Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Kungaba ukuxubanisa izinkolo yini ukuthenga isakhiwo kwenye inkolo bese siguqulwa sibe iHholo LoMbuso?

Ngokuvamile, oFakazi BakaJehova bayakugwema ukusebenzelana okunjalo nezinye izinkolo. Noma kunjalo, ukuthengiselana okunjalo kungase kungabi isenzo sokuxubanisa izinkolo. Kungase kubhekwe njengokumane kuyisivumelwano sebhizinisi sangaleso sikhathi. Akukhona ukuthi lelo bandla loFakazi BakaJehova libambisana nenye inkolo ekwakheni indawo yokukhulekela ezosetshenziswa yilo naleyo nkolo.

Yisiphi isenzo uJehova asibheka njengokuxubanisa izinkolo? Cabanga ngesiqondiso somphostoli uPawulu: “Ningaboshelwa ngokungalingani ejokeni nabangewona amakholwa. Ngoba kunabudlelwane buni ukulunga nokungabi namthetho? Noma ukukhanya kunasabelo sini nobumnyama? Ngaphezu kwalokho, ikuphi ukuvumelana okukhona phakathi kukaKristu noBeliyali? Noma unasabelo sini umuntu okholekile nongelona ikholwa? Futhi linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe? . . . ’Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nizihlukanise,’ kusho uJehova, ‘futhi niyeke ukuthinta into engahlanzekile’; ‘ngizonamukela.’” (2 Korinte 6:14-17) Wayesho ukuthini uPawulu ngamagama athi ‘ubudlelwane’ nelithi ‘isabelo’?

Kusobala ukuthi ubudlelwane uPawulu ayekhuluma ngabo buhilela ukukhulekela nokwenza izinto ezingokomoya nabakhonzi bezithombe nabangakholwa. Waxwayisa abaseKorinte ‘ngokudla etafuleni lamademoni.’ (1 Korinte 10:20, 21) Ngakho, ukuxubanisa izinkolo kuwukuhlanganyela ekukhulekeleni noma ukuba nobudlelwane obungokomoya nezinye izinhlangano zenkolo. (Eksodusi 20:5; 23:13; 34:12) Lapho kuthengwa isakhiwo ebesisetshenziswa enye inkolo, lokho kwenzelwa nje ukuthola isakhiwo esiyisisekelo esidingekayo ukuze kube neHholo LoMbuso. Ngaphambi kokuba sisetshenziswe njengeHholo LoMbuso, kususwa noma yini esele yokukhulekela kwamanga. Uma sesilungiswe kanjalo, sinikezelwa kuJehova ukuze sisetshenziselwe kuphela ukukhulekela yena. Akubi nakwabelana noma ukudlelana phakathi kokukhulekela kweqiniso nokwamanga.

Lapho kudingidwa imininingwane yalokho kuthengiselana, ukuxhumana kufanele kugcine ebhizinisini kuphela, kungandi ngokungadingekile. Kuhle amalungu ebandla lobuKristu akhumbule isixwayiso sikaPawulu sokuba ‘angaboshelwa ngokungalingani ejokeni nabangewona amakholwa.’ Nakuba singababukeli phansi abantu bezinye izinkolo, siyakugwema ukuzihlanganisa nabo noma ukukhangwa ukukhulekela kwabo. *

Kuthiwani ngokuba ibandla liqashe isakhiwo senkolo ethile? Ngokuvamile, ukuqasha kubangela ukuba kuxhunyanwe njalo, okuyinto okufanele igwenywe. Ngisho nalapho isiqashela isenzakalo esisodwa kuphela isakhiwo esinjalo, indikimba yabadala kufanele icabange ngalokhu: Ingabe kuzoba khona izithombe nemifanekiso yenkolo ngaphakathi noma ngaphandle? Umphakathi uzokubheka kanjani ukusebenzisa kwethu leso sakhiwo? Ukhona yini ebandleni ongase akhutshwe ukusebenzisa kwethu lesi sakhiwo? (Mathewu 18:6; 1 Korinte 8:7-13) Abadala bahlaziya lezi zici bese benquma ngokuvumelana nalokhu. Lapho benquma ukuthi basithenge yini isakhiwo esinjalo bese besiguqula sibe iHholo LoMbuso, kumelwe futhi bacabangele unembeza wabo nowebandla lilonke.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 6 Bheka INqabayokulinda ka-April 15, 1999, amakhasi 28 no-29, ukuze uthole ukwaziswa mayelana nokufaneleka kokwenza ibhizinisi nezinhlangano ezingamukeleki kuJehova.

[Isithombe ekhasini 27]

Lesi sakhiwo, esasiyisinagoge, sathengwa salungiswa saba iHholo LoMbuso