Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Ukubusisa Nini Ukuzikhandla?

UJehova Ukubusisa Nini Ukuzikhandla?

UJehova Ukubusisa Nini Ukuzikhandla?

“ANGIHAMBE, ngokuba sekuyasa.”

“Anginakukuyeka ukuba uhambe ungangibusisanga.”

“Ungubani igama lakho?”

“NginguJakobe.”

“Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli, ngokuba ulwile noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”Genesise 32:26-28.

Leyo ngxoxo ethakazelisayo yabuveza ngokumangalisayo ubungqabavu bukaJakobe owayeneminyaka engu-97 ubudala. Nakuba iBhayibheli lingasho ukuthi wayeyisidlakela, wabambana, noma washikilisana nengelosi ubusuku bonke. Ngani? UJakobe wayekhathazeke kakhulu ngesithembiso uJehova ayesenze kokhokho bakhe—ifa lakhe.

Eminyakeni eminingi ngaphambili umfowabo kaJakobe, u-Esawu, wayenikezele kuye ubuzibulo ukuze athole isitshulu. Manje uJakobe uzwa ukuthi u-Esawu uza namadoda angu-400. Ekhathazeke kufanele, uJakobe ufuna isiqinisekiso ngesithembiso sikaJehova sokuthi umkhaya wakhe uyochuma ezweni elingaphesheya koMfula iJordani. Ngokuvumelana nemithandazo yakhe, uJakobe wenza okuthile ngokushesha. Uthumela izipho ezinkulu ku-Esawu osondelayo. Wenza namalungiselelo okuzivikela, uhlukanisa ikamu lakhe kabili ahambise amakhosikazi nezingane zakhe ziwele izibuko iJaboki. Ezikhandla kanzima futhi ekhala izinyembezi, manje uzabalaza nakakhulu ngokushikilisana nengelosi ubusuku bonke ukuze “azinxusele umusa.”—Hoseya 12:4, NW; Genesise 32:1-32.

Cabanga ngesibonelo sangaphambili, uRaheli, inkosikazi yesibili kaJakobe ayeyikhonzile. URaheli wazi kahle ukuthi uJehova uthembise ukumbusisa uJakobe. Udadewabo, uLeya, inkosikazi yokuqala kaJakobe, ubusiswe ngamadodana amane, kanti uRaheli usalokhu eyinyumba. (Genesise 29:31-35) Kunokuba azidabukele ngokweqile, uyaqhubeka enxusa uJehova ngomthandazo futhi enze okudingekayo ngokuvumelana nemithandazo yakhe. Njengoba kwenza ukhokhokazi wakhe uSara ngoHagari, uRaheli uletha incekukazi yakhe uBiliha kuJakobe ukuba ibe umkakhe omncane ukuze, njengoba kusho uRaheli, ‘ngithole abantwana kuye.’ * UBiliha uthola amadodana amabili kuJakobe—uDani noNafetali. Lapho kuzalwa uNafetali uRaheli uzwakalisa izinga azikhandle ngalo ngokomzwelo: “Ngokubambana ngibambene nodadewethu . . . , ngamahlula.” URaheli ubusiswa nangamadodana amabili azelwe nguye, uJosefa noBenjamini.—Genesise 30:1-8; 35:24.

Kungani uJehova akubusisa ukuzikhandla okungokomzimba nokungokomzwelo kukaJakobe noRaheli? Baqhubeka begxile entandweni kaJehova futhi balazisa ifa labo. Bathandazela isibusiso sakhe ngokuzimisela ekuphileni kwabo futhi benza okwakudingeka ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu nezicelo zabo.

