Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Nginibekela Isibonelo”

“Nginibekela Isibonelo”

“Nginibekela Isibonelo”

“Bekufanele ngabe ningabafundisi ngenxa yesikhathi.”—HEBERU 5:12.

1. Kungani kungase kufaneleke ukuba amazwi eyamaHeberu 5:12 enze umKristu azizwe ekhathazeka?

NJENGOBA ufunda la mazwi aphefumulelwe ombhalo wesihloko sethu, uyazizwa yini ukhathazeka ngawe? Uma kunjalo, awuwedwa. Njengabalandeli bakaKristu, siyazi ukuthi kumelwe sibe ngabafundisi. (Mathewu 28:19, 20) Siyazi ukuthi izikhathi esiphila kuzo zenza kuphuthume ukuba sifundise kahle ngangokunokwenzeka. Siyazi nokuthi ukufundisa kwethu kungasho ukuphila noma ukufa imbala kulabo esibafundisayo! (1 Thimothewu 4:16) Kuyafaneleka-ke ukuba sizibuze: ‘Ingabe ngempela ngiwumfundisi okufanele ngabe nginguye? Ngingathuthuka kanjani?’

2, 3. (a) Omunye umfundisi wathi siyini isisekelo sokufundisa okuhle? (b) Yisiphi isibonelo sokufundisa uJesu asibekela sona?

2 Lokho kukhathazeka akudingekile kusidikibalise. Uma ukufundisa sikubheka njengendaba yokumane sifunde amakhono athile, kungase kusikhungathekise ukucabanga ngentuthuko okufanele siyenze. Nokho, isisekelo sokufundisa okuhle asiwona amakhono kodwa okuthile okubaluleke kakhulu kunawo. Phawula lokho okwabhalwa omunye umfundisi ongumakad’ ebona ngale ndaba kwenye incwadi: “Ukufundisa okuhle akuyona indaba yokuba namakhono athile noma izindlela, amasu noma izenzo. . . . Ngokuyinhloko ukufundisa kudinga uthando.” Yebo, umbono wakhe ngowomfundisi wezwe. Noma kunjalo, iphuzu alivezayo kungenzeka lisebenza nakakhulu ekufundiseni kwethu njengamaKristu. Kanjani?

3 Asikho esinye iSibonelo sethu somfundisi ngaphandle kukaJesu Kristu, owathi kubalandeli bakhe: “Nginibekela isibonelo.” (Johane 13:15) Wayekhuluma ngesibonelo sakhe sokubonisa ukuthobeka, kodwa isibonelo uJesu asibekela sona siyawuhlanganisa nakanjani umsebenzi wakhe oyinhloko awenza emhlabeni engumuntu—ukufundisa abantu izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Luka 4:43) Uma bekungathiwa khetha igama elilodwa elichaza inkonzo kaJesu, cishe ubungakhetha elithi “uthando,” akunjalo? (Kolose 1:15; 1 Johane 4:8) Uthando uJesu ayenalo ngoYise wasezulwini, uJehova, lwaluvelele. (Johane 14:31) Nokho, kunezinye izindlela ezimbili uJesu abonisa ngazo uthando njengomfundisi. Wayewathanda amaqiniso ayewafundisa, futhi ebathanda nabantu ayebafundisa. Ake sigxile kakhudlwana kulezi zici ezimbili zesibonelo asibekela sona.

Wayewathanda Kusukela Kudala Amaqiniso Aphezulu

4. UJesu waluhlakulela kanjani uthando ngezimfundiso zikaJehova?

4 Indlela umfundisi akubheka ngayo lokho akufundisayo ilithonya kakhulu izinga lokufundisa kwakhe. Ukungabi nandaba kuyobonakala futhi kuthelele nabafundi bakhe. UJesu wayengeyena umuntu ongenandaba namaqiniso ayigugu ayewafundisa ngoJehova noMbuso wakhe. Uthando uJesu ayenalo ngalokhu lwalujulile. Wayehlakulele lolo thando engumfundi. Phakathi neminyaka eminingi ingakabi ngumuntu, iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa yayingumfundi okhuthele. U-Isaya 50:4, 5 unala mazwi afanelekayo: “INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo; ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi. INkosi uJehova iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane.”

5, 6. (a) Yini ngokusobala eyenzeka kuJesu lapho ebhapathizwa, futhi kwaba namuphi umphumela kuye? (b) UJesu noSathane babehluke kanjani endleleni ababesebenzisa ngayo iZwi likaNkulunkulu?

