Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Uyangiyisa Ngasemanzini Okuphumula”

“Uyangiyisa Ngasemanzini Okuphumula”

“Uyangiyisa Ngasemanzini Okuphumula”

EMAZWENI ashisayo aseBhayibhelini, izimvu zidinga ukuphuziswa nsuku zonke. Ngakho-ke, ingxenye ebalulekile yomsebenzi kamalusi iwukutholela umhlambi wakhe amanzi. Ngezinye izikhathi abelusi bayiphuzisa emithonjeni imihlambi yabo, bathele amanzi emikhombeni ukuze izimvu ziphuze. (Genesise 29:1-3) Nokho, izindawo zangasemifudlaneni zaziba ‘yizindawo zokuphumula ezithola amanzi anele’ nezinokuthula.—IHubo 23:2NW.

Umalusi okahle kufanele azi ukuthi angawutholelaphi umhlambi wakhe amanzi namadlelo akahle. Ukuyazi kahle kwakhe indawo kuqinisekisa ukuthi izimvu zakhe ziyoqhubeka ziphila. UDavide, owalusa izimvu iminyaka eminingi emagqumeni aseJudiya, wafanisa ukuqondisa kukaNkulunkulu okungokomoya nokukamalusi oholela izimvu zakhe emadlelweni amahle nasemanzini anika ukuphila. UDavide wathi: “Uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.”—IHubo 23:1-3.

Ngemva kweminyaka, ngomprofethi wakhe uHezekeli, uJehova wasebenzisa umfanekiso ofuze lona. Wathembisa ukuqoqa abantu bakhe emazweni ababesakazekele kuwo, njengomalusi eqoqa izimvu zakhe. Wabaqinisekisa: “[Ngiyakuziyisa] ezweni lazo, ngizaluse ezintabeni zakwa-Israyeli, ngasemifuleni.”—Hezekeli 34:13.

UJehova uNkulunkulu ukukhathalela kakhulu nokunikeza amanzi angokomoya. Incwadi yesAmbulo ikhuluma ‘ngomfula wamanzi okuphila’ ogeleza usuka esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu. (IsAmbulo 22:1) Kumenywa wonke umuntu ukuba azophuza kulo mfula. “Noma ubani othandayo [angawathatha] amanzi okuphila mahhala.”—IsAmbulo 22:17.

La manzi okuphila angokomfanekiso amelela amalungiselelo kaNkulunkulu okuphila okuphakade. Noma ubani angaqala ukuphuza la manzi ‘ngokungenisa ulwazi ngowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso nangalowo amthuma, uJesu Kristu.’—Johane 17:3.