NjengoJakobe noRaheli, abaningi namuhla bangakufakazela ukuthi kudingeka umzamo wenkuthalo ukuze umuntu athole isibusiso sikaJehova. Imizamo yabo ngokuvamile ihambisana nezinyembezi, ukudumazeka nokukhungatheka. Omunye umama ongumKristu, u-Elizabeth, ukhumbula ukuzikhandla okwadingeka ukuze aphinde aqale ukuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu ngemva kokunyamalala isikhathi eside. Njengoba ayenabafanyana abahlanu, umyeni ongakholwa futhi kudingeka ashayele ibanga elingamakhilomitha angu-30 eya eHholo LoMbuso, kwakuyinselele. “Ukuzama ukuya emihlanganweni njalo kwakudinga ukuzithiba okukhulu, engangazi ukuthi kuyasisiza mina nabafana bami. Kwabasiza babona ukuthi lena yinkambo ekufanele ukulandelwa.” UJehova wayibusisa imizamo yakhe. Kubafana bakhe abathathu abakhuthele ebandleni lobuKristu, ababili basenkonzweni yesikhathi esigcwele. Ejabula ngentuthuko yabo engokomoya, uthi: “Sebekhule bangidlula ngokomoya.” Yeka isibusiso esihle sokuzikhandla kwakhe!

Ukuzikhandla UNkulunkulu Akubusisayo

Ukwenza umzamo wokuzimisela nokuzikhandla kunemivuzo impela. Lapho sizikhandla ngokwengeziwe emsebenzini noma esabelweni esithile, sithola ukwaneliseka okwengeziwe. Yileyo indlela uJehova asidala ngayo. INkosi uSolomoni yabhala: “Abantu bonke [kufanele] badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.” (UmShumayeli 3:13; 5:18, 19) Nokho, ukuze sithole isibusiso sikaNkulunkulu, kumelwe siqiniseke ukuthi imizamo yethu iqondiswe kokufanele. Ngokwesibonelo, kunengqondo yini ukulindela isibusiso sikaJehova endleleni yokuphila eyenza izinto ezingokomoya zize kamuva? Ingabe umKristu ozinikezele angazithembisa ukwamukelwa nguJehova uma ethatha umsebenzi noma evuma isikhundla esizosho ukulahlekelwa njalo ubudlelwane nemfundo eyakha ukholo emihlanganweni yobuKristu?—Heberu 10:23-25.

Ukuzikhandla ukuphila konke emsebenzini wokuziphilisa noma ekufuneni ukuchuma ngokwezinto ezibonakalayo akusho ukuthi nakanjani umuntu ‘uyobona okuhle’ uma eshiya ngaphandle izinto ezingokomoya. UJesu wachaza imiphumela yokuzikhandla entweni engafanele emfanekisweni womhlwanyeli. Ekhuluma ngembewu ‘ehlwanyelwe phakathi kwameva,’ uJesu wachaza ukuthi “lona yilowo ozwa izwi, kodwa izinkathazo zalesisimiso sezinto namandla engcebo okukhohlisa [kuliminyanise] izwi, futhi abe ongatheli.” (Mathewu 13:22) NoPawulu waxwayisa ngogibe olufanayo, wayesenezela ukuthi labo abaphishekela izinto ezibonakalayo “bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu embubhisweni nasencithakalweni.” Liyini ikhambi lale ndlela yokuphila elimaza ingokomoya? UPawulu waqhubeka wathi: ‘Zibalekele lezizinto futhi ungabeki ithemba lakho engcebweni engaqinisekile, kodwa kuNkulunkulu, osinikeza zonke izinto ngokucebile ukuze sizijabulele.’—1 Thimothewu 6:9, 11, 17.

