Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Ngilandeleni Njalo’

‘Ngilandeleni Njalo’

‘Ngilandeleni Njalo’

“Nabizelwa kulenkambo, ngoba ngisho noKristu wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze.”—1 PETRU 2:21.

1, 2. Kungani isibonelo esiphelele sikaJesu njengomfundisi singaphakeme kakhulu ukuba singasilingisa?

UJESU KRISTU wayenguMfundisi omkhulu kakhulu kunabo bonke owake waphila. Ngaphezu kwalokho, wayephelele, engakaze one kukho konke ukuphila kwakhe njengomuntu. (1 Petru 2:22) Nokho, ingabe lokho kusho ukuthi isibonelo sikaJesu njengomfundisi siphakeme kakhulu ukuba singasilingisa thina bantu abangaphelele? Lutho neze.

2 Njengoba sibonile esihlokweni esandulele, isisekelo sokufundisa kukaJesu kwakuwuthando. Futhi uthando yinto sonke esingayihlakulela. IZwi likaNkulunkulu livame ukusikhuthaza ukuba sikhule futhi sithuthukise uthando lwethu ngabanye. (Filipi 1:9; Kolose 3:14) UJehova akalokothi alindele ukuba izidalwa zakhe zenze into ezingenakuyenza. Empeleni, njengoba ‘uNkulunkulu eluthando’ futhi esenze ngomfanekiso wakhe, kungashiwo ukuthi wasidalela ukuba sibonise uthando. (1 Johane 4:8; Genesise 1:27) Ngakho lapho sifunda amazwi omphostoli uPetru asembhalweni wesihloko sethu, singazizwa siqiniseka. Singazilandela eduze izinyathelo zikaKristu. Empeleni, singawulalela nomyalo kaJesu ngokwakhe: ‘Ngilandeleni njalo.’ (Luka 9:23) Ake sihlole ukuthi singalulingisa kanjani uthando uKristu alubonisa, okokuqala ngamaqiniso awafundisa, bese kuba ngabantu ayebafundisa.

Ukuhlakulela Uthando Ngamaqiniso Esiwafundayo

3. Kungani kunzima kwabanye ukutadisha, futhi yisiphi isikhuthazo esikuzAga 2:1-5?

3 Ukuze siwathande amaqiniso esiwafundisa abanye, kumelwe sikuthande kwathina ukuwafunda. Kuleli zwe lanamuhla, akulula njalo ukuba nothando olunjalo. Izici ezinjengemfundo elinganiselwe nemikhuba engemihle eyaqala ebuntwaneni kwenza abaningi bakuzonde unomphela ukutadisha. Nokho, kubalulekile ukuba sifunde kuJehova. IzAga 2:1-5 (NW) zithi: “Ndodana yami, uma uwamukela amazwi ami futhi uyilonda kuwe imiyalo yami, ukuze unake ukuhlakanipha ngendlebe yakho, ukuze uthambekisele inhliziyo yakho ekuqondeni; uma, ngaphezu kwalokho, umemeza ufuna ukuqonda futhi uzwakalisa izwi lakho ufuna ikhono lokwahlukanisa, uma uqhubeka ukufuna njengokungathi ufuna isiliva, futhi uqhubeka ukuhlwaya njengokungathi uhlwaya ingcebo efihliweyo, uma wenza kanjalo uyokuqonda ukumesaba uJehova, futhi uyoluthola ulwazi ngoNkulunkulu.”

