Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Naka Ngaphezu Kokujwayelekile’

‘Naka Ngaphezu Kokujwayelekile’

‘Naka Ngaphezu Kokujwayelekile’

“Kudingekile ngathi ukuba sizinake ngaphezu kokujwayelekile izinto esazizwa, ukuze singalokothi sikhukhuleke.”—HEBERU 2:1.

1. Bonisa ukuthi ukuphazamiseka kungaholela kanjani enhlekeleleni.

amphetaminesUNYAKA ngamunye kufa abantu abangaba ngu-37 000 ezingozini zezimoto e-United States iyodwa. Ochwepheshe bathi ukufa kwabaningi balaba bantu bekungagwenywa ukube abashayeli banaka kakhudlwana emgwaqweni. Abanye abashayeli baphazanyiswa yizimpawu nezikhangiso noma ukusebenzisa ucingo lwabo oluphathwayo. Kukhona nabanye abadla beshayela. Kuzo zonke lezi zimo, ukuphazamiseka kungaholela enhlekeleleni.

2, 3. Yisiphi isikhuthazo uPawulu asinika amaKristu angamaHeberu, futhi kungani iseluleko sakhe sasifaneleka?

2 Eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 ngaphambi kokusungulwa kwemoto, umphostoli uPawulu waveza uhlobo lokuphazamiseka olwalufaka amanye amaKristu angamaHeberu enhlekeleleni. UPawulu wagcizelela ukuthi uJesu Kristu ovusiwe wayenikwe isikhundla esiphakeme kunazo zonke izingelosi, ngoba wayehlaliswe kwesokunene sikaNkulunkulu. Umphostoli wabe esethi: “Kungakho kudingekile ngathi ukuba sizinake ngaphezu kokujwayelekile izinto esazizwa, ukuze singalokothi sikhukhuleke.”—Heberu 2:1.

3 Kungani amaKristu angamaHeberu kwadingeka ‘azinake ngaphezu kokujwayelekile izinto azizwa’ mayelana noJesu? Ngoba kwase kudlule iminyaka ecishe ibe ngu-30 uJesu ahamba emhlabeni. Njengoba iNkosi yawo yayingasekho, amanye amaKristu angamaHeberu ayeseqala ukukhukhuleka okholweni lweqiniso. Ayephazanyiswa yinkolo yobuJuda, indlela ayekade ekhulekela ngayo.

Kwakudingeka Anakisise

4. Ngokunokwenzeka kungani amanye amaKristu angamaHeberu alingeka ukubuyela enkolweni yobuJuda?

4 Yini eyayingalinga umKristu ukuba abuyele enkolweni yobuJuda? Indlela yokukhulekela ngaphansi koMthetho yayihilela izinto ezibonwayo. Abantu babebabona abapristi futhi belizwa iphunga lemihlatshelo eshiswayo. Kodwa ubuKristu bona babuhluke kakhulu ngezici ezithile. AmaKristu ayenaye umPristi Omkhulu, uJesu Kristu, kodwa kwase kuphele iminyaka engamashumi amathathu engabonakali emhlabeni. (Heberu 4:14) Ayenalo nethempeli, kodwa indawo yalo engcwele yayisezulwini uqobo. (Heberu 9:24) Ngokungafani nokusoka kwenyama kwangaphansi koMthetho, okwamaKristu ukusoka ‘kwakungokwenhliziyo ngomoya.’ (Roma 2:29) Ngakho, kumaKristu angamaHeberu, kungenzeka ubuKristu base buqala ukuba yinto engacacile kahle.

5. UPawulu wabonisa kanjani ukuthi ukukhulekela okwaqalwa nguJesu kwakuphakeme kunokwangaphansi koMthetho?

5 AmaKristu angamaHeberu kwakudingeka aqaphele okuthile okubaluleke kakhulu ngokukhulekela okwaqalwa nguKristu. Kwakusekelwe okholweni kunasekuboneni, kodwa kwakuphakeme kunoMthetho owawudluliselwe ngomprofethi uMose. UPawulu wabhala: “Uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole ofafazwa kulabo abangcolisiwe kungcwelisa kuze kube sezingeni lokuhlanzeka kwenyama, igazi likaKristu, owathi ngomoya omi phakade wazinikela engenasici kuNkulunkulu, liyobahlanza kakhulu kangakanani onembeza bethu emisebenzini efile ukuze sinikele inkonzo engcwele kuNkulunkulu ophilayo?” (Heberu 9:13, 14) Yebo, ukuthethelelwa kwezono okutholakala ngokuba nokholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu Kristu kuphakeme kakhulu ngezindlela eziningi kunalokho okwakutholakala ngemihlatshelo yangaphansi koMthetho.—Heberu 7:26-28.

