Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Osanta Bangempela Bangakusiza Kanjani?

Osanta Bangempela Bangakusiza Kanjani?

Osanta Bangempela Bangakusiza Kanjani?

EMIBHALWENI, igama lesiGreki kwezinye izinguqulo elihunyushwe ngokuthi “usanta” lingasho ukuthi “ongcwele.” Lalisebenza kobani leli gama? “Ebuningini, lapho lisetshenziselwa amakholwa, lisho wonke futhi alisetshenziselwa kuphela abantu abangcwele ngokukhethekile, noma labo okwathi sebefile babhekwa njengabanezenzo ezivelele zobungcwele.”

Ngakho-ke umphostoli uPawulu wabiza wonke amaKristu okuqala ngosanta bangempela, noma abangcwele. Ngokwesibonelo, ngekhulu lokuqala C.E. wabhala incwadi eya ‘ebandleni likaNkulunkulu eliseKorinte, nakubo bonke abangcwele abakuso sonke [isifunda saseRoma] e-Akhaya.’ (2 Korinte 1:1) Kamuva, uPawulu wabhalela “bonke abaseRoma njengabathandekayo bakaNkulunkulu, ababizelwe ukuba babe ngabangcwele.” (Roma 1:7) Kusobala ukuthi laba abangcwele babengakafi, futhi babengahlukanisiwe nawo wonke amanye amakholwa ngenxa yezimfanelo ezinhle ezivelele. Babizwa ngasiphi isisekelo ngokuthi osanta?

Bangcweliswa NguNkulunkulu

IZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi umuntu akenziwa abantu noma inhlangano ukuba abe usanta. ImiBhalo ithi: “[UNkulunkulu] wasisindisa futhi wasibiza ngokubiza okungcwele, kungengenxa yemisebenzi yethu, kodwa ngenxa yenjongo yakhe siqu nomusa ongafanelwe.” (2 Thimothewu 1:9) Ongcwele ungcweliswa ngenxa yokubizwa nguJehova, ngokomusa ongafanelwe kaNkulunkulu nangokuvumelana nenjongo yaKhe.

Abangcwele bebandla lobuKristu bangabahlanganyeli ‘esivumelwaneni esisha.’ Igazi likaJesu Kristu elachitheka lisenza sisebenze lesi sivumelwano futhi lingcwelisa abahlanganyela kuso. (Heberu 9:15; 10:29; 13:20, 24) Njengoba behlanziwe emehlweni kaNkulunkulu, ‘bawubupristi obungcwele, ukuze banikele imihlatshelo engokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu.’—1 Petru 2:5, 9.

Ukunxuswa Kosizo Nokukhulunyelwa Osanta

Zikholelwa ukuthi “osanta” banganika amakholwa amandla akhethekile, izigidi zibahlonipha ngokusebenzisa izinsalela zabo noma ngokunxusa ukuba babe abakhulumeli. Ingabe lena yimfundiso yeBhayibheli? ENtshumayelweni Yasentabeni, uJesu wafundisa abalandeli bakhe indlela yokuthandaza kuNkulunkulu, wathi: “Khona-ke, kumelwe nithandaze ngalendlela: ‘Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.’” (Mathewu 6:9) Imithandazo iqondiswa ngokufanele kuJehova uNkulunkulu kuphela.

Zizama ukusekela umqondo wokukhulunyelwa “osanta,” ezinye izazi zemfundiso yenkolo zicaphuna eyamaRoma 15:30, lapho sifunda khona: “Ngiyanikhuthaza, bafowethu, ngeNkosi yethu uJesu Kristu nangothando lomoya, ukuba nizikhandle kanye nami emithandazweni kuNkulunkulu ngenxa yami.” Ingabe uPawulu wayekhuthaza lawo makholwa ukuba athandaze kuye noma anxuse ngegama lakhe lapho ethandaza kuNkulunkulu? Cha. Nakuba imithandazo eyenzelwa osanta bangempela, noma abangcwele, ikhuthazwa eBhayibhelini, akukho lapho uNkulunkulu esitshela khona ukuba sithandaze kubo noma ngalaba abangcwele.—Filipi 1:1, 3, 4.