4. Kusho ukuthini ‘ukuthambekisela’ inhliziyo, futhi yimuphi umbono oyosisiza senze kanjalo?

4 Phawula ukuthi emavesini 1 kuya ku-4, sinxuswa ngokuphindaphindiwe ukuba singagcini ngokuzikhandla ‘ekwamukeleni’ ‘nasekulondeni’ kodwa ‘nasekuqhubekeni sifuna’ ‘nasekuqhubekeni sihlwaya.’ Nokho, yini okufanele isishukumisele ukwenza konke lokhu? Phawula amazwi athi “uthambekisele inhliziyo yakho ekuqondeni.” Enye incwadi ithi lesi sikhuthazo “asinxusi ukunaka kuphela; sifuna isimo sengqondo esithile: ukwamukela izimfundiso ngentshiseko.” Yini-ke engasenza sikwamukele lokho uJehova asifundisa kona futhi sibe magange ukukufunda? Umbono wethu. “Ulwazi ngoNkulunkulu” kumelwe silubheke ‘njengesiliva’ ‘nanjengengcebo efihliweyo.’

5, 6. (a) Yini engase yenzeke ngokuhamba kwesikhathi, futhi singakuvimbela kanjani lokho kungenzeki? (b) Kungani kufanele siqhubeke sinezela engcebweni yolwazi esesilutholile eBhayibhelini?

5 Ukuhlakulela umbono onjalo akunzima. Ngokwesibonelo, “ulwazi ngoNkulunkulu” osunalo cishe luhlanganisa iqiniso lokuthi uJehova unenjongo yokuba sonke isintu esithembekile siphile phakade ePharadesi emhlabeni. (IHubo 37:28, 29) Lapho uqala ukufunda iqiniso, akungabazeki ukuthi wawulibheka njengengcebo yangempela, uhlobo lolwazi olwagcwalisa ingqondo nenhliziyo yakho ngethemba nenjabulo. Kunjani manje? Njengoba isikhathi sihamba, ingabe ukwazisa kwakho le ngcebo yakho sekufiphele noma sekugqwalile? Uma kunjalo, zama ukwenza izinto ezimbili. Okokuqala, vuselela ukwazisa kwakho, okungukuthi, zikhumbuze njalo engqondweni ukuthi kungani ulazisa iqiniso ngalinye uJehova akufundise lona, ngisho nalawo osuneminyaka eminingi wawafunda.

6 Okwesibili, qhubeka unezela engcebweni yakho. Uma bekungenzeka uthole itshe eliyigugu lapho umba, ingabe ubuyomane ulithathe uzihambele wanelisekile? Noma ingabe ubungamba ukuze ubone ukuthi awekho yini amanye? IZwi likaNkulunkulu ligcwele amagugu eqiniso. Kungakhathaliseki ukuthi maningi kangakanani osuwatholile, usengawathola amanye. (Roma 11:33) Njengoba uthola amagugu eqiniso, zibuze: ‘Yini elenza libe yingcebo? Ingabe lingenza ngibuqonde ngokujule kakhudlwana ubuntu bukaJehova noma izinjongo zakhe? Ingabe linikeza isiqondiso esithile esisebenzayo esingangisiza ngilandele izinyathelo zikaJesu?’ Ukuzindla ngemibuzo enjalo kuyokusiza ukhulise uthando lwakho ngamaqiniso uJehova akufundise wona.

Ukubonisa Uthando Ngamaqiniso Esiwafundisayo

7, 8. Yiziphi ezinye zezindlela esingababonisa ngazo abanye ukuthi siyawathanda amaqiniso esiwafunde eBhayibhelini? Nikeza isibonelo.

7 Njengoba sifundisa abanye, singabonisa kanjani ukuthi siyawathanda amaqiniso esiwafunde eZwini likaNkulunkulu? Silandela isibonelo sikaJesu, sincika kakhulu eBhayibhelini lapho sishumayela futhi sifundisa. Muva nje, abantu bakaNkulunkulu emhlabeni wonke baye bakhuthazwa ukuba balisebenzise kakhudlwana iBhayibheli enkonzweni yabo yasobala. Njengoba ukusebenzisa lokho kusikisela, funa izindlela zokwenza umninikhaya azi ukuthi kwawena uyakwazisa lokho oxoxa naye ngakho okuseBhayibhelini.—Mathewu 13:52.