6, 7. (a) Yisiphi isimo esakwenza kwaphuthuma ukuba amaKristu angamaHeberu ‘azinake ngaphezu kokujwayelekile izinto ayezizwile’? (b) Lapho uPawulu ebhala incwadi yakhe eya kumaHeberu, iJerusalema lalisalelwe yisikhathi esingakanani? (Bheka umbhalo waphansi.)

6 Kwakukhona nesinye isizathu esasenza amaKristu angamaHeberu kudingeke azinakisise izinto ayezizwile mayelana noJesu. Wayebikezele ukuthi iJerusalema laliyobhujiswa. UJesu wathi: “Uzofikelwa izinsuku lapho izitha zakho zizokwakha nxazonke zakho uthango ngezigxobo ezicijile zikuzungeze futhi zikucindezele nhlangothi zonke, futhi zizokuphahlaza phansi wena nabantwana bakho abaphakathi kwakho, futhi ngeke zishiye itshe phezu kwetshe kuwe, ngoba awusiqondanga isikhathi sokuhlolwa kwakho.”—Luka 19:43, 44.

7 Kwakuyokwenzeka nini lokhu? UJesu akalushongo usuku nehora. Kunalokho, wanikeza lesi siqondiso: “Lapho nibona iJerusalema lihaqwe amabutho akanisile, khona-ke yazini ukuthi ukuchithwa kwalo sekusondele. Khona-ke labo abaseJudiya mabaqale ukubalekela ezintabeni, futhi labo abaphakathi kwalo mabasuke, futhi labo abasemaphandleni mabangangeni kulo.” (Luka 21:20, 21) Phakathi neminyaka engu-30 ngemva kokusho kukaJesu lawo mazwi, amanye amaKristu eJerusalema alahlekelwa umuzwa wokuphuthuma, aphazamiseka. Kwaba njengokungathi ayengasabhekile emgwaqweni. Uma ayengakushintshi ukucabanga kwawo, nakanjani ayeyovelelwa yinhlekelele. Ukubhujiswa kweJerusalema kwakuseduze, kungakhathaliseki ukuthi ayekukholelwa lokho noma cha! * Kwethenjwa ukuthi iseluleko sikaPawulu sawaphaphamisa ngokomoya amaKristu aseJerusalema ayesozela.

Ukunaka “Ngaphezu Kokujwayelekile” Namuhla

8. Kungani kudingeka ‘siwanake ngaphezu kokujwayelekile’ amaqiniso eZwi likaNkulunkulu?

8 NjengamaKristu ekhulu lokuqala, kudingeka ‘siwanake ngaphezu kokujwayelekile’ amaqiniso eZwi likaNkulunkulu. Ngani? Ngoba nathi sibhekene nokubhujiswa okusondelayo, hhayi nje kwesizwe esisodwa kodwa kwaso sonke isimiso sezinto. (IsAmbulo 11:18; 16:14, 16) Yiqiniso, asilwazi usuku nehora eliqondile uJehova ayothatha ngalo isinyathelo. (Mathewu 24:36) Nokho, sikubona ngawethu ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli ezibonisa ngokucacile ukuthi siphila ‘ezinsukwini zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Ngakho, kufanele siqaphe noma yini engasiphazamisa. Kudingeka sinake iZwi likaNkulunkulu, sihlale sinomuzwa obukhali wokuphuthuma. Uma nje senza kanjalo, ‘siyophumelela ekuphunyukeni kuzo zonke lezizinto ezimiselwe ukuba zenzeke.’—Luka 21:36.

9, 10. (a) Singabonisa kanjani ukuthi siyazinaka izinto ezingokomoya? (b) Kungamuphi umqondo iZwi likaNkulunkulu ‘liyisibani ezinyaweni zethu nokukhanya endleleni yethu’?

9 Kulezi zikhathi ezibalulekile, singabonisa kanjani ukuthi sizinaka “ngaphezu kokujwayelekile” izinto ezingokomoya? Enye yezindlela iwukuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu, kweyesifunda nakweyesigodi. Kufanele futhi sibe abafundi abakhuthele beBhayibheli, ukuze sisondele kuMlobi walo, uJehova. (Jakobe 4:8) Uma singenisa ulwazi ngoJehova ngesifundo somuntu siqu nangemihlangano, siyoba njengomhubi owathi kuNkulunkulu: “Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.”—IHubo 119:105.

