Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukukhulisa Izingane Kwelinye Izwe—Izinselele Nemivuzo

Ukukhulisa Izingane Kwelinye Izwe—Izinselele Nemivuzo

Ukukhulisa Izingane Kwelinye Izwe—Izinselele Nemivuzo

IZIGIDI zabantu zithuthela kwelinye izwe zinethemba lokuyoqala ukuphila okusha. EYurophu manje kunabantu abangaphezu kwezigidi ezingu-20 abavela kwamanye amazwe, e-United States kunabangaphezu kwezigidi ezingu-26 abazalelwa kwamanye amazwe, kanti e-Australia amaphesenti angaphezu kwangu-21 abantu bakhona azalelwa kwamanye amazwe. Ngokuvamile le mikhaya eyizifiki kudingeka ishikashikeke ifunda ulimi olusha futhi kumelwe ijwayele izinkambiso ezintsha.

Ngokuvamile izingane ziyashesha ukufunda ulimi lwalapho kuthuthelwe khona futhi ziqale ukucabanga ngalo. Kubazali bazo kungase kuthathe isikhathi eside. Njengoba izingane zikhulela kuleli zwe abazali abangalijwayele, ukungatholani ngolimi kungakha igebe ekukhulumisaneni, lingavaleki kalula.

Akukhona nje kuphela ukuthi ulimi olusha luthinta indlela izingane ezicabanga ngayo kodwa futhi izinkambiso zakulelo zwe zingase zithonye indlela ezizizwa ngayo. Abazali bangase bakuthole kunzima ukuqonda indlela izingane zabo ezisabela ngayo. Ngakho, abazali abayizifiki abazama ukukhulisa izingane zabo “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova” babhekene nezinselele ezingavamile.—Efesu 6:4.

Inselele Yokufinyelela Kokubili Ingqondo Nenhliziyo

Abazali abangamaKristu banesifiso nomthwalo wemfanelo wokufundisa izingane zabo ‘ulimi oluhlanzekile’ lweqiniso leBhayibheli. (Zefaniya 3:9, NW) Kodwa, uma izingane zinolwazi olulinganiselwe lolimi lwabazali bazo futhi uma abazali bengakwazi ukukuveza kahle abakushoyo ngolimi izingane zabo esezilujwayele, bangakwazi kanjani ukugxilisa umthetho kaJehova ezinhliziyweni zezingane zabo? (Duteronomi 6:7) Izingane zingase ziwaqonde amazwi abazali abawakhulumayo, kodwa uma lokho abakushoyo kungayifinyeleli inhliziyo, kungase kufane nokuthi abazali bakhuluma ulimi izingane ezingalwazi.

UPedro noSandra bathuthela e-Australia besuka eNingizimu Melika, futhi babhekene nale nselele njengoba bekhulisa abafana babo ababili abeve eshumini elinambili. * UPedro uthi: “Uma kukhulunywa ngezinto ezingokomoya, kuhileleke inhliziyo nemizwelo. Usuke ufuna ukuveza imiqondo ejulile, ngakho kudingeka amagama anohlonze.” USandra uyenezela: “Uma izingane zethu zingalwazi kahle ulimi esilukhulumayo, ingokomoya lazo lingalimala. Zingase zingaliqondisisi iqiniso, zingaziqondi izimiso eziyisisekelo zalokho ezikufundayo. Ukuqonda kwazo okungokomoya kungakhinyabezeka, nobuhlobo bazo noJehova bungakhuli.”

UGnanapirakasam noHelen bathuthela eJalimane besuka eSri Lanka futhi manje banezingane ezimbili. Bayavuma: “Sicabanga ukuthi kubalulekile ukuba izingane zethu zikhulume ulimi lwakubo zibe zifunda isiJalimane. Kubalulekile ngazo ukuba zikwazi ukukhuluma nathi ngemizwa yazo, zikhulume ngokusuka enhliziyweni.”

