Ikhono Lokucabanga Lingakulondoloza Kanjani?
Ikhono Lokucabanga Lingakulondoloza Kanjani?
AMAGAGASI amakhulu abonakala ehlaba umxhwele, kodwa kumatilosi asho ingozi. Lawo manzi agubhayo angawayisa kwagoqanyawo.
Ngokufanayo, izinceku zikaNkulunkulu zingabhekana nezingcindezi ezinkulu ezifuna ukuziqumba phansi. Kungenzeka uye wabona ukuthi amaKristu ahlaselwa amagagasi ngamagagasi ovivinyo nezilingo. Ngokuqinisekile, ufuna ukuwanqoba ngokuphelele, njengoba uzimisele ukugwema ukuphihlizekelwa umkhumbi ngokomoya. (1 Thimothewu 1:19) Ikhono lokucabanga liyingxenye ebalulekile yesivikelo sakho. Liyini, futhi litholakala kanjani?
Igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “ikhono lokucabanga,” elithi mezim·mahʹ, livela emsukeni osho “ukwakha isu noma icebo.” (IzAga 1:4, NW) Ngakho, ezinye izinguqulo zeBhayibheli zihumusha elithi mezim·mahʹ ngokuthi “ukuqapha” noma “ukubona izinto kusengaphambili.” Izazi zeBhayibheli uJamieson Fausset noBrown zichaza elithi mezim·mahʹ ngokuthi “ukuqapha okwenza umuntu asinde kokubi athole okuhle.” Lokhu kusikisela ukucabanga ngemiphumela esekude neyamanje yezenzo zethu. Lapho sinekhono lokucabanga, siyocabangisisa ngezinto esingakhetha kuzo ngaphambi kokuthatha isinyathelo, ikakhulu lapho kumelwe senze izinqumo ezibalulekile.
Lapho umuntu onekhono lokucabanga enza izinqumo ngekusasa noma ngezimo abhekene nazo manje, uqale ahlaziye izingozi nezingibe ezingavela. Uthi angazibona lezi zingozi, abe esefuna indlela yokuzigwema, ecabanga ngethonya lendawo akuyo nabantu aphakathi kwabo. Kanjalo, uyakwazi ukuhlela inkambo eyoletha imiphumela emihle, mhlawumbe nezibusiso zaphezulu. Ake sihlole ezinye zezibonelo ezisebenzisekayo ezibonisa ukuthi lokhu kungenziwa kanjani.
Gwema Ugibe Lokuziphatha Okubi Kobulili
Ngezinye izikhathi, umoya ududulela amagagasi anamandla ekhaleni lomkhumbi. Amatilosi aba sengozini yokuba umkhumbi wawo ugubude, ngaphandle kokuba awuqondise ngobuhlakani ukuze ubhekane namagagasi.
Sibhekene nesimo esifanayo, njengoba siphila ezweni elihlanyiswa ubulili. Nsuku zonke, sithelekelwa amagagasi emiqondo nezithombe ezivusa inkanuko. Asinakuwushalazela umphumela angaba nawo ezifisweni zethu ezivamile zobulili. Kumelwe sisebenzise ikhono lethu lokucabanga ukuze sibhekane nesilingo ngokuzimisela, kunokuba simane sikhukhuleke siyongena engozini.
Ngokwesibonelo, amadoda angamaKristu avamile ukusebenza nabantu abangenanhlonipho ngabantu besifazane, abababheka njengezinto zobulili nje. Labo asebenza nabo bangase baphonse amahlaya angcolile ezingxoxweni zabo nezinkulumwana ezigudlisela ubulili. Lesi simo singagcina sihlwanyele
imiqondo engcolile engqondweni yomKristu.Owesifazane ongumKristu naye kungase kudingeke asebenze, abe esebhekana nezinkinga. Kungenzeka usebenza nabesilisa nabesifazane abangenazo izindinganiso zokuziphatha ezifana nezakhe. Mhlawumbe omunye wesilisa asebenza naye angabonisa isithakazelo kuye. Ekuqaleni, angase amphathe ngomusa, aze ahloniphe nemibono yakhe engokwenkolo. Ukuqhubeka kwalona wesilisa emnaka nokuba kwakhe seduze kungase kwenze lona wesifazane afune ubudlelwane obuseduze.