10 IBhayibheli liba ‘ukukhanya endleleni yethu’ lapho lisitshela izinjongo zikaNkulunkulu zesikhathi esizayo. ‘Linayisibani ezinyaweni zethu.’ Ngamanye amazwi, lingasisiza ekuthatheni igxathu elilandelayo lapho sibhekana nezinkinga zokuphila ezivivinyayo. Yingakho kubalulekile ukuba ‘sinake ngaphezu kokujwayelekile’ lapho sibuthene nesikholwa nabo ukuze sifundiswe nalapho sizifundela iZwi likaNkulunkulu. Ulwazi esilungenisayo luyosisiza senze izinqumo ezihlakaniphile nezizuzisayo eziyojabulisa uJehova, zithokozise inhliziyo yakhe. (IzAga 27:11; Isaya 48:17) Singasandisa kanjani isikhathi esikwazi ukugxilisa ngaso izingqondo zethu emihlanganweni nasesifundweni sethu somuntu siqu ukuze sizuze kakhulu emalungiselelweni kaNkulunkulu angokomoya?

Ukuthuthukisa Ukulalelisisa Kwethu Emihlanganweni

11. Kungani ngezinye izikhathi kuba yinselele ukulalelisisa emihlanganweni yobuKristu?

11 Ngezinye izikhathi, ukulalelisisa emihlanganweni yobuKristu kuba yinselele. Ingqondo ingaphazamiseka kalula, mhlawumbe ngenxa yokukhala kwengane noma ukufuna indawo komuntu ofika sekwephuzile. Ngemva kokukhandleka emsebenzini, kungenzeka sikhathele sifile. Kungenzeka osendaweni yesikhulumi akasona isikhulumi esihle, futhi sithola ingqondo yethu isizula—mhlawumbe sesizumekile! Njengoba kubalulekile ukwaziswa okunikezwayo, kungakuhle ukuba sithuthukise ikhono lethu lokulalelisisa emihlanganweni yebandla. Kodwa singakwenza kanjani lokhu?

12. Yini engakwenza kube lula ukuba silalelisise emihlanganweni?

12 Ngokuvamile kulula ukulalelisisa emihlanganweni uma silungiselele kahle. Ngakho-ke, kungani ungabekeli eceleni isikhathi sokucabanga kusengaphambili ngalokho okuzoxoxwa ngakho? Kuthatha imizuzu embalwa nje usuku ngalunye ukufunda nokuzindla ngengxenye yezahluko zokufundwa kweBhayibheli kwalelo sonto. Ngokuhlela okuthile, singasithola nesikhathi sokulungiselela iSifundo Sencwadi Sebandla neSifundo Se-Nqabayokulinda. Kungakhathaliseki ukuthi sihlela kanjani, kunye esiqiniseka ngakho: Ukulungiselela kuyosisiza sikulalelisise lokho okuxoxwa ngakho emihlanganweni yebandla.

13. Yini engasisiza sihlale sigxile kulokho okuxoxwa ngakho emihlanganweni?

13 Ngaphezu kokulungiselela kahle, abanye bathola ukuthi balalela kangcono emihlanganweni uma behlala maphambili eHholo LoMbuso. Ukubheka isikhulumi emehlweni, ukuhlola eBhayibhelini lapho kufundwa umbhalo, nokubhala amaphuzu kungezinye zezindlela zokwenza izingqondo zethu zingazulazuli. Nokho, ukuba nenhliziyo elungisiwe kubaluleke kakhulu kunanoma yiliphi ikhono lokugxilisa ingqondo. Kudingeka siqonde injongo yokubuthana kwethu ndawonye. Ngokuyinhloko, sihlangana nesikholwa nabo ukuze sikhulekele uJehova. (IHubo 26:12; Luka 2:36, 37) Imihlangano iyindlela ebalulekile esondliwa ngayo ngokomoya. (Mathewu 24:45-47) Ngaphezu kwalokho, isinika amathuba ‘okuvuselelana othandweni nasemisebenzini emihle.’—Heberu 10:24, 25.

