Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Abasekeli Bokukhulekela Kweqiniso—Endulo Nanamuhla

Abasekeli Bokukhulekela Kweqiniso—Endulo Nanamuhla

Abasekeli Bokukhulekela Kweqiniso—Endulo Nanamuhla

UYALIKHUMBULA igama lomuntu owakhalela umuzi wasendulo iJerusalema? Ungase uthi, ‘uJesu’—futhi uqinisile, uJesu wawukhalela. (Luka 19:28, 41) Nokho, emakhulwini eminyaka ngaphambi kokuba uJesu afike emhlabeni, nenye inceku kaNkulunkulu ethembekile yalikhalela iJerusalema. Igama layo kwakunguNehemiya.—Nehemiya 1:3, 4.

Yini le eyayimdabukise kangaka uNehemiya waze walikhalela iJerusalema? Yini ayenzela lo muzi nezakhamuzi zawo? Futhi yini esingayifunda esibonelweni sakhe? Ukuze siphendule, ake sibukeze ezinye zezenzakalo zosuku lwakhe.

Indoda Eyibonisayo Imizwa Yayo Nezisukumelayo Izinto

UNehemiya wamiswa njengombusi weJerusalema, kodwa ngaphambi kwalokho, wayeyisikhulu esiphakeme ehlalankosi lasePheresiya emzini waseShushani. Nokho, ukuphila kwakhe kokunethezeka akumenzanga wangaba nandaba nenhlalakahle yabafowabo abangamaJuda lé eJerusalema. Eqinisweni, lapho kufika eShushani ithimba lamaJuda elalivela eJerusalema into yokuqala ayenza kwaba ‘ukubuza ngabaJuda ababesele besindile ekuthunjweni nangeJerusalema.’ (Nehemiya 1:2) Lapho lezi zivakashi ziphendula zithi abantu baseJerusalema ‘basekuhluphekeni okukhulu,’ zithi nogange lomuzi “lubhidliziwe,” ‘wahlala phansi, wakhala izinyembezi, walila izinsuku ezithile.’ Ngemva kwalokho waveza ukudabuka kwakhe kuJehova ngomthandazo osuka enhliziyweni. (Nehemiya 1:3-11) Kungani uNehemiya ayedabuke kangaka? Kungoba iJerusalema laliyisikhungo sokukhulekela uJehova emhlabeni, futhi lalingasanakiwe. (1 AmaKhosi 11:36) Ngaphezu kwalokho, isimo somuzi esiwohlokile sasibonisa ukungaphili ngokomoya kwezakhamuzi zawo.—Nehemiya 1:6, 7.

Ukukhathalela kukaNehemiya iJerusalema nozwela ayenalo ngamaJuda ayehlala kulo kwamenza wazinikela. Kwathi nje inkosi yasePheresiya ingamvumela ukuba angabikho emisebenzini yakhe, uNehemiya waqala ukuhlela uhambo olude oluya eJerusalema. (Nehemiya 2:5, 6) Wayefuna ukunikela ngamandla, isikhathi namakhono akhe ekusekeleni umsebenzi wokuvuselela owawudingeka. Ezinsukwini ezimbalwa nje efikile, wayeseyihlelile indlela yokuvuselela lonke ugange lwaseJerusalema.—Nehemiya 2:11-18.

Lo msebenzi omkhulu wokulungisa ugange wawuhlukanisela imindeni eminingi eyayisebenza ndawonye. * Kwabelwa amaqembu angaphezu kuka-40 ukuba ngalinye lilungise “ingxenye elinganisiwe.” Waba yini umphumela? Njengoba kwakunezisebenzi eziningi kangaka—ezazihlanganisa abazali nezingane zabo—ezazinikela ngesikhathi namandla azo, umsebenzi owawubonakala ungaphezu kwamandla wakwazi ukwenzeka. (Nehemiya 3:11, 12, 19, 20, qhathanisa ne-NW.) Ngezinyanga ezimbili ezimatasa, lonke ugange lwase lulungisiwe! UNehemiya wabhala ukuthi ngisho nalabo ababekade bewuphikisa lo msebenzi wokulungisa baphoqeleka ukuvuma ukuthi “lowo msebenzi wawenziwe nguNkulunkulu wethu.”—Nehemiya 6:15, 16.

