Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe Uyakhumbula?
Uye wakujabulela yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini imibuzo elandelayo:
• Luyini uzwela, futhi kungani amaKristu kufanele aluhlakulele?
Luyikhono lokuzibeka esimweni omunye umuntu akuso, njengokuzwa ubuhlungu bomunye umuntu enhliziyweni yethu. AmaKristu elulekwa ukuba abonise ‘ukuzwelana, ukusondelana kobuzalwane nobubele.’ (1 Petru 3:8) UJehova wasibekela isibonelo esingasilandela ekuboniseni uzwela. (IHubo 103:14; Zakariya 2:8) Ukuzwelana kwethu singakucija ngokulalela, ukubhekisisa nokubona ngeso lengqondo.—4/15 amakhasi 24-6.
• Ukuze umuntu athole injabulo yeqiniso, kungani kumelwe aphulukiswe ngokomoya ngaphambi kokuba ekugcineni athole ikhambi lokukhubazeka emzimbeni?
Kunabantu abaningi abaphile sáka emzimbeni abangajabule, abanqotshwa yizinkinga. Ngokuhlukile, amaKristu amaningi akhubazekile emzimbeni ajabula kakhulu njengoba ekhonza uJehova. Labo abazuza ekuphulukisweni okungokomoya basethubeni lokubona ukuqedwa kokukhubazeka emzimbeni ezweni elisha.—5/1, amakhasi 6-7.
• Kungani eyamaHeberu 12:16 ibala u-Esawu phakathi kwezifebe?
Ukulandisa kweBhayibheli kubonisa ukuthi u-Esawu wabonisa isimo sengqondo esigxile emivuzweni esheshayo nesokungabi nandaba nezinto ezingcwele. Uma othile namuhla evumela ukuba nomqondo onjalo, kungamholela esonweni esikhulu, esinjengobufebe.—5/1, amakhasi 10-11.
• Wayengubani uTertullian, futhi waziwa ngani?
Wayengumlobi nesazi semfundiso yenkolo esasiphila ngekhulu lesibili nelesithathu C.E. Waziwa ngokubhala izincwadi eziningi ezivikela ubuKristu bokuzisholo. Lapho ebuvikela, waveza imibono nemiqondo yefilosofi eyaba yisisekelo sezimfundiso ezonakele, njengoZiqu-zintathu.—5/15, amakhasi 29-31.
• Kungani kungelona ufuzo kuphela olubangela izifo nokufa kwabantu, lunqume nokuziphatha kwabo?
Ososayensi baye baphetha ngokuthi ngokusobala izifo ezihlukahlukene zabantu zibangelwa ufuzo, futhi abanye bakholelwa ukuthi ukuziphatha kunqunywa yizakhi zofuzo. Nokho, iBhayibheli lisenza siqonde imvelaphi yesintu, kuhlanganise nokuthi isono nokungapheleli kwaqala kanjani ukuhlukumeza isintu. Nakuba kungenzeka izakhi zofuzo zinomthelela ekwakheni ubuntu, ukungapheleli kwethu nendawo esikuyo nakho kungamathonya ayinhloko.—6/1, amakhasi 9-11.
• Isiqeshana se-papyrus esatholakala e-Oxyrhynchus, eGibithe, sikucacisa kanjani ukusetshenziswa kwegama likaNkulunkulu?
Lesi siqephu sikaJobe 42:11, 12 esivela kuyi-Septuagint yesiGreki sine-Tetragrammaton (izinhlamvu ezine zesiHeberu eziyigama likaNkulunkulu). Lobu ubufakazi obengeziwe bokuthi igama likaNkulunkulu lesiHeberu lalikhona kuyi-Septuagint, evame ukucashunwa emiBhalweni YamaKristu YesiGreki.—6/1, ikhasi 30.
• Imibukiso yezilwi enobudlova nokubulawa kwabantu yaseMbusweni WaseRoma iye yafaniswa namiphi imidlalo yanamuhla enezibukeli?
Umbukiso wamuva eColosseum eseRoma, e-Italy, waveza izinto zanamuhla ezifuze imibukiso yezilwi ngokubonisa imibukiso emifushane ye-video yabantu abalwa nezinkunzi, abashayisibhakela abakhokhelwayo, imijaho yezimoto nezithuthuthu, nokulwa kwezibukeli kweminye imidlalo yanamuhla. AmaKristu okuqala ayewalalela amazwi athi uJehova akabuthandi ubudlova noma abantu abanobudlova. NamaKristu namuhla akufanele abuthande. (IHubo 11:5)—6/15, ikhasi 29.
• Njengoba sizama ukuba abafundisi abaphumelelayo, yini esingayifunda esibonelweni sika-Ezra?
U-Ezra 7:10 (NW) uqokomisa izinto ezine u-Ezra azenza, izinto nathi esingazama ukuzilingisa. Uthi: “U-Ezra ngokwakhe [1] wayelungise inhliziyo yakhe [2] ukuba ahlole umthetho kaJehova [3] nokuba awenze [4] nokuba afundise kwa-Israyeli isiqondiso nobulungisa.”—7/1, ikhasi 20.
• Yiziphi izici ezimbili zokukhulekela okufaneleka kuzo ukuba owesifazane ongumKristu athwale?
Esokuqala yilapho kudingeka khona ekhaya. Ukuthwala kwakhe kubonisa ukuthi uyaqaphela ukuthi umyeni wakhe nguye onomthwalo wokuhola ngomthandazo nokufundisa ngeBhayibheli. Esesibili kusemisebenzini yebandla, lapho ebonisa khona ukuthi uyaqaphela ukuthi abesilisa ababhapathiziwe yibona abagunyazwe ngokomBhalo ukufundisa nokuqondisa. (1 Korinte 11:3-10)—7/15, amakhasi 26-7.
• Kungani amaKristu eqaphela ukuthi i-yoga ihilela okungaphezu kokuzivivinya futhi iyingozi?
Umgomo we-yoga njengendlela yokuziqeqesha uwukuholela umuntu esimweni esingokomoya sokuhlanganiswa nomoya ongaphezu kwemvelo. Ngokuphambene nesiqondiso sikaNkulunkulu, ihilela ukuvimba ukucabanga okuzenzakalelayo. (Roma 12:1, 2) I-yoga ingachaya umuntu ezingozini zokusebenzelana nemimoya nokulumba. (Duteronomi 18:10, 11)—8/1, amakhasi 20-2.