Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

ImiBhalo inikeza siphi isiqondiso ngokuqeqeshwa kwezingane lapho kungumzali oyedwa onguFakazi kaJehova omunye engeyena?

Kunezimiso ezimbili eziyinhloko ezingokomBhalo ezinikeza isiqondiso ngokuqeqeshwa kwezingane kumzali onguFakazi onomngane womshado ongeyena uFakazi. Esokuqala sithi: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.” (IzEnzo 5:29) Esinye sithi: “Indoda iyinhloko yomkayo njengoba noKristu eyinhloko yebandla.” (Efesu 5:23) Lesi sakamuva asisebenzi kuphela kumakhosikazi anabayeni abangoFakazi kodwa nakulawo anabayeni abangebona oFakazi. (1 Petru 3:1) Umzali onguFakazi angazisebenzisa kanjani lezi zimiso ngokulinganisela lapho efundisa izingane zakhe?

Uma kuyindoda enguFakazi kaJehova, inomthwalo wemfanelo wokondla umkhaya wayo ngokomoya nangokwenyama. (1 Thimothewu 5:8) Nakuba kungase kube umama ongakholwa oba nezingane isikhathi esiningi, ubaba onguFakazi kufanele afundise izingane zakhe ngokuziqeqesha ngokomoya ekhaya nangokuya nazo emihlanganweni yobuKristu lapho ziyofundiswa khona ngokuziphatha, zizuze nasebudlelwaneni obuhle.

Kuthiwani uma umkakhe ongakholwa ephikelela ehamba nezingane aye nazo esontweni lakhe noma ezifundisa izinkolelo zakhe? Umthetho wezwe ungase umnike lelo lungelo. Ukuthi izingane ziyayengeka yini ukuba zikhulekele endaweni enjalo kungase kuxhomeke kakhulu ekutheni uyise uzifundise kanjani ngokomoya. Njengoba zikhula, lokho uyise azifundisa kona ngemiBhalo kufanele kuzisize zilandele iqiniso leZwi likaNkulunkulu. Yeka ukuthi lo baba angajabula kanjani uma izingane zakhe zinganquma ukulandela iqiniso!

Uma kungumama onguFakazi kaJehova, kufanele ahloniphe isimiso sobunhloko, ebe eyikhathalela inhlalakahle yaphakade yezingane zakhe. (1 Korinte 11:3) Ezimweni eziningi, umyeni wakhe ongakholwa ngeke abe nandaba uma umkakhe onguFakazi efundisa izingane zabo ngokuziphatha nangokomoya, futhi usizo lokwenza lokho luyatholakala emihlanganweni yabantu bakaJehova. Umama angamsiza umyeni wakhe ongakholwa ukuba abone izinzuzo zemfundo eyakhayo etholwa yizingane zabo enhlanganweni kaJehova. Ngokuhlakanipha, angagcizelela izinzuzo zokugxilisa izimiso zokuziphatha zeBhayibheli ezinganeni zabo, njengoba kudingeka ziphile ezweni eliwohlokayo ngokuziphatha.

Nokho, umyeni ongakholwa angase aphoqelele ukuba izingane zakhe zibe senkolweni yakhe, ahambe nazo esontweni lakhe futhi azifundise izinkolelo zakhe. Noma umyeni angase angafuni lutho oluyinkolo futhi ame kwelokuthi izingane zakhe mazingafundiswa lutho ngayo. Njengenhloko yomkhaya, nguye ngokuyinhloko oyolandisa ngaleso sinqumo. *

Nakuba ebuhlonipha ubunhloko bomyeni wakhe, njengomKristu ozinikezele, inkosikazi enguFakazi iyokhumbula isimo sengqondo somphostoli uPetru noJohane, abathi: “Kodwa thina, asinakuyeka ukukhuluma ngezinto esizibonileyo nesizizwileyo.” (IzEnzo 4:19, 20) Ngenxa yokukhathalela inhlalakahle engokomoya yezingane, umama onguFakazi uyokwenza amathuba okuqondisa ukuziphatha kwazo. Unomthwalo wemfanelo phambi kukaJehova wokufundisa abanye amaqiniso awaziyo, futhi nezingane zakhe akufanele aziyeke. (IzAga 1:8; Mathewu 28:19, 20) Umama onguFakazi angasisingatha kanjani lesi simo esinzima?

Ngokwesibonelo, cabanga ngendaba yokukholelwa kuNkulunkulu. Inkosikazi enguFakazi ingase ingakwazi ukuba nesifundo seBhayibheli esihleliwe nezingane zayo ngenxa yokwenqatshelwa umyeni. Ingabe lokhu kufanele kuyenze igweme ukutshela izingane zayo noma yini ngoJehova? Cha. Ngokuzenzakalelayo, amazwi nezenzo zayo kuyobonisa ukuthi iyakholelwa kuMdali. Ngokungangabazeki izingane zayo ziyoba nemibuzo ngalokhu. Kufanele akhululeke ukusebenzisa inkululeko yakhe engokwenkolo ngokukhuluma ngokholo analo kuMdali, ngisho nasezinganeni zakhe. Ngisho noma engase angakwazi ukuziqhubela isifundo seBhayibheli izingane zakhe noma ukuya nazo njalo emihlanganweni, angazinika ulwazi ngoJehova uNkulunkulu.—Duteronomi 6:7.

Mayelana nobuhlobo balowo onguFakazi nomngane wakhe ongakholwa, umphostoli uPawulu wabhala: “Umyeni ongakholwayo ungcwelisiwe ngokuqondene nomkakhe, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngokuqondene nomfowethu; uma kungenjalo, abantwana benu ngempela bebeyoba abangahlanzekile, kodwa manje bangcwele.” (1 Korinte 7:14) UJehova ubheka ubuhlobo bomshado njengobungcwele ngenxa yomngane womshado okholwayo, futhi nezingane zibhekwa njengezingcwele emehlweni kaJehova. Inkosikazi enguFakazi kufanele yenze okusemandleni ayo ukusiza izingane zayo ukuba ziqonde iqiniso, ishiyele umphumela ezandleni zikaJehova.

Njengoba izingane zikhula, kuyodingeka zizinqumele ukuthi ziyothatha luphi uhlangothi ngokusekelwe olwazini eziluthole kubazali bazo. Zingase zinqume ukwenza ngokuvumelana namazwi kaJesu: “Lowo osondelene ngokomzwelo kakhulu noyise noma nonina kunami akangifanele; futhi lowo osondelene ngokomzwelo nendodana noma nendodakazi kunanami akangifanele.” (Mathewu 10:37) Kuthiwa futhi kuzo: “Bantwana, lalelani abazali benu ebunyeni neNkosi, ngoba lokhu kulungile.” (Efesu 6:1) Abasha abaningi baye banquma ‘ukulalela uNkulunkulu njengombusi’ kunomzali ongeyena uFakazi, naphezu kokuhlushwa yilowo mzali. Yeka ukuthi kuyovuza kanjani kumzali onguFakazi ukubona izingane zakhe zinquma ukukhonza uJehova naphezu kokuphikiswa!

[Umbhalo waphansi]

^ par. 7 Ilungelo lenkosikazi elingokomthetho lokuqhuba inkolo yayo ngokukhululekile lihlanganisa ilungelo lokuya emihlanganweni yobuKristu. Kwezinye izimo, umyeni uye angafuni ukunakekela izingane ezincane ngalezo zikhathi, ngakho umama onothando aphoqeleke ukuba aye nazo emihlanganweni.