Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lingisa UMfundisi Omkhulu

Lingisa UMfundisi Omkhulu

Lingisa UMfundisi Omkhulu

“Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi . . . , nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.”—MATHEWU 28:19, 20.

1, 2. (a) Kungamuphi umqondo sonke singabafundisi? (b) AmaKristu anamuphi umthwalo ongavamile mayelana nokufundisa?

Literature Request Forms INGABE ungumfundisi? Ngomqondo othile, sonke siyibo. Njalo lapho uyalela umuntu olahlekile, ubonisa osebenza naye indlela yokwenza okuthile, noma uchazela ingane ukuthi izibophe kanjani izicathulo zayo, usuke ufundisa. Ukusiza abanye kanjalo kusinika ukwaneliseka okuthile, akunjalo?

2 AmaKristu eqiniso anomthwalo ongavamile ekufundiseni. Sithunywe ukuba ‘senze abantu babe abafundi, sibafundise.’ (Mathewu 28:19, 20) Nasebandleni kuyenzeka sifundise. Amadoda afanelekayo amiswa ukuba akhonze “njengabelusi nanjengabafundisi,” ukuze kwakheke ibandla. (Efesu 4:11-13) Emisebenzini yabo yansuku zonke yobuKristu, abesifazane abavuthiwe kumelwe babe “abafundisi bokuhle” kwabesifazane abasebasha. (Thithu 2:3-5) Sonke sinxuswa ukuba sikhuthaze esikholwa nabo, futhi leso seluleko singasilalela ngokusebenzisa iBhayibheli ukuze sakhe abanye. (1 Thesalonika 5:11) Yeka ilungelo okuyilo ukuba umfundisi weZwi likaNkulunkulu nokuxoxela abanye ngezindinganiso ezingokomoya ezinezinzuzo ezihlala njalo!

3. Singakuthuthukisa kanjani ukuphumelela kwethu njengabafundisi?

3 Nokho, singakuthuthukisa kanjani ukuphumelela kwethu njengabafundisi? Ngokuyinhloko, ngokulingisa uMfundisi Omkhulu, uJesu. Abanye bangase bazibuze, ‘Kodwa singamlingisa kanjani uJesu? Ingani wayephelele.’ Kuyavunywa, asinakuba abafundisi abaphelele. Noma kunjalo, singenza konke okusemandleni ethu ukuze silingise indlela uJesu afundisa ngayo, kungakhathaliseki amakhono ethu. Ake sixoxe ngokuthi singazisebenzisa kanjani izindlela zakhe ezine—ukwenza izinto zibe lula, imibuzo ephumelelayo, ukucabanga okunengqondo, nemifanekiso efanelekayo.

Kwenze Kube Lula

4, 5. (a) Kungani ukwenza izinto zibe lula kuyisici esiyinhloko seqiniso leBhayibheli? (b) Ukuze ufundise ngendlela elula, kungani kubalulekile ukuqaphela amagama esiwasebenzisayo?

4 Amaqiniso ayisisekelo eZwi likaNkulunkulu awayona inkimbinkimbi. UJesu wathandaza wathi: “Ngikudumisa obala, Baba, . . . ngoba uzifihlile lezizinto kwabahlakaniphile nabanengqondo futhi uzambulele izingane.” (Mathewu 11:25) UJehova uye wembulela abanezinhliziyo eziqotho nezithobekile izinjongo zakhe. (1 Korinte 1:26-28) Ngakho, ukwenza izinto zibe lula kuyisici esiyinhloko seqiniso leBhayibheli.

5 Lapho uqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya noma wenza izimpindelo kubantu abathakazelayo, ungafundisa kanjani ngendlela elula? Konje, sifundeni kuMfundisi Omkhulu? Ukuze zimqonde izilaleli zakhe, eziningi zazo ezazingabantu “abangafundile nabavamile,” uJesu wayesebenzisa ulimi olulula ezazingaluqonda. (IzEnzo 4:13) Ngakho-ke, ukuze sifundise ngendlela elula, into yokuqala edingekayo ukuqaphela amagama esiwasebenzisayo. Akudingeki sisebenzise amagama noma inkulumo ebukisayo ukuze senze iqiniso leZwi likaNkulunkulu lamukeleke kangcono kwabanye. Lokho “kubukisa ngenkulumo” kungabesabisa, ikakhulu labo abanemfundo noma amakhono alinganiselwe. (1 Korinte 2:1, 2) Isibonelo sikaJesu sibonisa ukuthi amagama alula nakhethwe kahle angadlulisela iqiniso ngendlela enamandla amakhulu.

