Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Intsha Ethanda Iqiniso

Intsha Ethanda Iqiniso

Intsha Ethanda Iqiniso

EZINKULUNGWANENI zeminyaka edlule umhubi ongumHeberu wabuza: “Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na?” (IHubo 119:9) Lo mbuzo usafaneleka nanamuhla ngoba intsha ibhekene nezinkinga eziningi ezweni. Ukuya ocansini nabantu abahlukahlukene kuye kwachaya intsha eningi engculazeni; abangaba yingxenye yabantu abangenwa yilesi sifo esesabekayo baphakathi kweminyaka engu-15 nengu-24 ubudala. Ukusebenzisa kabi izidakamizwa nakho kudala izinkinga eziningi, kubangela enye intsha ukuba ife ngaphambi kwesikhathi. Umculo ohlambalazayo; amafilimu anobudlova nokuziphatha okubi, izinhlelo ze-TV nama-video; nezithombe zobulili kuyi-Internet kunethonya elonakalisayo kwabasha. Kungakho abazali abaningi nentsha ubakhathaza kangaka namuhla lo mbuzo owabuzwa umhubi.

Yena lo mhubi wawuphendula kanje umbuzo wakhe: “Ngokuqaphela okwezwi lakho.” Ngokuqinisekile, iZwi likaNkulunkulu iBhayibheli liqukethe isiqondiso esihle kubantu abasha, futhi ngokusilandela intsha eningi iyaphumelela ekuphileni. (IHubo 119:105) Ake sihlole ezinye zezibonelo zentsha ethanda uNkulunkulu nelwela ukuhlala iqinile ngokomoya ezweni elifuna injabulo nelithanda izinto ezibonakalayo.

Iyasazisa Isiqondiso Sabazali

UJacob Emmanuel wayeyisikhonzi sesikhathi esigcwele esiyiphayona iminyaka ethile ngaphambi kokukhonza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eMexico. Uyikhumbula ngokwazisa indlela olwakheka ngayo uthando lwakhe lokukhonza uNkulunkulu: “Abazali bami yibo abangithonya kakhulu, nakuba bangisiza kakhulu nabanye abafowethu abavuthiwe abangokomoya engiye ngakha ubungane nabo. Bangenza ngawuthanda umsebenzi wokushumayela. Ngesineke bangifaka emzileni ofanele; angizange ngizwe sengathi bayangicindezela.”

UDavid, oseneminyaka eminingana esenkonzweni yesikhathi esigcwele, ukhumbula indlela okwamhlaba umxhwele ngayo ukuthi abazali bakhe baqala ukuba amaphayona akhethekile lapho yena nomfowabo besebancane. Lapho uyise eshona, umama wabo waqhubeka eyiphayona elikhethekile. Wabanakekela ebe eshumayela izindaba ezinhle. “Abazange bangiphoqelele ukuba ngibe yiphayona,” kusho uDavid, “kodwa sasikujabulela sonke ukuphayona njengomkhaya kangangokuthi lobo budlelwane naleso simo kwangishukumisela ukuba ngenze okufanayo.” Mayelana nokubaluleka kwesiqondiso esihle nokunaka kwabazali, uDavid uthi: “Njalo ebusuku, umama wayesifundela izindaba ezisencwadini ethi Ukusuka EPharadesi Elilahlekile Ukuya EPharadesi Elizuziwe. * Indlela ayezixoxa ngayo yenza sakuthanda ukuzondla ngokudla okungokomoya.”

Ukwazisa Imihlangano

Enye intsha ikuthola kunzima ukwazisa imihlangano yobuKristu. Iyaya nje ngoba isuke ihamba nabazali bayo. Nokho, uma iqhubeka iya, ngokuhamba kwesikhathi ingase iyithande imihlangano. Cabanga ngo-Alfredo, owaqala inkonzo yesikhathi esigcwele eneminyaka engu-11 ubudala. Uyavuma ukuthi eseneminyaka emihlanu wayezama ukukugwema ukuya emihlanganweni ngoba yayimozelisa kodwa abazali bakhe babengamvumeli ukuba alale imihlangano iqhubeka. Uyakhumbula: “Njengoba ngangikhula, kancane kancane ngaba nesithakazelo ngokwengeziwe emihlanganweni, ikakhulukazi lapho sengikwazi ukufunda nokubhala ngoba ngase ngiphendula ngamazwi ami.”

