Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Induduzo Ngezikhathi Ezibucayi

Induduzo Ngezikhathi Ezibucayi

Induduzo Ngezikhathi Ezibucayi

NAMUHLA izindaba aziduduzi neze. Umuntu othile wabhala: “Izinto ezenzeka namuhla zimbi kangangokuthi ngokuvamile asazi noma sizibuke yini izindaba zehora lesithupha noma cha.” Umhlaba ugcwele izimpi, izenzo zobuphekula, ukuhlupheka, ubugebengu nezifo—izinto ezingasehlela maduze, uma zingakasehleli.

IBhayibheli lasibikezela ngokunembile lesi simo. Lapho echaza isikhathi sethu, uJesu wathi kwakuyoba nezimpi ezinkulu, izifo eziwumshayabhuqe, ukuswelakala kokudla, nokuzamazama komhlaba. (Luka 21:10, 11) Umphostoli uPawulu naye wabhala ‘ngezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,’ lapho abantu babeyoba abanolaka, abathandi bemali nabangenalo uthando ngobuhle. Leyo nkathi wayibiza ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’—2 Thimothewu 3:1-5.

Ngakho, lapho zichaza izimo zezwe, izindaba zithi azifane nalokho okwabikezelwa yiBhayibheli. Kodwa ukufana kuphelela lapho. IBhayibheli linikeza umbono izindaba ezingawunikezi. NgeZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, asigcini ngokuqonda ukuthi kungani kunobubi obungaka kodwa futhi siqonda nokuthi ikusasa liyoba njani.

Indlela UNkulunkulu Abubheka Ngayo Ububi

IBhayibheli lichaza indlela uNkulunkulu abheka ngayo izimo ezicindezelayo zosuku lwethu. Nakuba azibona kusengaphambili izinkathazo zanamuhla, akavumelani nazo futhi akazimisele ukuzibekezelela unomphela. Umphostoli uJohane wabhala: “UNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) UJehova ubakhathalela ngokujulile abantu futhi uyabuzonda bonke ububi. Kuyafaneleka ukuba siphendukele kuNkulunkulu ukuze sithole induduzo, ngoba muhle, unesihawu namandla okususa ububi emhlabeni futhi uyafuna ukubususa. Umhubi wabhala: “[INkosi yasezulwini emiswe uNkulunkulu] iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu. Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo.”—IHubo 72:12-14.

Ingabe uyabahawukela abahluphekayo? Cishe kunjalo. Uzwela yimfanelo uJehova ayifaka kithi, ngoba sadalwa ngomfanekiso wakhe. (Genesise 1:26, 27) Ngakho singaqiniseka ukuthi uJehova kuyamthinta ukuhlupheka kwabantu. UJesu, owayemazi ngokuseduze uJehova ngaphezu kwanoma ubani omunye, wafundisa ukuthi uJehova unesithakazelo esijulile kithi futhi unesihawu esikhulu.—Mathewu 10:29, 31.

Indalo ngokwayo iyakufakazela ukuthi uNkulunkulu uyasikhathalela isintu. UJesu wathi uNkulunkulu ‘wenza ilanga lakhe liphume phezu kwabantu ababi nabahle futhi wenza line phezu kwabantu abalungileyo nabangalungile.’ (Mathewu 5:45) Umphostoli uPawulu wathi kubantu basemzini waseListra: ‘[UNkulunkulu] akazishiyanga engenabufakazi ngoba wenza okuhle, eninika izimvula ezivela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, egcwalisa kakhulu izinhliziyo zenu ngokudla nangokwenama okukhulu.’—IzEnzo 14:17.

Ubani Obangela Izimo Ezibucayi?

Kuyaphawuleka ukuthi uPawulu wathi futhi kubantu baseListra: “Ezizukulwaneni ezidlule [uNkulunkulu] wavumela zonke izizwe ukuba ziqhubeke zihamba ezindleleni zazo.” Ngakho, yizizwe—noma abantu ngokwabo—ngokuyinhloko ezibangela ingxenye enkulu yotaku ezikulo. Akuyena uNkulunkulu olubangelayo.—IzEnzo 14:16.

Kungani uJehova evumela ukuba izinto ezimbi zenzeke? Ingabe kukhona ayoke akwenze ngazo? Impendulo yale mibuzo itholakala eZwini likaNkulunkulu kuphela. Lokhu kungenxa yokuthi impendulo ihlobene kakhulu nomunye umuntu womoya nanempikiswano ayiphakamisa endaweni engabonakali yomoya.

[Izithombe ekhasini 4]

Abantu banozwela. Ingabe-ke uNkulunkulu yena akanandaba nokuhlupheka kwabantu?

[Imithombo Yezithombe ekhasini 2]

COVER: Tank: UN PHOTO 158181/J. Isaac; earthquake: San Hong R-C Picture Company

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

Upper left, Croatia: UN PHOTO 159208/S. Whitehouse; starving child: UN PHOTO 146150 BY O. MONSEN