Kungakhathaliseki ukuthi sibadala kangakanani noma sinesikhathi eside kangakanani sikhonza uJehova, sonke singazuza ngokulingisa ukuzikhandla okwaboniswa nguJakobe noRaheli. Njengoba babefuna ukwamukelwa nguNkulunkulu, abazange neze bakhohlwe yifa labo, kungakhathaliseki ukuthi izimo zazesabisa noma zikhungathekisa kanjani. Namuhla, izingcindezi nobunzima esibhekana nabo kungase kwesabise, kukhungathekise, noma kucindezele ngendlela efanayo. Kunesilingo sokuba siyeke ukuzabalaza sibe esinye sezisulu zokuhlasela kukaSathane. Angasebenzisa noma yiziphi izindlela ukuze afeze akuhlosile, kungaba ukuzijabulisa noma ukuzilibazisa, ezemidlalo noma izinto zokuchitha isizungu, umsebenzi wokuziphilisa noma ukuchuma ngokwezinto ezibonakalayo. Ngokuvamile kuthenjiswa imiphumela emihle, kodwa ayivamile ukutholakala. Labo abakhohliswa noma bayengelwe ukuba bagxile kulezo zinto ngokuvamile bagcina bedumazeke kakhulu. NjengoJakobe noRaheli basendulo, masihlakulele umoya womzabalazi ozimisele, siwanqobe amaqhinga kaSathane.

UDeveli angajabula afe uma engasibona sizitshela ukuthi sihlulekile, sibe nomuzwa wokuthi ‘lesi simo asithembisi. Akukho esingakwenza. Akusizi lutho.’ Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani-ke ngathi sonke ukuba siqaphe singabi nesimo sengqondo sokulahla ithemba, sicabange ukuthi ‘angithandwa muntu’ nokuthi ‘uJehova ungikhohliwe.’ Ukuvumela imicabango enjalo kuwukuzigwaza ngowakho. Kungenzeka yini ukuthi kubonisa ukuthi sesiphonse ithawula, asisazabalazi kuze kube yilapho sithola isibusiso? Khumbula ukuthi uJehova uyakubusisa ukuzikhandla kwethu.

Qhubeka Uzabalazela Ukuthola Isibusiso SikaJehova

Inhlalakahle yethu engokomoya ixhomeke kakhulu ekuqondeni kwethu izinto ezimbili eziyisisekelo ngokuphila kwethu njengezinceku zikaJehova. (1) Akukho muntu okunguye yedwa onezinkinga, ukugula, noma izimo ezinzima ekuphileni, futhi (2) uJehova uyakulalela ukukhala kwalabo abamnxusa ngokuzimisela ukuba abasize futhi ababusise.—Eksodusi 3:7-10; Jakobe 4:8, 10; 1 Petru 5:8, 9.

Kungakhathaliseki ukuthi izimo zakho zinzima kanjani noma uzizwa ulinganiselwe kanjani, ungasivumeli ‘isono esisithandela kalula’—ukuntula ukholo. (Heberu 12:1) Qhubeka uzabalaza uze uthole isibusiso. Yiba nesineke, ukhumbule uJakobe owayesekhulile, owazabalaza ubusuku bonke ukuze athole isibusiso. Njengomlimi ohlwanyela entwasahlobo abese elindela isivuno, lindela isibusiso sikaJehova ngesineke emsebenzini wakho ongokomoya, kungakhathaliseki ukuthi unomuzwa wokuthi kuncane kangakanani okwenzayo. (Jakobe 5:7, 8) Futhi wakhumbule njalo amazwi omhubi: “Abahlwanyela ngezinyembezi bayakuvuna ngokuthokoza.” (IHubo 126:5; Galathiya 6:9) Yima uqine, uqhubeke uphakathi kwabazabalazayo.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 9 Umkhuba wokuba nezancinza wawukhona ngaphambi kwesivumelwano soMthetho futhi uMthetho wawuwuqaphela futhi uwulawula. UNkulunkulu akakubonanga kudingekile ukubuyisela indinganiso yokuba nomfazi oyedwa ayeyibeke ensimini yase-Edene kwaze kwaba yilapho kuvela uJesu Kristu, kodwa wazivikela izancinza ngemithetho ayinikeza. Kusobala ukuthi ukuba nezancinza kwasiza ekwandiseni ama-Israyeli ngokushesha.