8 Ngokwesibonelo, ngemva kokuhlasela kwamaphekula ngonyaka odlule eNew York City, omunye udade ongumKristu waxoxa ngeHubo 146:1, 11 nabantu ayehlangana nabo enkonzweni. Wayeqale abuze ukuthi baphila kanjani njengoba kusanda kwenzeka le nhlekelele. Wayelalelisisa indlela abaphendula ngayo, akwamukele abakushoyo, abese ethi: “Ungathanda yini ngikufundele umbhalo oye wangiduduza ngempela mina kulesi sikhathi esinzima?” Bambalwa kakhulu ababenqaba, futhi kwaba nezingxoxo eziningi ezinhle kakhulu. Lapho ekhuluma nentsha, lo dade uvame ukuthi: “Uyazi ukuthini? Sengineminyaka engu-50 manje ngifundisa iBhayibheli, kodwa angikaze ngihlangane naneyodwa inkinga le ncwadi engakwazi ukuyixazulula.” Ngokusebenzisa indlela eqotho nenentshiseko, sibonisa abantu ukuthi siyakwazisa futhi siyakuthanda lokho esikufunde eZwini likaNkulunkulu.—IHubo 119:97, 105.

9, 10. Kungani kubalulekile ukusebenzisa iBhayibheli lapho siphendula imibuzo ngezinkolelo zethu?

9 Lapho abantu besibuza ngezinkolelo zethu, siba nethuba elihle lokubonisa ukuthi siyalithanda iZwi likaNkulunkulu. Silandela isibonelo sikaJesu, asimane sisekele izimpendulo zethu kweyethu imibono. (IzAga 3:5, 6) Kunalokho, sisebenzisa iBhayibheli lapho siphendula. Ingabe unovalo lokuthi ungase ubuzwe umbuzo ongeke ukwazi ukuwuphendula? Ake uhlole izinyathelo ezimbili ongazithatha.

10 Yenza ongakwenza ukuze uhlale ukulungele. Umphostoli uPetru wabhala: “Ngcwelisani uKristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, ngaso sonke isikhathi nilungele ukuvikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba elikini, kodwa nenze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.” (1 Petru 3:15) Ukulungele yini ukuvikela izinkolelo zakho? Ngokwesibonelo, uma othile efuna ukwazi ukuthi kungani ungahlanganyeli emasikweni noma emikhubeni ethile engqubuzana nemiBhalo, musa ukwaneliswa ukumane uthi, “Akuhambisani nenkolo yami.” Impendulo enjalo ingase isikisele ukuthi uvumela abanye bakwenzele izinqumo nokuthi ngenxa yalokho kumelwe ukuba uyilungu lehlelo elithile. Kungase kube ngcono ukuthi, “IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, liyakwenqabela,” noma, “Ngeke kumjabulise uNkulunkulu wami.” Yibe usunikeza incazelo ezwakalayo.—Roma 12:1.

11. Yiliphi ithuluzi lokucwaninga elingasisiza ukuba sikulungele ukuphendula imibuzo ngamaqiniso eZwi likaNkulunkulu?

11 Uma uzizwa ungakulungele, kungani ungaziniki isikhathi sokutadisha incwadi ethi Ukubonisana NgemiBhalo? * Khetha izihloko ezimbalwa ezingase zibuzwe bese ubamba ngekhanda amaphuzu athile asekelwe emiBhalweni. Gcina incwadi yakho Ukubonisana neBhayibheli kuseduze. Ungangabazi ukukusebenzisa kokubili, usho ukuthi unethuluzi lokucwaninga ongathanda ukulisebenzisa ukuze uthole impendulo yeBhayibheli emibuzweni.