UCintia, intombazane eneminyaka engu-17 ubudala eyiphayona elivamile, ulandisa ngendima enkulu abangane abahle ababa nayo ekwakheni kwakhe uthando lokukhonza uNkulunkulu. Uthi: “Ubuhlobo obuhle nabafowethu nokuba khona njalo emihlanganweni kuye kwasivala isikhala sabangane bami bezwe nezinto ezithandwa kakhulu yintsha, njengokuya ema-disco. Ukulalela izimpendulo nokuhlangenwe nakho emihlanganweni kwangenza ngafisa ukunikeza uJehova konke enginakho, futhi nginomuzwa wokuthi okungcono kakhulu enginakho ubusha bami. Ngakho nganquma ukubusebenzisa ekumkhonzeni.”

Nokho uyavuma: “Ngaphambi kokuba ngibhapathizwe, kukhona isikhathi lapho ngangikuthola kulula nje ukuphutha emihlanganweni, ngenze izaba ngomsebenzi wesikole. Miningana imihlangano eyangiphuthela, futhi lokhu kwaqala ukungithinta ngokomoya. Ngaqala ukujwayelana nomfana owayengalitadishi iBhayibheli. Ngosizo lukaJehova, ngazilungisa izinto kungakonakali.”

Isinqumo Somuntu Siqu

Lapho uPablo, omunye osemusha okhonza uJehova isikhathi esigcwele, ebuzwa ukuthi yini acabanga ukuthi iyisihluthulelo sokwakha uthando ngeqiniso leZwi likaNkulunkulu, uthi: “Ngicabanga ukuthi yizinto ezimbili: yisifundo somuntu siqu esenziwa njalo nentshiseko ngomsebenzi wokushumayela. Ngiyababonga abazali bami ngokungifundisa iqiniso ngoJehova, futhi nginomuzwa wokuthi liyinto engcono kunazo zonke ababenganginika zona. Nokho, kudingeka ngizikholise ngokwami ukuthi kungani ngimthanda uJehova. Lokho kudinga ukuba ngazi ‘ukuphakama nokujula’ kweqiniso leBhayibheli. Yile ndlela kuphela esenza sizizwe sililangazelela iZwi likaJehova, elokhela ‘umlilo oshisayo’ ngaphakathi kithi usenze sikhulume kwabanye ngalo. Leyo ntshiseko ngomsebenzi wokushumayela iyokugcina kuphila ukwazisa kwethu iqiniso.”—Efesu 3:18; Jeremiya 20:9.

UJacob Emmanuel, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, ukhumbula nokubaluleka kokuzikhethela ukukhonza uJehova. Uthi abazali bakhe abazange bamcindezele ukuba abhapathizwe. “Ngikholwa ukuthi benza kahle ngoba ngiyayibona imiphumela emihle. Ngokwesibonelo, enye intsha engangijwayelene kakhulu nayo yanquma ukubhapathizwa kanyekanye. Nakuba lokho kwakukuhle, ngangibona ukuthi abanye babekwenza ngokuthatheka, futhi kwathi kungakabiphi, ukushisekela kwabo imisebenzi yoMbuso kwaphela. Mina abazali bami abazange bangicindezele ukuba ngenze isinqumo sokuzinikezela kuJehova. Kwaba yisinqumo sami siqu.”

Indima Yebandla

Enye intsha iye yazifundela iqiniso leZwi likaNkulunkulu ngokwayo, ngaphandle kosizo lwabazali bayo. Kuyinselele ngempela ukufunda ukwenza okulungile futhi uphikelele kukho ngaphansi kwezimo ezinjalo.

