Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sebashonaphi Omakhelwane?

Sebashonaphi Omakhelwane?

Sebashonaphi Omakhelwane?

“Umphakathi wesimanje awazi makhelwane.”—UBenjamin Disraeli, isikhulu sikahulumeni sekhulu le-19 saseNgilandi.

ABANTU baseCuba asebekhulile banendlela engavamile yokuthuthukisa inhlalakahle: imifelandawonye yomakhelwane, noma lokho abathi ama-círculos de abuelos (amaqembu ezimpunga). Ngokombiko wango-1997, cishe umuntu omdala oyedwa kwabahlanu eCuba ukwelinye lala maqembu, lapho ethola khona ubudlelwane, ukusekelwa, nosizo ezintweni ezingokoqobo ukuze aqhubeke ephila ngendlela enempilo. “Noma nini lapho odokotela bemikhaya bendawo bedinga usizo emkhankasweni wokugoma,” kusho umagazini i-World-Health, “bathola amavolontiya azimisele nanekhono kuma-círculos de abuelos.”

Nokho, ngokudabukisayo ezingxenyeni eziningi zomhlaba, abantu abasenayo imiphakathi ekhathalela kanjalo. Ngokwesibonelo, cabanga ngendaba kaWolfgang Dircks, owayehlala esakhiweni esinamafulethi entshonalanga yeYurophu. Eminyakeni ethile edlule, i-Canberra Times yabika ukuthi nakuba imikhaya engu-17 eyayihlala kuleso sakhiwo noWolfgang yayiphawulile ukuthi akasabonakali, “akekho owacabanga ukungqongqoza kwakhe.” Lapho umnikazi wesakhiwo egcina efikile, “wathola amathambo ehlezi phambi kwethelevishini.” Emathangeni awo kwakuhlezi uhlu lwezinhlelo zethelevishini olubhalwe umhla ka-5 ku-December, 1993. UWolfgang wayeseneminyaka emihlanu ashona. Yeka ubufakazi obuhlungu bokuphela komusa nokukhathalelana komakhelwane! Shono nje umbhali othile wezindatshana athi kuyi-New York Times Magazine indawo yakubo, njengezinye eziningi, “yayisiwumphakathi wabantu abangazani.” Ingabe nakweyakini indawo kunjalo?

Kuyiqiniso ukuthi eminye imiphakathi yasemaphandleni isenalo uthando ngomakhelwane nokuthi eminye imiphakathi yasemadolobheni iyazama ukubonisa ukukhathalela omakhelwane. Noma kunjalo, abaningi abahlala emadolobheni bazizwa bengenamuntu futhi bengalondekile endaweni yakubo. Balusizi ngalé kwezindonga ezenza bangaziwa. Kanjani?

Abaziwa

Yiqiniso, iningi lethu linomakhelwane abahlala eduze. Ukubhanyaza kwethelevishini, izithunzi ezinyakazayo emafasiteleni, izibani ezikhanyiswayo zibuye zicinywe, umsindo wezimoto zifika futhi zihamba, izigi emaphasishi, izihluthulelo ezivula nezivala iminyango, konke kuyizimpawu zokuthi omakhelwane “bayaphila.” Nokho, noma yimuphi umuzwa wangempela wothando lukamakhelwane uyashabalala lapho abantu abakhelene befihlwe yizindonga eziwukungazani noma benganakani ngenxa yokuphila ngokujaha. Abantu bangase babe nomuzwa wokuthi akukho sidingo sokuzwana nomakhelwane noma sokuba nanoma yisiphi nje isibopho kubo. Iphephandaba lase-Australia i-Herald Sun liyavuma: “Abantu abaziwa lapho behlala khona, futhi ngenxa yalokho azibabophi kangako izindaba zomphakathi. Manje sekulula kakhudlwana ukungabanaki noma ukubakhipha inyumbazane abantu okungakhangi ukuba nabo.”

Lokhu okwenzekayo akumangazi. Kuleli zwe elinabantu “abazithandayo,” imiphakathi ivuna imiphumela yokuphila kwabaningi okungabanaki abanye. (2 Thimothewu 3:2) Umphumela uwukwanda kwesizungu nokuba onkom’ idla yodwa. Lokho kwakha ukungathembani, ikakhulu lapho indawo ihlaselwe ubudlova nobugebengu. Ukungathembani nakho ngokushesha kuqeda isihawu sobuntu.

Kungakhathaliseki ukuthi kunjani endaweni yakini, akungabazeki ukuthi omakhelwane abakahle bawusizo emphakathini. Lapho abantu besebenzela ukufeza umgomo owodwa, kwenza lukhulu oluhle. Omakhelwane abakahle bangaba nayisibusiso. Isihloko esilandelayo sizobonisa ukuthi kanjani.