5 Lapho ekhula njengomuntu emhlabeni, uJesu waqhubeka ekuthanda ukuhlakanipha kwaphezulu. (Luka 2:52) Kwabe sekuthi lapho ebhapathizwa, kwenzeka into engavamile kuye. ULuka 3:21 uthi: “Izulu lavuleka.” Ngokusobala uJesu wabe esekhumbula ukuphila kwakhe engakabi ngumuntu. Ngemva kwalokho wazila ukudla izinsuku ezingu-40 esehlane. Kumelwe ukuba wayekujabulela kakhulu ukuzindla ngezikhathi eziningi zokufundiswa kwakhe nguJehova esesezulwini. Nokho, kungakabiphi uthando lwakhe ngamaqiniso kaNkulunkulu lwavivinyeka.

6 Lapho uJesu ekhathele futhi elambile, uSathane wazama ukumlinga. Yeka indlela ayehluke ngayo la madodana amabili kaNkulunkulu! Womabili acaphuna imiBhalo YesiHeberu—kodwa enesimo sengqondo esingafani neze. USathane walihlanekezela iZwi likaNkulunkulu, elisebenzisa ngendelelo nangobugovu ukuze azizuzise yena. Impela, leso sihlubuki sasiwadelela nje kwaphela amaqiniso aphezulu. Ngakolunye uhlangothi, lapho uJesu ecaphuna imiBhalo kwakusobala ukuthi uyayithanda, wayelisebenzisa ngokucophelela iZwi likaNkulunkulu empendulweni yakhe ngayinye. UJesu wayesenesikhathi eside ephila engakabhalwa lawo mazwi aphefumulelwe, nokho wayewahlonipha. Ayengamaqiniso ayigugu avela kuYise wasezulwini! Watshela uSathane ukuthi lawo mazwi avela kuJehova ayebaluleke ngaphezu kokudla. (Mathewu 4:1-11) Yebo, uJesu wayewathanda wonke amaqiniso uJehova ayemfundise wona. Kodwa walubonisa kanjani lolo thando njengomfundisi?

Wayewathanda Amaqiniso Ayewafundisa

7. Kungani uJesu akugwema ukuziqambela izimfundiso zakhe?

7 Uthando uJesu ayenalo ngamaqiniso ayewafundisa lwaluhlale lubonakala. Kwakungaba lula ukuba azakhele eyakhe imiqondo. Wayenenqolobane enkulu yolwazi nokuhlakanipha. (Kolose 2:3) Nokho, wazikhumbuza kaningi izilaleli zakhe ukuthi konke ayekufundisa kwakungasuki kuye, kwakusuka kuYise wasezulwini. (Johane 7:16; 8:28; 12:49; 14:10) Amaqiniso aphezulu wayewathanda kakhulu kangangokuthi wayengenakusebenzisa okwakhe ukucabanga esikhundleni sawo.

8. Ekuqaleni kwenkonzo yakhe, uJesu wasibeka kanjani isibonelo sokuncika eZwini likaNkulunkulu?

8 Lapho uJesu eqala inkonzo yakhe yasobala, washeshe wabeka isibonelo. Cabanga indlela abazisa ngayo abantu bakaNkulunkulu ukuthi unguMesiya othenjisiwe. Ingabe wamane wama phambi kwesixuku, wathi unguKristu, wayesenza izimangaliso ezihlaba umxhwele ukuze afakazele ayekusho? Cha. Waya esinagogeni lapho abantu bakaNkulunkulu babevame ukufunda khona imiBhalo. Lapho, wafunda ngokuzwakalayo isiprofetho sika-Isaya 61:1, 2 wayesechaza ukuthi la maqiniso esiprofetho abhekisela kuye. (Luka 4:16-22) Izimangaliso zakhe eziningi zasiza ekuboniseni ukuthi wayesekelwa nguJehova. Noma kunjalo, ngaso sonke isikhathi wayencika eZwini likaNkulunkulu lapho efundisa.

