Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Niyazi Ukuthi Kungani Ngiyibuyisa Imali Yenu?”

“Niyazi Ukuthi Kungani Ngiyibuyisa Imali Yenu?”

“Niyazi Ukuthi Kungani Ngiyibuyisa Imali Yenu?”

‘WO HHE, ngaze ngayidinga imali!” kucabanga uNana, umama ongayedwa wabafana abathathu ohlala eKaspi, eRepublic of Georgia. Ngolunye usuku ekuseni amaphupho akhe okuthola imali afezeka. Wathola amaLari angu-300 eduze kwesiteshi samaphoyisa. Kwakungekho muntu eduze. Kwakuyimali enkulu impela. Eqinisweni uNana wayengakaze ayibone imali eyiphepha engamaLari angu-100 kusukela yaqala ukuba khona eminyakeni emihlanu edlule. Nabadayisi bendawo babesebenza iminyaka kodwa bangayitholi imali engako.

‘Ngizokwenzani ngale mali uma ngizolahlekelwa ukholo, ukwesaba uNkulunkulu nengokomoya lami?’ kucabanga uNana. Wayehlakulele lezo zimfanelo zobuKristu, wabekezelela ngisho nokushushiswa ngokhahlo nokushaywa ngenxa yokholo lwakhe.

Lapho eya esiteshini samaphoyisa, uNana wabona amaphoyisa amahlanu ecinga okuthile. Wabona ukuthi ayefuna le mali, wayesesondela kuwo wathi: “Kukhona okunilahlekele?”

“Yimali,” ephendula.

“Yimalini?”

“AmaLari angu-300!”

“Imali yenu itholwe yimi,” kusho uNana. Wabe esebuza: “Niyazi ukuthi kungani ngiyibuyisa imali yenu?” Babengazi.

“Yingoba ngingomunye woFakazi BakaJehova,” eqhubeka. “Ukube angiyena, bengingeke ngiyibuyise.”

Ukaputeni wamaphoyisa okwakunguye owayelahlekelwe yile mali wanika uNana amaLari angu-20 ebonga ngokwethembeka kwakhe.

Le ndaba yagcwala yonke indawo yaseKaspi ngesikhashana. Ngakusasa, owesifazane osebenza ukuhlanza owaphuma esiteshini samaphoyisa wathi kuNana: “[Ukaputeni] unezincwadi zenu ahlale ezigcine ehhovisi lakhe. Cishe manje usezozithanda nakakhulu.” Elinye iphoyisa laze lathi: “Ukube bonke abantu bebengoFakazi BakaJehova, ubani obeyokwenza ubugebengu?”