Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Akukaze Kukhulume Omunye Umuntu Kanje”

“Akukaze Kukhulume Omunye Umuntu Kanje”

“Akukaze Kukhulume Omunye Umuntu Kanje”

“Bonke baqala ukunikeza ubufakazi obuhle ngaye nokumangala ngamazwi akhangayo aphuma emlonyeni wakhe.”—LUKA 4:22.

1, 2. (a) Kungani amasosha ayethunywe ukuba ayobamba uJesu abuya elambatha? (b) Yini ebonisa ukuthi kwakungewona wodwa amasosha ayehlatshwe umxhwele ukufundisa kukaJesu?

AMASOSHA ehluleka ukwenza ayekuthunyiwe. Ayethunywe ukuba ayobamba uJesu Kristu, kodwa abuya elambatha. Abapristi abakhulu nabaFarisi bafuna ukwazi: “Kungani ningezanga naye?” Kona ngempela kungani amasosha engambambanga umuntu owayengeke azabalaze nakuzabalaza? Achaza: “Akukaze kukhulume omunye umuntu kanje.” Ayehlatshwe umxhwele indlela kaJesu yokufundisa kangangokuba akuvumanga kuwo ukuba abophe le ndoda enokuthula. *Johane 7:32, 45, 46.

2 Lawo masosha kwakungewona wodwa ayehlatshwe umxhwele indlela kaJesu yokufundisa. IBhayibheli lisitshela ukuthi kwatheleka izixuku zabantu ukuze nje zimlalele ekhuluma. Abantu basemzini wakubo bamangazwa “amazwi akhangayo aphuma emlonyeni wakhe.” (Luka 4:22) Kaningana wakhuluma nezixuku ezazibuthene ogwini loLwandle LwaseGalile esesikebheni. (Marku 3:9; 4:1; Luka 5:1-3) Ngesinye isikhathi, “isixuku” sahlala naye izinsuku, singenakho nokudla.—Marku 8:1, 2.

3. Yini ngokuyinhloko eyenza uJesu waba umfundisi ovelele kangaka?

3 Yini eyayenza uJesu abe umfundisi ovelele? Uthando yisona sizathu esiyinhloko. * UJesu wayewathanda amaqiniso ayewafundisa, ebathanda nabantu ayebafundisa. Kodwa futhi uJesu wayenezindlela zokufundisa ezazibonisa ikhono elingavamile. Ezihlokweni ezifundwayo ezikulo magazini, sizoxoxa ngezinye zezindlela eziphumelelayo ayezisebenzisa nokuthi singazilingisa kanjani.

Ukwenza Izinto Zibe Lula Futhi Zicace

4, 5. (a) Kungani uJesu asebenzisa ulimi olulula lapho efundisa, futhi yini ekwenza kuphawuleke ukwenza kwakhe kanjalo? (b) INtshumayelo YaseNtabeni isibeka kanjani isibonelo ngokwenza kukaJesu izinto zibe lula lapho efundisa?

4 Akuyona into engavamile ukuba abantu abafunde kakhulu basebenzise ulimi olunzima kakhulu ukuba lungaqondwa yizilaleli zabo. Kodwa uma singakhulumi ngendlela eyenza abanye basiqonde, bangazuza kanjani olwazini lwethu? Njengomfundisi, uJesu akazange akhulume ngendlela eyenza abanye bangamuzwa. Cabanga ngentilibathwa yamagama ayengawasebenzisa. Nokho, naphezu kolwazi lwakhe olubanzi, wayecabanga ngezilaleli zakhe, hhayi ngaye. Wayazi ukuthi abaningi kuzo ‘babengafundile futhi bevamile.’ (IzEnzo 4:13) Ukuze abafundise, wasebenzisa ulimi olwaluqondakala kulabo bantu. Amazwi ayelula, kodwa amaqiniso ayedluliselwa yilawo mazwi ayejulile.

