Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Induduzo Enikezwa Ulwazi Olunembile NgoNkulunkulu

Induduzo Enikezwa Ulwazi Olunembile NgoNkulunkulu

Induduzo Enikezwa Ulwazi Olunembile NgoNkulunkulu

LOKHO iBhayibheli elikushoyo ngothando nesihe sikaNkulunkulu kwenza abanye abantu bazibuze imibuzo ekhathazayo. Bazibuza ukuthi: Uma uNkulunkulu efuna ukubususa ububi, azi ukuthi angabususa kanjani, enawo namandla okubususa, pho kungani ububi busadlangile? Inkinga yabo iwukuvumelanisa lezi zinto ezintathu: (1) ukuthi uNkulunkulu unamandla onke; (2) uNkulunkulu unothando futhi muhle; nokuthi (3) izenzakalo ezimbi ziyaqhubeka zenzeka. Bathi njengoba lokhu kwesithathu kungenakungatshazwa ukuthi kuyiqiniso, kumelwe ukuba okungenani okukodwa kwalokhu okunye okubili akulona iqiniso. Kubo, kuphakathi kokuthi uNkulunkulu akakwazi ukuvimbela ububi noma akanandaba.

Ezinsukwini ezimbalwa ngemva kokucekelwa phansi kwe-World Trade Center eNew York, umholi wenkolo odumile e-United States wathi: “Sengibuzwe . . . kaningi ekuphileni kwami ukuthi kungani uNkulunkulu evumela izinhlekelele nokuhlupheka. Kumelwe ngivume ukuthi anginayo impendulo egcwele, enganelisayo kwamina.”

Enanela la mazwi, uprofesa othile wemfundiso yenkolo wabhala wathi yamhlaba umxhwele “imfundiso enengqondo” eshunyayelwa yilo mholi. Wasekela nombono wesazi esabhala sathi: “Ukungaqondakali kokuhlupheka kuhambisana nokungaqondakali kukaNkulunkulu.” Kodwa ingabe ngempela kuyinto engenakwenzeka ukuqonda ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ububi?

Umsuka Wobubi

Ngokungafani nalokho okungase kushiwo abaholi benkolo, iBhayibheli alikuvezi njengento engaqondakali ukuvumela kukaNkulunkulu ububi. Okubalulekile ukuze siqonde ukuthi kungani kunobubi ukuqaphela ukuthi uJehova akalidalanga izwe elibi. Umbhangqwana wokuqala ongabantu wawudala uphelele, ungenasono. UJehova wabheka indalo yakhe wayibona ‘iyinhle kakhulu.’ (Genesise 1:26, 31) Injongo yakhe kwakuwukuba u-Adamu no-Eva banwebe iPharadesi lase-Edene ligcwale umhlaba, baligcwalise ngabantu abajabulayo nabavikelwe ubukhosi bakhe bothando.—Isaya 45:18.

Ububi baqala lapho isidalwa somoya, okwathi yize sasithembekile kuNkulunkulu ekuqaleni, safisa ukukhulekelwa. (Jakobe 1:14, 15) Ukuvukela kwaso kwabonakala emhlabeni lapho sithonya umbhangqwana wokuqala ongabantu ukuba uzibandakanye naso ekuphikisaneni noNkulunkulu. Kunokuba balalele umyalo kaNkulunkulu ocacile wokuba bangasidli futhi bangasithinti isithelo somuthi wokwazi okuhle nokubi, u-Adamu no-Eva basithatha basidla. (Genesise 3:1-6) Ngokwenza kanjalo, abagcinanga ngokungalaleli uNkulunkulu kodwa babonisa nokuthi babefisa ukukhululeka, bangabuswa nguye.

Kwasuswa Impikiswano Yobulungisa

Lokhu kuvukela kwase-Edene kwasusa impikiswano yobulungisa, okuyinselele ethinta indawo yonke. Lezi zihlubuki ezingabantu zangabaza ukuthi uJehova wayezibusa ngendlela efanele izidalwa zakhe. Ingabe uMdali wayenalo ilungelo lokufuna ukuba isintu simlalele ngokuphelele? Kwakungeke yini kubahambele kangcono abantu uma bezenzela ukuthanda kwabo?

