Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isikhathi Sokujabula Emazweni AseBalkan

Isikhathi Sokujabula Emazweni AseBalkan

Isikhathi Sokujabula Emazweni AseBalkan

Kwakungu-1922. E-Innsbruck, e-Austria, kwakunomhlangano wabaFundi BeBhayibheli Abaqotho, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngaleso sikhathi. Ezilalelini kwakukhona uFranz Brand, insizwa yase-Apatin, eVojvodina, eSerbia. Sathi nje isikhulumi singaphatha igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, isixuku sasusa umsindo wendelelo, okwenza kwaba nzima ukuba isikhulumi siqhubeke, umhlangano wavalwa. Nokho, lokho uFranz akuzwa kwagxila kakhulu kuye, wayeseqala ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso. Lesi kwakuyisiqalo esiphansi sokwanda okuthakazelisayo okungokomoya kwelinye lamazwe aseBalkan.

ABANTU abaningi namuhla, igama elithi Yugoslavia libenza bacabange ngempi nokuchitheka kwegazi. Engqondweni kufika izithombe ezesabisayo zokucekwa kwabantu okunyantisayo, ababaleki abangenathemba, amakhaya acekelwe phansi nezintandane ezilusizi. Awekho amazwi angachaza ubuhlungu obedlulele nosizi olwabangelwa impi eyanikiza iNhlonhlo Yamazwe AseBalkan kusukela ngo-1991 kuya ku-1995, yashabalalisa wonke amathemba okuthi umuntu uyoke akwazi ukuzakhela ikusasa elichumile nelingenazinkathazo. Ngenxa yaleyo mpi, abantu basendaweni eyayiyiYugoslavia bacindezelwe ubunzima bezomnotho nobubha. *

Ekuhluphekeni okunjalo, umuntu ngeke alindele ukuthola abantu abajabulayo kule ngxenye yomhlaba. Nokho, bakhona abantu abanjalo, nakuba kungase kumangaze. Eqinisweni, bajabula ngokukhethekile ngolunye usuku ngasekupheleni kwekhulu leminyaka lama-20. UFranz Brand, insizwa esikhulume ngayo ekuqaleni, uhlangene ngani nakho konke lokhu?

Ukwanda Okungokomoya Emazweni AseBalkan

Amaqiniso uFranz Brand ayesanda kuwezwa amjabulisa, wayesebona ukuthi kumelwe azishumayele lezi zindaba ezinhle. Wathola umsebenzi wokuba umgundi wezinwele eMaribor, idolobha eliseSlovenia ngasemngceleni wase-Austria, waqala ukushumayeza amakhasimende akhe, ayevame ukuhlala athule alalele njengoba egundwa. Ngenxa yaleyo mizamo yakhe, kwaba khona iqembu elincane labamemezeli boMbuso eMaribor ngasekupheleni kwawo-1920. Kwakunikezwa izinkulumo zeBhayibheli esitolo sokudlela, kamuva esabizwa ngokufanele ngokuthi iNovi svet (New World) Seafood Restaurant.

Ngokuhamba kwesikhathi, izindaba ezinhle zasakazeka kulo lonke lelo zwe. Ukusetshenziswa kwe-“Photo-Drama of Creation” (umbukiso webhayisikobho, ama-slide namazwi nomculo oqoshiwe, owawuthatha amahora angu-8) kwasiza kakhulu kulokhu kwanda. Kwathi ngawo-1930 lapho oFakazi BakaJehova beshushiswa kanzima eJalimane, amanani abamemezeli boMbuso eYugoslavia andiswa amaphayona aseJalimane ayebaleke ezweni lawo. Edela ukunethezeka komuntu siqu, afinyelela nasezindaweni eziqhelile zaleli zwe lezintaba eshumayela. Ekuqaleni kwabonakala sengathi bambalwa abasabelayo esigijimini sabo. Ekuqaleni kwawo-1940, bangu-150 kuphela abamemezeli ababika inkonzo yasensimini.

Ngo-1941, kwaqubuka ushushiso olunzima, olwaqhubeka kwaze kwaba u-1952. Kwajabulisa kakhulu lapho ekugcineni ngo-September 9, 1953, oFakazi BakaJehova bebhaliswa ngokomthetho, ngesikhathi kubusa uhulumeni wobuKhomanisi kaJenene Tito! Ngalowo nyaka, kwakunabamemezeli bezindaba ezinhle abangu-914, futhi leli nani kancane kancane lakhula. Ngo-1991, inani labamemezeli lase lifinyelele ku-7 420, kwaba nabangu-16 072 eSikhumbuzweni ngalowo nyaka.

Kusukela ngomhla ka-16 kuya ku-18, August 1991, kwaba khona umhlangano wokuqala wezizwe woFakazi BakaJehova kuleli zwe eZagreb, eCroatia. Kwaba nabangu-14 684 ababevela kuleli zwe nakwamanye. Lo mhlangano ongalibaleki walungiselela abantu bakaJehova ukuvivinywa okwakuseza. Phakathi kwezimoto zokugcina ukudlula esangweni lasemngceleni ophakathi kweCroatia neSerbia kwakungamabhasi ayegodusa izihambeli zomhlangano zaseSerbia. Lathi lingadlula nje ibhasi lokugcina, avalwa amasango yaqala impi.

Abantu BakaJehova Banezizathu Zokujabula

Iminyaka yempi yaba isikhathi sokuvivinywa okunzima koFakazi BakaJehova emazweni aseBalkan. Noma kunjalo, banesizathu sokujabula ngoba uJehova ubabusise ngokwanda okukhulu abantu bakhe lapho. Kusukela ngo-1991, inani labamemezeli boMbuso endaweni eyayiyiYugoslavia liye landa ngamaphesenti angaphezu kuka-80. Ngonyaka wenkonzo ka-2001 kwaba nenani eliphakeme labangu-13 472.