12. Singase siphendule kanjani uma singayazi impendulo yombuzo weBhayibheli?

12 Zama ukuba ungakhathazeki ngokungadingekile. Akekho umuntu ongaphelele onazo zonke izimpendulo. Ngakho lapho ubuzwa umbuzo weBhayibheli ongenakukwazi ukuwuphendula, ungase usho into enjengokuthi: “Muhle lo mbuzo owubuzayo. Uma nje ngikutshela iqiniso, angiyazi impendulo, kodwa ngiyaqiniseka ukuthi iBhayibheli liyakhuluma ngale ndaba. Ngiyakuthanda ukucwaninga ngeBhayibheli, ngakho ngizokuhlolela umbuzo wakho bese ngibuya.” Indlela enjalo engagwegwesi nenokuthobeka ingase ivule amathuba ezinye izingxoxo.—IzAga 11:2.

Uthando Ngabantu Esibafundisayo

13. Kungani kufanele sihlale sinombono oqondile ngalabo esishumayela kubo?

13 UJesu wabonisa uthando ngabantu ayebafundisa. Singamlingisa kanjani kulokhu? Akufanele neze sibe nesimo sengqondo sokungabi nandaba nabantu esiphakathi kwabo. Kuyavunywa, ‘impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ iyasondela, futhi abaningi ezigidigidini zesintu bazobhujiswa. (IsAmbulo 16:14; Jeremiya 25:33) Nokho, asazi ukuthi ubani ozophila ubani ozofa. Lokho kwahlulelwa kuseza futhi kuyokwenziwa yilowo obekwe nguJehova, uJesu Kristu. Uma nje lokho kwahlulela kungakenziwa, sibheka wonke umuntu njengongase abe yinceku kaJehova.—Mathewu 19:24-26; 25:31-33; IzEnzo 17:31.

14. (a) Singazihlola kanjani ukuthi siyazwelana yini nabantu? (b) Yiziphi izindlela ezingokoqobo esingabonisa ngazo uzwela nesithakazelo kwabanye?

14 Ngakho-ke, njengoJesu sifuna ukuzwelana nabantu. Singase sizibuze: ‘Ingabe ngiyabazwela abantu abakhohliswe amanga nowangala lobuqili lwenkolo, ezombusazwe nezentengiselwano zaleli zwe? Uma bebonakala bengasinaki isigijimi esibalethela sona, ngiyazama yini ukuqonda ukuthi kungani bezizwa ngendlela abazizwa ngayo? Ngiyaqaphela yini ukuthi mina noma abanye asebekhonza uJehova ngokwethembeka sasizizwa ngendlela efanayo? Ingabe indlela yami yokushumayela ngiye ngayivumelanisa nesimo? Noma ingabe ngivele ngingabanaki laba bantu ngithi alisekho ithemba ngabo?’ (IsAmbulo 12:9) Lapho abantu bebona ukuthi sizwelana nabo ngobuqotho, aba maningi amathuba okuba basabele esigijimini sethu. (1 Petru 3:8) Uzwela lungasenza futhi sibe nesithakazelo kakhudlwana kubantu esihlangana nabo ensimini. Singase siphawule imibuzo yabo nezinto ezibakhathazayo. Lapho sibuya, singababonisa ukuthi besicabanga ngalokho abakusho ngokudlule. Futhi uma benesidingo esithile esiphuthumayo manje, singase sikwazi ukunikeza usizo olungokoqobo.

15. Kungani kufanele sibheke okuhle kubantu, futhi singakwenza kanjani lokho?

15 NjengoJesu, sibheka okuhle kubantu. Mhlawumbe umzali ongayedwa wenza umzamo oncomekayo wokukhulisa izingane zakhe. Indoda ethile iyazabalaza yondla umkhaya wayo. Umuntu osekhulile ubonisa isithakazelo ezintweni ezingokomoya. Siyaziqaphela yini izimfanelo ezinjalo kubantu esihlangana nabo futhi sibancome ngokufanele? Ngokwenza kanjalo, sigcizelela izinto esivumelana ngazo futhi singase sivule indlela yokunikeza ubufakazi ngoMbuso.—IzEnzo 26:2, 3.