6. Singakugwema kanjani ukuxina umfundi weBhayibheli ngolwazi oluningi kakhulu?

6 Ukuze sifundise ngendlela elula, kumelwe futhi siqaphele ukuthi siyakugwema ukuxina umfundi weBhayibheli ngolwazi oluningi kakhulu. UJesu wayekucabangela ukulinganiselwa kwabafundi bakhe. (Johane 16:12) Nathi kumelwe simcabangele umfundi. Ngokwesibonelo, lapho siqhuba isifundo ngencwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, akudingekile sichaze yonke imininingwane. * Akudingekile futhi ukuba sifundise ngokujaha, njengokungathi into ebaluleke kakhulu ukuqeda leyo ngxenye ebekiwe. Kunalokho, kuwukuhlakanipha ukuvumela izidingo namakhono omfundi kube yikhona okunquma ijubane lesifundo. Umgomo wethu uwukusiza esifunda naye abe umfundi kaKristu nomkhulekeli kaJehova. Kudingeka sisebenzise noma ngabe yisikhathi esingakanani esidingekayo ukuze sisize umfundi onesithakazelo ukuba akuqonde kahle lokho akufundayo. Kanjalo, iqiniso lingathinta inhliziyo yakhe limshukumisele esenzweni.—Roma 12:2.

7. Yikuphi ukusikisela okungasisiza sifundise ngendlela ecacile lapho sinikeza izinkulumo ebandleni?

7 Lapho sinikeza izinkulumo ebandleni, ikakhulu uma ezilalelini kunabantu abaqalayo ukuba khona, singakhuluma kanjani inkulumo “eqondakala kalula”? (1 Korinte 14:9) Nakhu ukusikisela okuthathu okungasiza. Okokuqala, chaza noma yimaphi amagama angajwayelekile okudingeka uwasebenzise. Ukuqonda kwethu iZwi likaNkulunkulu kusenzé saba namagama angavamile. Uma sisebenzisa inkulumo enjengokuthi “isigqila esikholekile nesiqondayo,” “ezinye izimvu,” “iBabiloni Elikhulu,” kungase kudingeke siwachaze ngamazwi alula azokwenza esikuqondile kucace. Okwesibili, gwema ukujikeleza ngenkulumo. Ukulanda kakhulu, senabe, kungenza izilaleli ziphelelwe yisithakazelo. Ukukhipha amazwi nezinkulumo ezingadingekile kwenza indaba icace. Okwesithathu, ungazami ukuhlanganisa amaphuzu amaningi kakhulu. Lapho sicwaninga singase sithole imininingwane eminingi ethakazelisayo. Kodwa kungcono kakhulu ukuhlela indaba ibe namaphuzu ambalwa ayinhloko, sisebenzise kuphela ukwaziswa okuyosekela lawo maphuzu futhi esingakunikeza ngendlela ecacile ngesikhathi esinikwe sona.

Ukusebenzisa Imibuzo Ngokuphumelelayo

8, 9. Singawukhetha kanjani umbuzo ofanelaniswe nezinto ezithinta umninikhaya? Nikeza izibonelo.

8 Khumbula ukuthi uJesu wayeyingcweti ekusebenziseni imibuzo ukuze enze abafundi bakhe baveze okusezingqondweni zabo, ashukumise futhi aqeqeshe ukucabanga kwabo. Ngemibuzo yakhe, uJesu wayefinyelela futhi athinte ngesisa izinhliziyo zabo. (Mathewu 16:13, 15; Johane 11:26) Thina singayisebenzisa kanjani imibuzo ngokuphumelelayo njengoJesu?