Lokhu kuphonselwa inselele kobukhosi bakhe, uJehova wakusingatha ngendlela ebonisa ukusebenzisa kwakhe uthando, ubulungisa, ukuhlakanipha namandla ngokulingana okuphelele. Wayengase asebenzise amandla akhe akuqede ngokushesha lokho kuvukela. Lokho kwakungase kubonakale kuwubulungisa, ngoba wayenelungelo lokukwenza. Kodwa ukwenza kanjalo kwakungeke kuzixazulule izimpikiswano zobulungisa ezaziphakeme. Ngakolunye uhlangothi, uNkulunkulu wayengamane asishalazele isono. Kwabanye namuhla, ukwenza kanjalo kungase kubonakale kuyisenzo sothando. Nokho, nalokhu kwakungeke kuyiphendule inselele kaSathane yokuthi kwakuyobahambela kangcono abantu uma bezibusa. Ngaphezu kwalokho, ukwenza kanjalo kwakungeke yini kukhuthaze nabanye ukuba bachezuke endleleni kaJehova? Umphumela wawuyoba ukuhlupheka okungapheli.

Ngokuhlakanipha, uJehova uye wavumela abantu ukuba benze abakuthandayo okwesikhathi esithile. Nakuba lokhu kuye kwasho ukuvumela ububi buqhubeke okwesikhashana, kuye kwanika abantu ithuba lokubonisa ukuthi bangazibusa yini ngokuphumelelayo ngaphandle kukaNkulunkulu, bephila ngezabo izindinganiso zokulungile nokungalungile. Uye waba yini umphumela? Umlando wesintu ubulokhu ugcwele izimpi, ukungabi nabulungisa, ukucindezelwa nokuhlupheka. Lapho ukuvukelwa kukaJehova ekugcineni kubhuntsha, kuyozixazulula unomphela izimpikiswano ezaphakama e-Edene.

Okwamanje, uNkulunkulu uye wabonisa uthando lwakhe ngokuthumela iNdodana yakhe, uJesu Kristu, eyanikela ngokuphila kwayo kobuntu njengomhlatshelo wesihlengo. Lokhu kwenza abantu abalalelayo bakwazi ukukhululeka esigwebweni sesono nokufa esabangelwa ukungalaleli kuka-Adamu. Isihlengo savulela bonke abanokholo kuJesu indlela eya ekuphileni okuphakade.—Johane 3:16.

UJehova usinika isiqinisekiso esiduduzayo sokuthi ukuhlupheka kwabantu kungokwesikhashana. Umhubi wabhala: “Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho. Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.”—IHubo 37:10, 11.

Ikusasa Elinokulondeka Nenjabulo

Ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli kubonisa ukuthi sesiseduze isikhathi sokuba uNkulunkulu aqede ukugula, ukudabuka nokufa. Phawula umbono omangalisayo wezinto ezizayo umphostoli uJohane anikwa wona. Wabhala: “Ngabona izulu elisha nomhlaba omusha; ngoba izulu langaphambili nomhlaba wangaphambili kwakudlulile, nolwandle alusekho. . . . Futhi uNkulunkulu ngokwakhe uyoba [nesintu]. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” Lapho kugcizelelwa ukuthembeka kwalezi zithembiso, uJohane watshelwa: “Loba, ngoba lamazwi akholekile futhi ayiqiniso.”—IsAmbulo 21:1-5.

Kuthiwani ngezigidigidi zabantu abangenacala abaye bafa kusukela kulokuya kuvukela kwase-Edene? UJehova wathembisa ukuthi uyobavusa baphinde baphile abantu asebalala. Umphostoli uPawulu wathi: “Nginethemba kuNkulunkulu . . . lokuthi luyoba khona uvuko kokubili olwabalungileyo nabangalungile.” (IzEnzo 24:15) Laba bayoba nethemba lokuphila ezweni ‘okuyohlala kulo ukulunga.’—2 Petru 3:13.

Njengoba nje ubaba onothando engavumela ingane yakhe ukuba ihlinzwe nakuba kubuhlungu uma azi ukuthi kuyoyizuzisa unomphela, noJehova uye wavumela abantu ukuba babhekane nobubi okwesikhashana emhlabeni. Nokho, bonke abafuna ukwenza intando kaNkulunkulu balindelwe yizibusiso zaphakade. UPawulu wachaza: “Indalo yabekwa ngaphansi kobuze, hhayi ngentando yayo siqu kodwa ngalowo owayibeka ngaphansi kwabo, ngesisekelo sethemba lokuthi indalo ngokwayo nayo iyokhululwa ekugqilazweni ukonakala futhi ibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.”—Roma 8:20, 21.

Lezi yizindaba ezinhle ngempela—hhayi lezi esizibona kuthelevishini noma esizifunda emaphephandabeni. Yizindaba ezinhle kunazo zonke ezivela ‘kuNkulunkulu wenduduzo yonke,’ osikhathalela ngempela.—2 Korinte 1:3.

[Izithombe ekhasini 6]

Isikhathi siye sabonisa ukuthi abantu abakwazi ukuzibusa ngokuphumelelayo ngaphandle kukaNkulunkulu

[Imithombo]

Somalian family: UN PHOTO 159849/M. GRANT; atom bomb: USAF photo; concentration camp: U.S. National Archives photo