminyaka engu-102 ubudala, wayeyisibonelo esihle ngempela sokwethembeka nokukhuthazela.)

[Izithombe ekhasini 24]

Lapho ngineminyaka engaba mihlanu ubudala nalapho nginengu-19, ngihlangana nomyeni wami, uRoy

[Isithombe ekhasini 26]

Imoto yethu nomahamba-nendlwana esawuqamba sathi uMizpah

[Isithombe ekhasini 27]

Nginomyeni wami, uRoy, ngo-1971