5 Ngokwesibonelo, cabanga ngeNtshumayelo YaseNtabeni, ekuMathewu 5:3–7:27. Kungenzeka kwamthatha imizuzu engu-20 kuphela uJesu ukunikeza leyo ntshumayelo. Yize kunjalo, izimfundiso zayo zijulile, zithinta umnyombo wezinto ezinjengokuphinga, isehlukaniso nokuthanda izinto ezibonakalayo. (Mathewu 5:27-32; 6:19-34) Nokho, awekho amazwi ayinkimbinkimbi nahloselwe ukubukisa. Bheka nje, akukho nelilodwa igama ngisho nengane engeke iliqonde kalula! Shono nje kwathi lapho eqeda, izixuku—okungenzeka zazihlanganisa abalimi, abelusi nabadobi abaningi—“zakhexa ngendlela yakhe yokufundisa”!—Mathewu 7:28.

6. Nikeza isibonelo sendlela uJesu asho ngayo amazwi alula kodwa anencazelo ejiyile.

6 Njengoba ayevame ukusebenzisa inkulumo ecacile nemfushane, uJesu wakhuluma amazwi alula kodwa anencazelo ejiyile. Ngakho, zingakabi khona izincwadi ezilotshiwe, uJesu waloba umyalezo wakhe ngokungasuki ezingqondweni nasezinhliziyweni zezilaleli zakhe. Phawula ezinye zezibonelo: “Akekho ongaba isigqila samakhosi amabili; . . . Anikwazi ukuba izigqila zikaNkulunkulu nezeNgcebo.” “Yekani ukwahlulela ukuze ningahlulelwa.” “Niyobazi ngezithelo zabo.” “Abantu abanempilo enhle abamdingi udokotela, kodwa abagulayo abamdingayo.” “Bonke labo abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba.” “Buyiselani izinto zikaKesari kuKesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.” “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.” * (Mathewu 6:24; 7:1, 20; 9:12; 26:52; Marku 12:17; IzEnzo 20:35) Ngisho sekwadlula iminyaka engaba ngu-2 000 uJesu awasho, la mazwi anamandla asakhunjulwa kalula nanamuhla.

Ukusebenzisa Imibuzo

7. Kungani uJesu ayebuza imibuzo?

7 UJesu wayeyisebenzisa ngendlela ephawulekayo imibuzo. Wayevame ukwenza lokhu ngisho nalapho kwakuyomongela isikhathi ukuvele azitshele lokho akuqondile izilaleli zakhe. Pho, wayeyibuzelani imibuzo? Ngezinye izikhathi, wayesebenzisa imibuzo ephenyayo ukuze adalule izisusa zabaphikisi bakhe, kanjalo abavale umlomo. (Mathewu 12:24-30; 21:23-27; 22:41-46) Nokho, ezimweni eziningi uJesu wayezinika isikhathi sokubuza imibuzo ukuze adlulisele amaqiniso, enze izilaleli zakhe ziveze okusezinhliziyweni zazo, ashukumise futhi aqeqeshe ikhono lokucabanga labafundi bakhe. Ake sihlole izibonelo ezimbili ezihilela umphostoli uPetru.

8, 9. UJesu wayisebenzisa kanjani imibuzo ukuze asize uPetru ukuba afinyelele isiphetho esiyiso endabeni yokukhokhwa kwentela yethempeli?

8 Okokuqala, khumbula lapho abathelisi bebuza uPetru ukuthi uJesu uyayikhokha yini intela yethempeli. * UPetru, owayenamawala ngezinye izikhathi, waphendula, “Yebo.” Nokho, ngemva kwesikhashana, uJesu wabonisana naye: “‘Ucabangani, Simoni? Amakhosi omhlaba ayamukela kobani intela yempahla noma intela yekhanda? Emadodaneni awo noma ezihambini?’ Lapho ethi: ‘Ezihambini,’ uJesu wathi kuye: ‘Khona-ke, ngempela amadodana akhululekile enteleni.’” (Mathewu 17:24-27) Kufanele ukuba uPetru waliqonda iphuzu elalivezwa uJesu ngemibuzo yakhe. Ngani?