Nokho, uNkulunkulu ubeke uMkhulumeli emithandazweni yethu. UJesu Kristu wathi: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” Wathi futhi: “Noma yini eniyicelayo egameni lami, ngiyoyenza leyonto, ukuze uBaba akhazinyuliswe mayelana neNdodana. Uma nicela noma yini egameni lami, ngiyoyenza.” (Johane 14:6, 13, 14) Singaqiniseka ukuthi uJehova uzimisele ukulalela imithandazo eyenziwa egameni likaJesu. Likhuluma ngoJesu, iBhayibheli lithi: “Uyakwazi futhi ukusindisa ngokuphelele labo abasondela kuNkulunkulu ngaye, ngoba uyaphila ngaso sonke isikhathi ukuba abancengele [noma, abakhulumele].”—Heberu 7:25.

Uma uJesu ezimisele ukusikhulumela, kungani abakhulekeli beLobukholwa bevame ukunxusa “ngosanta” emithandazweni? Encwadini yaso ethi The Age of Faith, isazi-mlando uWill Durant siveza umsuka walo mkhuba. Nakuba ephawula ukuthi uNkulunkulu uMninimandla onke wayesatshwa futhi kubonakala kulula ukungena ngoJesu, uDurant uthi: “Umuntu wayengenakulokotha akhulume [noJesu] ngokuqondile ngemva kokuba ezishaye indiva ngokuphelele iziNtshumayelo zaKhe. Kwabonakala kuhlakaniphe kakhudlwana ukuqondisa umthandazo kusanta ogunyazwe ngokugcotshwa ukuba abe sezulwini, nokunxusa ukuba abe umkhulumeli kuKristu.” Ingabe kwakufanele ukuba abantu bakhathazeke ngalokhu?

IBhayibheli lisifundisa ukuthi ngoKristu singaba ‘nenkululeko yokukhuluma nokusondela ngokuqiniseka’ kuNkulunkulu ngomthandazo. (Efesu 3:11, 12) UNkulunkulu uMninimandla onke akakude kakhulu futhi akaqhelile esintwini ukuba ezwe imithandazo yethu. Umhubi uDavide wathandaza ngokuqiniseka: “Wena ozwayo imikhuleko, beza kuwe bonke abantu.” (IHubo 65:2) Kunokuba adlulisele amandla ngezinsalela “zosanta” asebashona, uJehova uthululela umoya wakhe kulabo abawucela ngokholo. UJesu wathi: “Ngakho-ke, uma nina, nakuba nibabi, nikwazi ukunika abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uBaba osezulwini uyonika umoya ongcwele kulabo abacela kuye!”—Luka 11:13.

Indima Yabangcwele

Abangcwele uPawulu ayebabhalela sebenamakhulu eminyaka bafa futhi ngesikhathi esifanele babeyothola “umqhele wokuphila,” ukuvuselwa ezulwini. (IsAmbulo 2:10) Abakhulekeli bakaJehova uNkulunkulu bayazi ukuthi ukuhlonipha labo santa bangempela akukho ngokomBhalo futhi akunakuvikela umuntu ekuguleni, ezinhlekeleleni zemvelo, ezinkingeni zomnotho, ekugugeni noma ekufeni. Ngakho, ungase ubuze, ‘Ingabe abangcwele bakaNkulunkulu bayasikhathalela ngempela? Kufanele yini silindele ukuba basenzele okuthile?’

Abangcwele kwakhulunywa kakhulu ngabo esiprofethweni esabhalwa nguDaniyeli. Ngekhulu lesithupha B.C.E., wabona umbono oshukumisayo, okugcwaliseka kwawo kwenabela osukwini lwethu. Kwaphuma izilo ezine ezesabekayo olwandle ezifanekisela ohulumeni babantu, abangakwazi ukwanelisa izidingo zangempela zesintu. UDaniyeli wabe eseprofetha: “Lezo zilo ezinkulu ezine zingamakhosi amane ayakuvela emhlabeni. Kepha abangcwele boPhezukonke bayakwamukeliswa umbuso, umbuso ube ngowabo kuze kube phakade, yebo, kuze kube phakade naphakade.”—Daniyeli 7:17, 18.