NjengamaKristu, ikhono lokucabanga lingasisiza kanjani ezimweni ezinjalo? Okokuqala, lingasenza siziqaphele lezo zingozi ezingokomoya, futhi okwesibili, lingasenza sihlele ukwenza izinto ngendlela efanele. (IzAga 3:21-23) Ezimweni ezinjengalezi, kungase kudingeke sikwenze kucace kwesisebenza nabo ukuthi izindinganiso zethu zihlukile ngenxa yezinkolelo zethu ezingokomBhalo. (1 Korinte 6:18) Inkulumo nokuziphatha kwethu kungagcizelela lokho esifuna kubacacele. Ngaphezu kwalokho, kungase kudingeke sikunciphise ukusebenzelana kwethu nabathile esisebenza nabo.
Nokho, ukucindezela kokuziphatha okubi akugcini emsebenzini. Kungaba khona nalapho umbhangqwana oshadile uvumela izinkinga zawo zilimaze ubunye bawo. Isikhonzi esijikelezayo sathi: “Ukuchitheka komshado akumane nje kwenzeke. Umbhangqwana ungase uqhelelane kancane kancane, ungabe usavama ukukhulumisana noma ukuba ndawonye. Ungase uphishekele izinto ezibonakalayo ukuze uvale umuzwa wobuze emshadweni wawo. Futhi ngenxa yokuthi bayaqabukela bencomana, bangase bazizwe bekhangwa abanye bobulili obuhlukile.”
Lesi sikhonzi esingumakad’ ebona saqhubeka sathi: “Abantu abashadile kufanele bake bahlale phansi bahlaziye ukuthi ikhona yini into elimaza ubuhlobo babo. Kufanele bahlele ukuthi bangatadisha, bathandaze futhi bashumayele kanjani ndawonye. Kuyobasiza kakhulu ukukhulumisana ‘endlini, endleleni, lapho belala, nalapho bevuka,’ njengoba kwenza abazali nezingane zabo.”—Duteronomi 6:7-9.
Ukubhekana Nokuziphatha Okungebona UbuKristu
Ngaphezu kokusisiza sinqobe izilingo zokuziphatha, ikhono lokucabanga lingasisiza nokuba sibhekane nezinkinga ezihilela amaKristu esikanye nawo. Ngezinye izikhathi umoya ududulela amagagasi ngasesinqeni somkhumbi. La magagasi angasiphakamisa isinqe somkhumbi awenze uhambe lukeke. Lokhu kwenza uhlangothi lomkhumbi luchayeke emagagasini.
Nathi singachayeka engozini esiqhamukela lapho singalindele khona. Sikhonza uJehova “nganhliziyonye” nabafowethu nodadewethu abaningi abangamaKristu athembekile. (Zefaniya 3:9) Uma omunye wabo eziphatha ngendlela engebona ubuKristu, kungase kubonakale kuqeda ukwethembana futhi kungasenza sicindezeleke kakhulu. Ikhono lokucabanga lingasivimbela kanjani ukuba singaphazamiseki bese silimala ngokweqile?
Khumbula ukuthi “akukho muntu ongoniyo.” (1 AmaKhosi 8:46) Ngakho-ke, akufanele kusimangaze ukuthi ngezinye izikhathi umfowethu ongumKristu angase asicunule noma asizwise ubuhlungu. Njengoba sikwazi lokhu, singakulungela okuyokwenzeka bese sizindla ngendlela okufanele sisabele ngayo. Umphostoli uPawulu wasabela kanjani lapho abanye babafowabo abangamaKristu bekhuluma amazwi ahlabayo nawendelelo ngaye? Kunokuba aphazamiseke ngokomoya, waphetha ngokuthi ukwamukelwa uJehova kubaluleke ngaphezu kokwamukelwa umuntu. (2 Korinte 10:10-18) Isimo sengqondo esinjalo siyosisiza sigweme ukusabela ngamawala lapho sicunulwa.
