Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kufanele Sikubheke Kanjani Ukulingwa?

Kufanele Sikubheke Kanjani Ukulingwa?

Kufanele Sikubheke Kanjani Ukulingwa?

UVIVINYO! Ukulingwa! Wonke umuntu kudingeka abhekane nakho. Kungenzeka kubangelwa ukungqubuzana kobuntu, izinkinga zezimali, impilo engeyinhle, izilingo, ukucindezela kontanga ukuba sone, ushushiso, izinselele zokungathathi hlangothi kwethu noma zokumelana nokukhonza izithombe nezinye izinto eziningi. Kungakhathaliseki ukuthi kunjani ukulingwa, ngokuvamile kubangela ukukhathazeka okukhulu. Singabhekana kanjani ngokuphumelelayo nakho? Ikhona yini indlela okusizuzisa ngayo?

Ukusekela Okungcono Kunakho Konke

Ukuphila kwenkosi yasendulo uDavide kwakugcwele ukulingwa, kodwa yafa ithembekile. Yakwazi kanjani ukukhuthazela? Yaveza umthombo wamandla ayo lapho ithi: “UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela. Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.” (IHubo 23:1, 4) Yebo, uJehova ungumthombo wokusekela okungenakulinganiswa. Welusa uDavide ezikhathini ezinzima kakhulu, futhi uzimisele ukusenzela okufanayo lapho kudingeka.

Singakuthola kanjani ukusekela kukaJehova? IBhayibheli lisibonisa indlela esingakuthola ngayo lapho lithi: “Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle.” (IHubo 34:8) Leso yisimemo somusa, kodwa sisho ukuthini? Sisikhuthaza ukuba sikhonze uJehova futhi sivumelanise ukuphila kwethu ngokugcwele nentando yakhe. Inkambo enjalo isho ukuhlukana nenye inkululeko esinayo, sidele okuthile. Kwezinye izimo, ingasiholela nasekulingweni—oshushisweni nasekuhluphekeni. Nokho, labo abasamukela ngokusuka enhliziyweni isimemo sikaJehova akwenzeki neze bazisole. UJehova uyoba nomusa omkhulu kubo. Uyobaqondisa abanakekele ngokomoya. Uyobasekela ekulingweni ngeZwi lakhe, umoya wakhe ongcwele nangebandla lobuKristu. Futhi ekugcineni uyobavuza ngokuphila okuphakade.—IHubo 23:6; 25:9; Isaya 30:21; Roma 15:5.

Labo abenza isinqumo esishintsha ukuphila sokukhonza uJehova bese benamathela kuleso sinqumo bathola ukuthi uJehova uyazigcwalisa zonke izithembiso zakhe. Yilokho okwenzeka kuma-Israyeli ayeholwa uJoshuwa angena eZweni Lesithembiso. Athi angawela iJordani, kwadingeka akhuthazelele ukulingwa, alwe izimpi futhi afunde izifundo ezinzima. Kodwa leso sizukulwane sathembeka ngaphezu koyise, ababephume eGibithe bafela ehlane. Ngakho, uJehova wabasekela abathembekileyo, futhi lapho kukhulunywa ngesimo sabo ekufeni kukaJoshuwa, kuthiwa eBhayibhelini: “UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise . . . Akuphuthanga lutho kukho konke okuhle uJehova akukhuluma khona kuyo indlu ka-Israyeli; kwenziwa konke.” (Joshuwa 21:44, 45) Lokhu kungenzeka nakithina uma sincika ngokugcwele kuJehova lapho sisekulingweni nangazo zonke ezinye izikhathi.

Yini engenza singamethembi uJehova? UJesu wakhuluma ngenye yazo lapho ethi: “Akekho ongaba isigqila samakhosi amabili . . . Anikwazi ukuba izigqila zikaNkulunkulu nezeNgcebo.” (Mathewu 6:24) Uma sithembele kuJehova, ngeke sifune ukulondeka lapho abaningi ezweni bekufuna khona, ezintweni ezibonakalayo. UJesu weluleka abalandeli bakhe: “Qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, futhi zonke lezi ezinye izinto ziyonezelwa kini.” (Mathewu 6:33) UmKristu olondoloza umbono olinganiselayo ngezinto ezibonakalayo futhi obeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwakhe ukhetha kahle. (UmShumayeli 7:12) Akubuzwa ukuthi lokho kungase kumlahlekisele okuthile. Angase adele izinto ezithile ezibonakalayo. Kodwa uyothola imivuzo eminingi. Futhi uJehova uyomsekela.—Isaya 48:17, 18.

Esikufunda Ekulingweni

Yebo, ukukhetha ‘ukuzwa sibone ukuthi uJehova muhle’ akusivikeli ezigigabeni zokuphila; futhi akusifihli ngokuphelele ekuhlaseleni kukaSathane namanxusa akhe angabantu. (UmShumayeli 9:11) Ngenxa yalokho, ubuqotho nokuzimisela komKristu kungavivinyeka. Kungani uJehova ebayeka abakhulekeli bakhe behlelwe ukulingwa okunjalo? Umphostoli uPetru wanikeza esinye sezizathu lapho ebhala: “Okwesikhathi esincane manje, uma kumelwe kube njalo, niye nenziwa lusizi izilingo ezihlukahlukene, ukuze isimo esivivinyiwe sokholo lwenu, senani elikhulu kakhulu kunegolide elibhubhayo naphezu kokuvivinywa kwalo ngomlilo, sitholakale siyisizathu sendumiso nenkazimulo nokwazisa ekwambulweni kukaJesu Kristu.” (1 Petru 1:6, 7) Yebo, uvivinyo lusenza sikwazi ukubonisa isimo sokholo lwethu nothando lwethu ngoJehova. Lusisiza nokuba sinikeze impendulo ekudeleleni nasekugxekeni kukaSathane uDeveli.—IzAga 27:11; IsAmbulo 12:10.