UPawulu waliqinisekisa leli “fa labangcwele,” lokuba yizindlalifa kanye noKristu emazulwini. (Efesu 1:18-21) Igazi likaJesu lavulela abangu-144 000 abangcwele ithuba lokuvuselwa enkazimulweni yasezulwini. Umphostoli uJohane wathi: “Uyajabula futhi ungcwele noma ubani onesabelo ovukweni lokuqala; ukufa kwesibili akunalo igunya phezu kwalaba, kodwa bayoba abapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, futhi bayobusa njengamakhosi kanye naye leyominyaka eyinkulungwane.” (IsAmbulo 20:4, 6; 14:1, 3) Embonweni, uJohane wezwa iqembu lezidalwa zasezulwini lihlabelela phambi kukaJesu okhazinyulisiwe: “Uyakufanelekela ukuthatha umqulu uvule izimpawu zawo, ngoba wena wahlatshwa futhi ngegazi lakho wathengela uNkulunkulu abantu abavela kuzo zonke izizwana nezilimi nabantu nezizwe, futhi wabenza ukuba babe umbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu, futhi bazobusa njengamakhosi phezu komhlaba.” (IsAmbulo 5:9, 10) Yeka indlela okuqinisekisa ngayo! UJehova uNkulunkulu uye wawakhetha mathupha ngokucophelela la madoda nabesifazane. Ngaphezu kwalokho, baye bakhonza ngokwethembeka emhlabeni, babhekana cishe nazo zonke izinkinga abantu ababhekana nazo. (1 Korinte 10:13) Ngakho-ke, singaqiniseka ukuthi laba abangcwele, noma osanta, abavusiwe bayoba ababusi abanesihe nabaqondayo, bacabangele ubuthakathaka nokulinganiselwa kwethu.

Izibusiso Ngaphansi Kokubusa KoMbuso

Maduze uhulumeni woMbuso uzothatha isinyathelo ususe bonke ububi nokuhlupheka emhlabeni. Ngaleso sikhathi, abantu bayosondela kuNkulunkulu kunanini ngaphambili. UJohane wabhala: “Ngemva kwalokho ngezwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi lithi: ‘Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nesintu, uyohlala naso, futhi siyoba abantu bakhe. Futhi uNkulunkulu ngokwakhe uyoba naso.’” Lokhu kuyolethela isintu izibusiso ezingenakulinganiswa, ngoba isiprofetho siqhubeka sithi: “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.

Yeka ukuthi kuyoba yisikhathi esijabulisa kanjani! Imiphumela yokubusa okuphelele kukaKristu Jesu nabangcwele abangu-144 000 iqhubeka ichazwe ngala mazwi akuMika 4:3, 4: “[UJehova] uyakwahlulela phakathi kwezizwe eziningi, anqume phakathi kwezizwe ezinamandla ezikude; ziyakukhanda izinkemba zazo zibe ngamakhuba, imikhonto yazo ibe ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe [zisafunda] ukulwa. Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile.”

Abangcwele bakhipha isimemo sokwamukela lezo zibusiso. Njengoba befanekiselwa umlobokazi, osanta beqiniso baqhubeka bethi: “Woza!” Lo mbhalo uqhubeka uthi: “Futhi noma ubani ozwayo makathi: ‘Woza!’ Futhi noma ubani owomile makeze; nanoma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila mahhala.” (IsAmbulo 22:17) Ahlanganisani “amanzi okuphila”? Phakathi kwezinye izinto, ulwazi olunembile lwezinjongo zikaNkulunkulu. Ethandaza kuNkulunkulu, uJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Lolu lwazi lutholakala ngokutadisha iBhayibheli njalo. Yeka indlela esingajabula ngayo ngokuthi ngeZwi likaNkulunkulu singaqonda ukuthi bangobani ngempela abangcwele, sithole nokuthi uNkulunkulu uyobasebenzisa kanjani ukuze kuzuze isintu phakade!

[Isithombe ekhasini 4]

UPawulu wabhalela osanta bangempela izincwadi eziphefumulelwe

[Isithombe ekhasini 4, 5]

Abaphostoli bakaJesu abathembekile baba osanta bangempela, noma abangcwele

[Isithombe ekhasini 6]

Singathandaza ngokuqiniseka kuNkulunkulu ngoJesu Kristu

[Isithombe ekhasini 7]

Osanta, noma abangcwele, abavusiwe bayoba ababusi bomhlaba abanesihawu