9 Lapho sishumayela endlini ngendlu, singasebenzisa imibuzo ukuze sivuse isithakazelo, sivule indlela yokukhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu. Singawukhetha kanjani umbuzo ofanelaniswe nezinto ezithinta umninikhaya? Bhekisisa. Lapho ufika ekhaya, bheka indawo. Ingabe kunamathoyizi egcekeni, okubonisa ukuthi kunezingane kuleli khaya? Uma kunjalo, singase sibuze, ‘Wake wazibuza yini ukuthi umhlaba uyobe unjani lapho izingane zakho sezikhulile?’ (IHubo 37:10, 11) Ingabe kunezihluthulelo eziningi esicabheni sangaphambili, noma kune-alamu? Singabuza: ‘Ucabanga ukuthi siyoke sibe khona yini isikhathi lapho abantu abanjengawe nami beyozizwa belondekile emizini yabo nasemgwaqweni?’ (Mika 4:3, 4) Ingabe kunendlela eyakhelwe ukuhamba isihlalo sabakhubazekile? Singase sibuze: ‘Siyoke sibe khona yini isikhathi lapho wonke umuntu ophilayo eyoba nempilo enhle?’ (Isaya 33:24) Kuningi ukusikisela esingakuthola encwadini Ukubonisana NgemiBhalo. *

10. Singayisebenzisa kanjani imibuzo ukuze ‘sikhiphe’ imicabango nemizwa esenhliziyweni yomfundi weBhayibheli, kodwa yini okufanele siyikhumbule?

10 Singayisebenzisa kanjani ngokuphumelelayo imibuzo lapho siqhuba izifundo zeBhayibheli? Ngokungafani noJesu, thina asikwazi ukufunda izinhliziyo. Nokho, imibuzo engacunuli kodwa ecatshangwe kahle ingasisiza ‘sikhiphe’ imicabango nemizwa esenhliziyweni yomfundi. (IzAga 20:5) Ngokwesibonelo, ake sithi sifunda isahluko esithi “Okwenza Ukuphila Kokuhlonipha UNkulunkulu Kulethe Injabulo,” encwadini Ulwazi. Sixoxa ngombono kaNkulunkulu ngokungathembeki, ubufebe nezinye izinto. Umfundi angase ayiphendule ngokunembile imibuzo esencwadini, kodwa ingabe uyavumelana nalokho akufundayo? Singase sibuze: ‘Ingabe umbono kaJehova ngalezi zinto uyamukeleka kuwe?’ ‘Ungazisebenzisa kanjani lezi zimiso zeBhayibheli ekuphileni kwakho?’ Nokho, khumbula isidingo sokuba nenhlonipho, unike umfundi isithunzi. Ngeke sifune ukubuza imibuzo eyombangela amahloni noma imehlise isithunzi umfundi weBhayibheli.—IzAga 12:18.

11. Izikhulumi zasobala zingayisebenzisa kanjani imibuzo ngokuphumelelayo?

11 Nezikhulumi zasobala zingayisebenzisa imibuzo ngokuphumelelayo. Imibuzo engadingi mpendulo—imibuzo esingalindele ukuba izilaleli zethu ziyiphendule ngokuzwakalayo—ingasiza izilaleli ukuba zicabange futhi zizindle. Ngezinye izikhathi uJesu wayesebenzisa imibuzo enjalo. (Mathewu 11:7-9) Ngaphezu kwalokho, ngemva kwamazwi esethulo, isikhulumi singase sisebenzise imibuzo ukuze siveze amaphuzu ayinhloko okuzoxoxwa ngawo. Singase sithi: “Kule nkulumo, sizophendulelwa le mibuzo . . . ” Kungabe sekuthi esiphethweni sibhekisele kuleyo mibuzo ukuze sibukeze amaphuzu ayinhloko.

12. Nikeza isibonelo esibonisa indlela abadala abangamaKristu abangayisebenzisa ngayo imibuzo ukuze basize abakholwa naye athole induduzo eZwini likaNkulunkulu.

12 Emsebenzini wabo wokwalusa, abadala abangamaKristu bangasebenzisa imibuzo ukuze basize ‘imiphefumulo ecindezelekile’ ithole induduzo eZwini likaJehova. (1 Thesalonika 5:14) Ngokwesibonelo, ukuze asize umuntu odangele, umdala angabhekisela kumaHubo 34:18. Athi: “UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo.” Ukuze aqiniseke ukuthi lowo odangele uyabona ukuthi lokhu kusebenza kanjani kuye siqu, umdala angase abuze: ‘UJehova useduze nobani? Kuyenzeka yini ngezinye izikhathi uzizwe ‘unenhliziyo eyaphukileyo’ noma ‘umoya wakho udabukile’? Uma uJehova eseduze nabanjalo, njengoba kusho iBhayibheli, akusho yini lokho ukuthi useduze nawe?’ Ukuqinisekiswa ngesisa kanjalo kungawuvuselela umoya womuntu odangele.—Isaya 57:15.