14. Yini ngempela eyenza umhlangano ube yimpumelelo?

14 Abanye bangase bathambekele ekulinganiseni izinga lomhlangano ngamakhono okufundisa alabo ababe nengxenye. Uma izikhulumi zinekhono, singase sithi ubumnandi lowo mhlangano. Kodwa uma kubonakala sengathi bekuntuleka ukufundisa okuhle, singase sibe nombono ohlukile. Kuyiqiniso ukuthi labo abasesimisweni kufanele benze konke okusemandleni ukuze basebenzise ikhono lokufundisa, ikakhulu ukuze bafinyelele izinhliziyo. (1 Thimothewu 4:16) Nokho, thina esilalele akufanele sigxeke ngokungadingekile. Nakuba ikhono lokufundisa labanezingxenye libalulekile, alisona sodwa isici esenza umhlangano uphumelele. Awuvumi yini ukuthi esikukhathalela kakhulu akufanele kube ukuthi isikhulumi siyinikeza kahle kangakanani inkulumo, kodwa ukuthi thina silalela kahle kangakanani? Lapho siya emihlanganweni futhi silalela lokho okushiwoyo, sisuke sikhulekela uNkulunkulu ngokuvumelana nentando yakhe. Yilokho okwenza umhlangano uphumelele. Uma simagange ukungenisa ulwazi ngoNkulunkulu, siyozuza emihlanganweni, kungakhathaliseki amakhono esikhulumi. (IzAga 2:1-5) Ngakho-ke, masizimisele impela ‘ukunaka ngaphezu kokujwayelekile’ emihlanganweni yethu.

Zuza Ngokugcwele Esifundweni Somuntu Siqu

15. Ukutadisha nokuzindla kungasizuzisa kanjani?

15 Sizuza ngokugcwele ‘ekunakeni ngaphezu kokujwayelekile’ lapho senza isifundo somuntu siqu futhi sizindla. Ukufunda nokuzindla ngeBhayibheli nezincwadi zobuKristu kuyosinika amathuba amahle okugxilisa amaqiniso eZwi likaNkulunkulu ezinhliziyweni zethu. Lokhu kuyobe sekuyithonya ngokujulile indlela esicabanga futhi senze ngayo. Empeleni, kuyosisiza sithole injabulo ekwenzeni intando kaJehova. (IHubo 1:2; 40:8) Ngakho-ke, kudingeka sithuthukise amakhono ethu okugxilisa ingqondo ukuze asizuzise lapho sitadisha. Kulula kakhulu ukuphazamiseka! Iziphazamiso ezincane—ukukhala kocingo nomsindo kungasusa ingqondo yethu kwesikwenzayo. Noma kungenzeka asikwazi ukugxilisa ingqondo entweni eyodwa isikhathi eside. Singase sihlale phansi sinenhloso enhle yokuzondla ngokomoya, kodwa kungakabiphi ingqondo ibe seyizulazula kwezinye izindawo. ‘Singanaka kanjani ngaphezu kokujwayelekile’ lapho sitadisha iZwi likaNkulunkulu?

16. (a) Kungani kubalulekile ukuba sihlele isikhathi sesifundo somuntu siqu? (b) Uye wasenza kanjani isikhathi sokutadisha iZwi likaNkulunkulu?

16 Kuyazuzisa ukwenza isimiso bese sikhetha indawo ekahle yokutadisha. Kwabaningi bethu, ukuthola isikhathi nethuba lokuba wedwa akulula. Singase sibe nomuzwa wokuthi ukujaha kwansuku zonke kusikhukhula njengehlahla emfuleni ogijimayo. Empeleni, kudingeka silwe nalo mfula, njengokungathi sifuna isiqhingana esizolile. Asikwazi ukumane nje silinde ukuba ithuba lokutadisha lizivelele. Kunalokho, kudingeka silawule isimo ngokwenza isikhathi sokutadisha. (Efesu 5:15, 16) Abanye babekela eceleni isikhashana ekuseni lapho kungenzeka kuneziphazamiso ezimbalwa. Abanye bathola ukuthi izikhathi zakusihlwa zibanika ithuba elingcono. Iphuzu liwukuthi akumelwe singasinaki isidingo esibalulekile sokungenisa ulwazi olunembile ngoNkulunkulu neNdodana yakhe. (Johane 17:3) Ngakho-ke, masihlele isikhathi sesifundo somuntu siqu bese sinamathela kuleso simiso.

17. Kuyini ukuzindla, futhi kungasizuzisa kanjani?

17 Ukuzindla—inqubo yokucabangisisa ngalokho esikuthole lapho sitadisha—kubaluleke kakhulu. Kusisiza ukuba sithathe imiqondo kaNkulunkulu esiyifundayo siyigxilise ezinhliziyweni zethu. Ukuzindla kusisiza ukuba sibone indlela yokusebenzisa iseluleko seBhayibheli ukuze sibe ‘abenzi bezwi, singabi abalizwayo kuphela.’ (Jakobe 1:22-25) Ngaphezu kwalokho, ukuzindla kusisiza sisondele nakakhulu kuJehova, ngoba kusenza sicabange ngezimfanelo zakhe nendlela ezivezwe ngayo kulokho esikufundayo lapho sitadisha.

