Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Wayengakhulumi Nabo Ngaphandle Komfanekiso”

“Wayengakhulumi Nabo Ngaphandle Komfanekiso”

“Wayengakhulumi Nabo Ngaphandle Komfanekiso”

“UJesu [wakhuluma] ezixukwini ngemifanekiso. Ngempela, wayengakhulumi nabo ngaphandle komfanekiso.”—MATHEWU 13:34.

1, 2. (a) Kungani imifanekiso emihle ingalibaleki kalula? (b) Yiziphi izinhlobo zemifanekiso uJesu azisebenzisa, futhi yimiphi imibuzo edinga ukuphendulwa mayelana nokusebenzisa kwakhe imifanekiso? (Bheka nombhalo waphansi.)

Literature Request Forms UKHONA yini umfanekiso osawukhumbula, mhlawumbe owawuzwa enkulumweni yeningi eminyakeni eminingi edlule? Imifanekiso emihle ayisheshi ukulibaleka. Omunye umbhali wathi imifanekiso “iphendula izindlebe zibe amehlo futhi yenze izilaleli zicabange ngezithombe ezingqondweni zazo.” Ngenxa yokuthi ngokuvamile sicabanga kangcono kakhulu ngezithombe, imifanekiso ingenza imiqondo iqondakale kalula. Imifanekiso ingenza amazwi aphile, ifundise izifundo eziyogxila enkumbulweni yethu.

2 Akekho umfundisi owake waba nekhono lokusebenzisa imifanekiso ngaphezu kukaJesu Kristu emhlabeni. Imizekeliso eminingi kaJesu ikhunjulwa kalula sekwadlula iminyaka ecishe ibe ngu-2 000 ayixoxa. * Kungani uJesu ayisebenzisa kakhulu kangaka le ndlela yokufundisa? Futhi yini eyenza imifanekiso yakhe yaphumelela kangaka?

Okwenza UJesu Wafundisa Ngemifanekiso

3. (a) NgokukaMathewu 13:34, 35, yisiphi esinye sezizathu zokusebenzisa kukaJesu imifanekiso? (b) Yini ebonisa ukuthi kumelwe ukuba uJehova uyayazisa le ndlela yokufundisa?

3 IBhayibheli linikeza izizathu ezimbili eziphawulekayo zokusebenzisa kukaJesu imifanekiso. Okokuqala, ukwenza kwakhe kanjalo kwagcwalisa isiprofetho. Umphostoli uMathewu wabhala: “UJesu [wakhuluma] ezixukwini ngemifanekiso. Ngempela, wayengakhulumi nabo ngaphandle komfanekiso; ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi owathi: ‘Ngizovula umlomo wami ngemifanekiso.’” (Mathewu 13:34, 35) ‘Umprofethi’ owacashunwa nguMathewu kwakungumqambi weHubo 78:2. Ephefumulelwe umoya kaNkulunkulu, lowo mhubi wabhala kusasele amakhulu eminyaka ngaphambi kokuba uJesu azalwe. Akumangazi yini ukuthi kusasele amakhulu eminyaka, uJehova wanquma ukuthi iNdodana yakhe yayiyofundisa ngemifanekiso? Impela kumelwe ukuba uJehova uyayazisa le ndlela yokufundisa!

4. UJesu wathi kungani ayesebenzisa imifanekiso?

4 Okwesibili, noJesu ngokwakhe wachaza ukuthi wayesebenzisa imifanekiso ukuze ahlunge labo ababenezinhliziyo ezingasabeli. Ngemva kokuba exoxele “izixuku ezinkulu” umzekeliso womhlwanyeli, abafundi bakhe babuza: “Kungani ukhuluma nabo ngokusebenzisa imifanekiso?” UJesu waphendula wathi: “Nina nikunikiwe ukuqonda izimfihlo ezingcwele zombuso wamazulu, kodwa labayabantu abakunikwanga. Kungakho ngikhuluma nabo ngokusebenzisa imifanekiso, ngoba, ukubheka, babheka ngeze, nokuzwa, bezwa ngeze, futhi abawutholi umqondo wako; futhi isiprofetho sika-Isaya siyagcwaliseka kubo, esithi, ‘Ngokuzwa, niyokuzwa kodwa ningasoze nawuthola umqondo wako; futhi, ukubheka, niyobheka kodwa ningasoze nabona. Ngoba inhliziyo yalababantu iye yaba lukhuni.’”—Mathewu 13:2, 10, 11, 13-15; Isaya 6:9, 10.