Ukucabanga Okunengqondo

13, 14. (a) Singambonisa kanjani umuntu othi akakholelwa kuNkulunkulu angamboni? (b) Kungani kungafanele silindele ukuba wonke umuntu akholiseke?

13 Enkonzweni yethu, sifuna ukufinyelela izinhliziyo ngokucabanga okuhluzekile nokukholisayo. (IzEnzo 19:8; 28:23, 24) Ingabe lokho kusho ukuthi kumelwe sifunde ukusebenzisa indlela yokucabanga eyinkimbinkimbi ukuze senze abanye balikholwe iqiniso leZwi likaNkulunkulu? Lutho neze. Ukucabanga okunengqondo akudingeki kube nkimbinkimbi. Amaphuzu anengqondo anikezwa ngendlela elula avame ukuphumelela kakhulu. Nasi isibonelo.

14 Singasabela kanjani lapho othile ethi akakholelwa kuNkulunkulu angamboni? Singamenza acabange ngomthetho wemvelo wembangela nomphumela. Lapho sibona umphumela othile, siyakwamukela ukuthi kumelwe ukuba kunembangela. Singase sithi: ‘Ukube usendaweni ekude bese uzithela endlini eyakhiwe kahle egcwaliswe ukudla (umphumela), ubungavuma kalula ukuthi kunothile (imbangela) oyakhile leyo ndlu wagcwalisa namakhabethe ayo. Ngokufanayo, lapho sibona indlela indalo ehlelwe ngayo nokudla okuyinala “enqolobaneni” yomhlaba (umphumela), akuyona yini into enengqondo ukuvuma ukuthi kunoThile (imbangela) owakwenza?’ IBhayibheli likubeka kahle ngendlela elula: “Yebo, yileyo naleyondlu yakhiwa othile, kodwa lowo owakha izinto zonke uNkulunkulu.” (Heberu 3:4) Nokho, kungakhathaliseki ukuthi ukucabanga kwethu kunengqondo kangakanani, akuwona wonke umuntu oyokholiseka. IBhayibheli lisikhumbuza ukuthi yilabo ‘abathambekele ngokufanele’ kuphela abayoba amakholwa.—IzEnzo 13:48; 2 Thesalonika 3:2.

15. Iyiphi indlela yokucabanga esingayisebenzisa ukuze siqokomise izimfanelo nezindlela zikaJehova, futhi yiziphi izibonelo ezimbili ezibonisa indlela esingakusebenzisa ngayo lokho kucabanga?

15 Lapho sifundisa, kungaba senkonzweni noma ebandleni, singasebenzisa ukucabanga okunengqondo okuqokomisa izimfanelo nezindlela zikaJehova. Isebenza ngokukhethekile indlela yokucabanga ethi ‘kakhulu kangakanani’ eyasetshenziswa uJesu ngezikhathi ezithile. (Luka 11:13; 12:24) Njengoba isekelwe ekuqhathaniseni, le ndlela yokucabanga ingenza izinto zigxile kakhulu. Ukuze sidalule ukungabi nangqondo kwemfundiso yesihogo somlilo, singase sithi: ‘Akekho ubaba onothando ongajezisa ingane yakhe ngokubamba isandla sayo asifake emlilweni. Kumelwe ukuba umqondo wesihogo somlilo wenyanyeka kakhulu kanganani-ke kuBaba wethu wasezulwini onothando!’ (Jeremiya 7:31) Ukuze sifundise ukuthi uJehova unakekela ngayinye yezinceku zakhe, singase sithi: ‘Uma uJehova azi ngegama ngayinye yezinkanyezi eziyizigidigidi, kumelwe ukuba ubakhathalela kakhulu kangakanani-ke abantu abamthandayo futhi abathengwa ngegazi eliyigugu leNdodana yakhe!’ (Isaya 40:26; IzEnzo 20:28) Ukucabanga okunjalo okunamandla kungasisiza sifinyelele izinhliziyo zabanye.

