Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Omakhelwane Abakahle Bawusizo

Omakhelwane Abakahle Bawusizo

Omakhelwane Abakahle Bawusizo

“Ungcono umakhelwane oseduze kunomfowenu okude.”—IzAga 27:10.

ISAZI esithile ngekhulu lokuqala sabuza uJesu: “Ubani ngempela umakhelwane wami?” UJesu akasiphendulanga ngokusitshela ukuthi ubani umakhelwane waso, kodwa ukuthi yini eyenza umuntu abe umakhelwane wangempela. Kungenzeka uyawazi umfanekiso kaJesu. Abaningi bawazi ngokuthi umzekeliso womSamariya olungileyo, futhi useVangelini likaLuka. UJesu wayilandisa kanje le ndaba:

“Umuntu othile wayehla evela eJerusalema eya eJeriko futhi wazithela phakathi kwabaphangi, labo kokubili abamhlubula futhi bamshaya amagalelo, bahamba, bamshiya kusele umndondo. Manje, kwaqondana ukuthi umpristi othile wayehla ngalowomgwaqo, kodwa, lapho embona, wadlula ngakolunye uhlangothi. Ngokufanayo, nomLevi, lapho efika kulendawo futhi embona, wadlula ngakolunye uhlangothi. Kodwa umSamariya othile owayehamba ngalomgwaqo wafika kuye, futhi lapho embona, waba nesihawu. Ngakho wasondela kuye futhi wabopha amanxeba akhe, ethela amafutha newayini phezu kwawo. Khona-ke wamgibelisa esilwaneni sakhe siqu wamletha endlini yezihambi futhi wamnakekela. Futhi ngosuku olulandelayo wakhipha odenariyu ababili, wabanika umgcini wendlu yezihambi, wathi, ‘Mnakekele, futhi noma yini oyisebenzisayo ngaphandle kwalokhu, ngizokukhokhela yona uma ngibuya lapha.’ Ubani kulaba abathathu obonakala kuwe azenza umakhelwane walomuntu owazithela phakathi kwabaphangi?”—Luka 10:29-36.

Ngokusobala isazi salithola iphuzu. Ngaphandle kokunqikaza sasho ngokunembile ukuthi ubani owayengumakhelwane wendoda eyayilimele: “Yilowo owenza isenzo sesihe kuye.” UJesu wabe esethi kuso: “Hamba futhi wenze okufanayo nawe ngokwakho.” (Luka 10:37) Yeka umfanekiso onamandla obonisa lokho okushiwo ukuba umakhelwane wangempela! Umzekeliso kaJesu ungenza ngisho nathi sizibuze: ‘Ngingumakhelwane onjani? Ingabe uhlanga noma ubuzwe bami buyayithonya indlela enginquma ngayo ukuthi obani omakhelwane bami? Ingabe izici ezinjalo zingenza ngizigodle ekusizeni noma ubani engimbona esenkingeni? Ngiyawenza yini umzamo okhethekile wokuba umakhelwane okahle?’

Singaqalaphi?

Uma sinomuzwa wokuthi kunesidingo sokuba sithuthukise kule ndaba, kumelwe siqale ngesimo sethu sengqondo. Kufanele sikhathalele kakhulu ukuba umakhelwane okahle. Lokhu kungenza sibe nomakhelwane abakahle. Eminyakeni ecishe ibe yizinkulungwane ezimbili edlule, uJesu wagcizelela leso simiso esibalulekile ebuhlotsheni babantu eNtshumayelweni yakhe edumile YaseNtabeni. “Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” (Mathewu 7:12) Ukuphatha abanye ngenhlonipho nangomusa kubakhuthaza ukuba bakuphathe ngendlela efanayo.