9 Ngosuku lukaJesu, amalungu emindeni yasebukhosini kwakwaziwa ukuthi awayikhokhi intela. Ngakho, njengeNdodana ezelwe yodwa yeNkosi yasezulwini eyayikhulekelwa ethempelini, uJesu kwakungafanele kulindelwe ukuba akhokhe intela. Phawula ukuthi kunokuba amane amtshele impendulo enembile uPetru, uJesu wasebenzisa imibuzo ngokuphumelelayo kodwa ngesisa ukuze amsize uPetru afinyelele esiphethweni esiyiso—futhi mhlawumbe abone nesidingo sokucabangisisa ngaphambi kokuba akhulume.

10, 11. UJesu wasabela kanjani lapho uPetru egenca indlebe yendoda ethile ngobusuku bePhasika lika-33 C.E., futhi lokhu kubonisa kanjani ukuthi uJesu wayekuqonda ukubaluleka kwemibuzo?

10 Isibonelo sesibili sihilela isenzakalo esenzeka ngobusuku bePhasika lika-33 C.E., lapho kufika isixuku sizobopha uJesu. Abafundi babuza uJesu ukuthi kufanele yini balwe bamvikele. (Luka 22:49) Engakezwa nempendulo, uPetru wagenca indlebe yenye indoda ngenkemba (nakuba kungenzeka ukuthi uPetru wayehlose ukuyilimaza ngaphezu kwalokho). UPetru wenza ngokuphambene nentando yenkosi yakhe, ngoba uJesu wayezimisele ngokugcwele ukuzinikela. Wasabela kanjani uJesu? Enesineke njalo, wabuza uPetru imibuzo emithathu: “Akufanele yini ngiyiphuze nakanjani indebe uBaba anginike yona?” “Ucabanga ukuthi anginakunxusa yini kuBaba ukuba anginikeze ngalomzuzwana amalegiyona ezingelosi angaphezu kwayishumi nambili? Uma kuba njalo, imiBhalo ibiyogcwaliseka kanjani ukuthi kumelwe ukuba kwenzeke ngalendlela?”—Johane 18:11; Mathewu 26:52-54.

11 Ake uthi ukucabanga ngalokho kulandisa. Ezungezwe yisixuku esithukuthele, uJesu wayazi ukuthi kuseduze ukuba afe nokuthi ukuhlanzwa kwegama likaYise nokusindiswa komkhaya wesintu kwakusemahlombe akhe. Nokho, khona lapho wazinika isikhathi sokugxilisa amaqiniso abalulekile engqondweni kaPetru ngemibuzo. Akucacile yini ukuthi uJesu wayekuqonda ukubaluleka kwemibuzo?

Ihaba Elicacile

12, 13. (a) Liyini ihaba? (b) UJesu walisebenzisa kanjani ihaba ukuze agcizelele ubuwula bokugxeka amaphutha angasho lutho abafowethu?

12 Enkonzweni yakhe, uJesu wayevame ukusebenzisa enye indlela yokufundisa ephumelelayo—ihaba. Lokhu kuwukukhulisa indaba ngenhloso ukuze ugcizelele. Ngehaba, uJesu wakha imibono okwakungelula ukuba ikhohlakale. Ake sihlole izibonelo ezimbalwa.

13 Lapho egcizelela isidingo ‘sokuyeka ukwahlulela’ abanye, uJesu wathi eNtshumayelweni YaseNtabeni: “Kungani ubheka umucu wotshani osesweni lomfowenu, kodwa ungacabangi ngomshayo osesweni lakho siqu?” (Mathewu 7:1-3) Ungakubona yini lokhu ngeso lengqondo? Umuntu othanda ukugxeka ufuna ukukhipha umucu wotshani “osesweni” lomfowabo. Lo mgxeki uthi umfowabo akaboni kahle ukuze ahlulele ngendlela eyamukelekayo. Kodwa kwayena umgxeki akakwazi ukwahlulela kahle ngenxa ‘yomshayo’—ugodo noma ugongolo olungase lusetshenziselwe ukuphasa uphahla. Yeka indlela engalibaleki ebonisa ubuwula bokugxeka amaphutha abafowethu angasho lutho kuyilapho kungenzeka nathi sinawethu amakhulu!