18. Yiziphi izimo ezidingekayo ukuze sizindle ngokuphumelelayo?

18 Ukuze sizuze ngokugcwele ekutadisheni nasekuzindleni, kumelwe sisuse iziphazamiso engqondweni yethu. Ukuze sifake ukwaziswa okusha lapho sizindla, kudingeka sikhohlwe yiziphazamiso zokuphila. Ukwenza lokhu kudinga isikhathi nokuba wedwa, kodwa yeka indlela okuqabula ngayo ukuthola ukudla okungokomoya namanzi eqiniso aseZwini likaNkulunkulu!

19. (a) Ngokuqondene nesifundo somuntu siqu, yini eye yasiza abanye ukuba bakwazi ukugxilisa ingqondo yabo isikhathi esijana? (b) Kufanele sikubheke kanjani ukutadisha, futhi yiziphi izinzuzo esingazithola kulesi sici esibalulekile?

19 Kuthiwani uma sihluleka ukugxilisa ingqondo isikhathi eside futhi ingqondo yethu iqala ukuzulazula ngemva kwesikhashana sitadisha? Abanye baye bathola ukuthi ukuqale batadishe isikhathi esifushane bese besinweba kancane kancane kuyasandisa isikhathi abakwazi ukugxilisa ngaso ingqondo lapho betadisha. Umgomo wethu kufanele kube ukutadisha isikhathi esijana kunokutadisha ngokujaha. Kudingeka sihlakulele isithakazelo esijulile kulokho esikutadishayo. Futhi singenza ukucwaninga okwengeziwe sisebenzisa ukwaziswa okuningi okunikezwa yisigaba sesigqila esikholekile nesiqondayo. Kunenzuzo enkulu ukuhlolisisa ‘izinto ezijulile zikaNkulunkulu.’ (1 Korinte 2:10) Ukwenza kanjalo kusenza sikwazi ukwandisa ulwazi lwethu ngoNkulunkulu nokukhulisa amandla ethu okuqonda. (Heberu 5:14) Uma singabafundi abakhuthele beZwi likaNkulunkulu, siyoba ‘abakufanelekela ngokwanele ukufundisa abanye.’—2 Thimothewu 2:2.

20. Singabuhlakulela kanjani futhi sibulondoloze ubuhlobo obuseduze noJehova uNkulunkulu?

20 Ukuba khona emihlanganweni yobuKristu nokwenza isifundo somuntu siqu kuyosisiza kakhulu ukuba sibe nobuhlobo obuseduze noJehova futhi sibulondoloze. Ngokusobala, kwakunjalo ngomhubi owathi kuNkulunkulu: “Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.” (IHubo 119:97) Ngakho-ke, masibe khona njalo impela emihlanganweni yebandla, yesifunda nakweyesigodi. Futhi kwangathi singathengisisa isikhathi sokutadisha iBhayibheli nokuzindla. Siyovuzwa ngokucebile ngokulinaka kanjalo “ngaphezu kokujwayelekile” iZwi likaNkulunkulu.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 7 Kungenzeka incwadi eya kumaHeberu yabhalwa ngo-61 C.E. Uma kunjalo, kwakuyiminyaka engaba mihlanu kuphela ngaphambi kokuba iJerusalema likakwe amabutho akanisile kaCestius Gallus. Kungazelelwe, lawo mabutho ahoxa, okwanika amaKristu aphapheme ithuba lokubaleka. Ngemva kweminyaka emine, umuzi wabhujiswa amabutho amaRoma ayeholwa uJenene Titus.

Uyakhumbula?

• Kungani amanye amaKristu angamaHeberu ayekhukhuleka okholweni lweqiniso?

• Singahlala kanjani silalelisisile emihlanganweni yobuKristu?

• Yini eyosisiza ukuba sizuze esifundweni seBhayibheli somuntu siqu nasekuzindleni?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 11]

AmaKristu angamaHeberu kwakudingeka aqaphe ngokuphathelene nokubhujiswa kweJerusalema okwakuseduze

[Isithombe ekhasini 13]

Abazali bangasiza izingane zabo ukuba zizuze emihlanganweni yobuKristu