Kuthi akufane nokuqhuzuka. Lapho siqhuzuka, singase singacabangi ngokuhluzekile okomzuzwana. Kodwa ngemva kokudamba kwezinhlungu, singacabanga futhi senze ngendlela evamile. Ngokufanayo, akufanele sisheshe sisabele emazwini noma esenzweni esingenamusa. Kunalokho, yima kancane ucabange ngemiphumela yokuphindisela ungacabanganga.
UMalcolm, oseneminyaka eminingi eyisithunywa sevangeli, uchaza lokho yena akwenzayo lapho ephathwa kabi. “Into yokuqala engiyenzayo ukuzibuza le mibuzo: Ingabe lo *
mzalwane ngimthukuthelele ngoba ubuntu bethu bungqubuzana? Ingabe akushilo kubaluleke ngempela? Ingabe inhliziyo yami encane ebangelwa umalaleveva ingenza ngithukuthele nakakhulu? Ingabe ngizobona izinto ngendlela ehlukile emahoreni ambalwa?” Ngokuvamile, njengoba uMalcom eye wathola, ukungaboni ngaso linye akubalulekile futhi kungashaywa indiva.UMalcom uyenezela: “Ngezinye izikhathi naphezu kwayo yonke imizamo yami yokuxazulula isimo, umzalwane uyaqhubeka enesimo sengqondo esingenabungane. Ngiyazama ukuba lokhu kungangiphazamisi. Lapho sengenze konke engingakwenza, ngiyibona ngokuhlukile indaba. Engqondweni, le ndaba ngiyibekela eceleni ngiyibheke njengento ezoxazululeka ngokuhamba kwesikhathi, kunokuba ngiyibheke njengento efuna ngenze okuthile. Angiyivumeli ingenzele phansi ngokomoya noma iphazamise ubuhlobo bami noJehova nabafowethu.”
NjengoMalcom, akufanele sivumele ukuziphatha okungafanele komuntu oyedwa kusiphazamise ngokweqile. Kuwo wonke amabandla kunabazalwane nodade abajabulisayo nabathembekile. Kuyinjabulo ukuhamba “ndawonye” nabo endleleni yobuKristu. (Filipi 1:27) Ukukhumbula ukusekela kothando kukaBaba wethu osezulwini nakho kuyosisiza ukuba sibheke izinto ngombono olinganiselayo.—IHubo 23:1-3; IzAga 5:1, 2; 8:12.
Ukungathandi Izinto Zezwe
Ikhono lokucabanga lingasisiza sibhekane nokunye ukucindezela okufihlekile. Ngezinye izikhathi umoya ududulela amagagasi ohlangothini lomkhumbi. Ezimweni ezivamile, amagagasi anjalo angaphambukisa umkhumbi kancane kancane. Nokho, lapho kunesivunguvungu
amagagasi anjalo angawugubudisa umkhumbi.Ngokufanayo, uma sivumela ukucindezela kokujabulela konke okunikezwa yileli zwe elibi, leyo ndlela yokuphila egxile ezintweni ezibonakalayo ingasiphambukisa ngokomoya. (2 Thimothewu 4:10) Uma singalunaki, uthando lwezwe lungagcina lusenze sayishiya ngokuphelele indlela yethu yobuKristu. (1 Johane 2:15) Ikhono lokucabanga lingasisiza kanjani?
Okokuqala, liyosisiza ukuba sihlaziye ukuthi yiziphi ngempela izingozi esibhekene nazo. Izwe lisebenzisa wonke amacebo okuthengisa ongawacabanga ukuze lisiyenge. Aliyeki ukuthuthukisa indlela yokuphila okuthiwa wonke umuntu kufanele ayilandele—indlela yokuphila ebukisayo yabacebile, abaqavile nokuthiwa “bayaphumelela.” (1 Johane 2:16) Lisithembisa ukuhlonishwa nokuthandwa yiwo wonke umuntu, ikakhulu ontanga nomakhelwane. Ikhono lokucabanga liyosisiza silwe nalokhu kukhohliswa, lisikhumbuze ukubaluleka ‘kokungabi nothando lwemali,’ ngoba uJehova uthembise ukuthi ‘akasoze asishiya.’—Heberu 13:5.
