Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bayajabula Ngokuthi Sebeyakwazi Ukufunda!

Bayajabula Ngokuthi Sebeyakwazi Ukufunda!

Bayajabula Ngokuthi Sebeyakwazi Ukufunda!

KWEZINYE izindawo zaseSolomon Islands, amaphesenti angu-80 alabo asebengoFakazi BakaJehova kuye kwadingeka ashikashikane nenkinga yokungakwazi ukufunda nokubhala. Lokhu akubenzi nje bangahlanganyeli ngokugcwele emihlanganweni yebandla kodwa futhi kwenza kube nzima kubo ukufundisa abanye amaqiniso oMbuso. Kungenzeka ngempela yini ukuba abantu abadala abangakaze babambe ipeni ngesandla bakwazi ukufunda nokubhala?

Incwajana ethi Apply Yourself to Reading and Writing, enyatheliswa oFakazi BakaJehova, iye yasetshenziswa emakilasini okufundisa ukufunda nokubhala cishe kuwo wonke amabandla oFakazi BakaJehova kwelaseSolomon Islands. Izenzakalo ezilandelayo zibonisa indlela okuye kwasizwa ngayo amakhulu ukuba athole ikhono elisha ngalesi simiso. Okubaluleke nakakhulu, ukufunda ukuzifundela kuye kwabenza bakwazi ukunikeza ubufakazi obungcono ngokholo lwabo.—1 Petru 3:15.

Isithunywa sevangeli esasabelwe ebandleni elinabamemezeli abangaphezu kwekhulu saphawula ukuthi esifundweni seBhayibheli samasonto onke se-Nqabayokulinda babembalwa abanamakhophi abo kamagazini futhi bembalwa nakakhulu abaphendulayo. Kwakwenziwa yini? Ukungakwazi ukufunda. Lapho ebandleni kumenyezelwa ukuthi kuzosungulwa isikole sokufundisa ukufunda nokubhala, lesi sithunywa sevangeli sathi singasiza ekufundiseni. Ekuqaleni, kweza abafundi abambalwa, kodwa kungakabiphi kwase kuza abantu abangaphezu kuka-40 babo bonke ubudala.

Yaba yini imiphumela? Isithunywa sevangeli siyalandisa: “Ngemva kwesikhashana amakilasi eqalile, ngaya emakethe ngehora lesithupha ekuseni ngiyothenga ukudla kwasekhaya lezithunywa zevangeli. Ngafika ngabona abanye babafundi, ngisho nezingane, bedayisa i-coconut nemifino. Ngani? Ngoba babefuna ukuba nemali eyanele ukuthenga ipeni nencwadi abazokusebenzisa ekilasini lokufunda ukufunda nokubhala! Futhi, ukuba kulelo kilasi kwakubenza bafune ukuba ne-Nqabayokulinda yabo.” Siyanezela: “Manje eSifundweni Se-Nqabayokulinda, sekuhlanganyela abadala nabancane ngokufanayo, futhi siba nezingxoxo ezimnandi.” Lesi sithunywa sevangeli sajabula ngokukhethekile lapho amalungu amane ekilasi ecela ukuqala ukushumayela obala ngoba, njengoba asho, ‘ayengasesabi.’

Imiphumela emihle kubafundi abakula makilasi okufunda nokubhala iye yadlulela ngalé kokufunda nokubhala. Ngokwesibonelo, inkosikazi engakholwa yomunye uFakazi isineminyaka eminingi iwuhlupho ebandleni. Uma nje ike yathintwa yayijikijela abantu ngamatshe futhi yayigijimisa abanye besifazane ngokhuni. Lapho kwenzekile yeza emihlanganweni yobuKristu nomyeni wayo, yayiba nesikhwele kangangokuthi umyeni waze wanquma ukufaka izibuko ezimnyama ukuze ingalokhu ithi ubuka abanye abafazi.

Kodwa ngemva nje kokuqala kwamakilasi okufunda nokubhala, lona wesifazane wacela ngesizotha: “Ngingeza nami ekilasini?” Wavunyelwa. Kusukela lapho akazange aphuthe ekilasini noma emhlanganweni webandla. Wazikhandla ezifundweni zokufunda futhi wathuthuka ngendlela emangalisayo, okwamjabulisa kakhulu. Waphinde wacela: “Ngingaqhutshelwa isifundo seBhayibheli?” Umyeni wakhe wakujabulela ukuqala ukufunda naye, futhi uyaqhubeka ethuthuka ekufundeni nasekubhaleni nasolwazini lwakhe lweBhayibheli.

Kumuntu oneminyaka engu-50 ubudala ongakaze aliphathe ngesandla ipeni, ukulibamba nje nokubhala izinhlamvu kungaba umqansa omkhulu. Abanye baphuma amabhamuza eminweni ngenxa yokucindezela kakhulu ipeni ephepheni lapho besaqala ukufunda. Ngemva kwamasonto athile bezama ukubamba nokuqondisa ipeni, abanye abafundi bamamatheka kakhulu bathi: “Sengiyakwazi ukuhambisa isandla ngingalicindezeli kakhulu iphepha!” Ukubona intuthuko yabafundi kwenza nabafundisayo bajabule. Omunye wabafundisayo wathi: “Ukufundisa ikilasi kujabulisa kakhulu, futhi ukulazisa kwabafundi ngobuqotho leli lungiselelo elivela kuJehova kuvame ukuzwakaliswa ngehlombe ekupheleni kwekilasi.”

Lab’ oFakazi asebekwazi ukufunda nokubhala bajabula kanye nezithunywa zevangeli. Ngani? Ngoba sebeyakwazi ukusebenzisa ikhono labo lokufunda nokubhala ukuze badumise uJehova.

[Izithombe ekhasini 8, 9]

Abadala nabancane bayawazisa amakilasi okufunda nokubhala