UMiguel noCarmen, abathuthela e-Australia besuka e-Uruguay, bathi: “Abazali abasesimweni esikuso kumelwe bazikhandle ngokwengeziwe. Kuphakathi kokuthi bafunda lolo limi olusha baluqonde kahle kangangokuthi bakwazi ukuqonda nokuchaza izinto ezingokomoya ngalo noma bafundisa izingane zabo ulimi lwabo zize zilwazi kahle.”

Isinqumo Somkhaya

Okubaluleke kakhulu empilweni engokomoya yanoma yimuphi umkhaya othuthele kwelinye izwe ukunquma ukuthi yiluphi ulimi umkhaya ozolusebenzisa ‘ekufundisweni uJehova.’ (Isaya 54:13, NW) Uma liseduze ibandla elisebenzisa ulimi lomkhaya lwendabuko, umkhaya ungase ukhethe ukuyohlanganyela kulo. Kungenjalo, ungase ukhethe ukuhlanganyela ebandleni elisebenzisa ulimi olukhulunywa kulelo zwe othuthele kulo. Yiziphi izici ezingacatshangelwa uma kwenziwa lesi sinqumo?

UDemetrios noPatroulla baseCyprus, abathuthela eNgilandi bakhulisela khona izingane ezinhlanu, bachaza lokho okwathonya isinqumo sabo: “Umkhaya wethu waqale wahlanganyela ebandleni lesiGreki. Nakuba lokhu kwasisiza kakhulu thina bazali, kwayithiya intuthuko engokomoya yezingane zethu. Nakuba zona zazisiqonda isiGreki, zazilahleka emaphuzwini angekho obala. Lokhu kwabonakala ngokuthuthuka kwazo kancane ngokomoya. Sonke njengomkhaya sashintshela ebandleni lesiNgisi, imiphumela emihle yabonakala ngokushesha ezinganeni zethu. Ziye zaqina ngokomoya. Kwakungelula ukunquma ukushintsha ibandla, kodwa kithi, kwaba ukuhlakanipha.”

Ulimi lwalo mkhaya lwendabuko aluwuphumanga futhi wathola imivuzo emihle. Izingane zabo zithi: “Kuwusizo ukwazi izilimi ezingaphezu kolulodwa. Nakuba isiNgisi siyilona lulimi lwethu, sithole ukuthi ukwazi kwethu isiGreki kwenze sakwazi ukuba nobuhlobo bomkhaya obuqinile nobusondelene, ikakhulukazi nogogo nomkhulu. Kusenze sazwelana kakhudlwana nabantu abayizifiki, futhi saqiniseka ukuthi singakwazi nokufunda olunye ulimi. Ngakho lapho sikhula, umkhaya wakithi wathuthela ebandleni lesi-Albania wayosiza khona.”

UChristopher noMargarita nabo bathuthela eNgilandi besuka eCyprus, bakhulisela khona izingane zabo ezintathu. Bakhetha ukuhlanganyela ebandleni lesiGreki. Indodana yabo uNikos, manje osengumdala ebandleni lesiGreki, uyakhumbula: “Sakhuthazwa ukuba siyohlanganyela ebandleni lesiGreki elalisanda kumiswa. Umkhaya wakithi wakubheka njengesabelo esingokwasezulwini.”

UMargarita uthi: “Lapho abafana bethu beneminyaka engu-7 no-8, babhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Njengabazali kwakuthanda ukusikhathaza ukuthi abasiqondi ngokugcwele isiGreki. Noma kunjalo, isabelo ngasinye sasisihlanganyela njengomkhaya, kwakuphela isikhathi eside sibasiza belungiselela izinkulumo zabo.”

Indodakazi yabo uJoanna ithi: “Ngikhumbula ubaba esifundisa isiGreki ngokubhala izinhlamvu zaso ebhodini ekhaya futhi kudingeka sizifunde size sizazi kahle. Abantu abaningi kubathatha iminyaka ukufunda ulimi, kodwa njengoba sasisizwa umama nobaba, sasifunda ngokushesha isiGreki.”