Uvivinyo lusisiza nokuba sihlakulele ezinye izimfanelo zobuKristu. Ngokwesibonelo, cabanga ngala mazwi omhubi: “[UJehova] uyanakekela nokho ophansi; uyamazi ozidlayo ekude.” (IHubo 138:6) Abaningi bethu abathobekile ngokwemvelo, kodwa ukulingwa kungasisiza siyihlakulele leyo mfanelo edingekayo. Khumbula lapho ngesikhathi sikaMose abathile kwa-Israyeli bekuthola kuyisicefe ukudla imana masonto onke, nyanga zonke. Ngokusobala, lokho kwakuwukulingwa kubo, yize imana laliyilungiselelo eliyisimangaliso. Yayiyini injongo yalolo vivinyo? UMose wabatshela: “[UJehova] wakupha imana ehlane . . . ukuba akuthobise, akuvivinye.”—Duteronomi 8:16.

Nokwethu ukuthobeka kungavivinyeka. Kanjani? Sisabela kanjani lapho kunokulungisa enhlanganweni? (Isaya 60:17) Ingabe umsebenzi wokushumayela nokufundisa siwusekela ngenhliziyo yonke? (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Ingabe sikwamukela ngokuzimisela ukuchazwa kwamaqiniso eBhayibheli esikuthola ‘esigqileni esikholekile nesiqondayo’? (Mathewu 24:45-47; IzAga 4:18) Siyamelana yini nokucindezela kokuba sithole izinto zamuva, izimfashini zamuva, noma uhlobo lwemoto olusha kunazo zonke? Umuntu othobekile uyokwazi ukuyiphendula ngoyebo imibuzo enjalo.—1 Petru 1:14-16; 2 Petru 3:11.

Ukulingwa kusisiza ukuba sihlakulele nenye futhi imfanelo ebalulekile—ukukhuthazela. Umfundi uJakobe wathi: “Kubhekeni njengenjabulo yodwa, bafowethu, lapho nihlangabezana nokulingwa okuhlukahlukene, njengoba nazi ukuthi lesisimo esivivinyiwe sokholo lwenu siveza ukukhuthazela.” (Jakobe 1:2, 3) Ukuphumelela ukukhuthazelela uvivinyo lulandelana sibe sincike ngokugcwele kuJehova kusenza sigxile, singashintshashintshi futhi sibe qotho. Kuyasiqinisa ukuze simelane nokuhlasela okuseza kukaSathane, unkulunkulu othukuthele walesi simiso sezinto.—1 Petru 5:8-10; 1 Johane 5:19; IsAmbulo 12:12.

Londoloza Umbono Ofanele Ngokulingwa

INdodana kaNkulunkulu ephelele, uJesu Kristu, yabhekana nokulingwa okuningi lapho isemhlabeni futhi yathola izinzuzo eziningi ngenxa yokukukhuthazelela. UPawulu wabhala ukuthi uJesu “wafunda ukulalela ezintweni ahlupheka ngazo.” (Heberu 5:8) Ukuba qotho kwakhe aze ayofa kwaletha udumo egameni likaJehova futhi kwenza uJesu wakwazi ukunikela inani lokuphila kwakhe okuphelele kobuntu njengesihlengo sesintu. Lokho kwavula indlela yokuba labo ababonisa ukholo kuJesu babe nethemba lokuphila okuphakade. (Johane 3:16) Ngenxa yokuthi uJesu waqhubeka ethembekile ekulingweni, manje usengumPristi Ophakeme neNkosi ebekiwe.—Heberu 7:26-28; 12:2.

Kuthiwani ngathi? Ukuba qotho kwethu yize sibhekene nokulingwa kusilethela izibusiso ezinkulu nathi. Likhuluma ngalabo abanethemba lasezulwini, iBhayibheli lithi: “Uyajabula umuntu oqhubeka ekhuthazelela ukulingwa, ngoba lapho amukeleka uyokwamukela umqhele wokuphila, uJehova awuthembisa labo abaqhubeka bemthanda.” (Jakobe 1:12) Labo abanethemba lasemhlabeni banesiqinisekiso sokuthi uma bekhuthazela ngokwethembeka, bayothola ifa eliwukuphila okuphakade epharadesi emhlabeni. (IsAmbulo 21:3-6) Futhi okubaluleke nakakhulu, ukukhuthazela kwabo ngokwethembeka kuletha udumo egameni likaJehova.

Njengoba silandela izinyathelo zikaJesu, singaqiniseka ukuthi konke ukuvivinywa esihlangabezana nakho kulesi simiso sezinto kungakhuthazelelwa ngempumelelo. (1 Korinte 10:13; 1 Petru 2:21) Kanjani? Ngokuba sincike kuJehova, onika abancika kuye “amandla angaphezu kwavamile.” (2 Korinte 4:7) Kwangathi singaqiniseka njengoJobe, okwathi noma esekhuthazelela ukulingwa okunzima, waqinisekisa: “Esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide.”—Jobe 23:10.

[Isithombe ekhasini 31]

Ubuqotho bukaJesu ekulingweni baletha udumo egameni likaJehova. Nobethu bungenza okufanayo