Isibonelo Sokukhunjulwa

UNehemiya wanikela ngokungaphezu kwesikhathi namakhono akhe okuhlela. Wasebenzisa nezimpahla zakhe ukuze asekele ukukhulekela kweqiniso. Wasebenzisa imali yakhe ukuze athenge abafowabo abangamaJuda ebugqilini. Wayebolekisa ngemali engafuni nzalo. Akazange ‘awathwese’ amaJuda ngokufuna iholo njengombusi, into ayenelungelo lokuyithola. Kunalokho, ikhaya lakhe lalihlala livuliwe ukuze kudle “abantu abayikhulu namashumi ayisihlanu, . . . nabafika kithi bevela kwabezizwe abasizungezayo.” Usuku ngalunye izivakashi zakhe wayezihlabela “inkabi nezimvu eziyisithupha ezikhethekileyo . . . nezinyoni.” Ngaphezu kwalokho, kanye ngemva kwezinsuku eziyishumi wayezihlinzeka ‘ngewayini eliningi lezinhlobo zonke.’—Nehemiya 5:8, 10, 14-18.

Yeka isibonelo esivelele sokuphana uNehemiya asibekela zonke izinceku zikaNkulunkulu ngaleso sikhathi nanamuhla! Le nceku kaNkulunkulu enesibindi yasebenzisa impahla yayo ngesandla esivulekile nangokuzithandela ukuze isekele izisebenzi futhi ithuthukise ukukhulekela kweqiniso. Yayingamcela kufanele uJehova: “[Khumbula], Nkulunkulu wami, . . . konke engikwenzele laba bantu, kube kuhle kimi.” (Nehemiya 5:19) Ngokuqinisekile uJehova uyokwenza lokho kanye.—Heberu 6:10.

Isibonelo SikaNehemiya Siyalandelwa Namuhla

Kuyajabulisa ukubona ukuthi abantu bakaJehova namuhla nabo babonisa imizwa yothando, ukuzimisela nesimo sengqondo sokuzidela ngenxa yokukhulekela kweqiniso. Lapho sizwa ngokuhlupheka kwesikholwa nabo, sikhathazeka kakhulu ngenhlalakahle yabo. (Roma 12:15) NjengoNehemiya, siya kuJehova ngomthandazo ukuze sisekele abafowethu esikholwa nabo abahluphekayo, sithi: “[Sicela], Nkosi, ukuba indlebe yakho izwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezithokoza ngokwesaba igama lakho.”—Nehemiya 1:11; Kolose 4:2.

Nokho, ukukhathazeka kwethu ngenhlalakahle engokomoya nengokwenyama yabafowethu abangamaKristu nangokuthuthukiswa kokukhulekela kweqiniso akuthinti imizwa yethu kuphela. Kusenza sithathe nesinyathelo. Labo izimo zabo ezibavumelayo bashukunyiswa uthando ukuba bashiye amakhaya abo anethezekile, njengoNehemiya, bathuthele kwezinye izindawo beyosiza abaswele. Lezi zisebenzi zokuzithandela azidikibaliswa izimo zokuphila ezinganethezekile kangako okungenzeka zibhekane nazo kwamanye amazwe; zisekela ukuthuthukiswa kokukhulekela kweqiniso kulawo mazwe, zikhonza ndawonye nabafowabo abangamaKristu. Umoya wokuzidela eziwubonisayo utuseka ngempela.