9. Lapho esebenzelana nabaFarisi, uJesu walubonisa kanjani uthando lwakhe oluqotho ngeZwi likaNkulunkulu?

9 Lapho abaphikisi benkolo bebekela uJesu inselele, akazange ancintisane nabo ngamazwi, yize ayengabahlula kalula emncintiswaneni onjalo. Kunalokho wavumela iZwi likaNkulunkulu ukuba libaphikise. Ngokwesibonelo, khumbula lapho abaFarisi bethi abalandeli bakaJesu baphule umthetho weSabatha ngokukha izikhwebu ezimbalwa ensimini bazidle ngenkathi bedlula. UJesu waphendula: “Anikufundanga yini lokho uDavide akwenza lapho yena namadoda ayenaye belambile?” (Mathewu 12:1-5) Yebo, kungenzeka lawo madoda ayezibona elungile ayekufundile lokho kulandisa okuphefumulelwe okukweyoku-1 Samuweli 21:1-6. Uma kunjalo, ayengasiqondanga isifundo esibalulekile esikukho. Nokho, uJesu wayenze okungaphezu kokukufunda lokho kulandisa. Wayecabange ngakho wamukela umyalezo wakho. Wayezithanda izimiso uJehova ayezifundisa ngaleyo ndima. Ngakho wasebenzisa lokho kulandisa, nesibonelo saseMthethweni KaMose, ukuze aveze ukuthi uMthetho wawulinganisela. Ngokufanayo, uthando lukaJesu oluqotho lwamenza wavikela iZwi likaNkulunkulu emizamweni yabaholi benkolo yokulihlanekezela ukuze kuzuze bona noma yokuligqiba obishini lwamasiko abantu.

10. UJesu wazigcwalisa kanjani iziprofetho ngokuphathelene nezinga lokufundisa kwakhe?

10 Ukuthanda kukaJesu lokho ayekufundisa kwakungamvumeli ukuba afundise sakugcina icala, ngendlela ekhathele noma engenamizwa. Iziprofetho eziphefumulelwe zazisikisele ukuthi uMesiya wayeyokhuluma ‘ngokuthandeka ezindebeni zakhe,’ asebenzise “amazwi obugagu.” (IHubo 45:2; Genesise 49:21, NW) UJesu wazigcwalisa lezo ziprofetho ngokugcina umyalezo wakhe uqabula futhi uphilile, esebenzisa “amazwi akhangayo” njengoba efundisa amaqiniso ayewathanda kakhulu. (Luka 4:22) Akungabazeki ukuthi ukushiseka kwakhe kwakubonakala ebusweni, namehlo akhe ayekhanya ngenxa yesithakazelo ayenaso kulokho ayekufundisa. Yeka ukuthi kumelwe ukuba kwakumnandi kanjani ukumlalela, futhi yeka isibonelo esihle okufanele sisilandele lapho sixoxa nabanye ngalokho esikufundile!

11. Kungani amakhono kaJesu njengomfundisi engazange amenze azikhukhumeze?

11 Ingabe ukuqonda kukaJesu okujulile amaqiniso aphezulu nobuciko bakhe ekukhulumeni kwamenza wazikhukhumeza? Kuvame ukuba njalo ngabafundisi abangabantu. Kodwa, khumbula ukuthi uJesu wayehlakaniphe ngendlela enokwesaba uNkulunkulu. Ukuhlakanipha okunjalo akuhambisani nokuqhosha, ngoba “kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.” (IzAga 11:2) Kukhona okunye futhi okwenza uJesu wangaqhosha noma azikhukhumeze.

UJesu Wayebathanda Abantu Ayebafundisa

12. UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayengafuni abalandeli bakhe bamesabe?

12 Uthando lukaJesu olujulile ngabantu lwalubonakala njalo ekufundiseni kwakhe. Ukufundisa kwakhe kwakungabenzi abantu bazizwe bengelutho, ngokungafani nokwabantu abaqhoshayo. (UmShumayeli 8:9) Ngemva kokubona esinye sezimangaliso zikaJesu, uPetru wakhungatheka wakhexa, wayeseguqa phambi kukaJesu. Kodwa uJesu wayengafuni abalandeli bakhe bathuthumele phambi kwakhe. Ngomusa wathi, “Ungesabi” wayesexoxela uPetru ngomsebenzi othakazelisayo wokwenza abafundi ayeyohlanganyela kuwo. (Luka 5:8-10) UJesu wayefuna abafundi bakhe bashukunyiswe uthando abanalo ngamaqiniso ayigugu aphathelene noNkulunkulu, hhayi ukwesaba umfundisi wabo.

13, 14. UJesu wabonisa ngaziphi izindlela ukuthi uyabazwela abantu?

13 Indlela uJesu ayebathanda ngayo abantu ayebafundisa yabonakala nangozwela ayenalo ngabo. “Lapho ebona izixuku wafikelwa isihawu ngazo, ngoba zaziphundleke futhi zihlakazeke njengezimvu ezingenamalusi.” (Mathewu 9:36) Wayebazwela esimweni esidabukisayo ababekuso futhi washukumiseleka ukuba abasize.