14. Kungani amazwi kaJesu aphathelene nokuhluza insensane nokuginga ikamela ayeyihaba elinamandla ngokukhethekile?

14 Kwesinye isenzakalo, uJesu walahla abaFarisi wathi ‘bangabaqondisi abayizimpumputhe, abahluza insensane, baginge ikamela.’ (Mathewu 23:24) Lena kwakuyindlela enamandla ngokukhethekile yokusebenzisa ihaba. Ngani? Wawuphawuleka umehluko phakathi kwensensane encanyana (isinambuzane esisamiyane) nekamela, elalingesinye sezilwane ezinkulu kakhulu ezazaziwa yizilaleli zikaJesu. Kulinganiselwa ukuthi kungadingeka izinsensane eziyizigidi ezingu-70 ukuze zakhe isisindo sekamela elilingene! Futhi uJesu wayazi ukuthi abaFarisi babelihluza ngesisefo sendwangu iwayini labo. Labo bathandi bemithetho babenza lokho ukuze bagweme ukugwinya insensane, kanjalo babe abangcolile. Nokho, ngokomfanekiso babeginga ikamela, nalo elalingcolile. (Levitikusi 11:4, 21-24) Iphuzu likaJesu lalicacile. Ngokucophelela, abaFarisi babegcina nezimfuneko ezincane zoMthetho, kodwa bengazinaki izinto ezibaluleke kakhudlwana—“ubulungisa nesihe nokukholeka.” (Mathewu 23:23) Yeka ukuthi uJesu wabadalula ngokucace kanjani!

15. Yiziphi ezinye zezifundo uJesu azifundisa ngokusebenzisa ihaba?

15 Kuyo yonke inkonzo yakhe, uJesu wayevamile ukusebenzisa ihaba. Cabanga ngezinye zezibonelo. ‘Ukholo olulingana nohlamvu oluncanyana lwesinaphi’ olungashukumisa intaba—ayikho enye indlela ephumelela ngaphezu kwalena uJesu ayengayisebenzisa ukuze agcizelele ukuthi ngisho nokholo oluncane lungafeza lukhulu. (Mathewu 17:20) Ikamela elikhulu elizama ukungena embotsheni yenaliti yokuthunga—yeka ukuthi lokho kubufanekisela kahle kanjani ubunzima umuntu ocebile abhekana nabo lapho ezama ukukhonza uNkulunkulu ebe ebambelele endleleni yokuphila egxile ezintweni ezibonakalayo! (Mathewu 19:24) Azikumangazi yini izifengqo zikaJesu ezicacile nekhono lakhe lokufeza lukhulu ngamazwi ambalwa?

Indlela Yokucabanga Enengqondo Nengenakuphikiswa

16. UJesu wayeyisebenzisela ukwenzani ingqondo yakhe ekhaliphile?

16 Njengoba ayenengqondo ephelele, uJesu wayeyiciko ekubonisaneni nabantu ngokunengqondo. Nokho, akazange alisebenzise kabi leli khono. Ngaso sonke isikhathi lapho efundisa, wayesebenzisa ikhono lakhe lengqondo ekhaliphile ukuze athuthukise iqiniso. Ngezinye izikhathi, wayesebenzisa indlela yokucabanga enamandla ukuze aphikise ukumangalela okungamanga kwabaphikisi bakhe benkolo. Ezimweni eziningi, wayesebenzisa indlela yokucabanga enengqondo ukuze afundise abafundi bakhe izifundo ezibalulekile. Ake sibheke ikhono likaJesu lokusebenzisa indlela yokucabanga ngobuciko.

17, 18. Iyiphi indlela yokucabanga enamandla uJesu ayisebenzisa ukuze aphikise ukumangalela okungamanga kwabaFarisi?