5. Imifanekiso kaJesu yazihlunga kanjani izilaleli ezithobekile kwezinezinhliziyo ezinokuqhosha?

5 Yini emifanekisweni kaJesu eyayihlunga abantu? Kwezinye izimo, izilaleli zakhe kwakudingeka zifunisise ukuze ziwaqonde ngokugcwele amazwi akhe. Abantu abathobekile babeshukumiseleka ukuba bacele ukwaziswa okwengeziwe. (Mathewu 13:36; Marku 4:34) Ngakho, imifanekiso kaJesu yayembula iqiniso kulabo ababenezinhliziyo ezililambele; ngesikhathi esifanayo yayibafihlela iqiniso labo ababenezinhliziyo ezinokuqhosha. Yeka ukuthi uJesu wayengumfundisi omangalisa kanjani! Manje ake sihlole ezinye zezici ezenza imifanekiso yakhe yaphumelela kangaka.

Ukukhetha Imininingwane Efanelekayo

6-8. (a) Iyiphi into ewusizo izilaleli zikaJesu zekhulu lokuqala ezazingenakuyenza? (b) Yiziphi izibonelo ezibonisa ukuthi uJesu wayeyikhetha imininingwane ayeyinikeza?

6 Wake wazibuza yini ukuthi kazi kwakunjani kulabo bafundi bekhulu lokuqala ababezizwela mathupha uJesu efundisa? Nakuba babenelungelo lokuzwa izwi likaJesu, babengakwazi ukuhlola umbhalo olotshiwe ukuze bazikhumbuze izinto ayezishilo. Kunalokho, kwakudingeka bawagcine ezingqondweni nasezinhliziyweni amazwi kaJesu. Ngokusebenzisa kwakhe imifanekiso ngobuciko, uJesu wabenzela kwaba lula ukukhumbula lokho ayekufundisa. Kanjani?

7 UJesu wayeyikhetha imininingwane ayeyinikeza. Lapho imininingwane ibalulekile endabeni noma idingeka ukuze agcizelele, wayeqikelela ukuthi uyayinikeza. Ngakho wanikeza inani eliqondile lezimvu ezasala lapho umninizo eyofuna elahlekile, washo amahora aqondile izisebenzi ezawasebenza esivinini, washo nenani eliqondile lamatalenta izigqila ezaphathiswa wona.—Mathewu 18:12-14; 20:1-16; 25:14-30.

8 Ngesikhathi esifanayo, uJesu akayifakanga imininingwane engabalulekile eyayingase yenze incazelo yemifanekiso yakhe ingaqondakali. Ngokwesibonelo, emzekelisweni wesigqila esingenasihe, akuchazwanga ukuthi leso sigqila saba kanjani nesikweletu sodenariyu abangu-60 000 000. UJesu wayegcizelela isidingo sokuthethelela. Okwakubalulekile kwakungekhona ukuthi lesi sigqila sasingene kanjani esikweletini, kodwa kwakuyindlela esasulwa ngayo isikweletu saso nendlela naso esaphatha ngayo esinye isigqila esasisikweleta imali ewubala uma iqhathaniswa nesaso isikweletu. (Mathewu 18:23-35) Ngokufanayo, emfanekisweni wendodana yolahleko, uJesu akachazanga ukuthi kungani indodana encane yavele yafuna ifa layo nokuthi kungani yalisaphaza. Kodwa uJesu wayinikeza imininingwane yendlela uyise azizwa ngayo nasabela ngayo lapho indodana yakhe ishintsha umqondo futhi ibuyela ekhaya. Imininingwane enjalo ephathelene nokusabela kukayise yayibalulekile ephuzwini uJesu ayeliveza, lokuthi uJehova uthethelela ‘kakhulu.’—Isaya 55:7; Luka 15:11-32.