Eminye imikhaya ihlanganyela ebandleni lolimi lwayo lwendabuko ngoba abazali benomuzwa wokuthi ukuze babe “nokuqonda okungokomoya” futhi bathuthuke, kudingeka bafunde ngolimi lwabo. (Kolose 1:9, 10; 1 Thimothewu 4:13, 15) Noma, umkhaya ungase ubheke ukwazi kwawo ulimi njengokuwusizo ekufundiseni ezinye izifiki iqiniso.

Ngakolunye uhlangothi, umkhaya ungase ube nomuzwa wokuthi kuzowuzuzisa kakhulu ukuhlanganyela ebandleni lolimi olukhulunywa kulelo zwe othuthele kulo. (Filipi 2:4; 1 Thimothewu 3:5) Ngemva kokuxoxa nomkhaya, inhloko yomkhaya isinganquma ngosizo lomthandazo. (Roma 14:4; 1 Korinte 11:3; Filipi 4:6, 7) Ikuphi ukusikisela okungasiza imikhaya enjalo?

Okunye Ukusikisela Okuwusizo

UPedro noSandra, okukhulunywe ngabo ekuqaleni, bathi: “Sinomthetho wokuthi kukhulunywa iSpanishi kuphela ekhaya ukuze siqiniseke ukuthi ulimi lwethu alusiphumi. Kunzima ukuwugcina lo mthetho, ngoba abafana bethu bayazi ukuthi siyasazi isiNgisi. Kodwa ukube besingawugcini, bebeyosikhohlwa ngokushesha iSpanishi.”

UMiguel noCarmen, nabo okukhulunywe ngabo ekuqaleni, batusa lokhu: “Uma abazali beqhuba isifundo somkhaya njalo ngolimi lwabo netekisi losuku ngokunjalo, izingane ziyolwazi ngokujule kakhudlwana ulimi lwabazali—ziyokwazi nokuveza imiqondo engokomoya ngalo.”

UMiguel uthi futhi: “Yenzani ukushumayela kube mnandi. Insimu yethu ithatha ingxenye enkulu yedolobha elikhulu, futhi sichitha isikhathi esiningi sihamba ngemoto sifuna abantu abakhuluma ulimi lwethu. Ngaleso sikhathi sidlala imidlalo yeBhayibheli sixoxe nangezinto ezibalulekile. Ngiye ngizame ukuhlela uhambo lwethu lokuyoshumayela ngendlela ezokwenza sibe nezimpindelo eziningana esizenza kahle. Lapho siqeda, izingane zisuke zikwazile ukuba nengxoxo ezuzisayo okungenani nomuntu oyedwa.”

Ukubhekana Nokungafani Kwezinkambiso

IZwi likaNkulunkulu likhuthaza intsha lithi: “Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.” (IzAga 1:8) Nokho kungase kube nezinkinga lapho indinganiso kababa yokulaya ‘nomthetho’ kamama kuthonywe izinkambiso ezihlukile kulezo izingane zabo ezikhulela kuzo.

Yiqiniso, kusenhlokweni yomkhaya ngamunye ukunquma ukuthi izoyengamela kanjani indlu yayo, futhi akufanele ithonywe ngokungadingekile eminye imikhaya. (Galathiya 6:4, 5) Noma kunjalo, ukukhulumisana okuhle kwabazali nezingane kungavula indlela yokwamukela izinkambiso ezintsha.

Nokho, eziningi zezinkambiso noma imikhuba evamile emazweni athuthukile, ziyingozi empilweni engokomoya yamaKristu. Ngokuvamile ukuziphatha okubi kobulili, ukuhaha, nokuvukela kukhuthazwa ngomculo nangokuzijabulisa okuthandwayo. (Roma 1:26-32) Abazali abangamaKristu abanakuwuyeka umthwalo wabo wemfanelo wokulawula umculo nokuzijabulisa izingane zabo ezikukhethayo ngenxa nje yokuthi abaluqondi kahle ulimi. Kumelwe babeke iziqondiso eziqinile. Nokho lokhu kungase kube yinselele.