17 Cabanga ngesikhathi lapho uJesu ephulukisa indoda eyayinedemoni, iyimpumputhe futhi iyisithulu. Lapho bezwa ngakho, abaFarisi bathi: “Lomufo uxosha amademoni ngoBelzebule kuphela, umbusi wamademoni.” Phawula ukuthi abaFarisi bavuma ukuthi ukuxosha amademoni kaSathane kwakudinga amandla angaphezu kwawomuntu. Nokho, ukuze benze abantu bangakholelwa kuJesu, bathi amandla akhe avela kuSathane. Eveza ukuthi babengacabangisisanga ngalokho ababekusho, uJesu waphendula: “Yonke imibuso ehlukene phakathi iyachitheka, futhi yonke imizi noma izindlu ezihlukene phakathi ngeke zime. Ngendlela efanayo, uma uSathane exosha uSathane, uhlukene yedwa; khona-ke, umbuso wakhe uyokuma kanjani?” (Mathewu 12:22-26) Kwakunjengokungathi uJesu uthi: ‘Uma ngiyinxusa likaSathane, njengoba nisho, ukwenza okuphambene nalokho uSathane akwenza bekungasho ukuthi uSathane uyaziphikisa futhi kungakabiphi uzokuwa.’ Kwakuyindlela yokucabanga enamandla, akunjalo?

18 UJesu wabe eseqhubeka ecacisa le ndaba ngendlela enengqondo. Wayazi ukuthi abanye kubo abaFarisi babeke bawaxosha amademoni. Ngakho, wabuza umbuzo olula kodwa owawuyigalelo elinzima: “Uma mina ngixosha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu [noma abafundi benu] wona awaxosha ngobani?” (Mathewu 12:27) Kwakunjengokungathi uJesu uthi: ‘Uma kanti amademoni ngiwaxosha ngamandla kaSathane, kumelwe ukuba nabafundi benu balawulwa yiwo la mandla.’ Babengathini abaFarisi? Babengenakulokotha bavume ukuthi abafundi babo babelawulwa amandla kaSathane. Ngale ndlela yokucabanga engenakuphikiswa, uJesu wenza ababemmangalela ngakho kwamane kwaba yinto engenangqondo.

19, 20. (a) UJesu wayisebenzisa kanjani indlela yokucabanga enengqondo? (b) UJesu wayisebenzisa kanjani indlela yokucabanga ethi ‘kakhulu kangakanani’ lapho ephendula abafundi bakhe ababemcela ukuba abafundise ukuthandaza?

19 Ngaphezu kokusebenzisa indlela yokucabanga enengqondo ukuze avale imilomo yabaphikisi bakhe, uJesu wasebenzisa namaphuzu anengqondo nakholisayo ukuze afundise amaqiniso akhuthazayo nathinta inhliziyo ngoJehova. Kaningana, wasebenzisa lokho esingakubiza ngokuthi indlela yokucabanga ethi ‘kakhulu kangakanani’ esiza izilaleli zakhe ukuba ngaphezu kokwazi iqiniso elithile ziqiniseke nakakhulu. Ake sihlole izibonelo ezimbili nje.

20 Lapho ephendula isicelo sabafundi bakhe sokuba abafundise ukuthandaza, uJesu waxoxa umfanekiso wendoda okwathi ‘ngokuphikelela kwayo ngesibindi’ yenza umngane wayo wagcina eyinikile eyayikucela, nakuba ayeqale wenqaba. UJesu wabuye wachaza ukuzimisela kwabazali ‘ukunika abantwana babo izipho ezinhle.’ Wabe esephetha: “Uma nina, nakuba nibabi, nikwazi ukunika abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uBaba osezulwini uyonika umoya ongcwele kulabo abacela kuye!” (Luka 11:1-13) Iphuzu uJesu aliveza lalingasekelwe ekufaneni, kodwa emehlukweni. Uma umngane ongazimisele engagcina evumile ukunakekela isidingo sikamakhelwane wakhe, futhi uma abazali abangaphelele abangabantu benakekela izidingo zezingane zabo, kakhulu kangakanani ngoBaba wethu wasezulwini onothando, uyozinika umoya ongcwele izinceku zakhe eziqotho ezithandaza kuye ngokuthobeka!