Ukufeza Ingxenye Yethu Ngasekhaya

Kuyaqondakala ukuthi iningi lethu alinakuthuthela kwenye indawo. Sisekela ukukhulekela kweqiniso singasekhaya. Nalokho kufanekiselwe encwadini kaNehemiya. Phawula lokho uNehemiya akunezelayo ngeminye yemikhaya ethembekile eyafaka isandla emsebenzini wokulungisa. Wabhala: “Kwalungisa uJedaya indodana kaHarumafi malungana nendlu yakhe . . . Kwalungisa oBenjamini noHashubi malungana nendlu yabo. Emva kwabo kwalungisa u-Azariya indodana kaMahaseya ka-Ananiya eceleni kwendlu yakhe.” (Nehemiya 3:10, 23, 28-30; omalukeke sizenzele.) Lawo madoda nemikhaya yawo anikela kakhulu ekuthuthukisweni kokukhulekela kweqiniso ngokufeza ingxenye yawo emsebenzini wokulungisa engasekhaya.

Namuhla, abaningi bethu basekela ukukhulekela kweqiniso ezindaweni zakithi ngezindlela ezihlukahlukene. Sihlanganyela ekwakheni amaHholo OMbuso, emikhankasweni yokusiza ngemva kwenhlekelele futhi, okubaluleke kakhulu, emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Ngaphezu kwalokho, kungakhathaliseki ukuthi siyakwazi yini ukuhlanganyela mathupha ekwakheni noma emkhankasweni wokusiza noma cha, sonke sinesifiso esisuka enhliziyweni sokusekela ukukhulekela kweqiniso ngempahla yethu, njengoba kwenza uNehemiya ngesandla esivulekile osukwini lwakhe.—Bheka ibhokisi elithi “Izici Zokupha Ngokuzithandela.”

Ukuthola izimali ezidingekayo zokusekela umsebenzi wethu okhulayo wokunyathelisa, imikhankaso yokusiza, nezinye izinkonzo eziningi ezenziwa emhlabeni wonke kungase kubonakale kungaphezu kwamandla. Kodwa, khumbula ukuthi nomsebenzi wokulungisa ugange olukhulu lwaseJerusalema wawubonakala ungaphezu kwamandla. (Nehemiya 4:10) Nokho, ngenxa yokuthi lo msebenzi wahlukaniselwa imikhaya eminingi eyayizimisele, wafezwa. Nanamuhla, ukuthola izimali ezinkulu zokufeza imisebenzi yethu yomhlaba wonke kuyokwenzeka uma ngamunye wethu eqhubeka enakekela ingxenye yomsebenzi.

Ibhokisi elithi “Izindlela Abanye Abakhetha Ukunikela Ngazo” libonisa izindlela eziningana okungasekelwa ngazo umsebenzi woMbuso ngezimali. Kulo nyaka odlule, abaningi kubantu bakaNkulunkulu baye basekela ngalezi zindlela, futhi iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova ithanda ukuthatha leli thuba ibonge ngokujulile bonke abaye baqhutshwa inhliziyo yabo ukuba banikele ngokuzithandela. Ngaphezu kwakho konke, sibonga uJehova ngesibusiso sakhe esicebile emizamweni yenhliziyo yonke yabantu bakhe ekuthuthukiseni ukukhulekela kweqiniso emhlabeni wonke. Yebo, lapho sicabanga ngendlela isandla sikaJehova esiye sasiqondisa ngayo kuyo yonke le minyaka, sishukumiseleka ukwenanela amazwi kaNehemiya owabonga wathi: ‘Isandla sikaNkulunkulu wami sasisihle phezu kwami.’—Nehemiya 2:18.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 7 UNehemiya 3:5 uveza ukuthi amanye amaJuda avelele, “abakhulu,” enqaba ukufaka isandla kulo msebenzi, kodwa ayembalwa. Lo msebenzi wasekelwa abantu bezizinda ezihlukahlukene—abapristi, abakhandi begolide, abathaki, ababusi nabathengi.—Amavesi 1, 8, 9, 32.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 28, 29]

Izindlela Abanye Abakhetha Ukunikela Ngazo

IMINIKELO YOMSEBENZI WOMHLABA WONKE

Abaningi babekela eceleni noma bahlele ukuba kube nemali ethile abayifaka emabhokisini omnikelo abhalwe ukuthi “Iminikelo Yomsebenzi Womhlaba Wonke—Mathewu 24:14.”

