Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indondo Yokuncoma IHholo LoMbuso

Indondo Yokuncoma IHholo LoMbuso

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Indondo Yokuncoma IHholo LoMbuso

UMNYANGO Wezemvelo eFinland waqamba unyaka ka-2000 ngokuthi “UNyaka Wezingadi.” Omunye wabagqugquzeli wathi “injongo yokuba isiqubulo salo nyaka kube esezingadi iwukusikhumbuza sonke ngokubaluleka kohlaza ekuphileni kwethu kwansuku zonke nasenhlalakahleni yethu.”

Ngo-January 12, 2001, kwafika incwadi ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eFinland ivela kuyi-Finnish Association of Landscape Industries. Le ncwadi yayichaza ukuthi iHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova eTikkurila liklonyeliswe ngenye yezindondo zonyaka wokulungiswa kwezingadi ngenxa yokuklanywa ngendlela evelele kwamagceke alo nokunakekelwa kahle kwengadi yalo. Incwadi yanezela nokuthi “ukubukeka kwamagceke alo, kokubili ehlobo nasebusika, kuhlaba umxhwele, kuhle kakhulu, futhi kusezingeni eliphezulu.”

Indondo yanikezwa oFakazi BakaJehova eRosendahl Hotel eTampere, eFinland, emkhosini owawethanyelwe ochwepheshe nosomabhizinisi abangu-400. I-Finnish Association of Landscape Industries yaphinde yakhiphela abezindaba isihloko esasithi: “Ezingxenyeni ezahlukene zezwe, amaHholo OMbuso oFakazi BakaJehova, cishe wonke, aklanywe kahle. Ukunakekelwa kwamagceke kudonsa amehlo abantu abadlula ngendlela. IHholo LoMbuso eliseTikkurila liyisibonelo sengadi enhle kunazo zonke. Isakhiwo negceke eliyisithabathaba kunanelana kahle ngendlela ezothile nenokuvumelana.”

EFinland kunamaHholo OMbuso angu-233, amaningi azungezwe izingadi ezinhle. Kodwa okwenza lezi zindawo zibe zinhle ngempela ukuthi ziyizikhungo zokukhulekela kweqiniso nemfundo yeBhayibheli. KoFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi eziyisithupha emhlabeni wonke, iHholo LoMbuso—kungakhathaliseki ukuthi lihle kakhulu noma lisesilinganisweni—liyindawo ethandwayo. Yingakho bekulangazelela ukulinakekela ngenkuthalo nangothando. Iminyango yamaHholo OMbuso ivulekele wonke umuntu emphakathini wakini!