21, 22. (a) Iyiphi indlela yokucabanga uJesu ayisebenzisa lapho enikeza iseluleko ekusingatheni ukukhathazeka ngezinto ezibonakalayo? (b) Ngemva kokubukeza izindlela zokufundisa zikaJesu ezimbalwa, yisiphi isiphetho esisifinyelelayo?

21 UJesu wasebenzisa indlela yokucabanga efuze lena lapho enikeza iseluleko sokusingatha ukukhathazeka ngezinto ezibonakalayo. Wathi: “Qaphelisisani ukuthi amagwababa awahlwanyeli mbewu futhi awavuni, futhi awanangobo nanqolobane, kodwa nokho uNkulunkulu uyawondla. Nina nibaluleke kakhulu kangakanani kunezinyoni? Qaphelisisani indlela iminduze ekhula ngayo; ayikhandleki noma ayiphothi . . . Manje, uma uNkulunkulu egqokisa kanjalo izimila esigangeni ezikhona namuhla futhi kusasa ziphonswe eziko, yeka ukuthi kunalokho uyonigqokisa kangakanani, nina eninokholo oluncane!” (Luka 12:24, 27, 28) Yebo, uma uJehova enakekela izinyoni nezimbali, uyozinakekela kakhulu kangakanani izinceku zakhe! Akungabazeki ukuthi leyo ndlela yokucabanga enesisa kodwa enamandla yathinta izinhliziyo zezilaleli zikaJesu.

22 Ngemva kokubukeza izindlela zokufundisa zikaJesu ezimbalwa, kulula ukuba siphethe ngokuthi lawo masosha ahluleka ukumbamba ayengenalo neze ihaba lapho ethi: “Akukaze kukhulume omunye umuntu kanje.” Kodwa indlela yokufundisa mhlawumbe uJesu adume kakhulu ngayo eyokusebenzisa imifanekiso, noma imizekeliso. Kungani asebenzisa le ndlela? Futhi yini eyenza imifanekiso yakhe yaphumelela kangaka? Le mibuzo kuzoxoxwa ngayo esihlokweni esilandelayo.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 1 Kungenzeka amasosha ayengamanxusa eSanhedrini futhi ephethwe abapristi abakhulu.

^ par. 3 Bheka isihloko esithi “Nginibekela Isibonelo” nesithi ‘Ngilandeleni Njalo,’ kuyi-Nqabayokulinda ka-August 15, 2002.

^ par. 6 Le ngcaphuno yokugcina, ekuzEnzo 20:35, icashunwa ngumphostoli uPawulu kuphela, nakuba umqondo walawo mazwi utholakala emaVangelini. Kungenzeka ukuthi uPawulu wezwa lawo mazwi (kumfundi owayezwe uJesu ewasho noma kuJesu ovusiwe) noma wawathola ngokwambulelwa ngokwaphezulu.—IzEnzo 22:6-15; 1 Korinte 15:6, 8.

^ par. 8 AmaJuda kwakudingeka akhokhe intela yethempeli yaminyaka yonke engamadrakma amabili (okungaba umholo wezinsuku ezimbili). Imali yethempeli yayisetshenziselwa ukunakekela ithempeli, inkonzo eyayenziwa kulo, nemihlatshelo yansuku zonke eyayinikelelwa isizwe.

Uyakhumbula?

• Yiziphi izibonelo ezibonisa ukuthi uJesu wayefundisa ngendlela eyenza izinto zibe lula futhi zicace?

• Kungani uJesu asebenzisa imibuzo lapho efundisa?

• Liyini ihaba, futhi uJesu wayisebenzisa kanjani le ndlela yokufundisa?

• UJesu wayisebenzisa kanjani indlela yokucabanga enengqondo ukuze afundise abafundi bakhe amaqiniso athinta inhliziyo ngoJehova?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 9]

UJesu wasebenzisa ulimi olulula olwaluqondakala kubantu abavamile

[Isithombe ekhasini 10]

AbaFarisi ‘babehluza insensane kodwa beginga ikamela’