UNoé ukhumbula indlela iqiniso elamsiza ngayo. Kusukela esemncane kakhulu wayeyisififane futhi enobudlova. Lapho eqala ukutadisha iBhayibheli eneminyaka engu-14 ubudala, ubuntu bakhe baqala ukuba ngcono, into abayijabulela kakhulu abazali bakhe ababengenaso isithakazelo eBhayibhelini ngaleso sikhathi. Njengoba uNoé ayethuthuka ngokomoya, wafuna ukusebenzisa ukuphila kwakhe ngokugcwele ekukhonzeni uNkulunkulu. Manje usenkonzweni yesikhathi esigcwele.

Ngokufanayo, u-Alejandro waqala ukuba nesithakazelo eqinisweni lobuKristu esemncane kakhulu, nakuba abazali bakhe babengenaso. Ezwakalisa ukwazisa kwakhe ngeqiniso, uthi: “Ngakhulela emkhayeni wamaKatolika. Kodwa kwakhula ukuthambekela kwami enkolelweni yobuKhomanisi yokuthi uNkulunkulu akekho, njengoba isonto lalingayiphenduli imibuzo eyayingiphazamise kusukela ngisemncane. Inhlangano kaJehova yangisiza ukuba ngithole ulwazi ngoNkulunkulu. Yakusindisa ngokoqobo ukuphila kwami ngoba ukube angizange ngilitadishe iBhayibheli, mhlawumbe ngangiyohileleka ekuziphatheni okubi, ekusebenziseni kabi utshwala noma izidakamizwa. Ngangingase ngibe ngisho nayilungu leqembu elivukelayo, ngivune imiphumela ebuhlungu.”

Kungenzeka kanjani ukuba osemusha aphikelele ekufuneni iqiniso futhi abambelele kulo engasekelwa abazali bakhe? Ngokusobala abadala nabanye ebandleni bafeza indima ebaluleke kakhulu. UNoé uyakhumbula: “Angikaze ngizizwe ngisele dengwane, ngoba uJehova ubelokhu eseduze kakhulu nami. Futhi, ngiye ngasekelwa abafowethu nodadewethu abaningi abanothando asebephenduke obaba, omama nabafowethu abangokomoya.” Manje ukhonza eBethel futhi usebenzisa isikhathi sakhe ekukhonzeni uNkulunkulu. No-Alejandro uthi: “Into engiyohlala ngiyibonga njalo ukuthi ngabusiswa ngokuba sebandleni elinendikimba yabadala ababonisa isithakazelo sothando kimi njengomuntu. Ngibonga ngokukhethekile ngoba lapho ngiqala ukutadisha iBhayibheli, ngineminyaka engu-16 ubudala, ngahlaselwa yilokho kungahlaliseki okuvame kubantu abasha. Imikhaya eyayisebandleni ayizange ingilahle. Njalo kwakukhona owayengamukela ngezandla ezimhlophe kwakhe, angiphe okuya ethunjini futhi angibonise nothando.” Manje u-Alejandro useneminyaka engaphezu kuka-13 esenkonzweni yesikhathi esigcwele.

Abanye abantu bacabanga ukuthi inkolo yinto yabantu abadala kuphela. Nokho, intsha eningi ifundé iqiniso leBhayibheli isencane kakhulu futhi iye yamthanda uJehova futhi isathembekile kuye. Amazwi kaDavide akumaHubo 110:3 angasebenza kule ntsha: “Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho; ebuhleni bobungcwele abasha bakho bavela njengamazolo esizalweni sokusa.”

Kuyinselele ngabantu abasha ukufunda iqiniso futhi banamathele kulo. Akuve kujabulisa ukubona ukuthi abaningi bahlala beseduze nenhlangano kaJehova, babe khona njalo emihlanganweni, futhi batadishe iBhayibheli ngenkuthalo. Ngokwenza kanjalo, baye bakwazi ukuhlakulela uthando lwangempela ngeZwi likaNkulunkulu nenkonzo yakhe!—IHubo 119:15, 16.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 6 Eyakhishwa oFakazi BakaJehova ngo-1958, manje engasanyatheliswa.