Imifanekiso Efanelekayo

16. Kungani imifanekiso ibalulekile ekufundiseni?

16 Imifanekiso ephumelelayo iyisinongo esingenza ukufundisa kwethu kunambitheke kakhudlwana kwabanye. Kungani imifanekiso ibalulekile ekufundiseni? Omunye uthisha wathi: “Ukucabanga ngezinto ongenakuzibona kungenye yezinto ezinzima kunazo zonke eziye zafinyelelwa abantu.” Imifanekiso igxilisa izithombe ezinengqondo ezingqondweni zethu, isisize ukuba siyiqonde ngokugcwele kakhudlwana imibono emisha. UJesu wayevelele ngokusebenzisa imifanekiso. (Marku 4:33, 34) Ake sihlole ukuthi singayisebenzisa kanjani le ndlela yokufundisa.

17. Yiziphi izici ezine ezenza umfanekiso uphumelele?

17 Yini eyenza umfanekiso uphumelele? Okokuqala, kufanele ufanelane nezilaleli zethu, uthathelwe ezimweni ezingaziqonda kalula. Siyakhumbula ukuthi imifanekiso eminingi kaJesu wayeyithathela ekuphileni kwansuku zonke kwezilaleli zakhe. Okwesibili, umfanekiso kufanele ufanelane nephuzu olivezayo. Uma ukufana kungavumelani, umfanekiso ungase umane uziphazamise izilaleli zethu. Okwesithathu, umfanekiso akufanele ugcwale imininingwane engadingeki. Khumbula ukuthi uJesu wanikeza imininingwane edingekile, washiya izinto ezingadingeki. Okwesine, lapho sisebenzisa umfanekiso, kufanele siqiniseke ukuthi kuyacaca ukuthi usebenza kanjani. Ngale kwalokho, abanye bangase bangalitholi iphuzu lawo.

18. Singayithola kanjani imifanekiso efanelekayo?

18 Singayithola kanjani imifanekiso efanelekayo? Akudingeki sicabange izindaba ezinde neziyinkimbinkimbi. Imifanekiso emifushane ingaphumelela kakhulu. Zama nje ukucabanga ngezibonelo zephuzu okuxoxwa ngalo. Ngokwesibonelo, ake sithi sixoxa ngendaba yokuthethelela kukaNkulunkulu, futhi sifuna ukufanekisa iphuzu elivezwe kuzEnzo 3:19, lapho kuthiwa khona uJehova ‘uyawasula,’ noma awacime, amaphutha ethu. Lokho kukodwa kuyisifengqo esicacile, kodwa yisiphi isibonelo esingokoqobo esingasisebenzisa ukuze sifanekise leli phuzu—irabha? isiponji? Singase sithi: ‘Lapho uJehova ethethelela izono zethu, uzisula njengokungathi usebenzisa isiponji (noma irabha).’ Akunakwenzeka ukuba umuntu angalitholi iphuzu lomfanekiso olula kanjalo.

19, 20. (a) Singayitholaphi imifanekiso emihle? (b) Yiziphi ezinye zezibonelo zemifanekiso ephumelelayo eye yanyatheliswa ezincwadini zethu? (Bheka nebhokisi.)

19 Ungayitholaphi imifanekiso efanelekayo, ehlanganisa izibonelo zokuphila kwangempela? Yifune ekuphileni kwakho noma kokholwa nabo abanezizinda nokuhlangenwe nakho okuhlukahlukene. Imifanekiso ingakhethwa nakwezinye izindawo eziningi, kuhlanganise izinto eziphilayo nezingaphili, izinto zasekhaya, noma isenzakalo samanje esidumile emphakathini. Isihluthulelo sokuthola imifanekiso emihle siwukuqapha, ‘sibhekisise ngokucophelela’ izimo zansuku zonke ezisizungezile. (IzEnzo 17:22, 23) Enye incwadi ekhuluma ngokukhuluma obala iyachaza: “Isikhulumi esikubhekisisayo ukuphila kwabantu benza izinto ezihlukahlukene, sixoxe nezinhlobonhlobo zabantu, sicubungule izinto futhi sibuze imibuzo size siqonde, siyoqongelela inqwaba yezinto zokwenza imifanekiso eziyosisiza kakhulu lapho siyidinga.”