9, 10. (a) Lapho eveza abalingiswa emifanekisweni yakhe, yini uJesu ayegxila kuyo? (b) UJesu wakwenza kanjani kwaba lula ezilalelini zakhe nakwabanye ukukhumbula imifanekiso yakhe?

9 UJesu wayesebenzisa ukuhlakanipha nasendleleni ayeveza ngayo abalingiswa emizekelisweni yakhe. Kunokuba achaze ukubukeka kwabalingiswa ngokuningiliziwe, uJesu wayevame ukugxila kulokho ababekwenza noma endleleni ababesabela ngayo ezenzakalweni ayezilandisa. Ngakho, kunokuba achaze ukuthi wayebukeka kanjani umSamariya onomusa, uJesu walandisa into ebaluleke kakhulu kunalokho—indlela umSamariya amsiza ngayo ngesihawu umJuda owayelele endleleni elimele. UJesu wanikeza imininingwane eyayidingeka ukuze afundise ukuthi uthando ngomakhelwane kufanele luhlanganise nabanye abantu ngaphezu kwabohlanga noma ubuzwe bethu.—Luka 10:29, 33-37.

10 Ukusebenzisa kukaJesu imininingwane ngokucophelela kwenza imifanekiso yakhe yafingqeka kahle futhi yangaba yinkimbinkimbi. Kanjalo wakwenza kwaba lula ezilalelini zakhe zekhulu lokuqala—nakwabanye abaningi ababeyofunda amaVangeli aphefumulelwe kamuva—ukukhumbula le mifanekiso nezifundo ezibalulekile eyayizifundisa.

Wayeyithathela Ekuphileni Kwansuku Zonke

11. Nikeza izibonelo zendlela imizekeliso kaJesu eyayiziveza ngayo izinto okungangabazeki ukuthi wayezibona lapho ekhula eGalile.

11 UJesu wayeyingcweti ekusebenziseni imifanekiso ehlobene nokuphila kwabantu. Imizekeliso yakhe eminingi ibonisa izinto okungangabazeki ukuthi wayeziqaphela njengoba ekhula eGalile. Ake uthi ukucabanga ngokuphila kwakhe esemncane. Wayevame kangakanani ukubona unina ebhaka isinkwa ngokuthatha inhlama encane enemvubelo eyayisale lapho kubhakwa ayisebenzise njengembiliso? (Mathewu 13:33) Kwakukangaki ebukela abadobi behlisela amanetha abo emanzini oLwandle LwaseGalile? (Mathewu 13:47) Kwakukangaki ebukela izingane zidlala esigcawini? (Mathewu 11:16) Cishe uJesu wayeziphawula izinto ezivamile ayezisebenzisa emifanekisweni yakhe—imbewu ehlwanyelwayo, amadili omshado anenjabulo namasimu okusanhlamvu osekuvuthiwe.—Mathewu 13:3-8; 25:1-12; Marku 4:26-29.

12, 13. Umzekeliso kaJesu kakolweni nokhula uveza kanjani ukuthi wayezijwayele izimo zendawo?

12 Akumangazi-ke ukuthi kuyo yonke imifanekiso kaJesu eminingi, kunezimo nezenzakalo zokuphila kwansuku zonke. Ngakho-ke, ukuze siliqonde ngokugcwele kakhudlwana ikhono lakhe lokusebenzisa le ndlela yokufundisa, kuzosisiza ukuhlola lokho okwakushiwo amazwi akhe ezilalelini zakhe ezingamaJuda. Ake sibheke izibonelo ezimbili.