14 Phawula uzwela lukaJesu kwesinye isenzakalo. Lapho owesifazane onomopho eza kuye esixukwini efika ethinta umphetho wengubo yakhe, waphulukiswa ngokuyisimangaliso. UJesu wezwa amandla ephuma kuye, kodwa wangabona ukuthi ubani owayelaphekile. Wafuna ukumbona lona wesifazane. Ngani? Hhayi ukuze amthethisele ukwephula uMthetho KaMose noma imithetho yababhali nabaFarisi, okungenzeka wayekwesaba lona wesifazane. Kunalokho, wathi kuye: “Ndodakazi, ukholo lwakho lukwenze waphila. Hamba ngokuthula, futhi uphile kahle ekuguleni kwakho okubi.” (Marku 5:25-34) Phawula uzwela olukulawo mazwi. Akazange amane athi, “Yelapheka.” Kunalokho, wathi: “Hamba ngokuthula, futhi uphile kahle ekuguleni kwakho okubi.” UMarku lapha usebenzisa igama elingase lisho “ukubhaxabula” ngomqondo ongokoqobo, okuyindlela yokushaya ngesiswebhu eyayivame ukusetshenziselwa ukuhlukumeza. Ngakho, uJesu wavuma ukuthi ukugula kwalona wesifazane kwakumhlupha, mhlawumbe kumzwisa ubuhlungu obukhulu emzimbeni nangokomzwelo. Wazwelana naye.

15, 16. Yiziphi izenzakalo enkonzweni kaJesu ezibonisa ukuthi wayebheka okuhle kubantu?

15 UJesu wabonisa ukuthi uyabathanda abantu nangokubheka okuhle kubo. Cabanga ngalokho akusho lapho ehlangana noNathanayeli, kamuva owaba ngumphostoli. “UJesu wabona uNathanayeli eza ngakuye futhi wathi ngaye: ‘Bheka, umIsrayeli ngempela, okungekho nkohliso kuye.’” Ngokuyisimangaliso, uJesu wayebheke inhliziyo kaNathanayeli, wathola okuningi ngaye. Yebo, uNathanayeli wayengaphelele neze. Wayenamaphutha, njengathi sonke. Empeleni, lapho ezwa ngoJesu, wakhuluma amazwi ahlabayo: “Ingabe kukhona okuhle okungaphuma eNazaretha?” (Johane 1:45-51) Nokho, kuzo zonke izinto ezazingashiwo ngoNathanayeli, uJesu wakhetha ukugxila entweni enhle, ukwethembeka kwayo le ndoda.

16 Ngokufanayo, lapho isikhulu sempi—mhlawumbe esasingoweZizwe, umRoma—sizocela uJesu ukuba aphulukise isigqila esigulayo, uJesu wayazi ukuthi leli sosha linawo amaphutha. Isikhulu sempi sangalezo zinsuku cishe sasiyoba nomlando ogcwele izenzo eziningi zobudlova, ukuchitha igazi nokukhulekela kwamanga. Kodwa uJesu wagxila kokuhle—ukholo oluvelele lwale ndoda. (Mathewu 8:5-13) Kamuva, lapho uJesu ekhuluma nomenzi wokubi owayelenga eceleni kwakhe esigxotsheni sokuhlushwa, uJesu akayithethisanga le ndoda ngenxa yobugebengu bayo bangaphambili kodwa wayikhuthaza ngethemba lekusasa. (Luka 23:43) UJesu wayazi kahle ukuthi ukubheka abanye kabi nangombono ogxekayo kwakuyomane kubadikibalise. Akungabazeki ukuthi imizamo yakhe yokuthola okuhle kwabanye yakhuthaza abaningi ukuba benze okuhle nakakhulu.

Wayezimisele Ukukhonza Abanye

17, 18. Lapho amukela isabelo sokuza emhlabeni, uJesu wakubonisa kanjani ukuzimisela kwakhe ukukhonza abanye?

17 Obunye ubufakazi obunamandla bothando uJesu ayenalo ngabantu ayebafundisa kwakuwukuzimisela kwakhe ukubakhonza. Ingakabi ngumuntu, iNdodana kaNkulunkulu yayilokhu isithanda isintu. (IzAga 8:30, 31) ‘NjengoLizwi,’ noma umkhulumeli, kaJehova kungenzeka kwase kukaningi isebenzelana nabantu. (Johane 1:1) Nokho, ukuze futhi afundise isintu ngokuqondile, uJesu “wazigeqa wathatha isimo sesigqila,” washiya isikhundla sakhe esiphakeme ezulwini. (Filipi 2:7; 2 Korinte 8:9) Lapho esemhlabeni, uJesu akalindelanga ukutendwa noma ukukhonzwa. Kunalokho, wathi: “INdodana yomuntu [ayizelanga] ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela umphefumulo wayo ube isihlengo esenana abaningi.” (Mathewu 20:28) UJesu waphila ngokuvumelana kahle nalawo mazwi.

