‘Nithethelelane Ngokukhululekile’
‘Nithethelelane Ngokukhululekile’
UYAKHOLWA yini ukuthi uNkulunkulu ukuthethelele izono zakho? Kubonakala sengathi e-United States iningi labantu abadala liyakholwa yilokho. UDkt. Loren Toussaint, umlobi oqavile wombiko wokuhlola okwenziwa e-University of Michigan Institute for Social Research, ubika ukuthi kubantu baseMelika abangu-1 423 ababuzwa, abangaba ngamaphesenti angu-80 kwabaneminyaka engaphezu kwengu-45 ubudala bathi uNkulunkulu ubathethelele izono zabo.
Nokho, kuyathakazelisa ukuthi bangamaphesenti angu-57 kuphela kulabo ababuzwa abathi bayabathethelela abanye. Leso sici sombiko sisikhumbuza amazwi kaJesu eNtshumayelweni YaseNtabeni: “Uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uzonithethelela nani; kanti uma ningabathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo ngeke azithethelele ezenu iziphambeko.” (Mathewu 6:14, 15) Yebo, ukuthethelela kukaNkulunkulu izono zethu kunemibandela, omunye wayo okuwukulungela ukuthethelela abanye.
Umphostoli uPawulu wakhumbuza amaKristu aseKolose lesi simiso. Wawakhuthaza: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma noma ubani enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani.” (Kolose 3:13) Yiqiniso, lokhu akulula ngaso sonke isikhathi. Ngokwesibonelo, uma ekhulunywe kuwe amazwi abonisa ukungacabangi noma angenamusa, kungaba nzima ukuwakhohlwa.
Noma kunjalo, ziningi izinzuzo zokuthethelela. UDkt. David R. Williams, isazi sezokuhlalisana kwabantu, wathi ngocwaningo lwakhe: “Sitholé ukuthi kunokuhlobana okuseduze kakhulu phakathi kokuthethelela abanye nempilo engokwengqondo kubantu baseMelika asebeqinile nasebekhulile kunalokho.” Lokho kuvumelana namazwi enkosi ehlakaniphile uSolomoni, eyabhala eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule: “Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama.” (IzAga 14:30) Njengoba umoya wokuthethelela uthuthukisa ubuhlobo obuhle noNkulunkulu nomakhelwane bethu, sinesizathu esihle sokuthambekela ekuthethelelaneni ngokukhululekile ngokusuka enhliziyweni.—Mathewu 18:35.