Okwesibili, ikhono lokucabanga liyosivimbela ukuba singalandeli labo abaye “baphambuka eqinisweni.” (2 Thimothewu 2:18) Kunzima kakhulu ukuphikisa umuntu esesimthanda futhi simethemba. (1 Korinte 15:12, 32-34) Ngisho noma besithonya kancane nje labo asebeyishiyile indlela yobuKristu, kungathikameza intuthuko yethu engokomoya futhi kugcine kusifake engozini. Singaba njengomkhumbi ophambuka kancane nje lapho ulibangise khona. Ngemva kwebanga elide, ungayigeja kakhulu indawo oya kuyo.—Heberu 3:12.
Ikhono lokucabanga lingasisiza sibone ukuthi sikuphi ngomqondo ongokomoya futhi siyaphi. Mhlawumbe siyasibona isidingo sokuba nengxenye enkudlwana emisebenzini yobuKristu. (Heberu 6:11, 12) Phawula indlela omunye uFakazi osemusha alisebenzisa ngayo ikhono lokucabanga ukuze limsize ekuphishekeleni imigomo engokomoya: “Nganginethuba lokufundela ukuba yintatheli. Ngangikuthanda kakhulu, kodwa ngakhumbula ivesi leBhayibheli elithi ‘izwe liyadlula,’ kanti ‘owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.’ (1 Johane 2:17) Ngacabanga ngabona ukuthi engikwenzayo ngokuphila kwami kufanele kuhambisane nezinkolelo zami. Abazali bami babelushiyile ukholo lobuKristu, futhi ngangingafuni ukulandela isibonelo sabo. Ngakho nganquma ukuphila ukuphila okunenjongo, ngangenela inkonzo yesikhathi esigcwele njengephayona elivamile. Ngemva kweminyaka emine eyanelisayo, sengiyazi ukuthi ngakhetha kahle.”
Ukubhekana Nezivunguvungu Ezingokomoya Ngokuphumelelayo
Kungani kuphuthuma namuhla ukuba sisebenzise ikhono lokucabanga? Amatilosi kudingeka aqaphe izinkomba zengozi, ikakhulu lapho kuqala izivunguvungu. Uma kuqala ukubanda nemimoya iqina, avala izindawo zokungena azilungiselele noma yini engenzeka. Ngokufanayo, kumelwe sizilungiselele ukubhekana nokucindezela okusasiphepho ngamandla njengoba lesi simiso esibi sisondela ekupheleni. Izindinganiso zokuziphatha zomphakathi ziyawohloka, futhi ‘abantu ababi baqhubeka besuka kokubi baye kokubi nakakhulu.’ (2 Thimothewu 3:13) Njengoba nje amatilosi ehlale elalele izibikezelo zezulu, nathi kumelwe silalele izixwayiso eziyisiprofetho zeZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe.—IHubo 19:7-11.
Lapho sisebenzisa ikhono lokucabanga, sisebenzisa ulwazi oluholela ekuphileni okuphakade. (Johane 17:3) Singazilindela kusengaphambili izinkinga bese sinquma ukuthi sizozinqoba kanjani. Kanjalo, siyozimisela ukuba singachezukiswa endleleni yobuKristu, futhi ‘sibeke isisekelo esihle sesikhathi esizayo’ ngokuba nemigomo engokomoya nangokuyiphishekela.—1 Thimothewu 6:19.
Uma silonda ukuhlakanipha okusebenzayo nekhono lokucabanga, ngeke kudingeke ‘sesabe lutho olwethusayo olufika singazelele.’ (IzAga 3:21, 25, 26, NW) Kunalokho, singathola induduzo esithembisweni sikaNkulunkulu: “Lapho ukuhlakanipha kungena enhliziyweni yakho nolwazi luba mnandi emphefumulweni wakho, ikhono lokucabanga liyokuqapha, ukuqonda kuyokulonda.”—IzAga 2:10, 11, NW.
[Umbhalo waphansi]
^ par. 19 AmaKristu kufanele azame ukwenza ukuthula, ngokuvumelana neseluleko esikuMathewu 5:23, 24. Uma indaba ihilela izono ezingathi sína, kufanele azame ukuzuza umfowabo, njengoba kuvezwe kuMathewu 18:15-17. Bheka INqabayokulinda ka-October 15, 1999, amakhasi 17-22.
[Isithombe ekhasini 23]
Ukukhulumisana njalo kuyawakha umshado