Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuphila Ngokubuswa Yizinkolelo-ze

Ukuphila Ngokubuswa Yizinkolelo-ze

Ukuphila Ngokubuswa Yizinkolelo-ze

UTHI uyaphuma kwakho uphambana nomuntu. Uqhuzulwa yitshe. Uzwa inyoni ethile ikhala ebusuku. Ubeleselwa yiphupho elithile. Kwabaningi lezi yizenzakalo eziwubala nezingenangozi. Kodwa ezizweni ezithile zaseNtshonalanga Afrika, lezi zinto zingase zibhekwe njengezibonakaliso, amabika noma imiyalezo evela ezweni lemimoya. Kuye kuthiwe leso sibonakaliso nalokho esikushoyo kubikezela inhlanhla noma ishwa.

Yebo, izinkolelo-ze zandile nakwezinye izindawo ezingaphandle kwe-Afrika. Yize sebeneminyaka eminingi bephila endaweni ebuphika ngokomthetho ubukhona bukaNkulunkulu, abantu abaningi ngokumangazayo eChina nasezifundazweni zendawo eyayiyiSoviet Union basanamathele ezinkolelweni eziyize. Emazweni aseNtshonalanga, abaningi bafunda izinkanyezi zokuzalwa kwabo, bayawesaba umhla ka-13 uma ungoLwesihlanu futhi bayawagwema amakati amnyama. Ezinye izizwe eziseNyakatho Ekude zibheka ukukhanya kwasenyakatho njengebika lempi nomqedazwe. ENdiya, abashayeli bamaloli basakaza ingculaza ngoba bekholelwa ukuthi kudingeka babe nobuhlobo bobulili nothile ukuze bahlale bepholile uma kushisa. EJapane, abasebenzi basemihubheni bakholelwa ukuthi uma owesifazane engena emhubheni ungakaqedwa kuletha ishwa. Nasemidlalweni yochwepheshe, izinkolelo-ze zandile. Omunye umdlali we-volleyball waze wathi ukunqoba kwabo kwakungenxa yokugqoka kwakhe amasokisi amnyama kunamhlophe. Asinakuzibala zonke lezi zinkolelo-ze.

Wena-ke? Ingabe mhlawumbe nawe unento oyesabayo ongayivezi futhi engachazeki? Ingabe uthonywa “yinkolelo noma umkhuba obonakala ungenancazelo ezwakalayo”? Impendulo yakho ingaveza lukhulu, ngoba yileyo ndlela enye incwadi elichaza ngayo igama elithi “inkolelo-ze.”

Umuntu ovumela inkolelo-ze ithonye izinqumo zakhe nalokho akwenzayo nsuku zonke uvumela ukulawulwa yinto angayiqondi ngempela. Kuwukuhlakanipha yini lokhu? Kufanele yini sizithobe emathonyeni anjalo angacacile futhi okungenzeka mabi? Ingabe inkolelo-ze iyiphutha elingasho lutho noma iwusongo oluyingozi?