Ukuthobeka Kubalulekile Ekuboniseni Uthando

16. Kungani kubalulekile ukuhlala simnene futhi sinenhlonipho kulabo esishumayela kubo?

16 Uthando ngabantu esibafundisayo luyosishukumisela ukuba silalele isixwayiso esihlakaniphile seBhayibheli: “Ulwazi luyakhukhumeza, kodwa uthando luyakha.” (1 Korinte 8:1) UJesu wayenolwazi oluningi, kodwa wayengalokothi azikhukhumeze. Ngakho njengoba uxoxa ngezinkolelo zakho, gwema ukuzwakala sengathi ufuna impikiswano noma uzibona ungcono. Umgomo wethu ukufinyelela izinhliziyo, sidonsele abantu eqinisweni esilikhonzile. (Kolose 4:6) Khumbula, lapho uPetru eluleka amaKristu ukuba akulungele ukuvikela ukholo lwawo, wasikhumbuza nokuba senze kanjalo “ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.” (1 Petru 3:15) Uma simnene futhi sinenhlonipho, siyoba namathuba angcono okudonsela abantu kuNkulunkulu esimkhonzayo.

17, 18. (a) Kufanele sisabele kanjani ezimweni zengqondo ezigxeka ukufaneleka kwethu njengezikhonzi? (b) Kungani ukwazi izilimi zasendulo zeBhayibheli kungeyona imfuneko kubafundi beBhayibheli?

17 Asikho isidingo sokuzama ukuhlaba abantu umxhwele ngolwazi noma ngemfundo yethu. Uma abanye ensimini yakini benqaba ukulalela umuntu ongenaziqu zaseyunivesithi noma izikhundla, ungavumeli isimo sabo sengqondo sikudikibalise. UJesu akakushayanga mkhuba ukuphawula kwabantu ukuthi wayengayanga ezikoleni eziphakeme zorabi zosuku lwakhe; futhi akathonywanga yimibono esontekile eyayithandwa ngokuzama ukuhlaba abantu umxhwele ngolwazi lwakhe olubanzi.—Johane 7:15.

18 Ukuthobeka nothando kubaluleke kakhulu ezikhonzini ezingamaKristu kunanoma yiliphi izinga lemfundo yezwe. NguMfundisi Omkhulu, uJehova, osenza sifanelekele inkonzo. (2 Korinte 3:5, 6) Futhi kungakhathaliseki ukuthi bathini abanye babefundisi beLobukholwa, akudingeki sifunde izilimi zeBhayibheli zasendulo ukuze sibe abafundisi beZwi likaNkulunkulu. UJehova waphefumulela ukuba iBhayibheli libhalwe ngendlela ecacile neqondile kangangokuthi cishe wonke umuntu angawaqonda amaqiniso alo ayigugu. Lawo maqiniso awashintshile yize selahunyushelwa emakhulwini ngamakhulu ezilimi. Ngakho, nakuba ngezinye izikhathi luba usizo, ulwazi lwezilimi zasendulo aluyona imfuneko. Ngaphezu kwalokho, ukuqhosha ngokwazi izilimi ezithile kungenza umuntu alahlekelwe yimfanelo ebalulekile kumaKristu eqiniso—ukufundiseka.—1 Thimothewu 6:4.

19. Inkonzo yethu yobuKristu iwukukhonza abantu ngamuphi umqondo?

19 Akunakungatshazwa ukuthi inkonzo yethu yobuKristu iwumsebenzi odinga isimo sengqondo sokuthobeka. Sibhekana njalo nokuphikiswa, ukunganakwa ngisho nanokushushiswa. (Johane 15:20) Nokho, ngokufeza inkonzo yethu ngokwethembeka, senza inkonzo ebalulekile. Uma siqhubeka sikhonza abanye ngokuthobeka kulo msebenzi, silingisa uthando uJesu Kristu alubonisa kubantu. Ake ucabange: Uma bekungadingeka sishumayele kubantu abayinkulungwane abangasinaki noma abasiphikisayo ukuze sithole umuntu oyedwa onjengemvu, ingabe lokho bekungeke kuwufanele umzamo? Bekuyowufanela impela! Ngakho, ngokuphikelela emsebenzini, singayeki, sikhonza ngokwethembeka abanjengezimvu esisazobathola. Ngokungangabazeki uJehova noJesu bayoqiniseka ukuthi kutholakala futhi kusizwe abaningi abengeziwe abayigugu kungakafiki ukuphela.—Hagayi 2:7.