Esihlokweni esithi “Ukuthanda Indawo Yakini,” esasikumagazini i-Nation Since 1865, intatheli nomlobi uLise Funderburg yabala izinto ezincane ezingenziwa ukuze kukhuthazwe uthando ngomakhelwane. Yabhala: “Ngifuna . . . ukudlelana kuboniswe ngezinto ezincane eziningi omakhelwane abenzelana zona—ukungenisa amaphephandaba, ukusala nezingane, ukubaphathela okuthile esitolo. Ngifuna lokhu kusondelana ezweni eliya lihlukana nakakhulu, lapho imiphakathi intengantengiswa ukwesaba nobugebengu.” Ibe isinezela: “Kumelwe uqale ndawana thile. Ungaqala kamakhelwane.”

Umagazini i-Canadian Geographic nawo waveza iphuzu eliwusizo elingasiza omakhelwane babe nesimo sengqondo esihle ngomunye nomunye. Umlobi uMarni Jackson wathi: “Njengomkhaya, omakhelwane ngabantu ongazikhetheli bona ngaso sonke isikhathi ekuphileni. Ubuhlobo [bakho nabo] budinga ikhono lokungacunuli, ukubonisa umusa nokubekezela.”

Omakhelwane Abakahle Bayaphana

Kuyavunywa, abaningi bethu bangase bazizwe bengakhululekile ukuya kumakhelwane. Kungase kubonakale kulula kakhulu ukugwema ukuthintana nabo, sizinakele izindaba zethu. Nokho, iBhayibheli lithi “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Ngakho-ke, umakhelwane okahle uzama ukuzijwayelanisa nabantu akhelene nabo. Nakuba engazami ukwakha ubungane obuseduze, wenza umzamo wokuba bake bakhulumisane ngezikhathi ezithile, mhlawumbe aqale ngokumamatheka noma ukuphakamisa isandla ngobungane.

Njengoba kushiwo ngenhla, ‘yizinto ezincane eziningi’ omakhelwane abenzelana zona ezibaluleke ngempela ekwakheni nasekulondolozeni ubuhlobo obuhle nomakhelwane. Ngakho kuhle ukufuna izindledlana zokubonisa umusa kumakhelwane, ngoba lokhu ngokuvamile kuyothuthukisa umoya wokubambisana nokuhloniphana. Ngaphezu kwalokho, ngokwenza kanjalo, siyobe silandela iseluleko seBhayibheli: “Ungagodleli abaninikho okuhle, lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.”—IzAga 3:27; Jakobe 2:14-17.

Omakhelwane Abakahle Bamukela Ngokwazisa

Bekungaba kuhle kakhulu ukube wonke umuntu wamukela usizo nezipho ngokwazisa. Ngeshwa, akunjalo ngaso sonke isikhathi. Usizo nezipho eziningi kuye kwamukelwa ngendlela engenakwazisa kangangokuthi lowo opha ngobuqotho angase athi, ‘Ngiyagcina ngcí ukukwenza lokhu!’ Ngezinye izikhathi, yonke imizamo yakho yokubingelela ngobungane nokuphakamisela omakhelwane bakho isandla ingenza bamane banqekuzise ikhanda sengathi abafuni.

Nokho, ezimweni eziningi umakhelwane akukhona ukuthi akazisi, nakuba engase abonakale kanjalo. Mhlawumbe indlela akhule ngayo imenza angaqiniseki noma abe namahloni futhi enze ngendlela ebonisa ukungabi nandaba, okungabonakala kungenabungane. Ngakolunye uhlangothi, kuleli zwe elingenakho ukubonga, abanye abantu bangase babubone bungavamile ubungane bakho, noma baze basole izisusa zakho imbala. Bangase badinge ukuqinisekiswa okuthile. Ngakho, ukwakha ubungane kungase kuthathe isikhathi nesineke. Nokho, omakhelwane abaye bafunda ukupha nokwamukela ngokwazisa bayoba nesandla ekwakheni umoya wokuthula nenjabulo endaweni.

