Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izwe Elinemibono Esontekile Ngokwethembeka

Izwe Elinemibono Esontekile Ngokwethembeka

Izwe Elinemibono Esontekile Ngokwethembeka

NGOLWESIHLANU olufudumele kusihlwa eTel Aviv, e-Israel, ibhungu elithile laya eqenjini lentsha eyayimi ngaphandle kwe-nightclub. Ngemva kwesikhashana ukuqhuma okukhulu kwasakaza isixuku.

Othile futhi wayeziqhumise ngebhomu wabulala nabanye abasha abangu-19. Isisebenzi sezokwelapha satshela izintatheli: “Bekugcwele izitho zomzimba yonke indawo, zonke kungezentsha, izingane—into enyantisa ngendlela engingakaze ngiyibone.”

“Yizimfanelo ezithandwa yiwo wonke umuntu, njengokwethembeka . . . , ezingenza abe makhulu amathuba okuqala kwempi futhi kube nzima nakakhulu ukuyiqeda,” kubhala uThurstan Brewin kuyi-Lancet. Yebo, kusukela eziMpini Zokholo zeLobukholwa kuya ekuqothulweni kwabantu yiJalimane lobuNazi, umlando wesintu ugcwele igazi lokucekwa kwabantu okwenziwa kuthiwa kuboniswa ukwethembeka.

Izisulu Ezandayo Zokungathembeki

Akunakuphikwa ukuthi ukwethembeka okushisekelwa ngokweqile kungacekela phansi, kodwa ukungathembeki nakho kungachitha umphakathi. Ukwethembeka kusho ukuba qotho kumuntu noma injongo futhi kusikisela ukugxila komuntu naphezu kwanoma yiziphi izilingo zokuba ayeke noma ambuke. Nakuba iningi labantu lithi liyakwazisa lokhu kwethembeka, umphakathi uhlushwa ukuntuleka okukhulu kokwethembeka endaweni eyisisekelo kunazo zonke—emkhayeni. Izinga lezahlukaniso liye lakhuphuka kakhulu, libhebhethekiswa ukugcizelela kwabantu ukuzanelisa bona, izingcindezi nezinkinga zokuphila kwansuku zonke, nemiphumela yokungathembeki kwezobulili okwandile. Futhi njengezisulu zokuqhunyiswa kwebhomu eTel Aviv, ngokuvamile yizingane eziba yizisulu ezingenacala.

Omunye umbiko uthi: “Imfundo yengane ngokuvamile iba ngenye yezinto ezithintekayo lapho umkhaya untengantenga ngenxa yesahlukaniso, ukuhlala ngokwahlukana nokuba nomzali ongayedwa.” Abafana basemikhayeni enomama kuphela babonakala besengozini ngokukhethekile yokungatholi imfundo eyanele, ukuzibulala nokuba yizigebengu besebancane. Unyaka ngamunye, izingane eziyisigidi e-United States zibhekana nokuhlukana kwabazali bazo, futhi ingxenye yazo zonke izingane ezizalwa abazali abashadile kulelo zwe cishe iyobe isiyizisulu zesehlukaniso lapho ihlanganisa iminyaka engu-18 ubudala. Izibalo zibonisa ukuthi nakwezinye izingxenye zomhlaba intsha eningi ikuleso simo esidabukisayo.

Ukwethembeka—Yindinganiso Ephakeme Kakhulu?

Ukuphela kokwethembeka okuvamile kwenza amazwi eNkosi uDavide abonakale efaneleka kunanini ngaphambili: “Siza, Jehova, ngokuba owesaba uNkulunkulu akasekho, ngokuba banyamalele abathembekileyo kubantwana babantu.” (IHubo 12:1) Kungani ukwethembeka sekuyivelakancane kangaka? Ebhala kumagazini i-Time, uRoger Rosenblatt uthi: “Nakuba ukwethembeka kuyindinganiso ephakeme, kukhulu kakhulu ukwesaba, ukuzingabaza, ukusizakala ngamathuba avelayo nokuzifunela udumo okukithi bantu kangangokuthi asinakulindela ukuba lezi zidalwa ezibuthaka esiyizo zinamathele kubo.” Lichaza isikhathi esiphila kuso, iBhayibheli lisho ngokungagwegwesi: “Abantu bayoba abazithandayo, . . . abangathembekile, abangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo.”—2 Thimothewu 3:1-5.

Njengoba ukwethembeka—noma ukuntuleka kwako—kunethonya elinamandla ekucabangeni nasezenzweni zomuntu, singase sibuze, ‘Ubani okumfanele ngempela ukwethembeka kwethu?’ Phawula lokho isihloko esilandelayo esikushoyo ngalo mbuzo.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

Photo above: © AFP/CORBIS