20 Kuneminye imithombo ecebile yemifanekiso ephumelelayo—INqabayokulinda, i-Phaphama!, nezinye izincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova. Kuningi ongakufunda ngokuhlola indlela lezi zincwadi ezisebenzisa ngayo imifanekiso. * Ngokwesibonelo, cabanga ngomfanekiso osetshenziswe esigabeni 11 sesahluko 17 encwadini Ulwazi. Ufanisa abantu abahlukahlukene ebandleni nezimoto ezihlukahlukene ezihamba emgwaqweni kanye neyakho. Yini ewenza uphumelele? Phawula ukuthi usekelwe ezimweni zansuku zonke, ufanelana kakhulu nephuzu elivezwayo, futhi kucacile ukuthi usebenza kanjani. Lapho sifundisa singasebenzisa imifanekiso esezincwadini, mhlawumbe siyivumelanise nezidingo zomfundi weBhayibheli noma siyivumelanise nenkulumo.

21. Yimiphi imivuzo yokuba umfundisi ophumelelayo weZwi likaNkulunkulu?

21 Imivuzo yokuba umfundisi ophumelelayo mikhulu. Lapho sifundisa, sabelana nabanye; sisebenzisa izinto zethu ukuze sibasize. Ukupha okunjalo kuletha injabulo, ngoba iBhayibheli lithi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Kubafundisi beZwi likaNkulunkulu, leyo njabulo ibangelwa ukwazi ukuthi sidlulisela okuthile okuyigugu ngempela nokuhlala njalo—iqiniso ngoJehova. Singaneliseka nangenxa yokwazi ukuthi silingisa uMfundisi Omkhulu, uJesu Kristu.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 6 Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 9 Bheka ingxenye ethi “Izingeniso Zokusetshenziswa Enkonzweni Yasensimini,” emakhasini 9-15.—Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 20 Ukuze uthole izibonelo, bheka i-Watch Tower Publications Index 1986-2000, ngaphansi kwesithi “Illustrations [Imifanekiso].”—Inyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi eziningana.

Uyakhumbula?

• Singafundisa kanjani ngendlela elula lapho siqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya? lapho sinikeza inkulumo ebandleni?

• Singayisebenzisa kanjani ngokuphumelelayo imibuzo lapho sishumayela endlini ngendlu?

• Singakusebenzisa kanjani ukucabanga okunengqondo ukuze siqokomise izimfanelo nezindlela zikaJehova?

• Singayitholaphi imifanekiso efanelekayo?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 23]

Usayikhumbula Le Mifanekiso?

Nansi eminye yemifanekiso ephumelelayo. Kungani ungahloli izikhombo uphawule ukuthi umfanekiso wasiza kanjani ekuvezeni iphuzu elaligcizelelwa?

• Njengabashayi bezigubhu nomculi noma amadoda amabili anikezelana amabhokisi, labo abafuna ukwakha umshado ophumelelayo kudingeka babe nomngane okahle.—INqabayokulinda ka-May 15, 2001, ikhasi 16.

• Ukuveza imizwa yakho kunjengokuphonsa ibhola. Ungaliphonsa kahle noma ungalijikijela ngamandla kangangokuba lilimaze.—I-Phaphama! ka-January 8, 2001, ikhasi 10.

• Ukufunda ukubonisa uthando kunjengokufunda ulimi olusha.—INqabayokulinda ka-February 15, 1999, amakhasi 18, 22-3.

• Ukusebenzelana nemimoya kwenzela amademoni lokho ukudla kwesife okukwenzela abazingeli. Kukhanga isisulu.—Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, ikhasi 111.

• Indlela uJesu ahlenga ngayo inzalo ka-Adamu ingafaniswa nomuphi ocebile okhokha isikweletu senkampani (esibangelwe umphathi ongathembekile) abese eyivula kabusha ifekthri, kanjalo azuzise izisebenzi eziningi zayo.—INqabayokulinda ka-February 15, 1991, ikhasi 13.

• Njengoba nabathandi bemisebenzi yobuciko bengenza izinto ezinkulu ukuze bavuselele umsebenzi wobuciko owonakele kakhulu, uJehova angabheka ngale kokungapheleli kwethu, abone okuhle kithi, futhi ekugcineni asibuyisele ekupheleleni okwalahlwa ngu-Adamu.—INqabayokulinda ka-February 15, 1990, ikhasi 22.

[Izithombe ekhasini 20]

AmaKristu eqiniso angabafundisi beZwi likaNkulunkulu

[Isithombe ekhasini 21]

Abadala bangasebenzisa imibuzo ukuze basize abakholwa nabo bathole induduzo eZwini likaNkulunkulu