13 Okokuqala, emzekelisweni kakolweni nokhula, uJesu wakhuluma ngendoda eyahlwanyela ukolweni omuhle ensimini yayo kodwa kwafika “isitha” sahlwanyela ukhula. Kungani uJesu akhetha leso senzo esinobutha? Khumbula ukuthi lo mfanekiso wawuxoxa ngasoLwandle LwaseGalile, futhi ngokusobala umsebenzi oyinhloko wabantu baseGalile kwakuwukulima. Yini eyayingenzela umlimi phansi ngaphezu kokuba kufike isitha ngokunyenya ensimini yakhe bese sihlwanyela ukhula oluyingozi? Imithetho yezwe yangaleso sikhathi ibonisa ukuthi zazenzeka izehlakalo ezinjalo. Akucacile yini ukuthi uJesu wasebenzisa isimo izilaleli zakhe ezazingasiqonda?—Mathewu 13:1, 2, 24-30.

14. Emzekelisweni womSamariya olungileyo, kungani kuphawuleka ukuthi uJesu wasebenzisa umgwaqo owawusuka ‘eJerusalema uya eJeriko’ ukuze aveze iphuzu lakhe?

14 Okwesibili, khumbula umzekeliso womSamariya olungileyo. UJesu waqala ngokuthi: “Umuntu othile wayehla evela eJerusalema eya eJeriko futhi wazithela phakathi kwabaphangi, labo kokubili abamhlubula futhi bamshaya amagalelo, bahamba, bamshiya kusele umndondo.” (Luka 10:30) Ngokuphawulekayo, uJesu wasebenzisa umgwaqo owawusuka ‘eJerusalema uya eJeriko’ ukuze aveze iphuzu lakhe. Lapho elandisa lo mzekeliso, wayeseJudiya, budebuduze neJerusalema; ngakho cishe izilaleli zakhe zaziwazi umgwaqo ayekhuluma ngawo. Lowo mgwaqo wawaziwa ukuthi uyingozi, ikakhulu kumuntu ohamba yedwa. Wawugwingciza enkangala ethule, enezindawo eziningi abaphangi ababengacasha kuzo.

15. Kungani kungekho muntu owayengathethelela ukungabi nandaba kompristi nomLevi emfanekisweni womSamariya olungileyo?

15 Kunokunye futhi okuphawulekayo ngokukhuluma kukaJesu ngomgwaqo ‘owawehla usuka eJerusalema uya eJeriko.’ Ngokwale ndaba, umpristi, kamuva nomLevi, nabo babehamba ngalowo mgwaqo—nakuba bobabili bengamanga ukuze basize owayelimele. (Luka 10:31, 32) Abapristi babekhonza ethempelini eJerusalema, besizwa amaLevi. Abapristi abaningi namaLevi babehlala eJeriko lapho bengasebenzi ethempelini, ngoba iJeriko laliqhele ngamakhilomitha angu-23 kuphela ukusuka eJerusalema. Ngenxa yalokho, akungabazeki ukuthi babenesizathu sokuhamba ngalowo mgwaqo. Phawula nokuthi umpristi nomLevi babehamba ngalo mgwaqo ‘ovela eJerusalema,’ ngakho babesuka ethempelini. * Ngakho akukho muntu owayengakuthethelela kufanele ukungabi nandaba kwala madoda ngokuthi, ‘Lo muntu owayelimele amgwema ngoba ebonakala sengathi ufile, njengoba ukuthinta isidumbu kwakuyowenza angakufanelekeli ukukhonza ethempelini okwesikhashana.’ (Levitikusi 21:1; Numeri 19:11, 16) Akucacile yini ukuthi umfanekiso kaJesu wawuveza izinto ezazijwayelekile ezilalelini zakhe?

Wayeyithathela Endalweni

16. Kungani kungamangazi ukuthi uJesu wayeyazi kakhulu indalo?

16 Imifanekiso nemizekeliso eminingana kaJesu yayiveza ulwazi ayenalo ngezitshalo, izilwane nesimo sezulu. (Mathewu 6:26, 28-30; 16:2, 3) Wayeluthathephi lolo lwazi? Lapho ekhula eGalile, akungabazeki ukuthi wayenamathuba amaningi okubuka indalo kaJehova. Ngaphezu kwalokho, uJesu ‘wayeyizibulo layo yonke indalo,’ futhi uJehova wamsebenzisa ‘njengengcweti yomsebenzi’ ekudaleni zonke izinto. (Kolose 1:15, 16; IzAga 8:30, 31) Kukhona-ke yini okumangazayo ngokuthi uJesu wayeyazi kakhulu indalo? Ake sibone indlela alusebenzisa ngobuciko ngayo ulwazi lwakhe lapho efundisa.