Amahhovisi aseZagreb naseBelgrade (eSerbia) ayenakekela umsebenzi woFakazi BakaJehova kuyo yonke indawo eyayiyiYugoslavia. Njengoba kwakunokwanda nezinguquko kwezombusazwe, kwadingeka kuvulwe amahhovisi amasha eLjubljana (eSlovenia), naseSkopje (eMacedonia), ngaphezu kwamahhovisi amasha atholwa eBelgrade naseZagreb. Kula mahhovisi kunamalungu acishe abe ngu-140 akhonza khona. Iningi lawo abantu abasha abagcwele intshiseko nothando ngoJehova. Abaningi babo benza umsebenzi wokuhumushela izinsiza-kufunda iBhayibheli olimini lwesiCroatia, isiMacedonia, isiSerbia nesiSlovenia. Akuve kuyisibusiso ukuthi abaningi bomagazini nezincwadi zoFakazi BakaJehova zalezi zilimi zinyatheliswa ngesikhathi esisodwa nezesiNgisi! Lezi zincwadi zisiza abantu abaningi ukuba bathole induduzo nethemba.

Esinye isizathu sokujabula ukusekela okungenabugovu kwezikhonzi zesikhathi esigcwele eziningana zakwamanye amazwe. Eminyakeni yamuva nje, kuye kwakhiwa amaHholo OMbuso amaningi amahle, okuye kwandisa injabulo yamabandla. Noma kunjalo, kwakusenokunye futhi okwakuzoletha injabulo. Kwakungaba yini lokho?

Umsebenzi Ongavamile

Abamemezeli abaningi babevame ukuzibuza, ‘Kazi siyoke sibe nayo yini INguqulo Yezwe Elisha ngolimi lwethu?’ Minyaka yonke babethemba ukuthi bazozwa isimemezelo sokukhululwa kwayo emhlanganweni wesigodi. Nokho, umsebenzi omkhulu kangako wawungenziwa kanjani, uma kucatshangelwa ukuthi amaqembu ahumushela kulezi zilimi ayakhiwe eminyakeni embalwa nje edlule futhi abahumushi babembalwa?

Ngemva kokuhlola izimo, iNdikimba Ebusayo yagunyaza ukuba amaqembu abahumushi besiCroatia, isiMacedonia, nesiSerbia abambisane kulo msebenzi futhi asebenzelane eduze, okwakuyokwenza iqembu ngalinye lizuze emsebenzini welinye. Iqembu lesiCroatia yilo elalizohola.

Usuku Lwenjabulo

OFakazi BakaJehova emazweni aseBalkan abasoze balukhohlwa usuku lwango-July 23, 1999. Uchungechunge lweMihlangano Yesigodi ‘Yezwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho’ lwaluzoqhutshwa kanyekanye eBelgrade, eSarajevo (eBosnia-Herzegovina), eSkopje, naseZagreb. Kwake kwangaqinisekwa ukuthi ungaqhutshwa yini umhlangano eBelgrade ngoba ngesikhathi i-NATO ihlasela ngamabhomu, imihlangano yeningi yayingavunyelwe. Yeka ukuthi abazalwane bajabula kanjani ngokuthi babezokwazi ukuhlangana ndawonye ngemva kwezinyanga eziningi zokungaqiniseki! Kodwa kwenzeka okungaphezu kwababekulindele.

NgoLwesihlanu ntambama kwenziwa isimemezelo esikhethekile kuyo yomine imihlangano. Izihambeli ezingu-13 497 zathula zathi cwaka zilindele okwakuzoshiwo. Lapho isikhulumi ekugcineni sikhulula INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiCroatia nangesiSerbia futhi sitshela izilaleli ukuthi neyesiMacedonia iza kahle, izihambeli azibange zisakwazi ukuzibamba. Isikhulumi asikwazanga ukuqeda isaziso ngenxa yehlombe elalivala izindlebe. Emhlanganweni waseSarajevo, izilaleli zathula zathi swayi, njengoba zazingayilindele nhlobo. Ngemva kwalokho kwaduma ihlombe elide. Izinyembezi zenjabulo zazigeleza kwabaningi eBelgrade, futhi isikhulumi sasilokhu siphazanyiswa yihlombe singakaqedi ukwenza isaziso. Kwakujatshulwe kufiwe!

Okwenza lesi sipho saba igugu nakakhulu ukuthi oFakazi BakaJehova babethole amalungelo okunyathelisa iBhayibheli lesiCroatia nelesiSerbia. Ngakho, INguqulo Yezwe Elisha YamaKristu YesiGreki yolimi ngalunye kulezi yahlanganiswa nemiBhalo yesiHeberu yalolo limi kwaba umqulu owodwa. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lesiSerbia lanyatheliswa ngazo zombili izinhlamvu zesiRoma nezesiCyrillic.

Bebonga ngazo zonke lezi zibusiso nesiqondiso abasitholile, abantu bakaJehova emazweni aseBalkan bayavumelana ngempela namazwi kaDavide athi: “Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena [Jehova] unami.” Naphezu kwabo bonke ubunzima abaqhubeka bebhekana nabo, bazimisele ukwenza ‘injabulo kaJehova ibe inqaba yabo.’—IHubo 23:4; Nehemiya 8:10.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 3 Indawo eyayiyiYugoslavia yayinamazwe ayisithupha—iBosnia-Herzegovina, iCroatia, iMacedonia, iMontenegro, iSerbia, neSlovenia.

[Isithombe ekhasini 20]

Iqembu lokuqala labamemezeli abavela eMaribor, eSlovenia, lishumayela emasimini akude