20. Yiziphi ezinye zezindlela esingafundisa ngazo ngesibonelo?

20 Ukufundisa ngesibonelo kungenye futhi indlela yokubonisa ukuthi sizimisele ukukhonza abanye. Ngokwesibonelo, sifuna ukufundisa abantu ukuthi ukukhonza uJehova, ‘uNkulunkulu ojabulayo,’ kuyindlela yokuphila engcono kunazo zonke neyanelisa kunazo zonke. (1 Thimothewu 1:11) Njengoba bebheka indlela esiziphatha ngayo nesiphatha ngayo omakhelwane bethu, esifunda nabo nesisebenza nabo, bayabona yini ukuthi siyajabula futhi sanelisekile? Ngokufanayo, sifundisa esifunda nabo iBhayibheli ukuthi ibandla lobuKristu liyisiphephelo sothando ezweni elingenamusa nelinokhahlo. Babona kalula yini ukuthi sithanda wonke umuntu ebandleni futhi siyazikhandla ukuze sigcine ukuthula phakathi kwethu?—1 Petru 4:8.

21, 22. (a) Ukuzihlola mayelana nenkonzo yethu kungasenza sisebenzise maphi amathuba? (b) Kuzoxoxwa ngani ezihlokweni ze-Nqabayokulinda elandelayo?

21 Ngezinye izikhathi, isimo sengqondo sokuzimisela ngenkonzo yethu singasishukumisela ukuba sizihlole kabusha. Lapho benza kanjalo ngobuqotho, abaningi bathola ukuthi bayakwazi ukwandisa inkonzo yabo ngokungenela inkonzo yesikhathi esigcwele noma ngokuthutha bayokhonza lapho kunendingeko enkulu khona. Abanye baye banquma ukufunda ulimi lwakwelinye izwe ukuze bakhonze izifiki ezandayo ezisensimini yakubo. Uma lawo mathuba ekuvulekele, cabangisisa ngawo ngomthandazo. Ukuphila kokukhonza abanye kuletha injabulo, ukwaneliseka nokuthula kwengqondo okukhulu.—UmShumayeli 5:12.

22 Masenze konke esingakwenza ukuze siqhubeke silingisa uJesu Kristu ngokukhulisa uthando lwethu ngamaqiniso esiwafundisayo nangabantu esibafundisayo. Ukuhlakulela nokubonakalisa uthando kulezi zici ezimbili kuyosisiza sibeke isisekelo esihle sokuba abafundisi abanjengoKristu. Nokho, singakhela kanjani kuleso sisekelo? Kuyi-Nqabayokulinda elandelayo, izihloko ezilandelanayo zizoxoxa ngezinye zezindlela eziqondile zokufundisa ezasetshenziswa nguJesu.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 11 Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

Ungaphendula Kanjani?

• Yisiphi isiqinisekiso esinaso sokuthi isibonelo sikaJesu njengomfundisi asiphakeme kakhulu ukuba singasilingisa?

• Singabonisa kanjani ukuthi siyawathanda amaqiniso esiwafunde eBhayibhelini?

• Kungani kubalulekile ukuhlala sithobekile njengoba sikhula olwazini?

• Yiziphi ezinye zezindlela esingabonisa ngazo uthando ngabantu esizama ukubafundisa?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 16]

Yenza ongakwenza ukuze uhlale ukulungele

[Izithombe ekhasini 16, 17]

Uma ulwazisa “ulwazi ngoNkulunkulu” uyokwazi ukusebenzisa iBhayibheli ngokuphumelelayo

[Isithombe ekhasini 18]

Sibonisa uthando ngabantu ngokuxoxa nabo ngezindaba ezinhle