17, 18. (a) Amazwi kaJesu akuJohane isahluko 10 akuveza kanjani ukuthi wayekwazi ukuthambekela kwezimvu? (b) Yini eye yaphawulwa yizivakashi zasemazweni aseBhayibhelini ngobuhlobo bukamalusi nezimvu zakhe?

17 Omunye wemifanekiso kaJesu ebonisa isisa esikhulu yilowo okuJohane isahluko 10, lapho efanisa ubuhlobo bakhe obuseduze nabalandeli bakhe nobukamalusi nezimvu zakhe. Amazwi kaJesu aveza ukuthi wayekwazi kakhulu ukuthambekela kwezimvu ezifuywayo. Wabonisa ukuthi izimvu ziyakwamukela ukuholwa, futhi zilandela umalusi wazo ngokwethembeka. (Johane 10:2-4) Ubuhlobo obungavamile bukamalusi nezimvu buye baphawulwa yizivakashi zasemazweni aseBhayibhelini. Ngekhulu le-19, isazi semvelo uH. B. Tristram sathi: “Ngake ngabukela umalusi edlala nomhlambi wakhe. Wayeshaya sengathi uyabaleka; izimvu zimjahe bese zimngunga. . . . Ekugcineni wonke umhlambi wakha isiyingi, watshakadula umzungeza.”

18 Kungani izimvu zilandela umalusi wazo? UJesu wathi: “Ngoba ziyalazi izwi lakhe.” (Johane 10:4) Ziyalazi ngempela yini izimvu izwi likamalusi wazo? Ngokwalokho ayezibonele kona, uGeorge A. Smith wabhala encwadini yakhe ethi The Historical Geography of the Holy Land: “Ngezinye izikhathi sasiphumula eceleni komunye waleyo mithombo yaseJudiya emini, kufike abelusi abathathu noma abane nemihlambi yabo. Imihlambi yayihlangana, sizibuze ukuthi umalusi uzowuthola kanjani owakhe. Kodwa ngemva kokuphuza nokudlala, abelusi babekhuphuka ngamunye ngamunye, besuka esigodini, ngamunye enze umsindo wakhe ohlukile; bese izimvu zakhe zimonyuka emhlambini ziye kumalusi wazo, yonke imihlambi ihambe ngokuhleleka eyayifike ngakho.” Ayikho indlela edlula lena uJesu ayengayisebenzisa ukuze aveze iphuzu lakhe. Uma siziqaphela futhi sizilalela izimfundiso zakhe futhi uma silandela ukuhola kwakhe, singanakekelwa “umalusi omuhle” ngothando nangesisa.—Johane 10:11.

Wayeyithathela Ezenzakalweni Ezizaziyo Izilaleli Zakhe

19. Ukuze achithe umqondo ongamanga, uJesu wayisebenzisa kanjani ngokuphumelelayo inhlekelele yendawo?

19 Imifanekiso ephumelelayo ingaba okuhlangenwe nakho noma izibonelo okungafundwa kuzo. Ngesinye isikhathi, uJesu wasebenzisa isenzakalo samuva ukuze achithe umqondo ongamanga wokuthi izinhlekelele zehlela labo abafanelwe yizo. Wathi: “Labo abayishumi nesishiyagalombili umbhoshongo waseSilowama owawela phezu kwabo, ngaleyondlela ubabulala, ingabe nicabanga ukuthi babengabanecala kakhulu kunabo bonke abanye abantu abahlala eJerusalema?” (Luka 13:4) UJesu wakuphikisa ngobuciko ukucabanga kokudalelwa. Labo bantu abangu-18 abafanga ngenxa yesono esithile esabenza bathukuthelelwa nguNkulunkulu. Kunalokho, ukufa kwabo okudabukisayo kwakungenxa yesikhathi nethuba. (UmShumayeli 9:11) Kanjalo waphikisa imfundiso engamanga ngokukhuluma ngesenzakalo ezazisazi kahle izilaleli zakhe.