18 UJesu wazinakekela ngokuthobeka izidingo zalabo ayebafundisa, enganqikazi ukuzidela ngenxa yabo. Walidabula lonke iZwe Lesithembiso ngezinyawo, ehamba amakhulu amakhilomitha eyoshumayela, ezama ukufinyelela abantu abaningi ngangokunokwenzeka. Ngokungafani nabaFarisi nababhali ababezazisa, waqhubeka ethobekile futhi engeneka. Zonke izinhlobo zabantu—izicukuthwane, amasosha, abameli, abesifazane, izingane, abampofu, abagulayo, ngisho nababekhishwa inyumbazane emphakathini—beza kuye bemagange, bengesabi. Nakuba ayephelele, uJesu wayengumuntu, ekhathala futhi elamba. Nokho, ngisho nalapho ayekhathele noma edinga ukuphumula noma isikhathi sokuthandaza ngasese, wabeka izidingo zabanye ngaphambi kwezakhe.—Marku 1:35-39.

19. UJesu wababekela kanjani abafundi bakhe isibonelo sokuphathana ngokuthobeka, ngesineke nangomusa?

19 UJesu wayezimisele ngokufanayo ukukhonza nabafundi bakhe uqobo. Wenza kanjalo ngokubafundisa ngomusa nangesineke. Lapho bethatha kade ukuqonda izifundo ezibalulekile, akaphelanga amandla, acasuke, noma abathethise. Waqhubeka efuna izindlela ezintsha zokubenza baqonde. Ngokwesibonelo, cabanga nje ukuthi abafundi babehilizisana kaningi kanjani ngokuthi ubani omkhulu kunabo bonke kubo. Kaninginingi, uJesu wayezama izindlela ezintsha zokubafundisa ukuphathana ngokuthobeka, kwaze kwaba ngobusuku bangaphambi kokubulawa kwakhe. Kule ndaba yokuthobeka, njengakuzo zonke ezinye, uJesu wayengasho kufanele ukuthi: “Nginibekela isibonelo.”—Johane 13:5-15; Mathewu 20:25; Marku 9:34-37.

20. Iyiphi indlela yokufundisa eyenza uJesu wahluka kubaFarisi, futhi kungani leyo ndlela yayiphumelela?

20 Phawula ukuthi uJesu akazange nje abatshele abafundi ngesibonelo; ‘wababekela’ sona. Wabafundisa ngesibonelo. Akazange akhulume nabo ngokubeya, njengokungathi uzibona kungadingeki yena azigcine izinto abatshela zona. AbaFarisi ababenjalo. UJesu wathi ngabo: “Bayakhuluma kodwa bangenzi.” (Mathewu 23:3) Ngokuthobeka, uJesu wabonisa abafundi bakhe lokho okushiwo yizimfundiso zakhe ngokuphila ngazo, wenza njengoba zisho. Ngakho lapho enxusa abalandeli bakhe ukuba baphile ukuphila okulula nokungaxakanisiwe ukuthanda izinto ezibonakalayo, abazange badinge nje ukuthi usho ukuthini. Babekubona lokho okushiwo amazwi akhe: “Amankentshane anemiphandu nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu yona ayinandawo yokubeka ikhanda layo.” (Mathewu 8:20) UJesu wakhonza abafundi bakhe ngokubabekela isibonelo ngokwethembeka.

21. Kuzoxoxwa ngani esihlokweni esilandelayo?

21 Akungabazeki ukuthi uJesu wayenguMfundisi omkhulu kunabo bonke owake waphila emhlabeni! Uthando lwakhe ngalokho ayekufundisa nangabantu ayebafundisa lwalusobala kubo bonke abanhliziyo ziqotho ababembona futhi bemuzwa. Lusobala ngendlela efanayo nakulabo kithi namuhla abatadisha isibonelo asibeka. Nokho, singasilandela kanjani isibonelo sikaKristu esiphelele? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngalowo mbuzo.

Ungaphendula Kanjani?

• Siyini isisekelo sokufundisa okuhle, njengoba kwabonisa bani?

• Yiziphi izindlela uJesu abonisa ngazo uthando ngamaqiniso ayewafundisa?

• UJesu walubonisa kanjani uthando ngabantu ayebafundisa?

• Yiziphi izibonelo ezibonisa ukuzimisela kukaJesu ukubakhonza ngokuthobeka labo ayebafundisa?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 12]

UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayezithanda izimiso eziseZwini likaNkulunkulu?