UCarmen uthi: “Ngokuvamile asiwaqondi amazwi omculo izingane zethu eziwulalelayo. Ungase uzwakale ukahle, kodwa uma amazwi awo enomqondo ombaxa-mbili noma enesitsotsi esikhuluma ngokuziphatha okubi, ngeke sazi.” Baye babhekana kanjani nalesi simo? UMiguel uthi: “Sizinika isikhathi esiningi sifundisa izingane zethu ngezingozi zomculo onokuziphatha okubi, futhi siyazama ukuzisiza zikhethe umculo ongamukeleka kuJehova.” Yebo, kudingeka ukuqapha nokuba nengqondo ekubhekaneni nokungafani kwezinkambiso.— Duteronomi 11:18, 19; Filipi 4:5.

Ukuthola Imivuzo

Ukukhulisa izingane kwelinye izwe kudinga isikhathi esengeziwe nomzamo owengeziwe. Akungabazeki lokho. Kodwa abazali nezingane bangathola imivuzo eyengeziwe ngenxa yemizamo yabo.

U-Azzam nomkakhe, uSara, basuka eTurkey bathuthela eJalimane, lapho bakhulisela khona izingane ezintathu. Indodana endala manje ikhonza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eSelters, eJalimane. U-Azzam uthi: “Into enhle kakhulu engazuzwa yizingane ukuthi zingaba nezimfanelo ezinhle ezitholakala ezinkambisweni zazo zombili izizwe.”

U-Antonio noLutonadio basuka e-Angola bathuthela eJalimane lapho bekhulisela khona izingane zabo ezingu-9. Lo mkhaya ukhuluma isiLingala, isiFulentshi nesiJalimane. U-Antonio uthi: “Ukukwazi ukukhuluma izilimi ezihlukahlukene kwenza umkhaya ukwazi ukushumayela kubantu abavela emazweni amaningi. Lokhu kuyasijabulisa kakhulu.”

Izingane ezimbili ezizalwa umbhangqwana ongamaJapane owathuthela eNgilandi zinomuzwa wokuthi kuyazisiza kakhulu ukwazi isiJapane nesiNgisi. Zithi: “Ukwazi izilimi ezimbili kwasisiza sathola umsebenzi. Siye sazuza emihlanganweni emikhulu yesiNgisi. Ngesikhathi esifanayo, sinelungelo lokukhonza ebandleni lesiJapane, lapho kunendingeko enkulu khona.”

Ungaphumelela

Ukukhulisela izingane phakathi kwabantu abanezindinganiso nezinkambiso ezihlukile kuyinselele izinceku zikaNkulunkulu ebezilokhu zibhekana nayo kusukela ezikhathini zeBhayibheli. Abazali bakaMose baphumelela, nakuba akhulela eGibithe. (Eksodusi 2:9, 10) Amaningi amaJuda ayedingiselwe eBabiloni akhulisa izingane ezazimisela ukubuyela eJerusalema ukuyovuselela ukukhulekela kweqiniso.—Ezra 2:1, 2, 64-70.

Nanamuhla abazali abangamaKristu bangaphumelela. Bangathola umvuzo wokuzwa izingane zabo zisho lokho omunye umbhangqwana owakuzwa kushiwo izingane zawo: “Siwumkhaya osondelene kakhulu ngenxa yokusinakekela ngothando kukababa nomama, ebesilokhu sinokukhulumisana okuhle nabo. Siyajabula ngokuba yingxenye yomkhaya womhlaba wonke okhonza uJehova.”

[Umbhalo waphansi]

^ par. 7 Amanye amagama ashintshiwe.

[Isithombe ekhasini 24]

Ukusebenzisa ulimi lwenu lwendabuko kuphela ekhaya kwenza izingane zibe nolwazi oluyisisekelo lolimi lwenu

[Isithombe ekhasini 24]

Ukukhuluma ulimi olufanayo kulondoloza ubuhlobo obuseduze phakathi kwabazukulu nogogo nomkhulu

[Isithombe ekhasini 25]

Ukutadisha iBhayibheli nezingane zakho kukhulisa ‘ukuqonda kwazo okungokomoya’