20, 21. (a) Kungani abaFarisi babagxeka abafundi bakaJesu? (b) Iyiphi indaba esemiBhalweni uJesu ayisebenzisa ukuze abonise ukuthi uJehova wayengahlosile ukuba umthetho wakhe weSabatha usetshenziswe ngendlela elukhuni? (c) Kuzoxoxwa ngani esihlokweni esilandelayo?

20 Lapho efundisa, uJesu wayesebenzisa nezibonelo ezingokomBhalo. Khumbula lapho abaFarisi begxeka abafundi bakhe ngokukha izikhwebu bazidle ngeSabatha. Empeleni, abafundi babephule indlela abaFarisi ababekuchaza ngayo lokho okwakuwumsebenzi ongavunyelwe ngeSabatha, hhayi uMthetho kaNkulunkulu. Ukuze abonise ukuthi uNkulunkulu wayengahlosile ukuba umthetho wakhe weSabatha usetshenziswe ngendlela elukhuni ngokungadingekile kangaka, uJesu wakhuluma ngesenzakalo esikweyoku-1 Samuweli 21:3-6. Lapho belambile, uDavide nebutho lakhe bangena etabernakele badla izinkwa zokubukwa, ezase zisusiwe. Izinkwa ezase zindala ngokuvamile zazibekelwa eceleni ukuze zidliwe abapristi. Nokho, ngenxa yezimo, uDavide nebutho lakhe abasolwanga ngokuzidla. Ngokumangalisayo, leyo ndaba iwukuphela kwesenzakalo esikhona eBhayibhelini mayelana nokudliwa kwezinkwa ezindala abantu abangebona abapristi. UJesu wayazi ngokunembile ukuthi iyiphi indaba okwakufanele ayisebenzise, futhi ngokungangabazeki izilaleli zakhe ezingamaJuda zaziyazi.—Mathewu 12:1-8.

21 UJesu wayenguMfundisi Omkhulu ngempela! Liyasimangaza ikhono lakhe elingenakuqhathaniswa lokudlulisela amaqiniso abalulekile ngendlela eyayiqondakala ezilalelini zakhe. Nokho, singamlingisa kanjani thina lapho sifundisa? Lokhu kuzoxoxwa ngakho esihlokweni esilandelayo.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 2 Imifanekiso kaJesu yayiyizinhlobo eziningi, ihlanganisa izibonelo, ukuqhathanisa, izifaniso nezingathekiso. Waziwa kakhulu ngokusebenzisa imizekeliso, eye yachazwa ngokuthi “indaba emfushane, ngokuvamile eqanjiwe okutholakala kuyo iqiniso elingokomoya noma eliphathelene nokuziphatha.”

^ par. 15 IJerusalema laliphakeme kuneJeriko. Ngakho-ke, lapho umuntu “evela eJerusalema eya eJeriko,” wayeyobe “ehla,” njengoba kushiwo kulo mzekeliso.

Uyakhumbula?

• Kungani uJesu afundisa ngemifanekiso?

• Yisiphi isibonelo esibonisa ukuthi uJesu wayesebenzisa imifanekiso ezaziyiqonda izilaleli zakhe zekhulu lokuqala?

• UJesu walusebenzisa kanjani ngobuciko ulwazi lwakhe lwendalo emifanekisweni yakhe?

• UJesu wazisebenzisa kanjani izenzakalo ezazizazi izilaleli zakhe?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 15]

UJesu waxoxa ngesigqila esenqaba ukusula isikweletu sodenariyu abambalwa nje nangobaba owaxolela indodana eyayisaphaze lonke ifa layo

[Isithombe ekhasini 16]

Laliyini iphuzu lomzekeliso kaJesu womSamariya olungileyo?

[Isithombe ekhasini 17]

Izimvu ziyalazi ngempela yini izwi likamalusi wazo?