Lapho Kugadla Izinhlupheko

Umakhelwane okahle uwusizo olukhulu lapho kugadla izinhlekelele. Ngesikhathi sezinhlupheko, umoya wokuzwana kwangempela komakhelwane uyabonakala. Ziningi izindaba zezenzo zomakhelwane zokungazicabangeli wedwa ezikhathini ezinjalo. Usizi olwehlela wonke umuntu kubonakala lwenza omakhelwane babambisane ngokuzenzakalelayo futhi bazikhandle ukuze basizane. Ngisho nalabo abanemibono engqubuzanayo ngokuvamile bayabambisana.

Ngokwesibonelo, i-New York Times yabika ukuthi lapho kugadla ukuzamazama okukhulu komhlaba eTurkey ngo-1999, izitha ezaziwayo zabonisa ukuba munye komakhelwane. Umlobi wengosi yephephandaba ongumGreki u-Anna Stergiou wabhala ephephandabeni lase-Athens: “Sesineminyaka sifundiswa ukubazonda abantu baseTurkey. Kodwa ubuhlungu obungachazeki ababhekana nabo abusijabulisi. Sathinteka, sakhala njengokungathi inzondo yeminyaka yayisuswe ukubona izingane ezifile.” Lapho ekugcineni ukutakulwa kumiswa ngokomthetho, amaqembu abatakuli abangamaGreki enqaba ukuyeka ukucinga abasindile.

Ukuhlanganyela emsebenzini wokutakula ngemva kokugadla kwenhlekelele kuyisenzo esihle nesobuqhawe ngempela esibonisa uthando ngomakhelwane. Yize kunjalo, ukusindisa ukuphila kukamakhelwane ngokumxwayisa ngaphambi kwenhlekelele impela kungabhekwa njengesenzo esiwusizo nakakhulu sothando ngomakhelwane. Ngeshwa, umlando uveza ukuthi labo abaxwayisa omakhelwane ngenhlekelele ezayo bavame ukungamukelwa, ngoba lapho besaxwayisa, inhlekelele eseduze isuke ingakabonakali ngokucacile. Labo abaxwayisayo bavame ukungethenjwa. Labo abazama ukusiza abantu abangasiboni isimo esibucayi abakuso kudingeka baphikelele futhi bazidele kakhulu.

Isenzo Esizidlula Zonke Sothando Ngomakhelwane

Namuhla, isintu sicathamelwa yinto enkulu nakakhulu kunenhlekelele engokwemvelo. Iyisenzo esibikezelwe sikaNkulunkulu uMninimandla onke esiyosusa ubugebengu, ububi nezinkinga ezihlobene nabo emhlabeni. (IsAmbulo 16:16; 21:3, 4) Lesi senzo esibabazekayo asiyona into ehlawumbiselwayo kodwa siqinisekile! OFakazi BakaJehova bamagange ukunikeza abaningi ngangokunokwenzeka ulwazi oludingekayo ukuze basinde kulesi senzakalo esiyothinta wonke umhlaba. Yingakho bephikelela kangaka emsebenzini wabo wokushumayela owaziwa kabanzi emhlabeni wonke. (Mathewu 24:14) Lokhu bakwenza ngokuzithandela, ngenxa yokuthanda uNkulunkulu nomakhelwane.

Ngakho-ke, ungavumeli imibono enganembile noma ukucasuka kukwenze ungalaleli lapho oFakazi befika kwakho noma bexoxa nawe kwenye indawo. Bazama ukuba omakhelwane abakahle. Ngakho vuma lapho becela ukufunda nawe iBhayibheli. Thola indlela iZwi likaNkulunkulu elisiqinisekisa ngayo ukuthi kuseduze ukuba omakhelwane bahlalisane ngenjabulo. Ngaleso sikhathi, ubandlululo lobuhlanga, inkolo, noma izinga lokuphila ngeke lisonakalisa ubuhlobo obunomusa obufiswa kangaka yiningi lethu.

[Izithombe ekhasini 6, 7]

Kuhle ukwenza izenzo zomusa endaweni yakini

[Umthombo]

Globe: Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.