Inyanga ngayinye amabandla athumela le mali endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi Bakajehova noma ehhovisi legatsha lendawo. Iminikelo yokuzithandela yezimali ingase ithunyelwe ngokuqondile e-Accounting Office, Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ehhovisi legatsha elikhonza izwe lakini. Kunganikelwa nangamatshe ayigugu (jewellery) noma ezinye izinto eziyigugu. Le minikelo kufanele ihambisane nencwadi emfushane eshoyo ukuthi lokhu kuyisipho esiqondile.

ILUNGISELELO LOMNIKELO ONOMBANDELA

Imali ingase inikelwe ngaphansi kwelungiselelo elikhethekile lokuthi uma onikelayo evelelwa isidingo somuntu siqu, umnikelo ubuyiselwe kuye. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, siza uthintane ne-Accounting Office yehhovisi legatsha lendawo.

UKUPHA OKUHLELIWE

Ngaphezu kwezipho eziqondile eziyimali neminikelo enemibandela yemali, kunezinye izindlela zokupha ukuze kusekelwe inkonzo yoMbuso emhlabeni wonke. Lezi zihlanganisa:

Umshuwalense: I-Watch Tower Society ingase ibhaliswe njengendlalifa yomshuwalense wokuphila noma womhlalaphansi/wempesheni.

Amasheya Nama-bond: Amasheya nama-bond kunganikelwa kuyi-Watch Tower Society.

Izakhiwo Nezindawo: Izakhiwo nezindawo ezingathengiseka zinganikelwa kuyi-Watch Tower Society ngokwenza isipho esiqondile noma ngokuba indawo igcine-Iwe umniniyo osaphila, ongaqhubeka ehlala kuyo esaphila. Thintana nehhovisi legatsha lezwe lakini ngaphambi kokubhalisa noma isiphi isakhiwo noma indawo ngegama IeNhlangano.

Izincwadi Zefa: Impahla noma imali ingashiyelwa i-Watch Tower Society njengefa ngokusebenzisa incwadi yefa ebhalwe ngokomthetho.

Uma unesithakazelo kunoma yiliphi lala malungiselelo okupha okuhleliwe, kufanele uthintane ne-Accounting Office ngencwadi noma ngocingo ekhelini elingezansi noma ehhovisi IeNhlangano elikhonza izwe lakini.

Accounting Office

Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania

Private Bag X2067

Krugersdorp, 1740,

South Africa

Ucingo: (011) 761-1000

[Ibhokisi ekhasini 30]

Izici Zokupha Ngokuzithandela

Ezincwadini ayezibhalele abaseKorinte, umphostoli uPawulu wathinta izici ezintathu ezibalulekile zokupha ngokuzithandela. (1) Lapho ekhuluma ngokuqoqwa kwemali, uPawulu wayala: “Njalo ngosuku lokuqala lwesonto yilowo nalowo kini endlini yakhe siqu makabeke eceleni okuthile.” (1 Korinte 16:2a) Ngakho, ukunikela kudinga ukuhlelwa kusengaphambili, futhi kudingeka kwenziwe ngendlela ehlelekile. (2) UPawulu wabhala nokuthi umuntu ngamunye kufanele anikele “kuye ngeholo lakhe.” (1 Korinte 16:2b, New International Version) Ngamanye amazwi, umuntu ofuna ukunikela ngokuzithandela anganikela kuye ngamandla akhe. Ngisho noma umKristu ehola kancane, uJehova uyakwazisa lokho okuncane angase akunikele. (Luka 21:1-4) (3) UPawulu wathi futhi: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokungathandi noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” (2 Korinte 9:7) AmaKristu aqotho anikela ngokusuka enhliziyweni—ngokwenama.

[Izithombe ekhasini 26]

UNehemiya wayeyindoda eyibonisayo imizwa yayo nezisukumelayo izinto

[Izithombe ekhasini 30]

Iminikelo yokuzithandela isekela imisebenzi yokunyathelisa, imikhankaso yokusiza, ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso nezinye izinkonzo eziwusizo emhlabeni wonke