Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe igama elithi Lusifa lisetshenziselwa ukubhekisela kuSathane eBhayibhelini?

Igama elithi Lusifa livela kanye emiBhalweni, nakhona livela ezinguqulweni ezithile kuphela zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, i-King James Version imhumusha kanje u-Isaya 14:12: “Yeka ukuwa kwakho ezulwini, O Lusifa, ndodana yokusa!”

Igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “Lusifa” lisho “okhanyayo.” I-Septuagint isebenzisa igama lesiGreki elisho “umlethi wokusa.” Ngakho, ezinye izinguqulo zihumusha inkulumo yokuqala yesiHeberu ngokuthi “khwezi.” Kodwa i-Vulgate kaJerome yesiLatini isebenzisa elithi “Lusifa” (umphathi wokukhanya), futhi yileso isizathu esenza litholakale ezinguqulweni ezihlukahlukene zeBhayibheli.

Ngubani lo Lusifa? Inkulumo ethi “okhanyayo,” noma “Lusifa,” itholakala kulokho u-Isaya ayala ama-Israyeli ukuba akusho esiprofethweni ‘esiyisaga ngenkosi yaseBabele.’ Ngakho, iyingxenye yamazwi ngokuyinhloko aqondiswe ohlangeni lwamakhosi aseBabiloni. Ukuthi le nkulumo ethi “okhanyayo” ibhekisela kumuntu hhayi esidalweni somoya, kubonakala nangala mazwi: “Uzokwehliselwa phansi eShiyoli.” IShiyoli yithuna elivamile lesintu—hhayi indawo kaSathane uDeveli. Ngaphezu kwalokho, labo ababona uLusifa ebekwa kulesi simo bayabuza: “Nguye lo muntu owawuzamazamisa umhlaba?” (Omalukeke sizenzele.) Kusobala ukuthi elithi “Lusifa” libhekisela kumuntu, hhayi esidalweni somoya.—Isaya 14:4, 15, 16, qhathanisa ne-NW.

Kungani uhlanga lwamakhosi aseBabiloni luchazwa ngamazwi aphakeme kangaka? Kumelwe siqaphele ukuthi inkosi yaseBabiloni yayiyobizwa ngokhanyayo kuphela ngemva kokuwa kwayo, ngendlela ebhuqayo. (Isaya 14:3) Ukuzazisa kwenza amakhosi aseBabiloni azikhukhumeza ngaphezu kwalabo ababewazungezile. Lolu hlanga lwaluzazisa kakhulu kangangokuba luvezwa njengoluqhosha luthi: “Ngiyakukhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu, ngihlale entabeni yomhlangano ngasekugcineni kwasenyakatho. . . . Ngizenze ngibe ngangoPhezukonke.”—Isaya 14:13, 14.

‘Izinkanyezi zikaNkulunkulu’ amakhosi ohlu lukaDavide. (Numeri 24:17) Kusukela kuDavide lezi “zinkanyezi” zazibusa ziseNtabeni YaseSiyoni. Ngemva kokuba uSolomoni akhe ithempeli eJerusalema, igama elithi Siyoni labhekisela kuwo wonke umuzi. Ngaphansi kwesivumelwano soMthetho, bonke abesilisa abangama-Israyeli kwakudingeka baye eSiyoni kathathu ngonyaka. Ngakho, laba ‘yintaba yomhlangano.’ Ngokunquma ukwenza amakhosi akwaJuda abe ngaphansi kwakhe abese ewasusa kuleyo ntaba, uNebukadinesari uveza inhloso yakhe yokuzibeka ngaphezu kwalezo “zinkanyezi.” Kunokuba anike uJehova udumo ngokunqoba la makhosi, ngokuqhosha uzibeka endaweni kaJehova. Ngakho uhlanga lwamakhosi aseBabiloni lubizwa ngokuthi “okhanyayo” sakubhuqa ngemva kokuwa kwalo.

Ukuqhosha kwababusi baseBabiloni empeleni kwakuveza isimo sengqondo ‘sikankulunkulu walesisimiso sezinto’—uSathane uDeveli. (2 Korinte 4:4) Naye uhahela amandla futhi ufisa ukuzibeka ngaphezu kukaJehova uNkulunkulu. Kodwa igama elithi Lusifa akulona igama uSathane abizwa ngalo yimiBhalo.

Kungani eyoku-1 IziKronike 2:13-15 ithi uDavide wayeyindodana yesikhombisa kaJese, kanti eyoku-1 Samuweli 16:10, 11 ibonisa ukuthi wayengeyesishiyagalombili?

Ngemva kokuba iNkosi uSawule yakwa-Israyeli wasendulo ihlubukile ekukhulekeleni kweqiniso, uJehova uNkulunkulu wathumela umprofethi uSamuweli ukuba ayogcoba enye yamadodana kaJese ibe yinkosi. Ukulandisa kwaphezulu kwalesi senzakalo esingokomlando, okwalotshwa nguSamuweli uqobo ngekhulu le-11 B.C.E., kuveza ukuthi uDavide wayeyindodana yesishiyagalombili kaJese. (1 Samuweli 16:10-13) Nokho, ukulandisa okwalotshwa u-Ezra umpristi eminyakeni engaba ngu-600 kamuva kuthi: “UJese wazala izibulo lakhe u-Eliyabe, no-Abinadaba owesibili, noShimeya owesithathu, noNethaneli owesine, noRadayi owesihlanu, no-Osemi owesithupha, noDavide owesikhombisa.” (1 IziKronike 2:13-15) Kwenzekani komunye wabafowabo bakaDavide, futhi kungani u-Ezra engalibali elakhe igama?

ImiBhalo ithi uJese “wayenamadodana ayisishiyagalombili.” (1 Samuweli 17:12) Ngokusobala, enye yamadodana akhe ayizange iphile isikhathi eside ngokwanele ukuba ishade futhi ibe nabantwana. Njengoba yayingenazizukulu, yayingeke ibe nafa esizweni futhi kwakungeke kudingeke ivele emibhalweni yohlu lozalo lukaJese.

Manje ake sicabange ngosuku luka-Ezra. Cabanga isimo lapho ehlanganisa iziKronike. Kwase kuyiminyaka engaba ngu-77 ukuthunjelwa eBabiloni kwadlula, futhi amaJuda ayesebuyele ezweni lawo. Inkosi yasePheresiya yayigunyaze u-Ezra ukuba abeke abahluleli nabafundisi boMthetho kaNkulunkulu nokuba ahlobise indlu kaJehova. Kwakudingeka izinhlu zozalo ezinembile ukuze kuqinisekiswe amafa ezizwe futhi kuqinisekwe ukuthi kwakuba abantu abagunyaziwe kuphela ababa abapristi. Ngakho, u-Ezra walungiselela ukulandisa okugcwele komlando wesizwe, kuhlanganise nombhalo ocacile nonokwethenjelwa wohlu lozalo lukaJuda noDavide. Igama lendodana kaJese eyafa ingenamntwana lalingabalulekile. Ngakho, u-Ezra akalifakanga.